“Inkonzo Engcwele Ngamandla Enu Okucabanga”
“[Yethulani] imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, uyinkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.”—ROMA 12:1.
1, 2. Ukufunda ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kufana kanjani nokwazi kahle ulimi olusha?
INGABE wake wazama ukufunda ulimi olusha? Uma kunjalo, ngokungangabazeki uzovuma ukuthi kuwumsebenzi onzima. Phela, kuningi okuhilelekile kunokufunda amagama amasha nje. Ukusebenzisa ulimi ngobungcweti kudinga futhi ukulwazi kahle uhlelo lwalolo limi. Kumelwe uqonde indlela amagama ahlobana ngayo nendlela ahlangana ngayo ukuze akhe imiqondo ephelele.
2 Kuyafana nangokungenisa kwethu ulwazi lweZwi likaNkulunkulu. Kuhileleke okwengeziwe kunokufunda nje izindinyana zemiBhalo ezikhethiwe. Ngomqondo ongokomfanekiso, kumelwe futhi sifunde uhlelo lolimi lweBhayibheli. Kudingeka siqonde indlela imibhalo ehlobana ngayo nendlela esebenza ngayo njengezimiso ezingase zisetshenziswe ekuphileni kwansuku zonke. Ngaleyondlela ‘singafaneleka ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:17.
3. Ngokuphathelene nenkonzo eya kuNkulunkulu, iluphi ushintsho olwenzeka ngo-33 C.E.?
3 Ngaphansi kwelungiselelo lesimiso soMthetho kaMose, ukukholeka kwakungase kubonakaliswe ngezinga elikhulu ngokunamathela ngokuqinile emithethweni eyayishiwo ngokucacile. Nokho, ngo-33 C.E., uJehova wawusula uMthetho, eqinisweni ‘ewubethela esigxotsheni sokuhlushwa’ iNdodana yakhe eyabulawelwa kuso. (Kolose 2:13, 14) Ngemva kwalokho, abantu bakaNkulunkulu ababange besanikezwa uhlu olude lwemihlatshelo okwakumelwe bayinikele nemithetho okwakumelwe bayilandele. Kunalokho, batshelwa: “Nethule imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, uyinkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.” (Roma 12:1) Yebo, amaKristu kwakumelwe azinikele ngenhliziyo, ngomphefumulo, ngengqondo, nangezikhwepha zawo zonke enkonzweni kaNkulunkulu. (Marku 12:30; qhathanisa neHubo 110:3.) Kodwa kusho ukuthini ukunikela “inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga”?
4, 5. Yini ehilelekile ekukhonzeni uJehova ngamandla ethu okucabanga?
4 Inkulumo ethi ‘amandla okucabanga’ ihunyushwe egameni lesiGreki elithi lo·gi·kosʹ, elisho “ukuba nengqondo” noma “ukukhalipha.” Izinceku zikaNkulunkulu zinxuswa ukuba zisebenzise unembeza wazo oqeqeshwe iBhayibheli. Kunokuba asekele izinqumo zawo emithethweni eminingi ayibekelwe kusengaphambili, amaKristu kumelwe acabangele izimiso zeBhayibheli ngokucophelela. Kudingeka aqonde “uhlelo lolimi” lweBhayibheli, noma indlela izimiso zalo ezihlukahlukene ezihlobana ngayo. Ngaleyondlela, angenza izinqumo ezilinganiselayo ngamandla awo okucabanga.
5 Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu awanamithetho? Ngokuqinisekile akunjalo. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikwenqabela ngokucacile ukukhonza izithombe, ukuziphatha okubi kobulili, ukubulala, ukuqamba amanga, ukusebenzisa imimoya, ukusetshenziswa kabi kwegazi, nezinye izono ezihlukahlukene. (IzEnzo 15:28, 29; 1 Korinte 6:9, 10; IsAmbulo 21:8) Nokho, ngokwezinga elikhulu kakhulu kunalokho okwakulindeleke kuma-Israyeli, kumelwe sisebenzise amandla ethu okucabanga ukuze sifunde futhi sisebenzise izimiso zeBhayibheli. Ngendlela ecishe ifane nokuqonda ulimi olusha, lokhu kudinga isikhathi nomzamo. Amandla ethu okucabanga angahlakulelwa kanjani?
Ukuhlakulela Amandla Akho Okucabanga
6. Kuhilelani ukutadisha iBha-yibheli?
6 Okokuqala, kumelwe sibe abafundi beBhayibheli abashisekayo. IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ‘linenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’ (2 Thimothewu 3:16) Akufanele ngaso sonke isikhathi silindele ukuba impendulo yenkinga ethile itholakale evesini elilodwa leBhayibheli. Kunalokho, kungase kudingeke ukuba sicabange ngemibhalo eminingana enikeza ukukhanya ngesimo noma inkinga ethile. Kuyodingeka ukuba senze ukuhlola kokuzikhandla ukuze sithole ukucabanga kukaNkulunkulu ngokuphathelene naleyo ndaba. (IzAga 2:3-5) Futhi sidinga ukuqonda, ngoba ‘oqondileyo uthola izeluleko ezinhle.’ (IzAga 1:5) Umuntu onokuqonda angahlukanisa izici ngazinye zendaba ethile bese eqonda indlela ezihlobana ngayo.
7. Abazali bangakubonisa kanjani ukucabanga ngezimiso zeBhayibheli ngokuphathelene nokuyala?
7 Ngokwesibonelo, cabangela indaba yokuba umzali. IzAga 13:24 (NW) zithi ubaba othanda indodana yakhe ‘ufuna ukuyinika isiyalo.’ Uma kucatshangelwa wona kuphela, lombhalo ungasetshenziswa kabi ukuze uvumele isijeziso esinokhahlo, esingacabangeli. Nokho, eyabaseKolose 3:21 inikeza isiyalo esilinganiselayo: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.” Abazali abasebenzisa amandla abo okucabanga futhi bavumelanise lezi zimiso abanakuphendukela esiyalweni esingase sibizwe ngokuthi ‘siyaxhaphaza.’ Bayophatha izingane zabo ngemfudumalo, ukuqonda, nangesizotha. (Efesu 6:4) Ngakho, ekukhuliseni izingane noma kunoma iyiphi enye indaba ehilela izimiso zeBhayibheli, singathuthukisa amandla ethu okucabanga ngokucabangela zonke izici ezihlobene. Ngalendlela, singaluqonda “uhlelo lolimi” lwezimiso zeBhayibheli, lokho uNkulunkulu ayekuhlosile nendlela yokukufeza.
8. Singakugwema kanjani ukwamukela imibono elukhuni, ephoqelelayo lapho kuziwa kwezokuzijabulisa?
8 Indlela yesibili esingahlakulela ngayo amandla ethu okucabanga ukugwema ukwamukela imibono elukhuni, ephoqelelayo. Umbono ongavumelani neze nezimo uvimbela ukukhula kwamandla ethu okucabanga. Cabangela indaba yokuzijabulisa. IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ingabe lokhu kusho ukuthi zonke izincwadi, amabhayisikobho, noma izinhlelo zethelevishini ezikhiqizwa izwe zonakele futhi zinobusathane? Umbono onjalo awunakuba neze onengqondo. Yiqiniso, abanye bangase bakhethe ukungayibukeli kwanhlobo ithelevishini, amabhayisikobho, noma ukufunda izincwadi zezwe. Lokho kuyilungelo labo, futhi akufanele bagxekwe ngakho. Kodwa nabo akufanele bazame ukucindezela abanye ukuba bathathe ukuma okuqinile okufanayo. INhlangano iye yanyathelisa izihloko eziveza izimiso zeBhayibheli okufanele zisenze sikwazi ukwenza ukukhetha okuhlakaniphile ngokuphathelene nokuziphumuza nokuzijabulisa kwethu. Ukweqela ngalé kwalezi ziqondiso nokuzibeka engozini yokucabanga kokuziphatha okubi, ubudlova obesabekayo, noma ukusebenzisa imimoya okutholakala kokuningi kokuzijabulisa kwalelizwe kuwubuwula isibili. Ngempela, ukukhetha uhlobo lokuzijabulisa ngokuhlakanipha kudinga ukuba sisebenzise amandla ethu okucabanga ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli ukuze sibe nonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nomuntu.—1 Korinte 10:31-33.
9. Kushiwoni ‘ngokuqonda okugcwele’?
9 Okuningi kokuzijabulisa kwanamuhla ngokusobala akuwafanele amaKristu.a Ngakho-ke, kumelwe siqeqeshe izinhliziyo zethu ukuba ‘zizonde okubi’ ukuze singafani nabathile ekhulwini lokuqala ‘ababengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (IHubo 97:10; Efesu 4:17-19) Ukuze sicabangisise ngezindaba ezinjalo, sidinga “ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele.” (Filipi 1:9) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukuqonda’ libonisa “ukuqonda kokuziphatha okuzwelayo.” Leli gama libhekisela emizweni yomuntu engokoqobo, njengokubona. Lapho kuziwa kwezokuzijabulisa noma nanoma iyiphi enye indaba edinga isinqumo somuntu siqu, umuzwa wethu wokuziphatha kufanele ugxiliswe ukuze singaqondi nje kuphela izindaba ezichazwe ngokucacile ezihilela lokho okungalungile nalokho okulungile kodwa nalezo ezidinga ukulinganisela. Ngesikhathi esifanayo, kufanele sigweme ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngendlela edlulele ngokungenangqondo nokuphikelela ngokuthi bonke abafowethu benze ngendlela efanayo.—Filipi 4:5.
10. Singabuqonda kanjani ubuntu bukaJehova njengoba buboniswa kuyiHubo 15?
10 Indlela yesithathu yokuhlakulela amandla ethu okucabanga iwukuqaphela ukucabanga kukaJehova futhi sikugxilise ngokujulile ezinhliziyweni zethu. EZwini lakhe, uJehova uveza ubuntu bakhe nezindinganiso zakhe. Ngokwesibonelo, kuyiHubo 15 sifunda ngohlobo lomuntu uJehova alumema ukuba lube isimenywa etendeni lakhe. Umuntu onjalo wenza ukulunga, ukhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe, ukholekile ezithembisweni zakhe, futhi akabaxhaphazi abanye. Lapho ufunda leli hubo, zibuze, ‘Ingabe lezi zimfanelo zichaza mina? Ingabe uJehova angangimema ukuba ngibe isimenywa etendeni lakhe?’ Amandla ethu okucabanga ayaqiniswa lapho senza ngokuvumelana nezindlela nokucabanga kukaJehova.—IzAga 3:5, 6; Heberu 5:14.
11. AbaFarisi ‘babuthalalisa kanjani ubulungisa nothando lukaNkulunkulu’?
11 Yilesi sici kanye abaFarisi ababehluleka ka-khulu kuso. AbaFarisi babeyazi imidanti yoMthetho kodwa bengakwazi ukuqonda “uhlelo lolimi” lwawo. Babengase basho ngekhanda imininingwane eminingi kakhulu yoMthetho, kodwa bahluleka ukuqonda uBuntu balowo owayewunikezile. UJesu wabatshela: “Ninikela okukodwa eshumini kweminti neruwe nokwayo yonke enye imfino kodwa nithalalisa ubulungisa nothando lukaNkulunkulu!” (Luka 11:42) Ngezingqondo zabo ezilukhuni nezinhliziyo eziqinile, abaFarisi bahluleka ukusebenzisa amandla abo okucabanga. Ukucabanga kwabo okuziphikisayo kwaba sobala lapho begxeka abafundi bakaJesu ngokukha izikhwebu futhi badle okusanhlamvu ngeSabatha; kodwa, kamuva ngalo lolo suku, abazange bahlushwe ngisho nawunembeza lapho bebopha uzungu lokubulala uJesu!—Mathewu 12:1, 2, 14.
12. Singazivumelanisa kanjani ngokwengeziwe noJehova njengoMuntu?
12 Sifuna ukuhluka kubaFarisi. Ulwazi lwethu lweZwi likaNkulunkulu kumelwe lusisize ukuba sizivumelanise ngokwengeziwe noJehova njengoMuntu. Singakwenza kanjani lokhu? Ngemva kokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli noma yencwadi esekelwe eBhayibhelini, abanye baye basizwa imibuzo yokuzindla enjengalena, ‘Lokhu kwaziswa kungifundisani ngoJehova nangezimfanelo zakhe? Ngingazibonakalisa kanjani izimfanelo zikaJehova ekusebenzelaneni kwami nabanye?’ Ukuzindla ngemibuzo enjalo kuthuthukisa amandla ethu okucabanga futhi kusenze sibe “ngabalingisi bakaNkulunkulu.”—Efesu 5:1.
Izigqila ZikaNkulunkulu NoKristu, Hhayi Abantu
13. AbaFarisi bazenza kanjani abalawuli abangomashiqela bokuziphatha?
13 Abadala kufanele bavumele labo abangaphansi kokunakekela kwabo ukuba basebenzise amandla abo okucabanga. Amalungu ebandla awazona izigqila zabantu. UPawulu wabhala: “Ukuba bengisajabulisa abantu, ngabe angisona isigqila sikaKristu.” (Galathiya 1:10; Kolose 3:23, 24) Ngokuphambene, abaFarisi babefuna ukuba abantu bakholelwe ukuthi kwakubaluleke kakhulu ukuzuza ukuvunyelwa abantu kunokuvunyelwa uNkulunkulu. (Mathewu 23:2-7; Johane 12:42, 43) AbaFarisi bazimisa baba abalawuli abangomashiqela bokuziphatha ababezakhele imithetho yabo siqu base behlulela abanye ngendlela ababebabona befaneleka ngayo. Labo ababelandela abaFarisi benziwa buthaka ekusebenziseni unembeza wabo oqeqeshwe iBhayibheli, eqinisweni beba izigqila zabantu.
14, 15. (a) Abadala bangazibonakalisa kanjani beyizisebenzi ezikanye nomhlambi? (b) Abadala kufanele bazisingathe kanjani izindaba zikanembeza?
14 Abadala abangamaKristu namuhla bayazi ukuthi ngokuyinhloko umhlambi awunakulandisa kubo. UmKristu ngamunye kumelwe azithwalele owakhe umthwalo. (Roma 14:4; 2 Korinte 1:24; Galathiya 6:5) Lokhu kufanelekile. Ngempela, uma amalungu omhlambi ebengaba izigqila zabantu, elalela ngoba nje egadiwe, abeyokwenzani lapho lawomadoda engekho? UPawulu wayenesizathu sokujabula ngabaseFilipi: “Ngendlela ebenilalela ngayo ngaso sonke isikhathi, kungekhona phakathi nokuba khona kwami kuphela, kodwa manje ngokuzithandela nakakhulu phakathi nokungabikho kwami, qhubekani nikhandlekela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.” Ngempela babeyizigqila zikaKristu, hhayi ezikaPawulu.—Filipi 2:12.
15 Ngakho-ke, ezindabeni zikanembeza, abadala ababenzeli izinqumo labo abangaphansi kokunakekela kwabo. Bachaza izimiso zeBhayibheli ezihilelekile ngokuphathelene nendaba bese bevumela abantu ngabanye abahilelekile ukuba basebenzise amandla abo okucabanga ukwenza isinqumo. Lona umthwalo wemfanelo ongathi sína, kodwa kuwumthwalo okumelwe umuntu ngokwakhe azithwalele wona.
16. Isiphi isimiso sokusingatha izinkinga esasikhona kwa-Israyeli?
16 Cabanga ngesikhathi lapho uJehova esebenzisa abahluleli ukuba baqondise u-Israyeli. IBhayibheli liyasitshela: “Ngalezozinsuku kwakungekho-nkosi kwaIsrayeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.” (AbAhluleli 21:25) Kodwa uJehova walungiselela abantu bakhe izindlela zokuthola isiqondiso. Umuzi ngamunye wawunamadoda amadala ayenganikeza usizo lokuvuthwa ngokuphathelene nemibuzo nezinkinga ezithile. Ngaphezu kwalokho, abapristi abangamaLevi babesebenza njengamandla okuhle ngokufundisa abantu imithetho kaNkulunkulu. Lapho kuphakama izinkinga ezinzima ngokukhethekile, umpristi omkhulu wayengase athintane noNkulunkulu esebenzisa i-Urimi neThumimi. I-Insight on the Scriptures iyaphawula: “Umuntu owayezenza atholakalele lamalungiselelo, owayezuza ulwazi lomthetho kaNkulunkulu futhi elusebenzisa, wayenesiqondiso esinengqondo sikanembeza wakhe. Ukwenza kwakhe ‘okulungile emehlweni akhe’ endabeni enjalo kwakungenakuphumela kokubi. UJehova wavumela abantu ukuba babonise isimo sengqondo nenkambo kokuzimisela noma kokungazimiseli.”—Umqulu 2, amakhasi 162-3.b
17. Abadala bangabonisa kanjani ukuthi beluleka ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu kunezabo siqu?
17 Njengabahluleli nabapristi bama-Israyeli, abadala bebandla banikeza usizo lokuvuthwa ngokuphathelene nezinkinga futhi banikeze iseluleko esiwusizo. Ngezinye izikhathi, baze ngisho ‘basole, bakhuze, bakhuthaze, ngakho konke ukubhekakade nobuciko bokufundisa.’ (2 Thimothewu 4:2) Benza kanjalo ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu, hhayi ezabo. Yeka ukuthi lokhu kuphumelela kanjani lapho abadala bebeka isibonelo futhi bezama ukufinyelela izinhliziyo!
18. Kungani kuphumelela ngokukhethekile ngabadala ukuba bafinyelele izinhliziyo?
18 Inhliziyo ‘iyinjini’ yomsebenzi wethu wobuKristu. Ngakho-ke iBhayibheli lithi: “Yilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Abadala abashukumisa izinhliziyo bayothola ukuthi labo abasebandleni bashukumiseleka ukuba benze konke abangakwenza enkonzweni kaNkulunkulu. Bayozithathela isinyathelo kuqala, bangadingi ngaso sonke isikhathi ukulokhu beshukunyiswa abanye. UJehova akakufuni ukulalela okuphoqelelwe. Ufuna ukulalela okuvela enhliziyweni egcwele uthando. Abadala bangakhuthaza inkonzo enjalo eshukunyiswa inhliziyo ngokusiza labo abasemhlanjini ukuba bathuthukise amandla abo okucabanga.
Ukuhlakulela “Umqondo KaKristu”
19, 20. Kungani kubalulekile ngathi ukuhlakulela umqondo kaKristu?
19 Njengoba kuphawuliwe, akwanele ukumane nje wazi imithetho kaNkulunkulu. Umhubi wancenga: “Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.” (IHubo 119:34) EZwini lakhe uJehova uye wembula “umqondo kaKristu.” (1 Korinte 2:16) Njengomuntu owakhonza uJehova ngamandla akhe okucabanga, uJesu wasishiyela isibonelo esiphelele. Wayeyiqonda imithetho nezimiso zikaNkulunkulu, futhi wakusebenzisa ngokungenaphutha. Ngokutadisha isibonelo sakhe, ‘siyokwazi ngokuphelele ukuqonda ububanzi nobude nokuphakama nokujula, futhi sazi uthando lukaKristu oludlula ulwazi.’ (Efesu 3:17-19) Yebo, esikufunda eBhayibhelini ngokuphathelene noJesu kudlulela ngalé kolwazi lwemfundo lwasekhanda; kusinikeza umbono ocacile walokho uJehova ngokwakhe ayikho.—Johane 14:9, 10.
20 Ngakho, njengoba sitadisha iZwi likaNkulunkulu, singakuqonda ukucabanga kukaJehova ngokuphathelene nezindaba ezithile futhi sifinyelele izinqumo ezilinganiselayo. Lokhu kuyodinga umzamo. Kumelwe sibe abafundi abashisekayo beZwi likaNkulunkulu, sisheshe ukuqaphela ubuntu nezindinganiso zikaJehova. Kunjengokungathi sifunda uhlelo olusha lolimi. Nokho, labo abenza kanjalo bayobe balandela isiyalo sikaPawulu ‘sokwethula imizimba yabo ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, uyinkonzo engcwele ngamandla abo okucabanga.’—Roma 12:1.
[Imibhalo yaphansi]
a Lokhu akuhlanganisi ukuzijabulisa okunobudemoni, izithombe zobulili ezingcolile, noma okunonya, kanye nalokho okubizwa ngokuthi ukuzijabulisa komkhaya okukhuthaza imibono yokuziphatha okuxekethile noma eyekelelayo amaKristu angenakuyivumela.
b Ikhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ufundeni?
◻ Iluphi ushintsho ngokuphathelene nenkonzo eya kuNkulunkulu olwenzeka ngo-33 C.E.?
◻ Singawahlakulela kanjani amandla ethu okucabanga?
◻ Abadala bangabasiza kanjani labo abasemhlanjini ukuba babe izigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu?
◻ Kungani kufanele sihlakulele “umqondo kaKristu”?
[Isithombe ekhasini 23]
Abadala basiza abanye ukuba basebenzise amandla abo okucabanga