Ukuzalwa Ngokusha
Incazelo: Ukuzalwa ngokusha kuhilela ukubhapathizwa emanzini (‘ukuzalwa ngamanzi’) nokuzalwa ngomoya kaNkulunkulu (‘ukuzalwa . . . ngoMoya’), ngaleyondlela ube indodana kaNkulunkulu enethemba lokuhlanganyela eMbusweni kaNkulunkulu. (Joh. 3:3-5) UJesu wahlangabezana nalokhu, njengoba kunjalo ngabayizi-144 000 abayizindlalifa zoMbuso wasezulwini kanye naye.
Kungani kudingekile nganoma imuphi umKristu ‘ukuzalwa ngokusha’?
Injongo kaNkulunkulu iwukuba ahlanganise kanye noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini inani elilinganiselwe labantu abathembekile
Luka 12:32: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.”
IsAm. 14:1-3: “Ngase ngibona; bheka, iWundlu [uJesu Kristu] limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, . . . abathengiweyo emhlabeni.” (Bheka amakhasi 166, 167, ngaphansi kwesihloko esithi “Izulu.”)
Abantu abanakuya ezulwini nemizimba yenyama negazi
1 Kor. 15:50: “Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama nagazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.”
Joh. 3:6: “Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe ngumoya kungumoya.”
Kuphela abantu ‘abazelwe ngokusha,’ ngalokho baba ngamadodana kaNkulunkulu, abangahlanganyela eMbusweni wasezulwini
Joh. 1:12, 13: “Kepha bonke abamamukelayo [uJesu Kristu] wabapha amandla okuba babe-ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.” (Ukuthi “bonke abamamukelayo” akusho ukuthi bonke abantu abaye baba nokholo kuKristu. Phawula ukuthi obani okubhekiselwa kubo, njengoba kubonisa ivesi le-11 [“abakhe,” amaJuda]. Ilungelo elifanayo liye ladluliselwa kwabanye besintu, kodwa kuphela “umhlambi omncane.”)
Roma 8:16, 17: “[Wona] lowoMoya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.”
1 Pet. 1:3, 4: “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe-nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini.”
Bayokwenzani ezulwini?
IsAm. 20:6: “Bayakuba-ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”
1 Kor. 6:2: “Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na?”
Umuntu ‘ongazalwanga ngokusha’ angasindiswa?
IsAm. 7:9, 10, 17: “Emva kwalokho [ngemva kokuba umphostoli uJohane ezwe inani lalabo ‘ababeyozalwa ngokusha,’ labo ababeyokwakha uIsrayeli ongokomoya futhi babe noKristu ezulwini; qhathanisa nabaseRoma 2:28, 29 neyabaseGalathiya 3:26-29] ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu. . . . IWundlu [uJesu Kristu] elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila.”
Ngemva kokubala abantu bokholo abaningi bangaphambi kobuKristu, eyamaHeberu 11:39, 40 ithi: “Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso, ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.” (Obani laba okubhekiselwe kubo ngokuthi “kwethu”? EyamaHeberu 3:1 ibonisa ukuthi ‘bangabahlanganyela ukubizwa kwasezulwini.’ Khona-ke, abantu bangaphambi kobuKristu ababenokholo, kumelwe babe nethemba lokuphila okuphelele kwenye indawo ngaphandle kwasezulwini.)
IHu. 37:29: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”
IsAm. 21:3, 4: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
Kungenzeka yini ngomuntu ukuba abe nomoya kaNkulunkulu kodwa ‘angazalwa ngokusha’?
Ngokuqondene noJohane uMbhapathizi, ingelosi kaJehova yathi: “Uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.” (Luka 1:15) Futhi uJesu kamuva wathi: “Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye [Ngani? Ngoba uJohane ngeke abe sezulwini, ngakho-ke sasingekho isidingo ngaye sokuba ‘azalwe ngokusha’]. Kodwa kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube-manje [lapho uJesu ekhuluma lokhu] umbuso wezulu uyafuzulwa.”—Math. 11:11, 12.
Umoya kaJehova “wehlela” kuDavide “wakhuluma” ngaye (1 Sam. 16:13; 2 Sam. 23:2), kodwa akukho lapho iBhayibheli lithi ‘wayezelwe ngokusha.’ Sasingekho isidingo ngaye sokuba ‘azalwe ngokusha,’ ngoba, njengoba izEnzo 2:34 zisho: “UDavide akenyukelanga ezulwini.”
Babonakala ngani namuhla abantu abanomoya kaNkulunkulu?
Bheka amakhasi 370, 371, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Umoya.”
Uma Umuntu Ethi—
‘Ngizelwe ngokusha’
Ungase uphendule: ‘Lokho kusho ukuthi ngelinye ilanga ulindele ukuba ube noKristu ezulwini, akunjalo? . . . Wake wazibuza ukuthi labo abaya ezulwini bayokwenzani lapho?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Bayoba ngamakhosi nabapristi, babuse noKristu. (IsAm. 20:6; 5:9, 10) UJesu wathi laba babeyoba “umhlambi omncane.” (Luka 12:32)’ (2) ‘Uma bengamakhosi, kumelwe kube khona abangaphansi kwabo abayobusa phezu kwabo. Bayoba ngobani laba? . . . Nanka amanye amaphuzu engiye ngawathola ethakazelisa kakhulu lapho ngitshelwa ngawo. (IHu. 37:11, 29; IzAga 2:21, 22)’
‘Ingabe usuzelwe ngokusha?’
Ungase uphendule: ‘Ngiye ngathola ukuthi okuqondwa ngabantu ‘ngokuzalwa ngokusha’ akufani ngaso sonke isikhathi. Ngicela ukwazi ukuthi uqonde ukuthini wena?’
Noma ungase uthi: ‘Ufuna ukwazi ukuthi ngiye ngamamukela yini uJesu njengoMsindisi wami futhi ngiye ngawamukela umoya ongcwele, akunjalo? Ngicela ukukuqinisekisa ukuthi impendulo inguYebo; ngaphandle kwalokho bengingeke ngikhulume kuwe ngoJesu.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Kodwa uma ngicabanga ngokuba nomoya ongcwele, ngithola ukuthi ubufakazi balowomoya buntuleka ngokudabukisayo kwabaningi abathi bangamaKristu. (Gal. 5:22, 23)’ (2) ‘Ubungakujabulela yini ukuphila kulomhlaba uma bonke abantu bebonakalisa lezozimfanelo zokwesaba uNkulunkulu? (IHu. 37:10, 11)’
Okunye ongakusho: ‘Uma ngalokho uqonde ukuthi, “Ngiye ngamamukela yini uKristu njengoMsindisi wami?” impendulo inguYebo. Bonke oFakazi BakaJehova baye bakwenza lokho. Kodwa, kithina, ukuzalwa ngokusha kuhilela okungaphezu kwalokho.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Lapho uJesu ekhuluma ngokuzalwa ngokusha wathi kwakudingekile ukuze umuntu angene eMbusweni kaNkulunkulu, okungukuthi, abe yingxenye yoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe wasezulwini. (Joh. 3:5)’ (2) ‘IBhayibheli futhi libonisa ukuthi abantu abaningi abenza intando kaNkulunkulu bayophila lapha emhlabeni, njengezikhonzi ezijabulayo zalowoMbuso. (Math. 6:10; IHu. 37:29)’
Ukusikisela okwengeziwe: Labo abangabesigaba sasezulwini bangase baphendule: ‘Yebo, kunjalo. Kodwa iBhayibheli lisixwayisa sonke ukuba singazethembi ngokweqile ngokuma kwethu. Sidinga ukuhlala sizihlola ukuze siqiniseke ukuthi ngempela senza lokho uNkulunkulu noKristu abakufunayo kithi. (1 Kor. 10:12)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Imuphi umthwalo uJesu awubeka emahlombe abafundi bakhe beqiniso? (Math. 28:19, 20; 1 Kor. 9:16)’