Ukuhamba Ngenhliziyo Enobunye
“Ngifundise, Jehova . . . yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye [“ibe nobunye,” NW], yesabe igama lakho.”—IHUBO 86:11.
1. UJehova ubavuza kanjani abathembekileyo bakhe?
‘OH JEHOVA, unguNkulunkulu wena wedwa.’ (IHubo 86:8, 10, qhathanisa neNW.) UDavide wadumisa uNkulunkulu ngenhliziyo egcwele ukwazisa. Ngisho nangaphambi kokuba uDavide abe yinkosi phezu kukaIsrayeli wonke, uJehova wayemkhululile kuSawule nakumaFilisti. Ngakho, wayengahlabelela: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami. Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile.” (2 Samuweli 22:2, 26) UJehova wayeyilondolozile inceku yakhe ethembekile ekuvivinyweni okuningi. UDavide wayengathembela kuNkulunkulu wakhe othembekile, kodwa wayedinga isiqondiso esiqhubekayo. UDavide manje wanxusa uNkulunkulu: “Ngifundise, Jehova, indlela yakho.”—IHubo 86:11.
2. UJehova uye walenza kanjani ilungiselelo lokuba sifundiswe nguye?
2 UDavide wayefuna ukuyigwema ngokuphelele imiqondo yezwe namafilosofi. Wayefuna ‘ukufundiswa nguJehova,’ njengoba umprofethi kaNkulunkulu akuveza kamuva. (Isaya 54:13) Cishe uDavide wayengazindla ngezincwadi zeBhayibheli eziyisishiyagalolunye kuphela ezazitholakala osukwini lwakhe. Nokho, leyomfundo evela kuJehova yayiyigugu kuye! Lapho sifundiswa, namuhla singazondla ngazo zonke izincwadi ezingu-66 zeBhayibheli, kuhlanganise nenala yezincwadi zoMbuso ezilungiselelwa ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) NjengoDavide, masicele usizo kuJehova, ukuze umoya wakhe usisize sihlole ‘lokho uNkulunkulu akulungiselela abamthandayo nokujulileyo kukaNkulunkulu.’—1 Korinte 2:9, 10.
3. Yiziphi izindlela ukufundiswa yiBhayibheli okungasizuzisa ngazo?
3 IBhayibheli linempendulo yayo yonke imibuzo nezinkinga ezingaphakama ekuphileni kwethu. “Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.” (Roma 15:4) Ukwamukela ukufundiswa uJehova kuyosiqinisa ukuba sikhuthazelele ubunzima, kusiduduze ngezikhathi zokucindezeleka, futhi kugcine ithemba loMbuso likhanya ezinhliziyweni zethu. Kwangathi singathola injabulo ekufundeni iZwi likaNkulunkulu nasekuzindleni ngalo “imini nobusuku,” ngoba ukuhlakanipha okusekelwe eBhayibhelini kuba “ngumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.”—IHubo 1:1-3; IzAga 3:13-18; bheka futhi uJohane 17:3.
4. Ngokuphathelene nezenzo zethu, yisiphi isibonelo uJesu asibekela sona?
4 INdodana kaNkulunkulu, uJesu, ebizwa nangokuthi ‘indodana kaDavide,’ ngaso sonke isikhathi yayibheka kuJehova ukuze ithole ukufundiswa. (Mathewu 9:27)a Yathi: “INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.” “Angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.” (Johane 5:19; 8:28) UJesu wasishiyela isibonelo ‘sokuba silandele ezinyathelweni zakhe.’ (1 Petru 2:21) Cabanga nje! Uma sitadisha ngendlela okumelwe ukuba uJesu wenza ngayo, kunoma yisiphi isimo siyokwazi ukwenza ngendlela uJehova abengafuna senze ngayo. Indlela kaJehova iqondile ngaso sonke isikhathi.
5. Liyini “iqiniso”?
5 Ngokulandelayo uDavide uyamemezela: “Ngiyakuhamba eqinisweni lakho.” (IHubo 86:11) Eminyakeni eyinkulungwane kamuva, uPilatu, ekhuluma neNdodana kaDavide, uJesu, wabuza: “Iqiniso liyini na?” Kodwa uJesu wayesanda kuwuphendula lowombuzo, etshela uPilatu: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe,” enezela: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:33-38) Ngakho uJesu wenza kwaziwa ukuthi iqiniso ligxile eMbusweni wobuMesiya. Empeleni, isihloko seBhayibheli siwukungcweliswa kwegama likaJehova ngalowoMbuso.—Hezekeli 38:23; Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 11:15.
6. Lapho sihamba eqinisweni, yini okufanele siyiqaphele?
6 Kusho ukuthini ukuhamba eqinisweni? Kusho ukwenza ithemba loMbuso libe yinto eyinhloko esiyikhathalelayo ekuphileni kwethu. Kumelwe siphile ngokuvumelana neqiniso loMbuso. Kumelwe singahlukani phakathi ekubekeni izithakazelo zoMbuso kuqala, sishiseke ngokuvumelana namathuba ethu ekufakazeni ngeqiniso loMbuso, silandela isibonelo sikaJesu. (Mathewu 6:33; Johane 18:37) Ngeke sihambe isikhashana esithile eqinisweni, senze nje inkonzo yokugcina icala kodwa sibuye sizijabulise thina ngokuphambuka ukuze sizitike ngokweqile ekuzilibaziseni noma singenele umsebenzi wokuziphilisa odla isikhathi noma ‘sikhonze iNgcebo.’ (Mathewu 6:24, NW) Singase silahleke kwenye yalezo zindlela eziphambukayo, singabe sisayithola indlela ephindela emuva ‘endleleni eyingcingo eyisa ekuphileni.’ Masingaphambuki kuleyondlela! (Mathewu 7:13, 14) UMfundisi wethu oMkhulu, uJehova, ngeZwi lakhe nenhlangano, ukhanyisa lendlela, ethi: “Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.”—Isaya 30:21.
Ukwesaba Okufanelekile
7. Singazenza kanjani izinhliziyo zethu zibe ‘nobunye’?
7 Umthandazo kaDavide uyaqhubeka evesini 11: “Yenza inhliziyo yami [ibe nobunye], yesabe igama lakho.” NjengoDavide, kumelwe sifune ukuba izinhliziyo zethu zingahlukani phakathi, ziphelele, ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Lokhu kuvumelana neseluleko sikaMose: “Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolosuku ukuba kube-kuhle kuwe, na?” (Duteronomi 10:12, 13) Ngempela, kungokwenzuzo yethu ukuba sizinikele ngezinhliziyo nangomphefumulo ekukhonzeni uJehova. Ngaleyondlela sibonisa ukwesaba okufanelekile ngegama lakhe elikhazimulayo. Igama likaJehova ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona,” ikakhulukazi uma kubhekiselwa ekupheleliseni izinjongo zakhe ezinhle. Futhi limelela igunya lakhe eliphakeme phezu kwendawo yonke. Uma sikhonza ngokwesaba ukuphakama kukaNkulunkulu, ngeke siphambukiswe ukwesaba umuntu ofayo. Izinhliziyo zethu ngeke zihlukane phakathi. Kunalokho, siyokwesaba ukwenza noma yini engadumaza uJehova, umaHluleli Ophakeme neNkosi enguMbusi, ophethe khona kanye ukuphila kwethu esandleni sakhe.—Isaya 12:2; 33:22.
8, 9. (a) Kusho ukuthini ‘ukungabi yingxenye yezwe’? (b) Yiziphi izinyathelo okumelwe sizithathe ngenxa yokuthi ‘siwumbukwane’?
8 Ngisho nalapho sibhekene nokuhlanjalazwa nokushushiswa, siyolandela isibonelo sikaJesu sokungesabi ngokungabi yingxenye yezwe elibi elisizungezile. (Johane 15:17-21) Lokhu akusho ukuthi abafundi bakaJesu kumelwe baphile njengonkom’ idla yodwa noma bazifihle emizini yezindela. UJesu wathi kuYise ngomthandazo: “Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.” (Johane 17:15-18) NjengoJesu, sithunywe ukuyomemezela iqiniso loMbuso. UJesu wayengeneka. Yayibaqabula abantu indlela yakhe yokufundisa. (Qhathanisa noMathewu 7:28, 29; 11:28, 29; Johane 7:46.) Kumelwe kube okufanayo nangathi.
9 Ubungane bethu obufudumele, ukuzilungisa nokubonakala kwethu okufanelekile, inkulumo yethu enomusa nehlanzekile, kumelwe kwenze isigijimi sethu kanye nathi samukeleke kubantu abanhliziyo-zilungile. Kumelwe sigweme ubudlabha, izingubo ezingafaneleki, abangane abangasiholela ekuhilelekeni ezintweni zezwe, nendlela yokuphila yokuyekelela engenazimiso esiyibona ezweni elisizungezile. Njengoba “senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu,” sisemsebenzini amahora angu-24 usuku ngalunye ukuze sikhonze futhi siphile njengamaKristu ayisibonelo. (1 Korinte 4:9; Efesu 5:1-4; Filipi 4:8, 9; Kolose 4:5, 6) Izinhliziyo zethu kumelwe zibe nobunye ukuze sifeze lenjongo.
10. UJehova ubakhumbula kanjani labo abenza izinhliziyo zabo zibe nobunye enkonzweni engcwele?
10 Thina esenza izinhliziyo zethu zibe nobunye ekwesabeni igama likaJehova, sizindla ngezinjongo zakhe ezinhle futhi sigcwalisa ukuphila kwethu ngenkonzo engcwele, siyokhunjulwa uJehova. “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Ebhekisela ngokwesiprofetho osukwini lwethu, uMalaki 3:16 ufundeka kanje: “Khona abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.” Kwangathi izinhliziyo zethu zingaba nobunye kulokho kwesaba uJehova okunempilo!
Umusa Wothando KaJehova
11. Uyoboniswa kanjani umusa wothando kaJehova kulabo abathembekile?
11 Yeka indlela ongowentshiseko ngayo umthandazo kaDavide! Uyaqhubeka: “Ngiyakukubonga, [Jehova, NW] Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube-phakade. Ngokuba umusa wakho [wothando, NW] mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo [“iSheoli,” NW] ephansi.” (IHubo 86:12, 13) Ngokwesibili kulelihubo, uDavide udumisa uJehova ngenxa yomusa waKhe wothando—uthando lwaKhe lokwethembeka. Loluthando lukhulu kangangokuba lungasindisa umuntu ezimweni okubonakala kungenakwenzeka kuzo. Lapho uSawule emzingela ehlane, kungenzeka ukuthi uDavide waba nomuzwa wokuba azinikele ekufeni. Kwakunjengokungathi ubhekene ubuso nobuso neSheoli eliphansi—ekujuleni kwethuna. Kodwa uJehova wamsindisa! Ngendlela efanayo, uJehova ngokuvamile uye wakhulula izinceku zakhe zosuku lwanamuhla ngezindlela ezimangalisayo, futhi uye walondoloza abagcini bobuqotho abaye bakhuthazela ngokwethembeka kwaze kwaba ngisho nasekufeni. Bonke abathembekile bayothola umvuzo wabo, ngisho nangovuko uma kudingekile.—Qhathanisa noJobe 1:6-12; 2:1-6, 9, 10; 27:5; 42:10; IzAga 27:11; Mathewu 24:9, 13; IsAmbulo 2:10.b
12. Abefundisi baye baba kanjani abagabadelayo abanonya, futhi uyoba yini umvuzo wabo?
12 Ngokuqondene nabashushisi uDavide uyamemeza: “Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.” (IHubo 86:14) Namuhla, abashushisi baye bahlanganisa nabefundisi beLobukholwa. Labefundisi bacabanga ukuthi bakhulekela uNkulunkulu kodwa basebenzisa isiqu esithi “Nkosi” esikhundleni segama lakhe elingcwele futhi bamchaza njengoZiqu-zintathu oyimfihlakalo eqinisweni ongathintwa ndawo eBhayibhelini. Yeka ukugabadela! Ukwenezela kulokhu, bazama ukushoshozela imibuso yezombangazwe ukuba ivimbele futhi ivalele oFakazi BakaJehova emajele, njengoba kusenziwa namanje emazweni amaningi ngokumangalisayo emhlabeni wonke. Labefundisi abahlambalaza igama likaNkulunkulu bayowuthola umvuzo wabo, kanye nazo zonke izingxenye zeBabiloni Elikhulu ezinjengesifebe.—IsAmbulo 17:1, 2, 15-18; 19:1-3.
13. Yiziphi izimfanelo uJehova azibonisayo ukuze enze ubuhle bakhe baziwe?
13 Ngendlela ephambene nokho ejabulisayo umthandazo kaDavide uyaqhubeka: “Kepha wena [Oh Jehova, NW] unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvamé ubumnene nokuthembeka.” (IHubo 86:15) Ngempela, ziphakeme kakhulu lezo zimfanelo zikaNkulunkulu wethu. Lamazwi asiphindisela emuva eNtabeni iSinayi lapho uMose acela khona ukubona inkazimulo kaJehova. UJehova waphendula: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho.” Kodwa waxwayisa uMose: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho-muntu ongangibona, aphile.” Ngemva kwalokho, uJehova wehla ephakathi kwefu, ememeza: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.” (Eksodusi 33:18-20; 34:5, 6) UDavide wacaphuna lamazwi emthandazweni wakhe. Izimfanelo ezinjalo zikaJehova zisho okukhulu kakhulu kithi kunanoma yikuphi ukubonakala kwangaphandle! Uma sithathela kokuhlangenwe nakho kwethu siqu, ingabe asibazisi yini ubuhle bukaJehova njengoba buboniswe kulezimfanelo ezinhle?
‘Isibonakaliso Sobuhle’
14, 15. UJehova uzenzela kanjani izinceku zakhe ‘isibonakaliso sobuhle’?
14 UDavide uphinde ucela isibusiso sikaJehova, ethi: “Phendukela kimi, ube-nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho. Ngenzele [isibonakaliso sobuhle, NW], ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena-Jehova uyangisiza, uyangiduduza.” (IHubo 86:16, 17) UDavide uyaqaphela ukuthi ‘njengendodana yencekukazi kaJehova,’ naye kumelwe abe ngokaJehova. Kungokufanayo nangathi sonke namuhla esiye sanikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi abazikhandlayo enkonzweni yakhe. Sidinga amandla kaJehova asindisayo ngomoya wakhe ongcwele. Ngakho, sicela ukuba uNkulunkulu wethu asenzele ‘isibonakaliso sobuhle.’ Ubuhle bukaJehova buhlanganisa izimfanelo ezinhle esisanda kuxoxa ngazo. Ngalesisekelo, yisiphi isibonakaliso, noma uphawu, esingalindela ukuba uJehova asinike sona?
15 UJehova unguMniki ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo’ futhi ubapha ngomusa ‘labo abacela kuye umoya ongcwele,’ njengoba uJesu esiqinisekisa. (Jakobe 1:17; Luka 11:13) Umoya ongcwele—yeka isipho esingenakulinganiswa esivela kuJehova! Ngomoya ongcwele, uJehova unikeza ukujabula kwenhliziyo, ngisho nangesikhathi soshushiso. Ngakho, lapho abaphostoli bakaJesu besengozini yokulahlekelwa ukuphila kwabo, ngenjabulo babengase basho ukuthi uNkulunkulu unikeza umoya ongcwele kulabo abamlalelayo njengombusi. (IzEnzo 5:27-32) Ukuthokoza komoya ongcwele kwaqhubeka kubenzela ‘isibonakaliso sobuhle.’—Roma 14:17, 18.
16, 17. (a) Yisiphi isibonakaliso sobuhle bakhe uJehova asinika uPawulu noBarnaba? (b) Yisiphi isibonakaliso esanikezwa abaseThesalonika ababeshushiswa?
16 Phakathi nohambo lwabo lwezithunywa zevangeli kulo lonke elaseAsia Minor, uPawulu noBarnaba bahlangabezana nobunzima, ngisho nanokushushiswa okunzima. Lapho beshumayela eAntiyokiya yasePhisidiya, amaJuda asenqaba isigijimi sabo. Ngakho, baphendukela kubantu bezizwe. Waba yini umphumela? “Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.” Kodwa amaJuda abanga inxushunxushu, kangangokuba lezozithunywa zevangeli zaxoshwa kulelozwe. Ingabe zona nababesanda kukholwa badumazeka ngalokhu? Lutho neze! Kunalokho, “abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.” (IzEnzo 13:48, 52) UJehova wabanikeza leso sibonakaliso sobuhle bakhe.
17 Kamuva, ibandla elisha laseThesalonika laba yisisulu sokushushiswa. Lokhu kwaholela umphostoli uPawulu ekubeni alibhalele incwadi yokududuza, encoma ukukhuthazela kwalo ngaphansi kosizi. ‘Babemukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukamoya ongcwele.’ (1 Thesalonika 1:6) ‘Ukuthokoza komoya ongcwele’ kwaqhubeka kubaqinisa njengesibonakaliso esiwubufakazi esivela kuNkulunkulu onesihe, nomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé umusa wothando neqiniso.
18. Abafowethu baseMpumalanga Yurophu baye bakubonisa kanjani ukwazisa ngobuhle bukaJehova?
18 Ezikhathini zamuva, uJehova uye wabonisa ubuhle bakhe kubafowethu abathembekile baseMpumalanga Yurophu, edumaza labo abaye babazonda—ababekade bengabashushisi babo. Nakuba bekhululiwe muva nje ekucindezelweni okwathatha amashumi eminyaka, labazalwane abathandekayo kusamelwe bakhuthazele, ngoba abaningi babhekene nobunzima obukhulu bezomnotho. Nokho, ‘ukuthokoza kwabo komoya ongcwele’ kuyabaduduza. Iyiphi injabulo enkulu kakhulu abebengayithola kunasekusebenziseni inkululeko yabo abasanda kuyithola ekwandiseni ubufakazi? Abantu abaningi bayabalalela, njengoba imibiko yemihlangano yesigodi neyobhapathizo ikuveza.—Qhathanisa nezEnzo 9:31.
19. Singawenza kanjani amazwi eHubo 86:11 abe ngawethu siqu?
19 Konke okuye kwaxoxwa ngakho kulesihloko nakwesanduleleyo kwenanela umthandazo kaDavide wentshiseko kuJehova: “Ngifundise, Jehova . . . yenza inhliziyo yami [ibe nobunye], yesabe igama lakho.” (IHubo 86:11) Masenze lawomazwi esihloko sethu sonyaka ka-1993 abe ngawethu njengoba sisebenza ngobuqotho ekusekeleni izithakazelo zoMbuso nasekwaziseni ubuhle obungapheli bukaNkulunkulu wethu oyedwa, iNkosi enguMbusi uJehova.
[Imibhalo yaphansi]
a ‘Njengembewu’ eyabikezelwa, uJesu wayeyindlalifa yombuso kaDavide futhi ngenxa yalokho ‘wayeyindodana kaDavide’ kokubili ngomqondo ongokoqobo nongokomoya.—Genesise 3:15, qhathanisa neNW; IHubo 89:29, 34-37.
b Ukuze uthole izibonelo zosuku lwanamuhla, bheka iYearbook of Jehovah’s Witnesses, eka-1974, amakhasi 113-212; 1985, amakhasi 194-7; 1986, amakhasi 237-8; 1988, amakhasi 182-5; 1990, amakhasi 171-2; 1992, amakhasi 174-81.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yini esiyibonisayo ngokuthandaza sithi: “Ngifundise, Oh Jehova”?
◻ Yini eshiwo ukuba nobunye kwezinhliziyo zethu ukuze sesabe igama likaJehova?
◻ UJehova uyowubonisa kanjani umusa wakhe wothando kubo bonke abathembekileyo?
◻ UJehova usenzela kanjani ‘isibonakaliso sobuhle’?
[Ibhokisi ekhasini 16]
Isihloko sonyaka ka-1993: “Ngifundise, Jehova . . . yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye [“ibe nobunye,” NW], yesabe igama lakho.”—Ihubo 86:11.
[Isithombe ekhasini 15]
UJehova uyidwala nenqaba yalabo abahamba eqinisweni bengaphambuki
[Isithombe ekhasini 18]
Emhlanganweni WesiGodi Wezizwe Zonke “Wabaphathi Bokukhanya” woFakazi BakaJehova owawuseSt. Petersburg, eRussia, ngoJune, kwakukhona abangu-46 214 futhi kwabhapathizwa abangu-3 256. Yeka indlela laba abazenza ngayo ukuba batholakalele ubuhle bukaJehova, ‘ngokuthokoza komoya ongcwele’!