Incwadi YeBhayibheli Yama-35—UHabakuki
Umlobi: UHabakuki
Yalotshelwa: KwaJuda
Ukuloba Kwaphela: Cishe ngo-628 B.C.E.(?)
1. Yimaphi amaqiniso ayinhloko aqokonyiswa esiprofethweni sikaHabakuki?
UHABAKUKI ungomunye walabo okuthiwa abaprofethi abangabalulekile bemiBhalo yesiHeberu. Nokho, umbono wakhe nesiprofetho okuphefumlelwe uNkulunkulu akukhona nakancane okungabalulekile kubantu bakaNkulunkulu. Njengoba sikhuthaza futhi siqinisa, isiprofetho sakhe sisekela izinceku zikaNkulunkulu esikhathini sokucindezeleka. Lencwadi iqokomisa amaqiniso amabili ayinhloko: UJehova uNkulunkulu unguMbusi weNdawo Yonke, futhi abalungileyo baphila ngokholo. Lombhalo futhi uyisixwayiso kubaphikisi bezinceku zikaNkulunkulu nakulabo ngokuzenzisa abazisholo ukuthi bangabantu bakhe. Ubeka isibonelo sokholo oluqinile kuJehova, ofanelwe yizo zonke izingoma zokudumisa.
2. Yikuphi ukwaziswa okunikezwayo ngomlobi, uHabakuki?
2 Incwadi kaHabakuki iqalisa ngokuthi: ‘Isiprofetho asibonayo uHabakuki umprofethi.’ (Hab. 1:1) Wayengubani lomprofethi uHabakuki (ngesiHeberu, Chavaq·quqʹ), ogama lakhe lisho ukuthi “Ukwamukela Ngentshiseko”? Akukho kwaziswa okunikezwayo ngokuphathelene nabazali bakaHabakuki, isizwe, izimo ekuphileni, noma ukufa kwakhe. Ukuthi wayengumculi wasethempelini ongumLevi akunakushiwo ngokuqinisekile, nakuba lokhu kuye kwasikiselwa ngenxa yombhalo osekugcineni kwalencwadi othi: “Kumholi wokuhlabelela; ngogubhu [lwami].”
3. Yiziphi izimo ezithinta uJuda ezisiza ekuboniseni isikhathi sokulotshwa kwencwadi kaHabakuki?
3 UHabakuki waprofetha nini? Umbhalo oshiwo ngenhla namazwi athi “uJehova usethempelini lakhe elingcwele” kubonisa ukuthi ithempeli laseJerusalema lalisekhona. (2:20) Lokhu, kanye nesigijimi sesiprofetho, kubonisa ukuthi sashiwo esikhathini esingeside ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. Kodwa eminyakeni emingaki ngaphambili? Kumelwe ukuba kwakungemva kokubusa kweNkosi eyesaba uNkulunkulu uJosiya, ngo-659-629 B.C.E. Isiprofetho ngokwaso sinikeza umkhondo ngokubikezela isenzo abantu bakwaJuda abangeke basikholelwe ngisho nalapho kulandiswa ngaso. Siyini? Siwukuvusa kukaNkulunkulu amaKaledi (abaseBabiloni) ukuba ajezise uJuda ongenalukholo. (1:5, 6) Lokhu kuhambisana nengxenye engasekuqaleni kokubusa kweNkosi uJehoyakimi eyayikhonza izithombe, isikhathi okwakudlange ngaso ukungakholwa nokwahlulela ngokungalungi kwaJuda. UJehoyakimi wayebekwe esihlalweni sobukhosi uFaro-Nekho, futhi isizwe sasingaphansi kwethonya leGibithe. Ngaphansi kwezimo ezinjalo abantu babeyoba nomuzwa wokuthi banesizathu sokukungabaza ukuthi kungenzeka iBabiloni lihlasele. Kodwa uNebukadinesari wanqoba uFaro-Nekho empini yaseKharikemishi ngo-625 B.C.E., ngaleyondlela wawuchitha umbuso waseGibithe. Ngakho-ke isiprofetho kumelwe ukuba sasikhishwe ngaphambi kwalesosenzakalo. Ngakho izimpawu zikhomba ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi (okwaqala ngo-628 B.C.E.), okwenza uHabakuki abe untanga kaJeremiya.
4. Yini ebonisa ukuthi incwadi kaHabakuki iphefumlelwe uNkulunkulu?
4 Singazi kanjani ukuthi lencwadi iphefumlelwe uNkulunkulu? Izinhlu zasendulo zemiBhalo yesiHeberu ziyakuqinisekisa ukuba kukaHabakuki ingxenye yohlu lwezincwadi zeBhayibheli. Nakuba zingayisho lencwadi ngegama, ngokusobala yayihlanganisiwe ekubhekiseleni kwazo ‘kubaProfethi Abangabalulekile abayishumi nambili,’ ngoba ngaphandle kukaHabakuki bebengeke babe ngu-12. Umphostoli uPawulu waqaphela lesiprofetho njengengxenye yemiBhalo engcwele futhi wacaphuna ngokuqondile kuHabakuki 1:5, ebhekisela kukho njengokuthile “okwakhulunywa ngabaprofethi.” (IzE. 13:40, 41) Wabhekisela kaningi kulencwadi ezincwadini zakhe. Ngokuqinisekile ukugcwaliseka kwamazwi kaHabakuki ngoJuda neBabiloni kumphawula njengomprofethi weqiniso kaJehova, akhuluma egameni lakhe nangenxa yenkazimulo yakhe.
5. Yisho ngamafuphi okuqukethwe incwadi kaHabakuki.
5 Incwadi kaHabakuki yakhiwa izahluko ezintathu. Izahluko ezimbili zokuqala ziyingxoxo phakathi komlobi noJehova. Zilandisa ngamandla amaKaledi, kanye nangosizi olulindele isizwe saseBabiloni esandisa lokho okungekhona okwaso, esizuzela indlu yaso inzuzo embi, esakha umuzi ngezingazi, nesikhulekela isithombe esibaziweyo. Isahluko sesithathu sikhuluma ngokubabazeka kukaJehova ngosuku lwempi, futhi asinakuqhathaniswa nalutho ngamandla nokushukumisa kwendlela esilotshwe ngayo evusa amadlingozi. Lesisahluko siwumthandazo owenziwe ngendlela yezililo futhi siye sabizwa ngokuthi “enye yezinkondlo ezinhle kakhulu nezibabazekayo kulo lonke iqoqo lezinkondlo zesiHeberu.”a
OKUQUKETHWE INCWADI KAHABAKUKI
6. Siyini isimo kwaJuda, futhi ngalokho yisiphi isenzo esimangalisayo uJehova azosenza?
6 Umprofethi ukhala kuJehova (1:1–2:1). Ukungabi nalukholo kukaJuda kuye kwavusa imibuzo engqondweni kaHabakuki. “Ngiyakukuncenga kuze kube-nini, Jehova, ungezwa?” ebuza. “Kungani ukuchitha nendluzula kuphambi kwami?” (1:2, 3, qhathanisa neNW.) Umthetho uba-buthakathaka, omubi uhaqa olungileyo, futhi ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe. Ngenxa yalokhu, uJehova uzokwenza isenzo esizobangela ukumangala, okuthile ‘abantu abangayikukholwa yikho lapho kulandwa.’ Eqinisweni ‘uvusa amaKaledi’! Uyethusa ngempela umbono uJehova awunikezayo walesizwe esinonya njengoba siza ngejubane. Sizokwenza indluzula, futhi sibutha abathunjwa “njengesihlabathi.” (1:5, 6, 9) Akukho lutho oluzosivimba, ngisho namakhosi nababusi, ngoba siyabahleka bonke. Sithumba zonke izinqaba. Konke lokhu kuwukwahlulelwa nokujeziswa okuvela kuJehova, “oNgcwele.” (1:12) UHabakuki ulindela ngokulangazelela ukuba uNkulunkulu akhulume.
7. UJehova umduduza kanjani uHabakuki?
7 Umbono womaye abayisihlanu (2:2-20). UJehova uyaphendula: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni.” Ngisho noma ubonakala wephuza, uyofika nakanjani. UJehova ududuza uHabakuki ngalamazwi: “Kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.” (2:2, 4) Isitha esikhukhumeleyo asiyikuma, ngisho noma siziqoqela izizwe nabantu. Phela, laba yibo kanye abayomelana naso ngesaga somaye abayisihlanu:
8, 9. Omaye bombono abayisihlanu babhekiswe ohlotsheni olunjani lwabantu?
8 “[Maye, NW] kuyena owandisa okungesikho okwakhe.” Yena ngokwakhe uyoba yimpango. Uyophangwa “ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni.” (2:6, 8) “[Maye, NW] kozuzela indlu yakhe inzuzo embi.” Ukuchitha kwakhe abantu abaningi kuyobangela ukuba wona kanye amatshe nomshayo wendlu yakhe kukhale. (2:9) “[Maye, NW] kowakha umuzi ngezingazi.” Abantu bakhe bayokhandlekela umlilo neze kuphela, kusho uJehova. “Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.”—2:12, 14.
9 ‘[Maye, NW] kumuntu ophuzisa umngane wakhe ngokufutheka amdakise ukuze abone ubunqunu bakhe.’ UJehova uyomphuzisa endebeni yesandla saKhe sokunene, amlethele ihlazo esikhundleni senkazimulo “ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni.” Sinalusizo luni isithombe esibaziweyo kumnikazi waso—onkulunkulu abanjalo abayize abazona yini izimungulu? (2:15, 17) “[Maye, NW] koshoyo kumuthi ukuthi: Vuka! nakulo itshe eliyisimungulu: Phaphama! Lokhu kungafundisa na?” Ngokuphambene nalabonkulunkulu abangaphili, “uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”—2:19, 20.
10. Yisiphi isenzo esithusayo esihambisana nokubonakala kukaJehova ngosuku lwempi?
10 UJehova ngosuku lwempi (3:1-19). Emthandazweni wobuqotho, uHabakuki usikhumbula ngokucacile isenzo sikaJehova esesabekayo. Ekubonakaleni kukaJehova “udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.” (3:3) Ukubengezela kwakhe kwakunjengokukhanya, futhi isifo sasihamba phambi kwakhe. Wama, ezamazamisa umhlaba, ebangela ukuba izizwe zithuthumele nezintaba zaphakade zihlakazwe. UJehova wagibela njengeqhawe elinamandla enomnsalo ovelé obala nezinqola zokunqoba. Izintaba notwa kwathuthumela. Ilanga nenyanga kwama, futhi kwaba nokukhanya kwemicibisholo yakhe nokubengezela komkhonto wakhe njengoba edabula umhlaba, ebhula izizwe ngolaka. Waphumela ukusindiswa kwabantu bakhe nokogcotshiweyo wakhe nokwambula isisekelo sababi, “kuze kube-sentanyeni.”—3:13.
11. Umbono umthinta kanjani uHabakuki, kodwa yini azimisele ngayo?
11 Umprofethi wenganywa yilombono wamandla omsebenzi kaJehova wesikhathi esidlule nomsebenzi wakhe ozayo onyakazisa umhlaba. “Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokho okuyakucindezela abantu.” (3:16) Nokho, uHabakuki uzimisele ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi iziphi izikhathi ezimbi okumelwe kubhekwane nazo—ukungakhahleli komkhiwane, ukungabikho kwezithelo emvinini, ukungabikho kwezimvu esibayeni—usayothokoza ngoJehova futhi ajabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwakhe. Uphetha ingoma yakhe yentokozo ngalamazwi: “UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe-njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.”—3:19.
ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
12. UPawulu wamsebenzisa kanjani uHabakuki 2:4 ngokunenzuzo?
12 Eqaphela isiprofetho sikaHabakuki njengesinenzuzo ekufundiseni, umphostoli uPawulu wacaphuna esahlukweni 2, ivesi 4, ngezikhathi ezintathu ezihlukene. Lapho egcizelela ukuthi izindaba ezinhle zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kubo bonke abanokholo, uPawulu wabhalela amaKristu aseRoma: “Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.” Lapho ebhalela abaseGalathiya, uPawulu wagcizelela iphuzu lokuthi isibusiso siza ngokholo: “Ukuthi ngomthetho akukho-muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa.” UPawulu futhi waloba encwadini yakhe eyayiya kumaHeberu ukuthi amaKristu kumelwe abonise ukholo oluphilayo, olusindisa umphefumulo, futhi waphinda wabhekisela emazwini kaJehova kuHabakuki. Nokho, akacaphuni kuphela lamazwi kaHabakuki athi, “olungileyo wami uzakuphila ngokukholwa” kodwa futhi namazwi awasho ngokuqhubekayo ngokweSeptuagint yesiGreki: “Uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.” Khona-ke uphetha ngokuthi: Thina “singabokukholwa kuze kube-ngukusindiswa komphefumulo.”—Roma 1:17; Gal. 3:11; Heb. 10:38, 39.
13. Ukugcwaliseka okunembile kweziprofetho zikaHabakuki ngoJuda neBabiloni kugcizelelani ngezahlulelo zikaNkulunkulu?
13 Isiprofetho sikaHabakuki sinenzuzo kakhulu namuhla kumaKristu adinga amandla. Sifundisa ukuthembela kuNkulunkulu. Sinenzuzo futhi ekuxwayiseni abanye ngezahlulelo zikaNkulunkulu. Isifundo esiyisixwayiso sinamandla: Ungabheki izahlulelo zikaNkulunkulu njengeziphuze kakhulu; ‘ziyofika nokufika.’ (Hab. 2:3) Isiprofetho sokubhujiswa kukaJuda yiBabiloni sagcwaliseka ngempela, futhi iBabiloni lathunjwa ngempela, lapho amaMede namaPheresiya ewuthatha lomuzi ngo-539 B.C.E. Yeka isixwayiso sokuba sikholelwe emazwini kaNkulunkulu! Ngakho, umphostoli uPawulu wakuthola kunenzuzo ukucaphuna uHabakuki lapho exwayisa amaJuda osuku lwakhe ukuba angabi ngantula ukholo: “Qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: Bhekani nina-zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayikukholwa yiwo, nakuba umuntu enilandisa ngawo.” (IzE. 13:40, 41; Hab. 1:5, LXX) AmaJuda angenalukholo awamlalelanga uPawulu, njengoba nje engazange asikholelwe isixwayiso sikaJesu sokubhujiswa kweJerusalema; athola imiphumela yokuntula kwawo ukholo lapho amabutho amaRoma ebhubhisa iJerusalema ngo-70 C.E.—Luka 19:41-44.
14. (a) Isiprofetho sikaHabakuki siwakhuthaza kanjani amaKristu namuhla ukuba abe nokholo oluqinile? (b) Njengoba kuboniswe esiprofethweni, yiliphi ithemba elijabulisayo abathandi bokulunga abangaba nalo manje?
14 Ngokufanayo, namuhla, isiprofetho sikaHabakuki sikhuthaza amaKristu ukuba abe nokholo oluqinile, nakuba ephila ezweni eligcwele ubudlova. Siyawasiza ekufundiseni abanye nasekuphenduleni umbuzo oye wabuzwa abantu kuwo wonke umhlaba, Ingabe uNkulunkulu uyophindisela kwababi? Phawula futhi amazwi esiprofetho: “Wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Hab. 2:3) Kungakhathaliseki ukuthi ziyini iziyaluyalu ezenzeka emhlabeni, insali egcotshiwe yezindlalifa zoMbuso ikhumbula amazwi kaHabakuki ngokuphathelene nezenzo zikaJehova zempindiselo zesikhathi esidlule: “Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho.” (3:13) Ngempela uJehova ‘ungoNgcwele’ wabo, kusukela endulo, futhi ‘uyiDwala’ eliyosola abangalungile futhi libanikeze ukuphila labo elibamukela othandweni lwalo. Bonke abathanda ukulunga bangajabula ngoMbuso wakhe nobukhosi, bethi: “Mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami.”—1:12; 3:18, 19.
[Imibhalo yaphansi]
a The Book of the Twelve Minor Prophets, 1868, E. Henderson, ikhasi 285.