Ungakwazi Ukubhekana Nokungaqiniseki
“NAKANJANI!” Akungabazeki ukuthi uye wayizwa kaningi inkulumo enjalo. Nokho, ekuphileni kwethu kwansuku zonke akukungakanani esingaqiniseka ngako. Ukuphila akuqinisekile kangangokuthi ngokuvamile siye sizibuze ukuthi ikhona yini into esingaqiniseka ngayo ngokuphelele. Ukungabaza nokungaqiniseki kubonakala kuyingxenye yokuphila.
Kuyaqondakala ukuthi abantu abaningi bafisa ukuba bona kanye nemikhaya yabo balondeke futhi bajabule. Bayazikhandla ukuze bathole izinto abakholelwa ukuthi zizobenza bajabule futhi balondeke—ngokuvamile imali nezinto ezibonakalayo. Nokho, ukuzamazama komhlaba, isiphepho, ingozi, noma ubugebengu obunobudlova kungenza ukuba umuntu alahlekelwe yilezi zinto ngokuphazima kweso. Ukugula kakhulu, isehlukaniso, noma ukulahlekelwa umsebenzi kungashintsha ukuphila kungazelelwe. Yiqiniso, kungenzeka ukuba zingakwehleli ngempela izinto ezinje. Noma kunjalo, ukwazi nje ukuthi ungase wehlelwe into embi nganoma isiphi isikhathi kuyaphazamisa futhi kuyacindezela. Kodwa futhi akugcini lapho.
Elithi ukungaqiniseki linencazelo efanayo nelithi ukungabaza, futhi esinye isichazamazwi sithi elithi “ukungabaza” lisho “ukuba manqikanqika ungazi ukuthi yini okufanele uyenze; ukungabi nasiqiniseko.” Ngaphezu kwalokho, incwadi ethi Managing Your Mind yona ithi “ukungaqiniseki ngokuthile okubalulekile yikona ngokuyinhloko okubangela ukukhathazeka.” Ukungabaza okungapheli kungaholela umuntu ekubeni akhathazeke, akhungatheke futhi abe nolaka. Yebo, ukukhathazeka ngokuthile okungase kwenzeke noma kungenzeki kungasilimaza engqondweni nasemzimbeni.
Ngenxa yalokho, abanye abantu bayeqisa. Bafana nomunye osemusha waseBrazil owathi: “Ngingazikhathazelani nje ngezinto eziyokwenzeka? Okwanamuhla kunamuhla, okwakusasa kukusasa.” Umbono onjalo wokuthi konke okwenzekayo kwadalwa, “masidle siphuze,” uholela nje kuphela ekudumazekeni, ekucindezelekeni futhi ekugcineni ekufeni. (1 Korinte 15:32) Kungcono kakhulu ukuba sicele usizo kuMdali, uJehova uNkulunkulu, lowo iBhayibheli elithi “akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi” kuye. (Jakobe 1:17) Uma sihlola iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, siyothola iseluleko nesiqondiso esinengqondo sokuthi singabhekana kanjani nokungaqiniseki ngokuphila. Lingasisiza futhi ukuba siqonde ukuthi kungani kunokungaqiniseki okungaka.
Isizathu Sokungaqiniseki
ImiBhalo isenza sibheke ukuphila njengoba kunjalo futhi iyasisiza ukuba sihlakulele umbono oqondile ngokungaqiniseki nangoshintsho. Nakuba ubuhlobo bomkhaya, isikhundla emphakathini, ukuhlakanipha, impilo enhle nokunye kungase kusinikeze isilinganiso esithile sokulondeka, iBhayibheli libonisa ukuthi asinakuzithatha kalula nje izinto noma silindele ukuphila ukuphila okungenazinkinga. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ukuphumelela emncintiswaneni akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, noma ukudla ngabahlakaniphileyo noma ingcebo ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa.” Ngani? “Ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” Ngakho, uSolomoni waxwayisa: “Njengezinhlanzi ezibanjwa yinetha elibi, nanjengezinyoni ezibanjwa isicupho, kanjalo namadodana abantu abanjwa ngesikhathi esiyinhlekelele, lapho siwehlela engazelele.”—UmShumayeli 9:11, 12.
UJesu Kristu naye wakhuluma ngesikhathi sokukhathazeka nokungaqiniseki okukhulu kakhulu esasiyofikela abantu abaphila enkathini ethile. Ngolimi olucacile wathi: “Kuyoba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini, kube khona usizi lwezizwe emhlabeni, zingayazi indlela yokuphuma ngenxa yokuduma kolwandle nokuyaluza kwalo, kuyilapho abantu beba nesinxi ngenxa yokwesaba nokulindela izinto ezehlela umhlaba owakhiweyo; ngoba amandla amazulu ayonyakaziswa.” Nokho, uJesu wakhuluma ngokuthile okukhuthazayo kubantu abanhliziyo ziqotho namuhla: “Lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:25, 26, 31) Ngokufanayo, kunokuba sesabe ngenxa yokungaqiniseki ngekusasa, ukholo lwethu kuNkulunkulu lungasisiza ukuba sibone ngalé kokungaqiniseki—ikusasa elihle futhi elilondekile.
‘Ukuba Nesiqinisekiso Esigcwele Sethemba’
Nakuba singenakuqiniseka ngakho konke esikuzwayo, esikufundayo, noma esikubonayo, sinesizathu esizwakalayo sokwethembela kuMdali. Akukona nje kuphela ukuthi ungoPhakeme Kunabo Bonke kodwa futhi unguBaba onothando obakhathalelayo abantwana bakhe basemhlabeni. Ngokuqondene nezwi lakhe siqu, uNkulunkulu wathi: “Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:11.
UJesu Kristu wafundisa iqiniso elivela kuNkulunkulu futhi abaningi abamlalela balamukela ngokuqiniseka. Ngokwesibonelo, iqembu lamaSamariya anhliziyo ziqotho lathi kowesifazane okunguyena owalalela uJesu kuqala: “Asisakholwa ngenxa yenkulumo yakho nje; ngoba sizizwele ngokwethu futhi siyazi ukuthi lo muntu ngokuqinisekile ungumsindisi wezwe.” (Johane 4:42) Ngokufanayo nanamuhla, naphezu kokuba siphila ezikhathini zokungalondeki, akudingekile ukuba singaqiniseki ngalokho esikukholelwayo.
Uma kuziwa endabeni yezimfundiso zenkolo, abantu abaningi banombono wokuthi kufanele simane nje sikukholelwe lokho esikutshelwayo kunokuba sizame ukukuqonda. Nokho, umlobi weBhayibheli uLuka wayengenawo lowo mbono. Wacwaninga wayesenikeza ukwaziswa okunembile ukuze abanye ‘bazi ngokugcwele ubuqiniso bezinto’ ayezibhalile. (Luka 1:4) Njengoba izihlobo zethu nabangane abangakholwa kanye nathi bengase bakhathazeke ngokuthi ekugcineni siyosanguluka bese sidumazeka, kubalulekile ukuba sikwazi ukuvikela ukholo lwethu. (1 Petru 3:15) Kunye kuphela okungasenza sikwazi ukusiza abanye ukuba bathembele kuNkulunkulu—ukusazi ngokunembile isizathu salokho esikukholelwayo. IBhayibheli lichaza uJehova ngala mazwi: “IDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.
Cabanga ngamazwi okugcina alo mBhalo: “Ulungile futhi uqotho yena.” Yibuphi ubufakazi esinabo bokuqiniseka ngalokhu? Umphostoli uPetru wayeqiniseke ngokugcwele ngalokhu. Watshela isikhulu esingumRoma nomkhaya waso, wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) UPetru wakhuluma la mazwi ngoba wayesanda kuzibonela indlela isandla sikaNkulunkulu uqobo esaziqondisa ngayo izindaba kangangokuthi uNkulunkulu wamukela umkhaya othile wabeZizwe, ngaphambili ababebhekwa njengabangahlanzekile nabangamukeleki. NjengoPetru, nathi singaqiniseka ngokungakhethi kukaNkulunkulu nangokulunga kwakhe lapho sizibonela ngawethu “isixuku esikhulu” sabantu—manje esibalelwa ezigidini ezingaphezu kweziyisithupha—esivela emazweni angaphezu kwangu-230 emhlabeni wonke, esiye salahla indlela esasiphila ngayo ngaphambili sase sihamba endleleni yokulunga.—IsAmbulo 7:9; Isaya 2:2-4.
NjengamaKristu eqiniso, sifuna ukuba ngabantu abathobekile futhi abanengqondo, hhayi abashiseka ngokweqile noma abaqinisa amakhanda. Noma kunjalo, lokho akusho ukuthi asiqinisekile ngalokho esikukholelwayo nangalokho esikulindele esikhathini esizayo. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala: “Sifisa ukuba yilowo nalowo kini abonise inkuthalo efanayo ukuze abe nesiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.” (Hebheru 6:11) Ngokufanayo, izindaba ezinhle ezivela eBhayibhelini ziye zasenza saba “nesiqinisekiso esigcwele sethemba.” UPawulu wabuye wachaza ukuthi lelo themba, elisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, “aliholeli ekudumazekeni.”—Roma 5:5.
Ngaphezu kwalokho, siqiniseka ngokugcwele ukuthi ukufundisa abanye izindaba ezinhle ezivela eBhayibhelini kungabenza bazizwe belondekile futhi beqinisekile ngokomoya, kubenze bazizwe belondeke kakhudlwana ngisho nangokomzwelo nangokwenyama. Singasho kanye noPawulu sithi: “Izindaba ezinhle esizishumayelayo azivelanga phakathi kwenu ngenkulumo yodwa kodwa futhi ngamandla nangomoya ongcwele nokuqiniseka.”—1 Thesalonika 1:5.
Izibusiso Esizitholayo Manje Ngenxa Yokulondeka Ngokomoya
Nakuba singenakulindela ukuba siphile ngokulondeka okuphelele namuhla, zikhona izinto esingazenza ezingasisiza ukuba siphile ukuphila okuzinzile futhi okulondekile ngokwesilinganiso esithile. Ngokwesibonelo, ukuba nobudlelwane njalo namalungu ebandla lobuKristu emihlanganweni kusenza sizinze ngoba lapho, sifundiswa izimiso nezindinganiso eziqondile futhi ezihluzekile. UPawulu wabhala: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.” (1 Thimothewu 6:17) Ngokufunda ukuthembela kuJehova hhayi ezintweni ezibonakalayo noma enjabulweni okuyizinto ezidlulayo, abaningi manje baye bayinqoba inkinga yokukhathazeka neyokukhungatheka okwakudingeka bayibekezelele esikhathini esidlule.—Mathewu 6:19-21.
Ebandleni futhi sijabulela ukuba nabazalwane abanothando, abasisizayo futhi basisekele ngezindlela eziningi. Ngesinye isikhathi enkonzweni yakhe, umphostoli uPawulu nabalingani bakhe ayehambisana nabo bazizwa ‘becindezeleke ngokwedlulele’ futhi ‘bengaqiniseki ngisho nangokuphila kwabo.’ Wakutholaphi uPawulu ukusekelwa nempumuzo? Yiqiniso, ukuthembela kwakhe kuNkulunkulu akuzange nanini kuntengantenge. Noma kunjalo, wakhuthazwa futhi waduduzwa amaKristu ayekanye nawo, lawo amsiza. (2 Korinte 1:8, 9; 7:5-7) Namuhla lapho kuba nezinhlekelele ezingokwemvelo noma ezinye, njalo nje abazalwane bethu abangamaKristu bafika kuqala bezonikeza amaKristu abakanye nawo kanye nabanye abantu abasosizini usizo abaludingayo.
Okunye okusisizayo ukuba sikwazi ukubhekana nokungaqiniseki ngokuphila umthandazo. Singalucela njalo usizo kuBaba wethu wasezulwini onothando lapho sizithola sisesimweni esicindezelayo singazelele. “UJehova uyoba yindawo ephakeme elondekile yanoma ubani ochotshoziwe, indawo ephakeme elondekile ngezikhathi zokucindezeleka.” (IHubo 9:9) Abazali abangabantu bangase bahluleke ukuvikela izingane zabo. Nokho, uNkulunkulu uzimisele ukusisiza ukuba sikwazi ukubhekana nokwesaba esinakho nemizwa yokungaqiniseki. Uma siphonsa ukukhathazeka kwethu kuJehova lapho sithandaza, singaqiniseka ukuthi angakwazi ‘ukwenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo.’—Efesu 3:20.
Ingabe uyathandaza njalo kuNkulunkulu? Ingabe uyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yakho? Intombazanyana ethile yaseSão Paulo yathi: “Umama wangitshela ukuthi kufanele ngithandaze kuNkulunkulu. Kodwa ngazibuza: ‘Kungani kufanele ngikhulume nomuntu engingamazi nakumazi?’ Nokho, incwadi yezAga 18:10 yangisiza ukuba ngiqonde ukuthi siyaludinga usizo lukaNkulunkulu nokuthi kudingeka sikhulume naye ngomkhuleko.” Lowo mBhalo uthi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.” Ngempela, singamethemba kanjani nje uJehova futhi siqiniseke ngaye uma singakwenzi kube umkhuba ukukhuluma naye? Ukuze sijabulele izibusiso zokulondeka ngokomoya, kudingeka sikwenze kube umkhuba ukuthandaza nsuku zonke ngokusuka enhliziyweni. UJesu wathi: “Khona-ke, hlalani niphapheme, ngaso sonke isikhathi ninxusa ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka, nasekumeni phambi kweNdodana yomuntu.”—Luka 21:36.
Okunye esingaqiniseka ngako ithemba esinalo ngoMbuso kaNkulunkulu. Phawula amazwi akuDaniyeli 2:44: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Lelo themba liqinile futhi lingokuthile esingaqiniseka ngako. Ngokuvamile izithembiso zabantu aziphumeleli, kodwa singalethemba njalo izwi likaJehova. UNkulunkulu akayena umuntu esingenakwethembela kuye, kodwa kunalokho ufana nedwala eliqinile esingathembela kulo. Singazizwa ngendlela uDavide azizwa ngayo, owathi: “UNkulunkulu wami uyidwala lami. Ngizophephela kuye, isihlangu sami nophondo lwami lwensindiso, indawo yami ephakeme elondekile, nendawo yami yokubalekela, uMsindisi wami; wena ungisindisa ebudloveni.”—2 Samuweli 22:3.
Incwadi okukhulunywe ngayo ngaphambili ethi Managing Your Mind iphawula ngokuqhubekayo, ithi: “Lapho umuntu eqhubeka ecabanga ngezinto ezimbi ezingase zenzeke, kuba yilapho ziya zibonakala sengathi zizokwenzeka ngempela, futhi kuya ngokuya kuba nzima ukubona indlela angabhekana ngayo nazo.” Khona-ke, singazithweselani nje nempela umthwalo wezinkathazo zaleli zwe nokungabaza kwalo? Kunalokho, beka ithemba lakho kulokho uNkulunkulu asithembisa kona okuqinisekile, hhayi ezintweni zale lizwe ezingaqinisekile. Uma siba nokholo oluqinile ezithembisweni zikaJehova ezingashayi phansi, siba nalesi siqinisekiso: “Akekho oba nokholo [kuye] oyodumazeka.”—Roma 10:11.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
IZwi likaNkulunkulu liqinisekisa isintu ngezibusiso zesikhathi esizayo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]
“Akekho oba nokholo [kuye] oyodumazeka”
[Isithombe ekhasini 31]
Izindaba ezinhle zoMbuso zenza abantu bazizwe belondekile