Ingxoxo Nomakhelwane—Uyini Umoya Ongcwele?
OFAKAZI BAKAJEHOVA bayakujabulela ukuxoxa ngeBhayibheli nomakhelwane babo. Ukhona yini umbuzo weBhayibheli onawo obulokhu uzibuza wona? Zikhona yini izinkolelo noma imikhuba engokwenkolo yoFakazi BakaJehova oke uzibuze ngayo? Uma kunjalo, unganqikazi ukubuza oFakazi ngesikhathi esizayo lapho uhlangana nabo. Bazokujabulela ukuxoxa nawe ngakho.
Ngezansi kunengxoxo uFakazi kaJehova angase abe nayo nomakhelwane wakhe. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguSiphiwe uxoxa noMandla.
Usho Ukuthini Uma Uthi Asikholelwa “Emoyeni Ongcwele”?
Mandla: Ngike ngezwa kuthiwa oFakazi BakaJehova abawona amaKristu. Niyakholelwa yini emoyeni ongcwele?
Siphiwe: Okokuqala, ngicela ukukuqinisekisa ukuthi singamaKristu. Ukukholelwa kwami kuJesu Kristu yikhona kanye okungilethe lapha namuhla. Nguye uJesu futhi oyala abalandeli bakhe ukuba bashumayele. Kodwa ngicela ukubuza, ngokwazi kwakho uyini umoya ongcwele?
Mandla: Umoya ongcwele uyingxenye kaZiqu-zintathu, umsizi uJesu athembisa ukuthi uyosithumelela yena. Lowo msizi ubaluleke kabi kimi. Ngifuna ukuzwa ukuthi ukhona umoya ongcwele ekuphileni kwami.
Siphiwe: Abantu abaningi bawuqonda kanjalo umoya ongcwele. Esikhathini esidlule ngathola ithuba lokuhlola lokho okushiwo iBhayibheli ngale ndaba. Uma unemizuzwana, ngingathanda ukukubonisa ukuthi ngatholani.
Mandla: Kulungile, nginayo imizuzwana.
Siphiwe: Ngingakakhohlwa nje, igama lami nginguSiphiwe. Kambe wena ngizothi ungubani?
Mandla: Mina nginguMandla. Ngiyajabula ukukwazi.
Siphiwe: Nami ngiyajabula ukukwazi. Ukuze ngingakudleli isikhathi Mandla, sizoxoxa ngendaba yomoya ongcwele kuphela. Uthé umoya ongcwele ungumsizi uJesu asithembisa yena. Ngivumelana nawe lapho. Kodwa ngokwazi kwakho, ingabe umoya ongcwele ungumuntu futhi ulingana noNkulunkulu?
Mandla: Yebo, yilokho engikwaziyo.
Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?
Siphiwe: Ake sibheke indaba eseBhayibhelini ezosisiza ukuba sithole ukuthi umoya ongcwele ungumuntu noma cha. Ngicabanga ukuthi uyawazi lo mBhalo. Incwadi yezEnzo 2:1-4 ithi: “Manje ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste luqhubeka babendawonye bonke endaweni efanayo, futhi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguvungu esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo okunjengamalangabi, kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, bonke bagcwala umoya ongcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.”
Mandla: Yebo ngiyayazi le ndaba.
Siphiwe: Shono-ke Mandla, umuntu angangenwa yini omunye umuntu?
Mandla: Yinto engeke yenzeke leyo.
Siphiwe: Ake sifunde ivesi 17 kuso lesi sahluko. Ingxenye yokuqala yaleli vesi ithi: “‘Ezinsukwini zokugcina,” kusho uNkulunkulu, ‘ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inyama.’” Ake ngibuze Mandla, uNkulunkulu wayengathululela yini ingxenye ethile yakhe?
Mandla: Cha.
Siphiwe: UJohane uMbhapathizi wasebenzisa incazelo ehlukile yokugcwala umoya ongcwele. Leyo ncazelo ikuMathewu 3:11. Ngicela uwufunde wena lo mBhalo.
Mandla: “Mina, nginibhapathiza ngamanzi ngenxa yokuphenduka kwenu; kodwa lowo oza emva kwami, yena ozimbadada zakhe ngingakufanelekeli ukuzikhumula, unamandla kunami. Yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele nangomlilo.”
Siphiwe: Ngiyabonga. Ubonile yini ukuthi uJohane uMbhapathizi wathi kuyokwenziwani ngomoya ongcwele?
Mandla: Uthi abantu bayobhapathizwa ngomoya ongcwele.
Siphiwe: Kunjalo. Phawula futhi ukuthi ukhuluma ngokubhapathizwa ngomlilo. Ucabanga ukuthi lo mBhalo usho ukuthi umoya ongcwele ungumuntu?
Mandla: Cha.
Siphiwe: ImiBhalo esisanda kuyifunda ibonisa ukuthi umoya ongcwele awuwona umuntu.
Mandla: Kubonakala kanjalo impela.
‘Ungumsizi’ Ngayiphi Indlela?
Siphiwe: Mandla, ekuqaleni ukhulume ‘ngomsizi.’ UJesu wabiza umoya ongcwele ngokuthi “umsizi” kuJohane 14:26. Ngicela siwufunde lo mBhalo: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” Abanye bacabanga ukuthi lo mBhalo ubonakala sengathi usekela iphuzu lokuthi umoya ongcwele ungumuntu, umuntu ozosisiza futhi asifundise.
Mandla: Impela, nami bengicabanga kanjalo.
Siphiwe: Kungenzeka yini ukuthi uJesu wayesebenzisa isifenqo? Ake uzwe ukuthi wake wathini ngemfanelo ewukuhlakanipha. Sifunda uLuka 7:35: “Noma kunjalo, ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yibo bonke abantwana bako.” Ubungasho uyini ukuthi ukuhlakanipha kungumuntu nokuthi kunabantwana?
Mandla: Cha. Kusobala ukuthi yisifenqo esisetshenziswe lapha.
Siphiwe: Ngivumelana nawe. Iphuzu likaJesu lapha laliwukuthi ukuhlakanipha kubonakala ngezenzo. IBhayibheli livamile ukusebenzisa isifenqo esibizwa ngokuthi isenza-samuntu—okungukuthi, ukwenza into engakhulumi iphile. Nathi nje uma sizikhulumela siyasisebenzisa lesi sifenqo. Ngokwesibonelo, njengoba nje namuhla ekuseni libalele kamnandi, ngeke saxakeka uma umuntu engathi, “Vula amafasitela kungene ilanga.” Akunjalo?
Mandla: Impela nami ngiyakusho lokho.
Siphiwe: Uma usho kanjalo, ingabe usuke uthi ilanga lingumuntu ozongena ngempela endlini?
Mandla: Cha, akunjalo. Leyo indlela nje yokukhuluma.
Siphiwe: Ngakho-ke, ngesikhathi uJesu ekhuluma ngomoya ongcwele ethi ungumsizi, noma umfundisi, awucabangi yini ukuthi wayesebenzisa isifenqo?
Mandla: Kubonakala kanjalo futhi lokho kuvumelana nemiBhalo oyifundile ekhuluma ngomoya othululwa kubantu nabantu ababhapathizwa ngawo. Kodwa-ke, uma umoya ongcwele ungeyena umuntu, kanti uyini?
Uyini Umoya Ongcwele?
Siphiwe: Encwadini yezEnzo 1:8, uJesu uyasitshela ukuthi uyini umoya ongcwele. Ngicela uyifunde.
Mandla: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”
Siphiwe: Phawula ukuthi uJesu uhlobanisa umoya ongcwele namandla. Uma ukhumbula imiBhalo esiyifundile, ucabanga ukuthi avelaphi lawo mandla?
Mandla: Avela kuBaba, uNkulunkulu.
Siphiwe: Ushaye khona. Umoya ongcwele ungamandla uNkulunkulu awasebenzisa ekudaleni yonke into. UGenesise 1:2 uthi: “Amandla kaNkulunkulu asebenzayo ayehla enyuka ebusweni bamanzi.” Igama lesiHebheru elihunyushwe lapha ngokuthi “amandla asebenzayo” liyahunyushwa nangokuthi “umoya.” UNkulunkulu usebenzisa la mandla asebenzayo angabonakali ukuze afeze injongo yakhe futhi embule intando yakhe. Ngicela sifunde omunye umBhalo engingathanda ucabange ngawo. Ngicela ufunde uLuka 11:13.
Mandla: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”
Siphiwe: Uma uBaba osezulwini elawula umoya ongcwele, awunike labo abawucelayo, ucabanga ukuthi lowo moya ongcwele ulingana naye?
Mandla: Cha. Ngiyalibona iphuzu lakho.
Siphiwe: Sengicela ukubaleka Mandla. Uthe unemizuzwana embalwa. Kodwa ake sibukeze ingxoxo yethu. Ngicela ukukubuza umbuzo owodwa nje. Ngokusho kwemiBhalo esiyifundile, ubungathi uyini umoya ongcwele?
Mandla: Ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.
Siphiwe: Ushaye khona. NgokukaJohane 14:26, ngesikhathi uJesu ekhuluma ngomoya ongcwele futhi ewubiza ngokuthi umsizi, noma umfundisi, wayesebenzisa isifenqo esibizwa ngokuthi isenza-samuntu.
Mandla: Bengingakwazi lokho.
Siphiwe: Kunephuzu elijabulisayo kula mazwi kaJesu.
Mandla: Phuzu lini lelo?
Siphiwe: Singamcela uNkulunkulu ukuba asiphe umoya wakhe ongcwele ukuze usisize lapho sibhekene nezimo ezinzima. Singawucela nokuba usisize sifunde iqiniso ngaye.
Mandla: Izindaba ezinhle lezo. Kuzomelwe ngicabange ngalokho.
Siphiwe: Ngaphambi kokuba ngihambe, ngicela ukukushiya nokunye ozosala ucabanga ngakho. Njengoba umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo, siyavumelana yini ngokuthi uNkulunkulu angawusebenzisa ukwenza noma yini afuna ukuyenza?
Mandla: Impela.
Siphiwe: Pho kungani engakawasebenzisi lawo mandla akhe amakhulukazi ukuqeda lonke usizi nobubi obugcwele emhlabeni? Wake wazibuza yini lowo mbuzo?a
Mandla: Empeleni ngike ngazibuza lowo mbuzo.
Siphiwe: Ngingabuya yini ngesonto elizayo, cishe ngazo lezi zikhathi sizoxoxa ngalokho?
Mandla: Ngingajabula uma ungabuya. Ndlela-nhle!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.