ISIFUNDO 48
Indlela Yokubonisana Nabanye
SIYAJABULA ngezinguquko ezenziwe yiZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu, futhi sifuna nabanye basizakale. Siyaqaphela nokuthi indlela abantu abasabela ngayo ezindabeni ezinhle iyowathinta amathemba abo ekusasa. (Math. 7:13, 14; Joh. 12:48) Ngempela, sifuna ukuba bamukele iqiniso. Kodwa izinkolelo zethu ezinamandla nentshiseko yethu kumelwe kuhambisane nokuqonda ukuze sifeze okuhle.
Amazwi ayiqiniso nokho ahlabayo nadalula ukuthi inkolelo umuntu ayithandayo ingamanga, awamukeleki kahle ngaso sonke isikhathi, ngisho noma ungawasekela ngohide lwemiBhalo. Ngokwesibonelo, uma uvele nje uthi imikhosi ethandwayo ayilungile ngoba inomsuka wobuqaba, kungase kungayishintshi indlela abanye abantu abazizwa ngayo ngaleyo mikhosi. Ukubonisana nabo ngayo ngokuvamile kuphumelela kangcono. Yini ehilelekile ekubonisaneni nabanye ngendlela enengqondo?
ImiBhalo isitshela ukuthi ‘ukuhlakanipha kwaphezulu kunokuthula, kunengqondo.’ (Jak. 3:17) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “nengqondo” ngokwezwi nezwi lisho “ukwamukela umbono wabanye.” Ezinye izinguqulo zilihumusha ngokuthi “ukuba ocabangelayo,” “ukuba nobuvi,” noma “ukuba nonembe.” Phawula ukuthi ukuba nengqondo kuhlanganiswa nokuba nokuthula. KuThithu 3:2, lihambisana nobumnene futhi liphambene nokuba yisilwi. EyabaseFilipi 4:5 isinxusa ukuba saziwe ‘ngokuba nengqondo.’ Umuntu onengqondo ucabangela isizinda, izimo, nemizwa yalowo akhuluma naye. Uyavuma ukwamukela imibono yabanye uma kufaneleka. Ukusebenzelana nabanye ngale ndlela kuyasiza kubavule izingqondo nezinhliziyo ukuze basamukele lapho sibonisana nabo ngemiBhalo.
Lapho Kumelwe Uqale Khona. Isazi-mlando uLuka sibika ukuthi ngesikhathi umphostoli uPawulu eseThesalonika, wasebenzisa imiBhalo, “echaza futhi ebonisa ngezingcaphuno ukuthi kwakudingekile ukuba uKristu ahlupheke futhi avuke kwabafileyo.” (IzE. 17:2, 3) Kumelwe kuphawulwe ukuthi uPawulu wakwenza esinagogeni lamaJuda lokhu. Labo ayekhuluma nabo babebheka imiBhalo YesiHeberu njengenegunya. Kwakufaneleka ukuba aqale ngalokho ababekwamukela.
Ngesikhathi uPawulu ekhuluma namaGreki e-Areyophagu e-Athene, akazange aqale ngokucaphuna imiBhalo. Kunalokho, waqala ngezinto ababezazi futhi bezamukela, wasebenzisa zona ukuze abenze bacabange ngoMdali nezinjongo zaKhe.—IzE. 17:22-31.
Namuhla, kunenqwaba yabantu abangalibheki iBhayibheli njengelinegunya ekuphileni kwabo. Kodwa ukuphila cishe kwabo bonke abantu kuphazanyiswa izimo ezibuhlungu kulesi simiso sezinto samanje. Abantu balangazelela ubungcono. Uma uqale ubonise ukuthi uyakhathazeka ngalokho okubahluphayo, bese uveza indlela iBhayibheli elikuchaza ngayo ukuhlupheka kwabo, indlela enengqondo kanjalo ingase ibenze bakulalele lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu.
Kungase kwenzeke ukuthi umfundi weBhayibheli wanikezwa abazali bakhe ifa elihlanganisa nezinkolelo nemikhuba ethile yenkolo. Manje, lo mfundi usethola ukuthi lezo zinkolelo nemikhuba akumjabulisi uNkulunkulu, futhi useyakuyeka ukuze athathe lokho iBhayibheli elikufundisayo. Umfundi angabachazela kanjani abazali bakhe ngaleso sinqumo? Bangase babe nomuzwa wokuthi ngokulahla ifa lenkolo abamnika lona, ulahla bona. Umfundi weBhayibheli angase aphethe ngokuthi ngaphambi kokuzama ukuchaza isisekelo sesinqumo sakhe esebenzisa iBhayibheli, kuyodingeka aqinisekise abazali bakhe ukuthi uyabathanda futhi uyabahlonipha.
Lapho Kumelwe Wamukele Khona Imibono Yabanye. UJehova, yize enegunya eliphelele lokulawula, ubonisa ukuba nengqondo okumangalisayo. Lapho zisindisa uLoti nomkhaya wakhe eSodoma, izingelosi zikaJehova zathi: “Balekela entabeni, funa ubhujiswe.” Kodwa uLoti wazincengela: “Nkosi, makungabi njalo.” Wacela ukuba avunyelwe abalekele eSowari. UJehova wabonisa ukumcabangela uLoti ngokumvumela ukuba enze kanjalo; ngakho lapho eminye imizi ibhujiswa, iSowari alibhujiswanga. Kamuva, uLoti wasilandela isiqondiso sikaJehova sasekuqaleni, wathuthela ezintabeni. (Gen. 19:17-30) UJehova wayazi ukuthi lokho ayekushilo kwakulungile, kodwa ngesineke wabonisa ukucabangela kwaze kwaba yilapho uLoti ekuqaphela lokho.
Ukuze sisebenzelane nabanye ngendlela ephumelelayo, nathi kudingeka sibacabangele. Singase sikholelwe ukuthi omunye umuntu unephutha, futhi singase sibe namaphuzu anamandla okukufakazela lokho. Kodwa ngezinye izikhathi kungcono ukungamxini ngendaba umuntu. Ukuba ocabangelayo akusho ukululaza izindinganiso zikaJehova. Kungase kube ngcono ukumane umbonge umuntu okhuluma naye ngokuveza umuzwa wakhe, noma ukuyeke okuthile okuyiphutha akushilo ungakulungisi ukuze ingxoxo uyiqondise kulokho okuzoba usizo kakhulu. Ngisho noma ekugxeka okukholelwayo, ungavuki inj’ ebomvu. Ungase umbuze ukuthi kungani ezizwa ngendlela azizwa ngayo. Yilalelisise impendulo yakhe. Ukumlalelisisa kuyokwenza uyiqonde indlela acabanga ngayo. Kungase kwakhe nesisekelo sengxoxo efundisayo yesikhathi esizayo.—IzAga 16:23; 19:11.
UJehova unikeze abantu ikhono lokukhetha. Uyabavumela ukuba balisebenzise lelo khono, yize bengase bangalisebenzisi ngokuhlakanipha. Njengomkhulumeli kaJehova, uJoshuwa walandisa ngokusebenzelana kukaNkulunkulu no-Israyeli. Kodwa wabe esethi: “Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula, noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.” (Josh. 24:15) Isabelo sethu namuhla siwukuba sinikeze ‘ubufakazi,’ futhi sikhuluma ngokuqiniseka, kodwa asizami ukuphoqa abanye ukuba bakholwe. (Math. 24:14) Kumelwe bazikhethele, asibaphuci lelo lungelo.
Buza Imibuzo. UJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu ekubonisaneni nabantu. Wayecabangela isizinda sabo futhi esebenzisa imizekeliso ababezoyiqonda kalula. Wayisebenzisa ngokuphumelelayo nemibuzo. Yanikeza abantu ithuba lokuveza abakucabangayo, yembula nokwakusezinhliziyweni zabo. Yabakhuthaza nokuba bacabange ngalokho okwakukhulunywa ngakho.
Indoda eyayazi uMthetho yabuza uJesu: “Mfundisi, ngingenzani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?” UJesu wayengayinikeza kalula nje impendulo. Kodwa wacela le ndoda ukuba iveze ekucabangayo. “Kulotshweni eMthethweni? Ufunda kanjani?” Le ndoda yanikeza impendulo eqondile. Ingabe impendulo yayo eqondile yabe isisho ukuphela kwengxoxo? Phinde. UJesu wayiyeka le ndoda yaqhubeka, futhi umbuzo eyawubuza wabonisa ukuthi yayizama ukuziveza ilungile. Yabuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Kunokuba uJesu ayinikeze incazelo, le ndoda eyayingase iyiphikise ngenxa yesimo sengqondo samaJuda esasidlangile ngabeZizwe namaSamariya, uJesu wasebenzisa umzekeliso ukuze ayenze icabange. Wawukhuluma ngomSamariya olungileyo owasiza umuntu owayegetshengiwe futhi washaywa, kuyilapho umpristi nomLevi bengamsizanga. Ngombuzo olula, uJesu waqikelela ukuthi le ndoda iyalithola iphuzu. Indlela kaJesu yokubonisana nale ndoda yenza igama elithi “umakhelwane” laba nencazelo eyayingakaze iyizwe ngaphambili. (Luka 10:25-37) Yeka isibonelo esihle sokulingiswa! Funda ukusebenzisa imibuzo engacasuli nemizekeliso ukuze ukhuthaze okulalele ukuba acabange, kunokuba kukhulume wena wedwa.
Nikeza Izizathu. Lapho umphostoli uPawulu ekhuluma esinagogeni eThesalonika, wenza okungaphezu kokufunda encwadini izilaleli zakhe ezaziyihlonipha. ULuka uthi uPawulu wachaza, wanikeza ubufakazi, futhi wabonisa ukuthi ayekufunda kwakusebenza kanjani. Ngenxa yalokho, “abanye kubo baba ngamakholwa futhi bazihlanganisa noPawulu noSila.”—IzE. 17:1-4.
Kungakhathaliseki ukuthi obani abakulalele, ukubonisana nabo ngale ndlela kungasiza. Kungasiza lapho ufakaza ezihlotsheni, uxoxa nosebenza nabo noma ofunda nabo, ukhuluma nabantu ongabazi ensimini, lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, noma lapho unikeza inkulumo ebandleni. Uma ufunda umbhalo, ungase ukukhanyele wena, kodwa mhlawumbe ungamkhanyeli omunye umuntu. Indlela ochaza ngayo noma indlela obonisa ngayo ukuthi usebenza kanjani ingase izwakale sengathi ugcizelela imibono yakho ngokweqile. Ingabe ukukhetha amagama athile evesini bese uwachaza kungasiza? Ungabunikeza yini ubufakazi balokho, mhlawumbe uthathe kuwo umongo noma komunye umbhalo okhuluma ngendaba efanayo? Umzekeliso ungacacisa yini ukuthi okushoyo kunengqondo? Imibuzo ingazisiza yini izilaleli zicabange ngaleyo ndaba? Indlela enjalo yokubonisana nabanye ikwakhela igama elihle futhi inikeza abanye okuningi abangacabanga ngakho.