-
Ababusi Endaweni YomoyaINqabayokulinda—1995 | Julayi 15
-
-
USathane wabe esetshela uJesu: “Ngizokunika lonke leligunya nenkazimulo yalemibuso, ngoba linikelwe kimi, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona. Ngakho-ke, uma wenza isenzo sokukhulekela phambi kwami, konke kuzoba okwakho.”—Luka 4:6, 7.
USathane wathi wayenegunya phezu kwayo yonke imibuso, noma ohulumeni, balelizwe. Ingabe uJesu wakuphikisa ukusho kwakhe kanjalo? Cha. Eqinisweni, wakuvuma lokhu ngesinye isikhathi ngokubhekisela kuSathane ngokuthi “umbusi walelizwe.”—Johane 14:30.
Ngokusho kweBhayibheli, uSathane uyingelosi embi enamandla amakhulu. Umphostoli uPawulu ongumKristu uhlanganisa uSathane ‘nendikimba yomoya ababi’ futhi ukhuluma ngabo ‘njengababusi bezwe balobubumnyama.’ (Efesu 6:11, 12) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uJohane wathi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ithi uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Ngamazwi angokomfanekiso, isAmbulo naso siveza uSathane njengodrako onikeza isimiso sezwe sezombangazwe ‘amandla akhe nesihlalo sakhe sobukhosi negunya elikhulu.’—IsAmbulo 13:2.
Izenzakalo zezwe nazo zifakazela ukuthi kunamandla amabi asebenzayo, aqondisa abantu kuphumele ekulimaleni kwabo. Kungenxa yasiphi esinye isizathu ohulumeni babantu behluleka ukuletha ukuthula? Yini enye engabangela abantu ukuba bazondane futhi babulalane? Ephele amandla ngokucekelwa phansi nokufa kwabantu empini yombango, omunye ufakazi wokuzibonela wathi: “Angiqondi ukuthi kungenzeka kanjani lokhu. Kungaphezu kwenzondo. Umoya omubi lona osebenzisa laba bantu ukuba babulalane.”
-
-
Ababusi Endaweni YomoyaINqabayokulinda—1995 | Julayi 15
-
-
Okwenza USathane Avunyelwe Ukuba Abuse
Uyakukhumbula yini lokho uSathane akutshela uJesu ngokubuswa komhlaba? “Ngizokunika lonke leligunya . . . ngoba linikelwe kimi,” kusho uSathane. (Luka 4:6) Lawo mazwi abonisa ukuthi uSathane uDeveli usebenzisa igunya kuphela ngokuvunyelwa uNkulunkulu.
-