Yenza Iqiniso NgoJesu Laziwe
1 AmaKristu agcotshiwe, elekelelwa abangane bawo bezinye izimvu, ‘anomsebenzi wokufakaza ngoJesu.’ (IsAm. 12:17) Yisabelo esibalulekile lesi, ngoba insindiso ingatholakala ngaye kuphela.—Joh. 17:3; IzE. 4:12.
2 ‘Uyindlela, Iqiniso Nokuphila’: UJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Joh. 14:6) Singasondela kuNkulunkulu ngomthandazo futhi sibe nobuhlobo obuhle naye ngoJesu kuphela, ‘indlela.’ (Joh. 15:16) UJesu ‘uyiqiniso’ ngoba iziprofetho nezithunzi eziqukethwe yimiBhalo YesiHeberu zagcwaliseka kuye. (Joh. 1:17; Kol. 2:16, 17) Empeleni, injongo eyinhloko yesiprofetho seqiniso iwukucacisa indima yakhe esemqoka ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. (IsAm. 19:10) Ngaphezu kwalokho, uJesu ‘ungukuphila.’ Ukuze sithole isibusiso sokuphila okuphakade, sonke kumelwe sibonise ukholo emhlatshelweni wakhe wesihlengo.—Joh. 3:16, 36; Heb. 2:9.
3 UyiNhloko NeNkosi Ebusayo: Abantu kumelwe baqaphele negunya eliphakeme uJehova aliphathise iNdodana yakhe. UJesu ubekwe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu—“nezizwe ziyakumlalela.” (Gen. 49:10) Ngaphezu kwalokho, uJehova ummise njengeNhloko yebandla. (Efe. 1:22, 23) Kudingeka sisize abantu esibafundela iBhayibheli baqonde indlela uJesu aliqondisa ngayo ibandla nendlela asisebenzisa ngayo ‘isigqila esikholekile nesiqondayo’ ukuze alungiselele ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’—Math. 24:45-47.
4 UngumPristi Ophakeme Onesihe: Njengoba avivinywa futhi wahlupheka njengomuntu, uJesu “uyakwazi ukusiza labo abafakwa ovivinyweni.” (Heb. 2:17, 18) Ave kuyinduduzo kubantu abangaphelele ukwazi ukuthi uJesu uyazwelana nobuthakathaka babo futhi ubancengela ngomusa! (Roma 8:34) Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu nangezinkonzo zakhe njengomPristi Ophakeme, singasondela kuJehova “ngenkululeko yokukhuluma” ukuze sithole ‘usizo ngesikhathi esifanele.’—Heb. 4:15, 16.
5 Kwangathi imizamo yethu yokwazisa abanye iqiniso ngoJesu ingabashukumisela ukuba bamlalele futhi bamkhonze kanye nathi.—Joh. 14:15, 21.