Ukudoba Abantu Emanzini Asembulungeni Yonke
“Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!”—1 KORINTE 9:16.
1, 2. (a) Obani abaye bahlangabezana ngempela nenselele esikiselwa kweyoku-1 Korinte 9:16, futhi kungani uphendula kanjalo? (b) Yimuphi umthwalo wemfanelo oFakazi BakaJehova abaye bawemukela?
OBANI kulelikhulu lama-20 leminyaka abaye bahlangabezana ngempela nenselele ebekwa amazwi kaPawulu angenhla? Obani abaye baya ezweni lonke beyizigidi ukuze badobe abesilisa nabesifazane “abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya”? (Mathewu 5:3, NW) Obani abaye bazifaka engozini yokuboshwa nokufa, futhi abaye bahlupheka kanjalo emazweni amaningi ngenxa yokufeza umyalo kaKristu okuMathewu 24:14?
2 Umlando uyaphendula: OFakazi BakaJehova. Ngonyaka odlule kuphela oFakazi abangaphezu kwezigidi ezine baya endlini ngendlu ‘beshumayela izindaba ezinhle’ emazweni nasemasimini angu-211 futhi ngezilimi ezingaphezu kuka-200. Leli bekungelona nje iqembu elikhethekile lezithunywa zevangeli eziqeqeshiwe. Cha, bonke oFakazi BakaJehova bazizwa benomthwalo wemfanelo wokushumayela nokufundisa endlini ngendlu nangazo zonke izikhathi ezifanele. Kungani benomuzwa wesidingo sokuhlanganyela izinkolelo zabo nabanye? Ngoba bayaqaphela ukuthi ulwazi luletha umthwalo wemfanelo.—Hezekeli 33:8, 9; Roma 10:14, 15; 1 Korinte 9:16, 17.
Ukudoba Abantu, Inselele Yembulunga Yonke
3. Umsebenzi wokudoba kumelwe wenziwe ngezinga elingakanani?
3 Lomsebenzi omkhulu wokudoba awugcini nje, ngomqondo ongokomfanekiso, emfuleni othile noma echibini noma ngisho nasolwandle olulodwa. Cha, njengoba uJesu ayala, kumelwe wenziwe “ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Ngaphambi kokuba enyukele kuYise, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:19, 20.
4. (a) Yini okumelwe ukuba yabamangaza abalandeli bakaJesu bokuqala abangamaJuda? (b) OFakazi BakaJehova babheka umsebenzi wabo wokushumayela njengohamba izinga elingakanani?
4 Kubalandeli bakaJesu abangamaJuda, lokho kumelwe ukuba kwaba ukuthunywa okushaqisayo. Wayetshela abafundi bakhe abangamaJuda ukuthi manje kwase kumelwe baye kwabeZizwe ‘abangcolile’ bazo zonke izizwe futhi babafundise. Kwadingeka benze ukulungisa okuthile ukuze baqonde ukubaluleka kwalesosabelo futhi benze ngokuvumelana naso. (IzEnzo 10:9-35) Kodwa kwakungekho ukwenza ngokunye; uJesu wayebatshelile emfanekisweni ukuthi “insimu yizwe.” Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova namuhla babheka izwe lonke njengendawo abanamalungelo okudoba kuyo. Akukho “mingcele yolwandle” evimbela ukuthunywa kwabo okuvela kuNkulunkulu. Ngezinye izikhathi kudingeka ukuhlakanipha lapho ingekho khona inkululeko engokwenkolo. Nokho, badoba benomuzwa wokuphuthuma. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi izenzakalo zezwe nokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ukuthi sisengxenyeni yokugcina yomsebenzi wokudoba wembulunga yonke.—Mathewu 13:38; Luka 21:28-33.
Intuthuko Emsebenzini Wokudoba Wembulunga Yonke
5. Luhlobo luni lwabantu olusabelayo emsebenzini wokudoba wembulunga yonke?
5 Abaningi bezindlalifa zoMbuso ezigcotshiwe ‘badotshwa’ ezizweni ngaphambi kuka-1935, ngakho inani labo ngokuyisisekelo seligcwalisiwe. Ngakho-ke, ikakhulukazi kusukela ngo-1935, oFakazi BakaJehova bebelokhu befuna labobantu abathobekile abangase bachazwe ngokuthi ‘abathobekileyo abayodla ifa lomhlaba.’ (IHubo 37:11, 29) Laba abantu “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa[yo].” Bathatha isinyathelo sokwamukela ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ngaphambi kokuba “usizi olukhulu” lugadle esimisweni sezinto sikaSathane esonakele nesikhohlakele futhi abakhulekeli bakhe bayiswe “eziko lomlilo” lokubhujiswa kokugcina.—Hezekeli 9:4; Mathewu 13:47-50; 24:21.
6, 7. (a) Yiziphi izinyathelo ezathathwa ngo-1943 ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela? (b) Iye yaba yini imiphumela?
6 Ingabe lomsebenzi wokudoba wembulunga yonke uye waba impumelelo kuze kube manje? Ake sivumele amaqiniso azikhulumele. Emuva ngo-1943, iMpi Yezwe II yayisalwiwa, nokho abazalwane abathembekile abagcotshiwe endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, babona kusengaphambili ukuthi kwakumelwe kwenziwe umsebenzi omkhulu wokudoba wembulunga yonke. Ngakho, yiziphi izinyathelo ezathathwa?a—IsAmbulo 12:16, 17.
7 Ngo-1943 iWatchtower Society yamisa isikole sezithunywa zevangeli esibizwa ngokuthi iGileyadi (ngesiHeberu, “iNqwaba Yobufakazi”; Genesise 31:47, 48) esaqala ukuqeqesha izithunywa zevangeli eziyikhulu njalo ngezinyanga eziyisithupha ukuze zithunywe njengabadobi abangokomfanekiso emhlabeni wonke. Emuva ngalesosikhathi, kwakunoFakazi abangu-126 329 kuphela ababedoba abantu ngenkuthalo emazweni angu-54. Ingakapheli iminyaka eyishumi lawomanani ayesenyukele koFakazi abangu-519 982 emazweni angu-143! Ngokuqinisekile, iSikole SaseGileyadi sasikhiqiza abadobi besilisa nabesifazane abanesibindi, ababezimisele ukuya emazweni anezizinda zempucuko abangazazi futhi bazijwayelanise namanzi amasha okudoba. Ngenxa yalokho, kwasabela izinkulungwane zabantu abanhliziyo-ziqotho. Lezo zithunywa zevangeli, kanye noFakazi bendawo ezazisebenza nabo, zabeka isisekelo sokwanda okumangalisayo okwenzekayo manje.
8, 9. (a) Yiziphi izibonelo ezingase zicashunwe zomsebenzi ovelele wezithunywa zevangeli? (b) Izithunywa zevangeli ziye zakubona kanjani ukwanda okuvelele emasimini ezikuwo? (Bheka neYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1992.)
8 Omakad’ ebona abaningi abathembekile ababa kulawomakilasi okuqala aseGileyadi basakhonza ezabelweni zabo zakwamanye amazwe, ngisho nakuba manje sebeneminyaka engaphezu kwengu-70 noma ngisho nengu-80 ubudala. Esinye isibonelo esimelela abaningi balaba esikaEric Britten oneminyaka engu-82 ubudala nomkakhe, uChristina, abathweswa iziqu ekilasini le-15 eGileyadi ngo-1950 futhi basakhonza eBrazil. Lapho beyokhonza eBrazil, kwakunoFakazi abangaphansi kuka-3 000 kulelozwe. Manje bangaphezu kuka-300 000! Ngokuqinisekile, ‘omncane uye waba isizwe esinamandla’ eBrazil ngoba umsebenzi wokudoba uye waba nezithelo.—Isaya 60:22.
9 Yini esingase siyisho ngezithunywa zevangeli eAfrika? Eziningi ziye zazivumelanisa nesizinda sempucuko esihluke kakhulu futhi seziyabathanda abantu baseAfrika. Abazalwane uJohn noEric Cooke kanye nomkabo, uKathleen noMyrtle, manje bakhonza eNingizimu Afrika. UJohn noEric bathweswa iziqu ekilasini lesishiyagalombili ngo-1947. Baye bakhonza eAngola, eZimbabwe, eMozambique, naseNingizimu Afrika. Ezinye izithunywa zevangeli zafela eAfrika zibulawa izifo, futhi ezinye zibulawa izimpi noshushiso, njengoAlan Battey noArthur Lawson, abafe phakathi nempi yombango yamuva nje eLiberia. Nokho, amanzi aseAfrika aye aba ngakhiqiza kakhulu. Manje kunoFakazi abangaphezu kuka-400 000 abasakazeke kulo lonke lelozwekazi.
Bonke Banengxenye
10. Kungani futhi kungayiphi indlela amaphayona enza umsebenzi oncomekayo?
10 Nokho, kumelwe kuqashelwe ukuthi njengoba izithunywa zevangeli zakwamanye amazwe ziye zabalelwa ezinkulungwaneni ezithile, abamemezeli bendawo namaphayonab baye baba izigidi. Benza umsebenzi omkhulu wokushumayela emhlabeni wonke. Ngo-1991 kwakunesilinganiso samaphayona nezikhonzi ezijikelezayo ezingaphezu kuka-550 000. Yeka ukuthi leli inani elihlaba umxhwele kanjani uma sicabanga ngabo bonke laboFakazi abathembekile abenza umzamo okhethekile wokuhlanganyela emsebenzini omkhulu wokudoba, olinganiselwa emahoreni asukela kwangu-60 kuya kwangu-140 okushumayela inyanga ngayinye. Abaningi benza lokhu ngokuzidela okukhulu komuntu siqu nezindleko. Kodwa kungani? Ngoba bayamthanda uJehova uNkulunkulu wabo ngenhliziyo yabo yonke, ingqondo, umphefumulo, namandla, futhi bathanda nomakhelwane babo njengoba bezithanda.—Mathewu 22:37-39.
11. Yibuphi ubufakazi obuqinisekile bokuthi umoya kaJehova uyasebenza phakathi kwabantu bakhe?
11 Yini esingayisho ngabanye oFakazi abangaphezu kwezigidi ezintathu nengxenye abangekho enkonzweni yesikhathi esigcwele kodwa abenza konke okusemandleni abo enkonzweni kaJehova, ngokuvumelana nezimo zabo? Abanye bangamakhosikazi, ngisho nomama abanakekela izingane ezincane, nokho abanikela ngesikhathi sabo esiyigugu emsebenzini wokudoba wembulunga yonke. Abaningi bangamadoda ashadile noma obaba abasebenza ngokugcwele emsebenzini wokuziphilisa; nokho, babekela eceleni isikhathi ngezimpela-sonto nakusihlwa ukuze bafundise abantu abangabazi iqiniso. Bese kuba khona isixuku esikhulu sabesilisa nabesifazane abangashadile nabasebancane abahlanganyela ekushumayeleni futhi abakhulumela iqiniso ngokuziphatha kwabo. Yiliphi elinye iqembu lenkolo elinezisebenzi zokuzithandela ezingakhokhelwa ezingaphezu kwezigidi ezine ezishumayela nyanga zonke izindaba ezinhle zokubusa koMbuso kaNkulunkulu? Ngokuqinisekile lokhu kufakazela ukusebenza komoya kaJehova!—IHubo 68:11; IzEnzo 2:16-18; qhathanisa noZakariya 4:6.
Izici Ezinengxenye Ekwandeni
12. Kungani abantu besabela eqinisweni futhi basabela ngamanani angakanani?
12 Lomsebenzi omkhulu wokushumayela uba nemiphumela ephawulekayo minyaka yonke. Ngo-1991 kwabhapathizwa oFakazi abasha abangaphezu kuka-300 000 ngokucwiliswa ngokuphelele emanzini. Lokho kulingana namabandla angaphezu kuka-3 000 ngalinye linoFakazi abayi-100! Kufezwa kanjani konke lokhu? Masikhumbule lokho uJesu akusho: “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi . . . Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba-ngabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.” Ngakho-ke, umuntu akasabeli ngomzamo womuntu kuphela ekudobeni kwembulunga yonke. UJehova ubona isimo senhliziyo abese ebadonsela kuye labo abafanelekayo.—Johane 6:44, 45; Mathewu 10:11-13; IzEnzo 13:48.
13, 14. Yisiphi isimo sengqondo esihle oFakazi abaningi abaye basibonisa?
13 Nokho, abadobi babantu bangamanxusa asetshenziswa uJehova ekudonseleni abantu kuye. Ngakho-ke, sibalulekile isimo sengqondo abanaso ngabantu nangensimu abadoba kuyo. Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukubona ukuthi iningi liye lawathatha ngokungathi sína amazwi uPawulu awasho kwabaseGalathiya: “Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.”—Galathiya 6:9.
14 OFakazi abaningi abathembekile bebelokhu beshumayela emashumini amaningi eminyaka, kuyilapho beqaphelisisa izenzakalo zezwe. Baye babona ukudlondlobala nokuwa kobuNazi, ubuFascist, kanye nezinye izimiso zobushiqela. Abanye baye babona izimpi eziningi eziye zaba khona kusukela ngo-1914. Baye babona abaholi bezwe bebeka amathemba abo eNhlanganweni Yezizwe futhi kamuva enhlanganweni yeZizwe Ezihlangene. Baye babona umsebenzi kaJehova uvinjelwa futhi kamuva ubuye uqashelwa ngokomthetho emazweni amaningi. Phakathi nakho konke lokhu, oFakazi BakaJehova abazange bayeke ukwenza okuhle, kuhlanganise nokukhonza njengabadobi babantu. Yeka umlando ovelele wobuqotho!—Mathewu 24:13.
15. (a) Yiluphi usizo esiye saba nalo lokuzivumelanisa nezidingo zensimu yethu yomhlaba wonke? (b) Izincwadi ziye zasiza kanjani esabelweni sakho?
15 Kunezinye izici eziye zaba nengxenye kulokhu kwanda okusemhlabeni wonke. Esinye sazo isimo sengqondo esivumelana nezimo abadobi babantu abanaso ngezidingo zensimu yabo. Njengoba abantu bezizinda zempucuko ezingefani, inkolo, kanye nezilimi beye bathuthela kwezinye izindawo, oFakazi BakaJehova baye bandisa ukuqonda kwabo lemibono ehlukahlukene. Futhi ibandla lomhlaba wonke liye lasiza kakhulu ekulungiseleleni amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-200. INew World Translation of the Holy Scriptures, iphelele noma izingxenye zayo, manje itholakala ngezilimi ezingu-13, kuhlanganise nesiCzech nesiSlovak. Incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! manje itholakala ngezilimi ezingu-198, kusukela olimini lwesiAlbanian kuya kolwesiZulu, sekunyatheliswe amakhophi ayizigidi ezingu-72. Incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila kakade isitholakala ngezilimi ezingu-69. Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, enyatheliswa ngezilimi ezingu-29, inikeza ukuqonda ngemvelaphi kanye nezinkolelo zezimiso zenkolo ezinkulu zezwe futhi iwusizo oluyingqayizivele ekudobeni kwembulunga yonke.
16. Abanye baye basabela kanjani ezidingweni zakwamanye amazwe?
16 Yikuphi okunye okuye kwawuqhubekisela phambili umsebenzi wokudoba wembulunga yonke? Izinkulungwane bezilokhu zizimisele ukusabela ‘obizweni lwaseMakedoniya.’ Njengoba nje uPawulu ayezimisele ukusuka eAsia Minor aye eMakedoniya eYurophu, lapho ebizwa uNkulunkulu, oFakazi abaningi baye bathuthela emazweni nasemasimini lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso, kanye neyabadala nezinceku ezikhonzayo. Baye baba njengabadobi bangempela abathola ukuthi amanzi endawo awasenazo izinhlanzi bese beya kwamanye amanzi lapho kunezikebhe ezimbalwa khona futhi izinhlanzi ziziningi.—IzEnzo 16:9-12; Luka 5:4-10.
17. Yiziphi izibonelo esinazo zalabo abaye basabela ‘obizweni lwaseMakedoniya’?
17 Amakilasi amuva esikole sezithunywa zevangeli saseGileyadi aye aba nabafundi abavela emazweni ahlukahlukene aseYurophu abaye bafunda isiNgisi base bezinikela ukuba bakhonze kwamanye amazwe nezizinda zempucuko. Ngokufanayo, ngeSikole Sokuqeqeshela Inkonzo, abazalwane abaningi abangashadile banikezwa ukuqeqeshwa okujulile kwezinyanga ezimbili bese bethunyelwa kwezinye izizwe ukuze baqinise amabandla nezifunda. Ezinye izindawo ezivelele zokudoba zisemasimini avulekayo manje eMpumalanga Yurophu nasemibusweni eyayingeyaseSoviet.—Qhathanisa neyabaseRoma 15:20, 21.
18. (a) Kungani amaphayona ngokuvamile eyizikhonzi eziphumelelayo? (b) Angabasiza kanjani abanye ebandleni?
18 Olunye usizo olwengeziwe emsebenzini wokudoba owenziwa emhlabeni wonke yiSikole Senkonzo Samaphayona okuya kuso amaphayona avamile. Ngokuhlanganisa ngokuningiliziwe ukwaziswa okusencwadini ethi Ukukhanya Njengezinkanyiso Ezweni okuthatha amasonto amabili, eyalungiselelwa amaphayona ngokukhethekile, athuthukisa amakhono awo okuba izikhonzi njengoba ecabangela izihloko ezinjengezithi “Ukuphishekela Indlela Yothando,” “Landela UJesu Njengesibonelo,” nesithi “Ukuthuthukisa Ikhono Lokufundisa.” Yeka indlela wonke amabandla abonga ngayo ngokuba nalamaqembu abadobi abafanelekayo basendlini ngendlu abangaqeqesha abaningi kulomsebenzi omkhulu wokudoba!—Mathewu 5:14-16; Filipi 2:15; 2 Thimothewu 2:1, 2.
Singathuthuka?
19. Njengomphostoli uPawulu, singathuthuka kanjani enkonzweni yethu?
19 NjengoPawulu, sifuna ukuba nesimo sengqondo esiqondile, nesokubheka phambili. (Filipi 3:13, 14) Wazivumelanisa nazo zonke izinhlobo zabantu nezimo. Wayekwazi ukuthola okuthile ayengavumelana ngakho nabantu nokubonisana nabo ngesisekelo sezimo zengqondo zendawo nempucuko. Singaqalisa izifundo zeBhayibheli ngokuqaphela ukusabela komninikhaya esigijimini soMbuso bese sivumelanisa intshumayelo yethu nezidingo zalowomuntu. Njengoba sinezinhlobonhlobo zezinsiza-kufundisa zeBhayibheli, singahambisa leyo efanelana nombono womuntu ngamunye. Ukuba kwethu ngabavumelana nezimo nokuba ngabaphapheme nakho kuyizici ezibalulekile ekudobeni okunezithelo.—IzEnzo 17:1-4, 22-28, 34; 1 Korinte 9:19-23.
20. (a) Kungani umsebenzi wethu wokudoba ubaluleke kangaka manje? (b) Yimuphi umthwalo wemfanelo manje esinawo thina ngabanye?
20 Kungani lomsebenzi oyingqayizivele wokudoba wembulunga yonke ubaluleke kangaka manje? Ngoba ngokweziprofetho zeBhayibheli ezibonakala ezenzakalweni eziye zenzeka nezenzekayo, kusobala ukuthi isimiso sezwe likaSathane siya emvuthwandabeni oyinhlekelele. Ngakho, yini, thina njengoFakazi BakaJehova, okufanele ngabe siyayenza? Izihloko ezintathu ezifundwayo ezikulomagazini ziqokomise umthwalo wemfanelo esinawo wokukhuthala nokushiseka emsebenzini wethu wokudoba engxenyeni yethu yamanzi asembulungeni yonke. Sinesiqinisekiso esiqinile esivela eBhayibhelini sokuthi uJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wethu wokudoba ngenkuthalo. UPawulu wathi: “UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza. Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokhokukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube-sekupheleni.”—Heberu 6:10-12.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka nethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 185 no-186, ekhishwa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b “Ummemezeli oyiphayona . . . Isisebenzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova.”—Webster’s Third New International Dictionary.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani oFakazi BakaJehova bebheka wonke umhlaba njengendawo yemisebenzi yabo yokudoba?
◻ Isikole sezithunywa zevangeli saseGileyadi siye saba yisiphi isibusiso emsebenzini wokudoba?
◻ Yiziphi ezinye izici ezibe nengxenye empumelelweni yoFakazi BakaJehova?
◻ Singathuthuka kanjani ngabanye enkonzweni yethu yobuKristu?
[Ishadi ekhasini 24]
IMIPHUMELA YOKUDOBA EZWENI LONKE
Unyaka Amazwe OFakazi
1939 61 71 509
1943 54 126 329
1953 143 519 982
1973 208 1 758 429
1983 205 2 652 323
1991 211 4 278 820
[Isithombe ekhasini 25]
Umsebenzi wokufakaza usenziwa phakathi kwabadobi baseGalile