U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla’
1 Amasonto asondelene neSikhumbuzo ayisikhathi sokuzindla kubantu bakaJehova. Lesi yisikhathi sokuzindla ngalokho okwafezwa ukufa kukaKristu nesokucabanga ngethemba lethu esilinikwe nguNkulunkulu futhi elaqinisekiswa ngokuchitheka kwegazi likaJesu. Njengoba ucabanga ngo-April 19 wangonyaka odlule, yini efikayo engqondweni yakho? Uyabakhumbula abantu owababona ngalobo busuku? isimo esingokomoya nesicebile eSikhumbuzweni? ingxoxo eshubile engokweBhayibheli nemithandazo esuka enhliziyweni? Mhlawumbe uzimisele ukukubonisa ngokugcwele ukujula kokwazisa kwakho ngothando owaluboniswa uJehova noJesu. Ukuzindla okunjalo kukuthinta kanjani manje?
2 Kusobala ukuthi abantu bakaJehova babonakalisa ukubonga kwabo ngezindlela eziningi kunokubonga ngamazwi. (Kol. 3:15, 17) Ikakhulukazi ngo-April odlule, sabonisa ukwazisa kwethu ngamalungiselelo kaJehova ensindiso ngokuzikhandla enkonzweni yobuKristu. Amaphayona asizayo ayebalelwa ezinkulungwaneni, edlula inani eliphakeme langaphambili eNingizimu Afrika ngamaphesenti angu-27. Amazwe athile angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika nawo abika amanani aphakeme amasha amaphayona asizayo. Imizamo yawo, kanye neyabo bonke abanye abamemezeli boMbuso, yaphumela emananini aphakeme amahora, ukuhanjiswa komagazini nezimpindelo. Injabulo yethu yakhuliswa ukubona kuqalwa izinkulungwane zezifundo zeBhayibheli ezintsha nenani elikhulu kunanini lababa khona eSikhumbuzweni!
3 Ngempela, ukuqiniseka kwethemba lethu kusishukumisela esenzweni. Kunjengoba nje umphostoli uPawulu abhala: “Ngoba ngenxa yalenjongo sisebenza kanzima futhi siyazikhandla, ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi wazo zonke izinhlobo zabantu, ikakhulukazi wabakholekileyo.”—1 Thim. 4:10.
4 Kule nkathi yeSikhumbuzo, uyolubonisa kanjani ukholo lwakho emalungiselelweni kaJehova okuphila? Ngo-April odlule sabona inani eliphakeme ukuwedlula wonke labamemezeli boMbuso eNingizimu Afrika. Ingabe singaledlula lelo nani kulo April? Singawufinyelela lowo mgomo. Kodwa bonke abamemezeli, ababhapathiziwe nabangabhapathiziwe, kuyodingeka bahlanganyele. Abaningi abasanda kuhlanganyela nabo bangase bakufanelekele ukuhlanganyela. Ngakho njengoba uhlela ukusebenza kanzima nangokuzikhandla kulo April, cabanga ngezindlela ongashukumisa ngazo abanye ukuba basebenze nawe, kuhlanganise nabasanda kuhlanganyela nabangenakho okuhlangenwe nakho.
5 Ukusiza Abanye Ukuba Bavuselele Umsebenzi Wabo: Uma wazi abathile asebenenyanga noma ezimbili bengayi enkonzweni yasensimini, ungase ubakhuthaze futhi ubacele ukuba bahambe nawe ensimini. Uma abathile ebandleni sebepholile, abadala bayokwenza umzamo okhethekile wokubavakashela futhi babakhuthaze ukuba baqale futhi ngo-April.
6 Sonke kumelwe siqhubeke sicela umoya kaJehova ukuba usiqinise enkonzweni yakhe. (Luka 11:13) Yini okumelwe siyenze ukuze sithole lowo moya? Funda iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (2 Thim. 3:16, 17) Futhi kumelwe ‘sizwe lokho umoya okushoyo emabandleni’ ngokuba sibe khona kuyo yonke imihlangano emihlanu yamasonto onke. (IsAm. 3:6) Manje yithuba lokusiza abangabiki njalo nasebepholile ukuba bathuthukise imikhuba yabo yokutadisha futhi babe khona njalo emihlanganweni. (IHu. 50:23) Sithi sikwenza lokhu sibe siyiqaphele inhlalakahle yethu siqu engokomoya. Nokho, kunokunye okudingekayo.
7 Umphostoli uPetru wachaza ukuthi uNkulunkulu umoya wakhe uwunikeza “labo abamlalelayo njengombusi.” (IzE. 5:32) Ukulalela okunjalo kuhlanganisa nokulalela umyalo wokuba “sishumayele kubantu futhi sinikeze ubufakazi obuphelele.” (IzE. 1:8; 10:42) Ngakho, nakuba kuyiqiniso ukuthi sidinga umoya kaNkulunkulu ukuba usiqinisele ukushumayela, kuyiqiniso futhi ukuthi njengoba siqala ukubonisa isifiso sethu sokujabulisa uJehova, usisiza ngisho nakakhulu. Kwangathi singelokothe sikuthathe kalula ukubaluleka kokuthatha lezo zinyathelo zokuqala zokulalela ngokuzithandela!
8 Ukusiza Abasebancane: Bazali, senike nabubona ubufakazi bokuthi izingane zenu zifuna ukuxoxa nabanye ngeqiniso? Ingabe bezilokhu zihamba nani enkonzweni yasensimini? Ingabe ziyisibonelo ekuziphatheni kwazo? Uma kunjalo, kungani ningabaza? Khulumani nelinye ilungu leKomiti Yenkonzo Yebandla, nithole ukuthi ingane yenu iyafaneleka yini ukuba ibalwe njengommemezeli kulo April. (Bheka incwadi Ukuhlelelwa, amakhasi 99-100.) Kwamukeleni ukuthi izingane zenu zingaba negalelo elinamandla ekudumiseni uJehova kule nkathi yeSikhumbuzo.—Math. 21:15, 16.
9 Umama ongumKristu eGeorgia, e-U.S.A, wayehlale ekhuthaza indodakazi yakhe esencane ukuba ixoxe nabanye ngoJehova. Ngonyaka odlule, njengoba le ntombazane isebenza enkonzweni nonina, yahambisela indoda ethile incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? futhi yachaza kafushane uhla lwalokho okuphakathi. Le ndoda yabuza: “Uneminyaka emingaki?” Intombazane yathi: “Eyisikhombisa.” Le ndoda yamangala ukubona le ntombazane inikeza intshumayelo enengqondo kangaka. Le ndoda yayikhulele eqinisweni kodwa ingakaze ilithathe ngokungathi sína njengendlela yokuphila. Ngokushesha, le ndoda, umkayo nendodakazi yayo baqhutshelwa isifundo seBhayibheli.
10 Abaningi abasebancane kakade sebengabamemezeli, futhi siyakujabulela ukuba nabo njengoba besebenza nathi enkonzweni. Le ntsha ingabashukumisa futhi ibakhuthaze abanye ontanga. Kodwa futhi u-April uyisikhathi esifanelekayo sokuba umkhaya ngamunye uqinise izibopho zawo futhi wakhe ingokomoya ngokusebenza ndawonye enkonzweni engcwele. Izinhloko zemikhaya kufanele zihole kulokhu.—IzAga 24:27.
11 Ukusiza Abasanda Kuhlanganyela: Kuthiwani ngabasanda kuhlanganyela ofunda nabo iBhayibheli? Ingabe nabo bangahlanganyela kulo mkhankaso okhethekile kulo April? Mhlawumbe báveza isifiso sokutshela abanye ngalokho abakufundayo lapho nifunda isahluko 2, isigaba 22, noma isahluko 11, isigaba 14, encwadini Ulwazi. Uma sekuseduze ukuba niyiqede incwadi, lungiselela ukuyichaza ngokucacile le ndaba lapho nifunda isahluko 18, isigaba 8, esithi: “Cishe uyakulangazelela ukutshela izihlobo zakho, abangane, nabanye ngalokho okufundayo. Eqinisweni, kungenzeka uyakwenza kakade lokhu, njengoba nje uJesu ahlanganyela izindaba ezinhle nabanye ezimweni ezingahleliwe. (Luka 10:38, 39; Joh. 4:6-15) Manje kungenzeka ufuna ukwenza okuthé xaxa.” Ingabe kunjalo ngalabo ofunda nabo?
12 Ingabe omfundelayo uyalikholelwa iZwi likaNkulunkulu? Ingabe useyazisebenzisa izimiso zeBhayibheli? Ingabe useye wavumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zaphezulu? Ingabe useba khona emihlanganweni yebandla? Ingabe uyafuna ukukhonza uJehova uNkulunkulu? Khona-ke kungani ungamkhuthazi ukuba akhulume nabadala ukuze babone ukuthi uyafaneleka yini ukuba abe ummemezeli ongabhapathaziwe futhi asebenze nawe ngo-April? (Bheka incwadi Ukuhlelelwa, amakhasi 97-9.) Ngale ndlela angaqala ukuzibonela ngokwakhe indlela inhlangano kaJehova eyomsekela ngayo emizamweni yakhe yokukhonza uJehova.
13 Yiqiniso, abanye abafundi bathuthuka ngokushesha kunabanye. Ngakho, ngokuvumelana nesiqondiso esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2000, ikhasi 4, izigaba 5-6, abaningi bafunda incwadi yesibili nabantu ababebonise isithakazelo ekuqaleni kodwa ababedinga usizo olwengeziwe ukuze bahlanganyele njalo. Asililahli ithemba lokuthi laba abanhliziyo ziqotho bayokuba abafundi bangempela bakaKristu, “kungakhathaliseki ukuthi ngesikhathi esifushane noma ngemva kwesikhathi eside.” (IzE. 26:29) Nokho, uma izinyanga obufunda ngazo nabantu abanjalo zingase zichazwe ngokuthi “isikhathi eside,” kungenzeka yini ukuthi le nkathi yeSikhumbuzo ibe ithuba elihle komfundelayo ukuba aqale ukubonisa ukujula kokwazisa kwakhe ngesihlengo sikaKristu?
14 Indlela Yokubasiza Ukuba Bahlanganyele: Ngokuhlola indlela uJesu ayeqeqesha ngayo abanye, sifunda okuningi mayelana nokusiza abafanelekayo ukuba baqale ukuya ensimini. Akazange nje athole isixuku wabe esetshela abaphostoli bakhe ukuba baqale ukukhuluma naso. Okokuqala wagcizelela isidingo somsebenzi wokushumayela, wakhuthaza isimo sengqondo sokuthandaza, wabe esebanikeza izinto ezintathu eziyisisekelo: umuntu ababezosebenza naye, isabelo sensimu nesigijimi. (Math. 9:35-38; 10:5-7; Marku 6:7; Luka 9:2, 6) Nawe ungenza okufanayo. Kungakhathaliseki ukuthi uyobe usiza ingane yakho, umfundi osanda kuhlanganyela, noma othile osenesikhashana engabiki, kungafaneleka ukuba wenze umzamo okhethekile wokuphishekela le migomo elandelayo.
15 Qokomisa Isidingo: Gxilisa engqondweni yomuntu ukubaluleka komsebenzi wokushumayela. Khuluma kahle ngawo. Landisa ngokuhlangenwe nakho okubonisa lokho ibandla elikufezayo enkonzweni. Bonisa umoya uJesu akhuluma ngawo kuMathewu 9:36-38. Khuthaza lowo ongase abe ummemezeli noma osepholile ukuba athandazele ukuhlanganyela kwakhe siqu enkonzweni kanye nokuphumelela komsebenzi emhlabeni wonke.
16 Mkhuthaze Ukuba Acabangele Amathuba Amaningi Akhona Okufakaza: Mtshele ngokuhlangana neqembu lesifundo sencwadi ngenjongo yokufakaza endlini ngendlu. Khuluma ngokuxoxa nezihlobo nabangane noma ukukhuluma nalabo asebenza nabo noma afunda nabo ngezikhathi zokudla. Lapho egibele izinto zokuhamba zomphakathi, angase aqale ingxoxo ngokumane abonise isithakazelo somuntu siqu kulabo agibele nabo. Lapho sithatha isinyathelo sokuqala, ngokuvamile kuvuleka ithuba lokunikeza ubufakazi obuhle. Ngempela kunamathuba amaningi okuhlanganyela ithemba lethu nabanye “imihla ngemihla.”—IHu. 96:2, 3.
17 Nokho, cishe kuyoba ngcono ukuba wena nommemezeli osanda kuhlanganyela nisebenze ndawonye endlini ngendlu ngokushesha ngangokunokwenzeka. Uma uzibekele umgomo wokwandisa inkonzo yakho ngo-April, buza umphathi wensimu ukuthi ikhona yini insimu eseduze. Uma kunjalo, lokhu kuyokunika amathuba okuyisebenza ngokungashwampuluzi. Ngokwesibonelo, lapho uqeda enkonzweni noma uya emihlanganweni noma kwezinye izindawo, ungase uphawule ukuthi kukhona othile endlini enaningatholanga muntu kuyo noma lapho kwaboniswa khona isithakazelo. Uma kufaneleka, mvakashele isikhathi esifushane lapho kuyophumelela kakhulu lokho. Lokho kuyonezela umuzwa wokufeza okuthile nenjabulo enkonzweni.
18 Lungiselela Isigijimi Esikhangayo: Kungenye into ukuba othile afune ukuhlanganyela isigijimi soMbuso, kodwa kungokunye ukuba abe nomuzwa wokuzethemba ngokukhuluma ngaso, ikakhulukazi uma esanda kuhlanganyela noma uma esenesikhathi eside engahlanganyeli ekushumayeleni. Ukusiza abasanda kuhlanganyela nasebepholile ukuba balungiselele akukhona ukudlala ngesikhathi. IMihlangano Yenkonzo nemihlangano yenkonzo yasensimini ingasinikeza amasu awusizo, kodwa ayikho into eyothatha indawo yokulungiselela komuntu siqu.
19 Ungabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela ukuba balungiselele inkonzo? Qala ngentshumayelo yokuhambisa umagazini, uyenze ibe lula futhi ibe mfushane! Bacele ukuba bacabange ngezenzakalo zezindaba eziyobathinta abantu ensimini, bese uthola iphuzu komunye womagazini bamuva elihlobene nazo. Prakthizani intshumayelo ndawonye, futhi niyisebenzise ensimini ngokushesha ngangokunokwenzeka.
20 Masisebenzele Emathubeni Okwanda Esikhathi Esizayo: Ngonyaka odlule abantu ababekhona eSikhumbuzweni emhlabeni wonke babengaphezu kwezigidi ezingu-14,8. Inani lababika njengabamemezeli lalingaphezudlwana kwezigidi eziyisithupha. Lokhu kusho ukuthi abantu abacishe babe yizigidi ezingu-8,8 babenesithakazelo ngokwanele ukuba beze kulesi simiso esikhethekile lapho bezwa kuchazwa khona enye yezimfundiso zeBhayibheli eziyinhloko. Bázana nabanye kithi, okungenzeka ukuthi kwabahlaba umxhwele. Abaningi kubo bakhuluma kahle ngathi, bayanikela besekela umsebenzi wethu womhlaba wonke futhi bayasivikela kwabanye. Leli qembu elikhulu limelela amathuba okwanda esikhathi esizayo. Yini esingayenza ukuze sibasize baqhubeke bethuthuka?
21 Iningi labasuke beqala ukuba khona eSikhumbuzweni liba khona ngoba limenywe omunye wethu. Ngokuvamile, lokhu kusho ukuthi okungenani kunomuntu oyedwa abamjwayele ezilalelini. Uma othile eba khona ngoba esabela esimemweni sethu, sinomthwalo wokumenza azizwe amukelekile futhi simsize azuze ngokugcwele esimisweni. Njengoba ihholo liyobe ligcwele, msize athole indawo yokuhlala. Mtsheleke iBhayibheli, futhi ummeme ukuba acule nawe. Phendula noma imiphi imibuzo angase ayibuze. Ukumnaka kwakho okufudumele kungaba isici esiyinhloko ekuhlakuleleni isithakazelo sakhe. Yiqiniso, sonke sinomthwalo wemfanelo—uma sibona umuntu esingamjwayele, masimamukele ngokufudumele futhi sixoxe naye kafushane ukuze simjwayele.
22 Ukuba khona eSikhumbuzweni kungakuthonya ngempela ukucabanga komuntu. Iqiniso lokuthi uye weza emhlanganweni lingase lisikisele ukuthi akakakutholi akufunayo kwenye indawo futhi simnika okuthile anomuzwa wokuthi kudingeka akuhlolisise. Ukuchazwa kwelungiselelo lesihlengo elimangalisayo kungase kumembule amehlo umuntu ongaluqondi uthando lukaJehova olungenamingcele. Angasheshe abone ukuthi sihlukile—siqotho, sinobungane, sinothando futhi sinenhlonipho. Ihholo lethu alifani nalutho okungenzeka ukuthi wake wakubona emasontweni anezithixo nemidanti engenangqondo. Abaqalayo bayokuphawula nakanjani ukuthi ezilalelini kukhona abantu abanezizinda ezihlukahlukene futhi akukho nkongozelo. Lokhu kungase kube ithonya elinamandla lokuba baphinde babuye.
23 Ngemva kweSikhumbuzo, kufanele kube nothile ozoqikelela ukuthi bonke labo ababeqala ukuba khona banikezwa usizo futhi bayalandelelwa. Uma kunabathile obubamemile, unomthwalo wemfanelo okhethekile. Ngaphambi kokuba bahambe, qiniseka ukuthi bayazi ngeminye imihlangano eba seHholo LoMbuso. Batshele isihloko senkulumo yeningi elandelayo. Bazise ukuthi sikuphi iSifundo Sencwadi Sebandla esiseduze nalapho behlala khona nokuthi singasikhathi sini. Kamuva, banike incwadi Ukufuna Kwesintu, ubazise ukuthi isifundo sesonto lika-April 16 sinesihloko esithi “UbuKristu—Ingabe UJesu Wayeyindlela Eya KuNkulunkulu?”
24 Hlela ukuvakasha kobungane emzini wabo. Qiniseka ukuthi banawo amakhophi encwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi, eziyobenza bajwayele izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Uma bengafundelwa muntu, cela ukufunda nabo iBhayibheli. Sikisela ukuba bafunde incwajana OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu, enikeza umbono ocacile wendlela esisebenza ngayo njengenhlangano. Bacele ukuba babukele ama-video ethu, njengethi Our Whole Association of Brothers. Hlela ukuba bazane nabanye ebandleni. Ezinyangeni ezilandelayo, thintana nabasanda kuhlanganyela; bameme ukuba babe khona emhlanganweni lapho nivakashelwe umbonisi wesifunda noma uma ninomhlangano wesifunda noma usuku lomhlangano okhethekile. Banike wonke amathuba okuba bazibonakalise “bethambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade”!—IzE. 13:48.
25 Lokho Okungenziwa Abadala: Ukuphumelela kwemizamo yenkuthalo enkonzweni kulo April kuzoxhomeka kakhulu kubadala. Uma ungumqhubi wesifundo sencwadi, yenza uhlu lwezinto ongazenza ukuze usize bonke abaseqenjini lakho lesifundo sencwadi ukuba bahlanganyele kule misebenzi ekhethekile. Ingabe bakhona eqenjini lakho abasebancane, abasanda kuhlanganyela, abangaphumi njalo, noma abapholile? Hlola ukuthi abazali, amaphayona noma abanye abamemezeli baye basithatha yini isinyathelo sokubasiza. Nikeza noma iluphi usizo wena ngokwakho ongalunikeza. Omunye udade owayeseneminyaka emibili engaphumi njalo enkonzweni yasensimini wasebenza amahora angu-50 enkonzweni ngo-April odlule. Wabangelwa yini lo mehluko kuye? Wathi kwakuwukuhambela kokwalusa okwakhayo okwenziwa abadala.
26 Abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele babambisane ukuze baqiniseke ukuthi kunensimu eyanele, omagazini nezincwadi ezanele kule nyanga ezayo. Kungenzeka yini kuhlelwe imihlangano yenkonzo yasensimini eyengeziwe? Uma kunjalo, yenzani amalungiselelo akhethekile aziwe. Ngaphezu kwakho konke, emithandazweni yakho yasobala neyangasese, cela isibusiso sikaJehova kule nyanga yomsebenzi woMbuso owandisiwe.—Roma 15:30, 31; 2 Thes. 3:1.
27 Ngo-April odlule ebandleni elithile eNorth Carolina, abadala bawukhuthaza ngempela umsebenzi owandisiwe enkonzweni. Emihlanganweni isonto ngalinye, banxusa abamemezeli ukuba bakucabangele ngomthandazo ukubhalisa njengamaphayona asizayo. Ngawo wonke amathuba, bonke abadala nezinceku ezikhonzayo babekhuluma ngentshiseko ngokwenza u-April abe inyanga engcono kakhulu kunanini. Ngenxa yalokho, amaphesenti angu-58 abamemezeli, kuhlanganise bonke abadala nezinceku ezikhonzayo, baphayona ngaleyo nyanga!
28 Injabulo Yokuhlanganyela Ngokugcwele: Ziyini izibusiso ‘zokusebenza kanzima futhi sizikhandle’ enkonzweni? (1 Thim. 4:10) Ngokuphathelene nentshiseko emsebenzini webandla ngo-April odlule, abadala kwelinye ibandla babhala: “Ngokuvamile abazalwane nodade bakhuluma ngendlela abazizwa sebethandana ngayo ngokwengeziwe nasebesondelene ngayo kusukela beqale ukusebenza isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini.”
29 Umzalwane othile osemncane ongakwazi ukuhamba wayefisa ukuhlanganyela kulo msebenzi okhethekile ngo-April odlule. Ngokuhlela kahle nangosizo lukanina nolwabafowabo nodadewabo abangokomoya, wajabulela inyanga ekhiqizayo njengephayona elisizayo. Wazizwa kanjani ngalokhu okuhlangenwe nakho? Wathi: “Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngazizwa njengomuntu ophile sáka.”
30 Akukho kungabaza ngokuthi uJehova ubabusisa ngokucebile labo abalazisa kakhulu ilungelo labo lokukhuluma ngobukhosi bakhe. (IHu. 145:11, 12) Njengoba sigubha ukufa kweNkosi yethu, siyaqonda ukuthi izibusiso zokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ziyochichima nakakhulu esikhathini esizayo. Umphostoli uPawulu wayewubheke ngokulangazelela umvuzo wokuphila okuphakade. Nokho, wayazi ukuthi lokhu akuyona into ayengazithela ngabandayo ngayo kodwa ahlalele ethembeni. Wabhala: “Ngenxa yalenjongo ngisebenza kanzima ngempela, ngizikhandla ngokuvumelana nomsebenzi wakhe futhi osebenzayo nakimi ngamandla.” (Kol. 1:29) NgoJesu, uJehova wanikeza uPawulu amandla okufeza inkonzo esindisa ukuphila, futhi angasenzela okufanayo nathi namuhla. Ingabe lokho kuyoba okuhlangenwe nakho kwakho kulo April?
[Ibhokisi ekhasini 3]
Ubani Wena Ongamkhuthaza Ukuba Ashumayele Ngo-April?
Ingane yakho?
Umfundi weBhayibheli?
Othile osepholile?