U-Isaya
Bayobona inkazimulo kaJehova, ubukhazikhazi bukaNkulunkulu wethu.
4 Thanini kulabo abakhathazekile:*
“Qinani. Ningesabi.
Bhekani! UNkulunkulu wenu uyoza ezophindisela,
UNkulunkulu uyoza ezokhipha isijeziso. +
Uyofika anisindise.” +
6 Ngaleso sikhathi olunyonga uyogxumagxuma njengenyamazane, +
Nolimi loyisimungulu luyomemeza ngenjabulo. +
Ngoba kuyoqhuma amanzi ehlane,
Kube nemifudlana ethafeni eliwugwadule.
7 Umhlabathi owomiswe ukushisa uyoba yichibi elinomhlanga,
Nomhlabathi owomile ube njengeziphethu zamanzi. +
Endaweni okuhlala kuyo izimpungushe, +
Kuyoba khona utshani obuluhlaza nemihlanga nezitshalo zebungu.
Ongahlanzekile ngeke ahambe kuyo. +
Igcinelwe lowo onegunya lokuhamba kule ndlela,
Akekho oyisiwula oyodukela kuyo.
9 Akukho bhubesi eliyoba lapho,
Akukho zilwane zasendle eziyingozi eziyoza kuyo.
10 Labo abakhululwe nguJehova bayobuya + beze eZiyoni bememeza ngenjabulo. +
Injabulo engapheli iyoba ngumqhele emakhanda abo. +
Bayogcwala intokozo nenjabulo,
Usizi nokububula kuyobaleka. +