Masiphakamise Igama LikaJehova Kanyekanye
“Dumisani uJehova kanye nami, nina bantu, masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.”—IHUBO 34:3.
1. Isiphi isibonelo esihle uJesu asibeka phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni?
NGOBUSUKU bukaNisani 14, 33 C.E., uJesu nabaphostoli bakhe bahlabelela izindumiso zikaJehova ndawonye ekamelweni eliphezulu endlini ethile eJerusalema. (Mathewu 26:30) Kwakungokokugcina uJesu ekwenza lokhu njengomuntu enabaphostoli bakhe. Nokho, kwakufaneleka ukuba awuphethe ngale ndlela umhlangano wakhe nabo. Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni kuze kube sekugcineni, uJesu wadumisa uYise futhi walazisa ngentshiseko igama laKhe kubantu. (Mathewu 4:10; 6:9; 22:37, 38; Johane 12:28; 17:6) Empeleni, wenanela isimemo esijabulisayo somhubi: “Dumisani uJehova kanye nami, nina bantu, masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.” (IHubo 34:3) Yeka isibonelo esihle okumelwe sisilandele!
2, 3. (a) Sazi kanjani ukuthi iHubo 34 laliyisiprofetho? (b) Yini esizoyicabangela kulesi sihloko nakwesilandelayo?
2 Ngemva kwamahora ambalwa abaphostoli behlabelele izindumiso noJesu, umphostoli uJohane wabona isenzakalo esihluke ngokuphelele. Wabona iNkosi yakhe nezelelesi ezimbili bebulawelwa ezigxotsheni zokuhlushwa. Amasosha amaRoma ephula imilenze yezelelesi ezimbili ukuze asheshise ukufa kwazo. Nokho, uJohane ubika ukuthi awazange ayiphule imilenze kaJesu. Lapho amasosha efika kuJesu, wayesefile. EVangelini lakhe, uJohane wathi leso senzakalo sasiwukugcwaliseka kwenye ingxenye yeHubo 34: “Alikho ithambo lakhe eliyochotshozwa.”—Johane 19:32-36; IHubo 34:20, Septuagint.
3 IHubo 34 linamanye amaphuzu amaningi athakazelisayo kumaKristu. Ngakho, kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizobukeza izimo ezaholela uDavide ukuba alobe leli hubo bese sicabangela nomongo walo okhuthazayo.
UDavide Ubalekela USawule
4. (a) Kungani uDavide agcotshwa njengenkosi yakwa-Israyeli elandelayo? (b) Kungani uSawule “amthanda” kakhulu uDavide?
4 Ngesikhathi uDavide esemncane, uSawule wayeyinkosi yakwa-Israyeli. Nokho, uSawule waba ihlongandlebe futhi walahlekelwa umusa kaJehova. Ngenxa yaleso sizathu, umprofethi uSamuweli wamtshela: “UJehova ubuhlwithile ubukhosi buka-Israyeli wabususa kuwe namuhla, futhi ngokuqinisekile uyobunika umuntu wakini ongcono kunawe.” (1 Samuweli 15:28) Kamuva, uJehova wayaleza uSamuweli ukuba agcobe uDavide, uthunjana kaJese, ukuba abe inkosi yakwa-Israyeli elandelayo. Ngenxa yokuthi yayingasenawo umoya kaNkulunkulu, iNkosi uSawule yahlaselwa iziqubu zokucindezeleka. UDavide, umculi onekhono, walethwa eGibheya ukuze azokhonza inkosi, futhi umculo kaDavide wawumvuselela uSawule, “wamthanda kakhulu.”—1 Samuweli 16:11, 13, 21, 23.
5. Kungani indlela uSawule ayezizwa ngayo ngoDavide yashintsha, futhi uDavide waphoqeleka ukuba enzeni?
5 Njengoba isikhathi siqhubeka, uJehova wabonisa ukuthi unoDavide. Wamsiza ukuba anqobe umFilisti ongumdondoshiya, uGoliyati, futhi wamsekela njengoba adunyiswa kwa-Israyeli ngobuqhawe bakhe empini. Nokho, ukubusisa kukaJehova uDavide kwenza uSawule waba nomhawu, wajika wazonda uDavide. Kabili ngesikhathi uDavide edlalela uSawule ihabhu, inkosi yamjikijela ngomkhonto. UDavide wakwazi ukugwija zombili izikhathi umkhonto wangamthola. Lapho uSawule enza umzamo wesithathu wokumbulala, le nkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo yaqaphela ukuthi kwakumelwe ibaleke ukuze isindise ukuphila kwayo. Ekugcineni, ngenxa yokuphikelela kukaSawule emizamweni yakhe yokubamba uDavide ambulale, uDavide wazimisela ukuyofuna isiphephelo ngaphandle kwezwe lakwa-Israyeli.—1 Samuweli 18:11; 19:9, 10.
6. Kungani uSawule ayala ukuba kubulawe abantu baseNobi?
6 Endleleni eya emngceleni wakwa-Israyeli, uDavide waphambukela emzini waseNobi, lapho itabernakele likaJehova lalikhona. Kubonakala kwakunezinsizwa ezithile ezazihambisana noDavide njengoba ayebaleka, futhi uDavide wacela ukuba baphiwe ukudla. USawule wezwa ukuthi umpristi ophakeme wayenike uDavide namadoda akhe ukudla kanye nenkemba uDavide ayeyithathe kuGoliyati owayefile. Ethukuthele, uSawule wayala ukuba bonke abantu balowo muzi waseNobi babulawe, kuhlanganise nabapristi abangu-85.—1 Samuweli 21:1, 2; 22:12, 13, 18, 19; Mathewu 12:3, 4.
Uyasinda Futhi Ekufeni
7. Kungani iGati yayingeyona indawo ephephile ukuba uDavide acashe kuyo?
7 Ukusuka eNobi, uDavide wabalekela entshonalanga ezweni lamaFilisti eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-40 futhi wacela isiphephelo eNkosini u-Akhishi emzini waseGati kubo kaGoliyati. Mhlawumbe uDavide wayecabanga ukuthi uSawule akasoze acabanga ukuyomfuna eGati. Nokho, kungakabiphi, izinceku zenkosi yaseGati zambona uDavide zamazi. Lapho uDavide ezwa ngandlebenye ukuthi wayesaziwa, “wesaba kakhulu ngenxa ka-Akhishi inkosi yaseGati.”—1 Samuweli 21:10-12.
8. (a) IHubo 56 lisitshelani ngalokho okwehlela uDavide eGati? (b) UDavide wasinda kanjani emlonyeni wengwenya?
8 AmaFilisti abe esembamba uDavide. Kungenzeka ukuthi uDavide waliqamba ngalesi sikhathi ihubo elithinta inhliziyo anxusa uJehova kulo: “Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba.” (IHubo 56:8 nombhalo ongenhla) Ngala mazwi waveza ukuthi wayeqiniseka ukuthi uJehova wayengeke alukhohlwe usizi lwakhe kodwa wayeyomnakekela ngothando futhi amvikele. UDavide wacabanga nangesu ayengalisebenzisa lokukhohlisa inkosi yamaFilisti. Wazenza umuntu osangene. Ibona lokhu, iNkosi u-Akhishi yathethisa izinceku zayo ngokuletha umuntu ‘osangene’ phambi kwayo. Kusobala ukuthi uJehova walibusisa isu likaDavide. UDavide waxoshwa emzini, wasinda kanjalo futhi emlonyeni wengwenya.—1 Samuweli 21:13-15.
9, 10. Isiphi isizathu esenza ukuba uDavide alobe iHubo 34, futhi obani okungenzeka ukuthi wayecabanga ngabo lapho eqamba leli hubo?
9 IBhayibheli alisho ukuthi abasekeli bakaDavide babalekela eGati naye noma bamqapha besemizaneni yakwa-Israyeli ebudebuduze. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, kumelwe ukuba kwaba isikhathi esijabulisayo lapho ephinde ehlangana nabo futhi ebatshela indlela uJehova ayephinde wamkhulula ngayo. Yileso senzakalo esaholela ekulotshweni kweHubo 34, njengoba kuboniswa umbhalo ongenhla. Emavesini okuqala angu-7 aleli hubo, uDavide udumisa uNkulunkulu ngokumkhulula futhi umema abasekeli bakhe ukuba bahlanganyele naye ekuphakamiseni uJehova njengoMkhululi Omkhulu wabantu baKhe.—IHubo 34:3, 4, 7.
10 UDavide namadoda akhe baphephela emhumeni wase-Adulamu esifundeni sezintaba sakwa-Israyeli, esiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-15 empumalanga yaseGati. Ama-Israyeli ayenganelisekile ngaphansi kweNkosi uSawule aqala ukuza kuDavide azihlanganisa naye. (1 Samuweli 22:1, 2) Kungenzeka ukuthi uDavide wayecabanga ngala ma-Israyeli ngesikhathi eqamba amazwi eHubo 34:8-22. Izikhumbuzo ezikulawo mavesi zibalulekile nakithi namuhla, futhi ngokuqinisekile sizozuza engxoxweni eningiliziwe yaleli hubo elihle.
Ingabe Nawe Ukhathalela Lokho UDavide Ayekukhathalela Kakhulu?
11, 12. Iziphi izizathu esinazo zokudumisa uJehova njalo?
11 “Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi; ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo.” (IHubo 34:1) Njengoba ayephila njengesilahlwa, kumelwe ukuba uDavide wayekhathazeka kakhulu ngezidingo zokuphila, kodwa njengoba la mazwi ebonisa, akazange avumele ukuba lokho kukhathazeka kwansuku zonke kusithibeze ukuzimisela kwakhe ukudumisa uJehova. Yeka isibonelo esihle asibekela sona lapho sibhekene nobunzima! Kungakhathaliseki ukuthi sisesikoleni, emsebenzini, sikanye namanye amaKristu, noma sisenkonzweni yethu yasobala, isifiso sethu esikhulu kufanele sibe ukudumisa uJehova. Cabanga nje ngezizathu ezingenakubalwa esinazo zokwenza kanjalo! Ngokwesibonelo, ngeke siziqede izinto ezintsha esingazithola futhi sizijabulele emisebenzini emangalisayo yendalo kaJehova. Cabanga nangalokho akufezile ngengxenye yasemhlabeni yenhlangano yakhe! Nakuba bengaphelele, uJehova uye wasebenzisa abantu abathembekile ngendlela enamandla ezikhathini zanamuhla. Ungayiqhathanisa yini imisebenzi kaNkulunkulu neyabantu abakhulekelwa izwe? Awuvumelani yini noDavide, owaphinde wabhala: “O Jehova, akekho ofana nawe phakathi konkulunkulu, futhi ayikho imisebenzi efana neyakho”?—IHubo 86:8.
12 NjengoDavide, sizizwa sishukumiseleka ukudumisa uJehova njalo ngenxa yemisebenzi yakhe engenakuqhathaniswa. Ngaphezu kwalokho, kusivusa amadlingozi ukwazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu manje usezandleni zeNdlalifa kaDavide yaphakade, uJesu Kristu. (IsAmbulo 11:15) Lokhu kusho ukuthi ukuphela kwalesi simiso sezinto kuseduze. Ikusasa laphakade labantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha lisengozini. Akukaze ngaphambili kube nesidingo esingaka sokutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu nangalokho ozokwenzela isintu maduze nesokubasiza ukuba badumise uJehova kanye nathi. Ngokuqinisekile umgomo oyinhloko ekuphileni kwethu kufanele kube ukusebenzisa wonke amathuba sikhuthaze abanye ukuba bamukele lezi “zindaba ezinhle” kungakephuzi kakhulu.—Mathewu 24:14.
13. (a) UDavide waziqhayisa ngobani, futhi abantu abanjani abasabela? (b) Abantu abamnene badonsekela kanjani ebandleni lamaKristu namuhla?
13 “Umphefumulo wami uzoziqhayisa ngoJehova; abamnene bayozwa bajabule.” (IHubo 34:2) UDavide lapha akazange aziqhayise ngezinto yena ayezifezile. Ngokwesibonelo, akazange agabise ngendlela akhohlisa ngayo inkosi yaseGati. Waqaphela ukuthi uJehova wayemvikele ngesikhathi eseGati nokuthi wayephunyuke ngosizo lukaJehova. (IzAga 21:1) Ngakho uDavide waziqhayisa ngoJehova, hhayi ngaye ngokwakhe. Ngenxa yalokhu, abantu abamnene badonsekela kuJehova. Ngokufanayo, noJesu waphakamisa igama likaJehova, futhi lokhu kwadonsela abantu abathobekile, abafundisekayo kuYe. Namuhla, abantu abamnene bazo zonke izizwe badonsekela ebandleni lezizwe zonke lamaKristu agcotshiweyo, uJesu ayiNhloko yalo. (Kolose 1:18) Izinhliziyo zabantu abanjalo ziyathinteka lapho zizwa izinceku zikaNkulunkulu ezithobekile zikhazimulisa igama lakhe nalapho zizwa isigijimi seBhayibheli, umoya ongcwele kaNkulunkulu ozisiza ukuba zisiqonde.—Johane 6:44; IzEnzo 16:14.
Imihlangano Iqinisa Ukholo Lwethu
14. (a) Ingabe uDavide wayaneliswa ukudumisa uJehova eyedwa? (b) Isiphi isibonelo uJesu asibeka ngokuphathelene nemihlangano yokukhulekela?
14 “Dumisani uJehova kanye nami, nina bantu, masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.” (IHubo 34:3) UDavide wayenganeliseki ngokudumisa uJehova eyedwa kuphela. Ngothando, wamema abahlobo bakhe ukuba bahlanganyele naye ekuphakamiseni igama likaNkulunkulu. Ngokufanayo, noJesu Kristu, uDavide Omkhulu, wakujabulela ukudumisa uJehova obala—esinagogeni lendawo, emikhosini ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema, nalapho ekanye nabalandeli bakhe. (Luka 2:49; 4:16-19; 10:21; Johane 18:20) Yeka ukuthi kuyilungelo elijabulisa kangakanani ukulandela isibonelo sikaJesu sokudumisa uJehova ngawo wonke amathuba sikanye nalabo esikholwa nabo, ikakhulukazi manje njengoba ‘sibona usuku lusondela’!—Hebheru 10:24, 25.
15. (a) Lokho okwehlela uDavide kwaba namuphi umphumela emadodeni akhe? (b) Sizuza kanjani ngokuba khona emihlanganweni yethu?
15 “Ngambuza uJehova, wangiphendula, wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami.” (IHubo 34:4) Lesi senzakalo sasibalulekile kuDavide. Yingakho aqhubeka: “Lona ohluphekile wabiza, uJehova wezwa. Futhi Yena wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe.” (IHubo 34:6) Lapho sikanye nesikholwa nabo, sinamathuba amaningi okulandisa okuhlangenwe nakho okwakhayo kwendlela uJehova aye wasisiza ngayo ukuba sikhuthazelele izimo ezinzima. Lokhu kuqinisa ukholo lwabo, njengoba nje amazwi kaDavide aluqinisa ukholo lwalabo ababemsekela. Endabeni kaDavide, abahlobo bakhe “babheka [kuJehova] baqhakaza, futhi kwakungenakwenzeka ukuba ubuso babo bube namahloni.” (IHubo 34:5) Nakuba babebalekela iNkosi uSawule, abazange bazizwe benamahloni. Babeqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayesekela uDavide, futhi ubuso babo babuqhakazile. Ngendlela efanayo, abantu abasanda kuhlanganyela kanye nalabo asebenesikhathi eside bengamaKristu eqiniso babheka kuJehova ukuba abasekele. Njengoba beye balunambitha mathupha usizo lwakhe, ubuso babo obuqhakazile bubonisa ukuzimisela kwabo ukuhlala bethembekile.
Lwazise Usizo Lwezingelosi
16. UJehova uye wazisebenzisa kanjani izingelosi zakhe ukuba asophule?
16 “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHubo 34:7) UDavide akazange abheke ukophulwa kwakhe uJehova njengento eyayingenzeka kuye kuphela. Yiqiniso, uDavide wayengogcotshiweyo kaJehova, inkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo; kodwa wayazi ukuthi uJehova usebenzisa izingelosi zakhe ukuze ziqaphe bonke abakhulekeli bakhe abathembekile, kungakhathaliseki ukuthi bangabantu abavelele noma abaphansi. Namuhla, abakhulekeli beqiniso nabo baye bakubona ukuvikela kukaJehova. EJalimane lobuNazi—kanye nase-Angola, eMalawi, eMozambique nakwamanye amazwe amaningi—iziphathimandla zasungula imikhankaso yokuqothula oFakazi BakaJehova. Imizamo yazo yaphelela emoyeni. Kunalokho, abantu bakaJehova kulawo mazwe bayaqhubeka bechuma njengoba bephakamisa igama likaNkulunkulu kanyekanye. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova usebenzisa izingelosi zakhe ezingcwele ukuba zivikele futhi ziqondise abantu bakhe.—Hebheru 1:14.
17. Izingelosi zikaNkulunkulu zisisiza ngaziphi izindlela?
17 Ngaphezu kwalokho, izingelosi zikaJehova zingaqondisa izinto ukuze abantu abakhubekisa abanye basuswe phakathi kwabantu bakaJehova. (Mathewu 13:41; 18:6, 10) Ngisho noma singase singakuboni ngaleso sikhathi, izingelosi ziyazisusa izithiyo ezingathiya inkonzo yethu kuNkulunkulu, futhi zisivikele ezintweni ezingafaka ubuhlobo bethu noJehova engozini. Okubaluleke nakakhulu, ziyasiqondisa emsebenzini wokumemezela ‘izindaba ezinhle zaphakade’ kubo bonke abantu nasezindaweni lapho umsebenzi wokushumayela wenziwa khona ngaphansi kwezimo ezibucayi. (IsAmbulo 14:6) Ubufakazi bosizo lwezingelosi buye balandiswa kaningi ezincwadini zeBhayibheli ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.a Okuhlangenwe nakho okunjalo kuningi kakhulu ukuba kungamane kubhekwe njengokuqondana nje kwezinto.
18. (a) Yini edingekayo ukuze sizuze osizweni lwezingelosi? (b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
18 Ukuze siqhubeke sizuza esiqondisweni nasesivikelweni sezingelosi, kumelwe siqhubeke siphakamisa igama likaJehova naphezu kokuphikiswa. Khumbula, ingelosi kaJehova ikanisa kuphela “nxazonke zalabo abamesabayo.” Kusho ukuthini lokho? Kuyini ukwesaba uNkulunkulu, futhi singakuhlakulela kanjani? Kungani uNkulunkulu onothando engathanda ukuba simesabe? Le mibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, ikhasi 550; INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005, amakhasi 53-4; INqabayokulinda ka-March 1, 2000, amakhasi 5-6; ka-January 1, 1991, ikhasi 27; neka-February 15, 1991, ikhasi 26.
Ungaphendula Kanjani?
• Ibuphi ubunzima uDavide abukhuthazelela eseyinsizwa?
• NjengoDavide, yikuphi esikhathazeka kakhulu ngakho?
• Siyibheka kanjani imihlangano yobuKristu?
• UJehova uzisebenzisa kanjani izingelosi zakhe ukuze zisisize?
[Ibalazwe ekhasini 21]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IRama
IGati
IZikilagi
IGibheya
INobi
IJerusalema
IBhetlehema
I-Adulamu
IKheyila
IHebroni
IZifi
IHoreshi
IKarmeli
IMawoni
I-Eni-gedi
ULwandle Lukasawoti
[Umthombo]
Map: Based on maps copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel
[Isithombe ekhasini 21]
Ngisho nangenkathi engumbaleki, uDavide waliphakamisa igama likaJehova
[Isithombe ekhasini 23]
Ukholo lwethu luyaqina lapho silalela okuhlangenwe nakho okwakhayo okulandiswa emihlanganweni yethu yobuKristu