Ukulondeka Kweqiniso—Manje Naphakade
AKUNGABAZEKI ukuthi uJehova uNkulunkulu angabanikeza ukulondeka abantu bakhe. ‘UnguSomandla.’ (IHubo 68:14) Igama lakhe eliyingqayizivele lisho ukuthi “Ubangela Kube Khona.” Lokhu kumveza njengowukuphela koMuntu endaweni yonke okwazi ukususa noma yisiphi isithiyo ukuze agcwalise izithembiso zakhe futhi afeze intando yakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uthi: “Liyakuba-njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:11.
UNkulunkulu unikeza labo abamethembayo ukulondeka. IZwi lakhe liyakuqinisekisa lokhu. “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla,” kusho iNkosi ehlakaniphile uSolomoni ngaphansi kokuphefumulelwa kwaphezulu. “Olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” Waqhubeka wathi: “Owethemba uJehova uyalondeka.”—IzAga 18:10; 29:25.
Ukulondeka Kwezinceku ZikaNkulunkulu
UJehova ubelokhu enikeza abancika kuye ukulondeka. Ngokwesibonelo, umprofethi uJeremiya wajabulela isivikelo sikaNkulunkulu. Lapho amabutho aseBabiloni evimbezela iJerusalema elihlubukayo, abantu kwadingeka “badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba.” (Hezekeli 4:16) Isimo saba bucayi kangangokuthi abesifazane abathile bapheka izingane zabo siqu futhi bazidla. (IsiLilo 2:20; 4:10) Nakuba uJeremiya ayeboshiwe ngaleso sikhathi ngenxa yokushumayela kwakhe ngokungesabi, uJehova waqikelela ukuthi ‘unikwa imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini sabaPhekizinkwa, kuze kuphele isinkwa sonke emzini.’—Jeremiya 37:21.
Lapho iJerusalema liwela kwabaseBabiloni, uJeremiya akazange abulawe noma ahudulwe ayiswe eBabiloni njengesiboshwa. Kunalokho, ‘induna yabalindi [yaseBabiloni] yamnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe.’—Jeremiya 40:5.
Emakhulwini amaningi eminyaka kamuva uJesu Kristu waqinisekisa izinceku zikaNkulunkulu: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. Ngoba uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezizinto. Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.”—Mathewu 6:31-33.
Ingabe lokhu kusho ukuthi izinceku zikaJehova ziyojabulela isivikelo saphezulu kuzo zonke izinhlekelele zosuku lwanamuhla? Cha, akusho lokho. Abantu abakholekile abagonyelwe izingozi. AmaKristu eqiniso ayagula, ayashushiswa, aba izisulu zobugebengu, ayafa ezingozini, futhi ayahlupheka nangezinye izindlela.
Nakuba uJehova engakanikezi ukulondeka okuphelele ezingozini, imibiko ibonisa ukuthi uyawasebenzisa amandla akhe ukuze anakekele futhi avikele izinceku zakhe. Futhi amaKristu ayavikeleka ezinkingeni eziningi ngoba asebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwawo. (IzAga 22:3) Ngaphezu kwalokho, ajabulela ukulondeka kwenhlangano yomhlaba wonke yabazalwane nodade abanothando, abasizanayo ngezikhathi zokuswela. (Johane 13:34, 35; Roma 8:28) Ngokwesibonelo, besabela ekusweleni kwabafowabo baseRwanda ecekelwe phansi yimpi, oFakazi BakaJehova eYurophu ngokushesha banikela base bebathumelela amathani angu-65 ezimpahla zokugqoka kanye nemithi, ukudla, nezinye izinto okubiza imali engu-R5 800 000.—Qhathanisa nezEnzo 11:28, 29.
Nakuba uJehova ekuvumela ukuba amaKristu eqiniso avivinywe, anesiqinisekiso sokuthi uzowanikeza amandla, usizo, nokuhlakanipha ukuze akhuthazele. Ebhalela akholwa nabo, umphostoli uPawulu wathi: “Asikho isilingo [uvivinyo] esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe [nivivinywe] ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo [uvivinyo] uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13; The Emphatic Diaglott.
Lokho UNkulunkulu Akwenzela Abantu Bakhe
Namuhla, izigidi zabantu ziyakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu. Aziphoqelelwa ukuba zikhonze uNkulunkulu; zenza kanjalo ngoba ziyamazi futhi ziyamthanda. Ngenxa yokuthi noJehova uyazithanda izinceku zakhe ezithembekile, ujonge ukuguqula umhlaba ube ipharadesi lapho isintu esilalelayo siyojabulela khona ukuthula, impilo, nokulondeka phakade.—Luka 23:43.
UNkulunkulu uyokwenza lokhu ngohulumeni wasezulwini, oneNkosi yakhe emisiwe, uJesu Kristu, njengoMbusi wawo. (Daniyeli 7:13, 14) IBhayibheli libhekisela kulohulumeni ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu” nangokuthi “umbuso wamazulu.” (1 Korinte 15:50; Mathewu 13:44) UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uyothathela indawo bonke ohulumeni babantu. Kunokuba kube nohulumeni abaningi emhlabeni, kuyoba nohulumeni owodwa kuphela. Uyobusa ngokulunga phezu kwawo wonke umhlaba.—IHubo 72:7, 8; Daniyeli 2:44.
UJehova umema bonke ukuba baphile ngaphansi kwaloMbuso. Enye yezindlela akwenza ngayo lokhu ingokusakazwa kabanzi kweBhayibheli, incwadi echaza lokho uMbuso oyokwenzela isintu. IBhayibheli liyincwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke emhlabeni, futhi manje litholakala, lilonke noma ingxenye yalo, ngezilimi ezingaphezu kuka-2 000.
UJehova uNkulunkulu ngothando usiza abantu ukuba baqonde lokho iBhayibheli elikufundisayo ngoMbuso. Lokhu ukwenza ngokuyala abantu nangokubathuma ukuba bachazele abanye imiBhalo. OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezinhlanu manje bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emazweni angaphezu kuka-230.
Ukulondeka Kweqiniso Kubo Bonke?
Ingabe wonke umuntu uyosamukela isimemo sokuba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu ngokwenza ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga? Cha, ngoba abantu abaningi abanasithakazelo sokwenza intando kaNkulunkulu. Bayayenqaba imizamo yokubasiza ukuba bashintshe ukuphila kwabo bakwenze kube ngcono. Ngempela, bazibonisa benjengalabo uJesu athi ngabo: ‘Inhliziyo yalababantu iye yaba lukhuni, nangezindlebe zabo bezwile bangasabela, futhi baye bacimeza amehlo abo; ukuze bangalokothi babone ngamehlo abo bezwe nangezindlebe zabo futhi bathole umqondo wako ngezinhliziyo zabo bese bephenduka, [uNkulunkulu] abaphulukise.’—Mathewu 13:15.
Kungenzeka kanjani ukuba kube nokulondeka kweqiniso emhlabeni phakathi kwalabo abenqaba ukuphila ngokuvumelana nezindlela zikaNkulunkulu zokulunga? Akunakwenzeka. Abantu abangamkhonzi uNkulunkulu basongela ukulondeka kwalabo abafuna ukukhonza uJehova.
UNkulunkulu akabaphoqeleli abantu ukuba bashintshe, kodwa ngeke abekezelele ububi phakade. Nakuba ngesineke uJehova eqhubeka ethuma oFakazi bakhe ukuba bafundise abantu ngezindlela nezinjongo zakhe, ngeke aqhubeke enza kanjalo isikhathi eside kakhulu. UJesu Kristu wabikezela: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
“Ukuphela” kuyosho ukuthini ngalabo abenqaba izindinganiso zikaNkulunkulu? Kuyosho ukuthola kwabo isahlulelo esibi nokubhujiswa. IBhayibheli likhuluma ngokulethwa ‘kwempindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu. Bona kanye laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okumi phakade.’—2 Thesalonika 1:6-9.
Ekugcineni—Ukulondeka Kweqiniso Phakade!
Ngemva kokubhujiswa kwalabo abenqaba izindlela zikaJehova zokuthula, uMbuso kaNkulunkulu uyongenisa inkathi yokulondeka ekhazimulayo ukuze kuzuze abalungileyo emhlabeni. (IHubo 37:10, 11) Yeka ukuthi lelozwe elisha liyohluka kanjani kuleli esiphila kulo namuhla!—2 Petru 3:13.
Indlala nokulamba ngeke kusaba khona. Bonke abantu bayoba nenala yokudla. IBhayibheli lithi ‘bonke abantu bayojabulela idili lokukhulupheleyo.’ (Isaya 25:6) Ngeke kube khona ukuntuleka kokudla, ngoba “kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.
Abantu ngeke besahlala emaxhokovaneni nasemijondolo. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, bonke bayoba namakhaya amahle, futhi bayodla ukudla okukhiqizwe endaweni yabo. IBhayibheli liyathembisa: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo.”—Isaya 65:21.
Esikhundleni sokuswelakala kwemisebenzi okusakazekile, kuyoba nomsebenzi okhiqizayo, futhi abantu bayobona imiphumela emihle kuwo. IZwi likaNkulunkulu lithi: ‘Umsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize.’—Isaya 65:22, 23.
Ngaphansi kokubusa koMbuso, abantu ngeke bahlushwe futhi babulawe izifo. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.
EPharadesi lasemhlabeni elizoba khona ngokoqobo ngokushesha, ukuhlupheka nobuhlungu, usizi nokufa, kuzoqedwa. Yebo, ngisho nokufa! Abantu bazophila phakade ePharadesi! IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abo], futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
Ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu, “iNkosi yokuthula,” ukuphila emhlabeni ekugcineni kuyolondeka ngempela. Ngempela, ukulondeka komhlaba wonke kuyoba khona ngaphansi kokubusa kokulunga nothando kukahulumeni owodwa—uMbuso kaNkulunkulu.—Isaya 9:6, 7; IsAmbulo 7:9, 17.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Ukulondeka komuntu kubonisa ithemba ngekusasa, . . . [ithemba] lokuzinza kwesimo sezombangazwe nesezomnotho.”—Owesifazane ohlala e-Asia
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Okukwenza uzizwe ungalondekile ngaphezu kwakho konke ubudlova nobuhlongandlebe.”—Owesilisa ohlala eSouth America
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Angizange ngizizwe ngilondekile lapho kuhlaselwa . . . Uma izwe lisempini, abantu banga-zizwa kanjani belondekile?”—Umfundi wasesikoleni sebanga eliphansi eMpumalanga Ephakathi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
“Ngizozizwa ngilondekile lapho sengazi ukuthi ngingahamba emigwaqweni ebusuku ngingadlwengulwa.”—Intombazane yesikole e-Afrika