Ukuveza “Zonke Izinhlobo Zobuhle”
“Izithelo zokukhanya [ziyizo zonke izinhlobo zobuhle, “NW”].”—EFESU 5:9.
1, 2. Yimaphi amaqembu amabili abelokhu ekhona kusukela ezikhathini zasendulo, futhi izimo zawo zihlukene kanjani namuhla?
NGEMVA kokuhlubuka e-Edene, eminyakeni engaba izinkulungwane eziyisithupha edlule, futhi nangemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa, isintu sahlukana saba amaqembu amabili, noma izinhlangano, enye yakhiwa yilabo ababezama ukukhonza uJehova, enye kungeyalabo ababelandela uSathane. Ingabe lezinhlangano zisekhona? Ngokuqinisekile zisekhona! Umprofethi uIsaya wakhuluma ngalamaqembu amabili futhi wabikezela ngesimo sawo esikhathini sethu: “Bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.”—Isaya 60:1, 2.
2 Yebo, umehluko phakathi kwalezinhlangano ezimbili mkhulu njengalowo ophakathi kobumnyama nokukhanya. Futhi njengoba nje umsebe wokukhanya ungadonsa umuntu olahlekile ebumnyameni, ngakho ukukhanya okuvela kuJehova okukhanya kulelizwe elimnyama kuye kwadonsela izigidi zabanezinhliziyo ezilungile enhlanganweni kaNkulunkulu. Njengoba uIsaya aqhubeka wathi: “Izizwe [ezinye izimvu] ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi [izindlalifa zoMbuso ezigcotshiwe] ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.”—Isaya 60:3.
3. AmaKristu ayibonisa ngaziphi izindlela inkazimulo kaJehova?
3 Abantu bakaJehova bayibonakalisa kanjani inkazimulo kaJehova? Phakathi kokunye, bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe, wasezulwini. (Marku 13:10) Kodwa ngaphezu kwalokho, balingisa uJehova, isibonelo esiyinhloko sobuhle, futhi kanjalo ngokuziphatha kwabo badonsela abathobekile ekukhanyeni. (Efesu 5:1) UPawulu wathi: “Kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.” Waqhubeka: “Izithelo zokukhanya [ziyizo zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso, NW] nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo.” (Efesu 5:8-11) Wayesho ukuthini uPawulu ngokuthi “zonke izinhlobo zobuhle”?
4. Buyini ubuhle, futhi bubonakala kanjani kumKristu?
4 Njengoba isihloko sethu esidlule sibonisile, ubuhle buyimfanelo noma ubuhle bokuziphatha. UJesu wathi uJehova kuphela omuhle ngomqondo ophelele. (Marku 10:18) Nokho, umKristu angamlingisa uJehova ngokuhlakulela ubuhle njengoba buyisithelo somoya. (Galathiya 5:22) Lapho ikhuluma ngelithi a·ga·thosʹ, okuyigama lesiGreki elisho “okuhle,” iVine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ithi, “[Lichaza] lokho, okuthi kukuhle ngesimo sakho noma ubunjalo, kuzuzise emiphumeleni yakho.” Ngakho-ke umKristu ohlakulela ubuhle kokubili uyoba ngomuhle futhi enze okuhle. (Qhathanisa noDuteronomi 12:28.) Uyogwema futhi izinto ezimelene nobuhle, “imisebenzi yobumnyama engenazithelo.” Izindlela ezihlukahlukene umKristu angabonakalisa ngazo ubuhle ekuziphatheni kwakhe ‘ziyizinhlobo zobuhle’ uPawulu akhuluma ngazo. Ziyini ezinye zalezi?
“Yenza Okuhle”
5. Yiluphi olunye uhlobo lobuhle, futhi kungani umKristu kufanele aluhlakulele?
5 UPawulu wabhekisela kolulodwa lwalezinhlobo encwadini yakhe eya kwabaseRoma. Ekhuluma ngokuzithoba ‘emagunyeni aphakeme,’ wathi: “Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo.” “Okuhle” abhekisela kukho kuwukulalela imithetho namalungiselelo amagunya asemhlabeni. Kungani umKristu kufanele azithobe kulamagunya? Ukuze agweme ukungezwani okungadingekile namagunya, ngaleyondlela ezifaka engozini yokujeziswa futhi—okubaluleke ngokwengeziwe—ukuze alondoloze unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu. (Roma 13:1-7) Nakuba elondoloza ukulalela kwakhe uJehova okuyinhloko, umKristu ‘wazisa inkosi,’ engahlubuki emagunyeni uJehova uNkulunkulu awavumele ukuba abe khona. (1 Petru 2:13-17) Ngalendlela, amaKristu angomakhelwane abahle, izakhamuzi ezinhle, nezibonelo ezinhle.
Ukucabangela Abanye
6. (a) Yisiphi esinye isici sobuhle? (b) Obani okukhulunywa ngabo eBhayibhelini njengabafanelwe ukucabangela kwethu?
6 Ubuhle bukaJehova bubonakala ekulungiseleleni kwakhe zonke izakhamuzi zomhlaba “imvula yasezulwini nezikhathi zenala.” Lokhu kuphumela ‘ekugcwaleni kokuhle nokujabula’ futhi kumbonakalisa enguNkulunkulu ocabangelayo ngempela. (IzEnzo 14:17) Singamlingisa kuleliphuzu ngokubonisa ukucabangela abanye ngezindlela ezincane nezinkulu. Singakubonisa kobani, ngokuqondile? UPawulu ubhekisela kubadala ngokukhethekile, “abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo.” Unxusa amaKristu ukuba laba ‘abazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo.’ (1 Thesalonika 5:12, 13) Singakwenza kanjani lokhu? Ngokubambisana nabo ngokugcwele—ngokwesibonelo, ngokuhlanganyela emsebenzini odingekile eHholo LoMbuso. Nakuba ngaso sonke isikhathi sizizwa sikhululekile ukuya kwabadala ukuze sithole usizo lapho ludingeka, akufanele sibe abafuna ngokungenangqondo. Kunalokho, nganoma iyiphi indlela esingenza ngayo, sizama ukwenza umthwalo walabelusi abasebenza kanzima ube lula, abaningi babo abanemithwalo yemfanelo yemikhaya ngaphezu kwemisebenzi yabo yebandla.
7. Singakubonisa ngaziphi izindlela ukucabangela asebekhulile?
7 Asebekhulile ngokomzimba nabo bafanelwe ukucabangela kwethu. Umyalo okhethekile woMthetho kaMose wawuthi: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.” (Levitikusi 19:32) Lokhu kucabangela kungaboniswa kanjani? Abasebasha bangase bafise ukubasiza ngokuyobathengela noma ngeminye imisebenzi. Abadala bangahlola ngokucabangela ukuze babone ukuthi bakhona yini asebekhulile abadinga usizo ukuze baye emihlanganweni. Emihlanganweni, abantu abasebasha, abasenamandla bayogwema ukusunduza asebekhulile abahamba kancane ngomzamo wokungabekezeli wokufuna ukudlula, futhi bayobekezela lapho osekhulile enza kancane ekutholeni indawo yokuhlala noma ekutholeni ukudla.
8. Singase sikubonise kanjani ukucabangela kwelinye iqembu elikufanelekele elibalulwe eBhayibhelini?
8 Umhubi ukhuluma ngelinye iqembu elidinga ukucatshangelwa: “Ubusisiwe onakekela abahluphekayo.” (IHubo 41:1) Kungase kube lula ukucabangela abavelele noma abacebile, kodwa kuthiwani ngalabo abahluphekayo noma abampofu? Umlobi weBhayibheli uJakobe wabonisa ukuthi ukubonisa ukucabangela okufanayo nakulaba kuwuvivinyo lokulunga kwethu nothando lobuKristu. Kwangathi singaphumelela kuloluvivinyo ngokuba abacabangelayo kubo bonke kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo ziyini.—Filipi 2:3, 4; Jakobe 2:2-4, 8, 9.
“Qhubekani Niba Nesihe”
9, 10. Kungani kufanele amaKristu abe nesihe, futhi loluhlobo lobuhle lungaboniswa kanjani?
9 Olunye uhlobo lobuhle lubonakala kweminye yemifanekiso kaJesu. Komunye walena, uJesu wakhuluma ngomSamariya owathola indoda eyayiphangiwe, yashaywa kabi, futhi yashiywa emgwaqweni sekusele ukuba ife. UmLevi nompristi babedlule kuleyondoda eyayilimele, benqaba ukuyisiza. Kodwa umSamariya wama futhi wayinikeza usizo, enza okwengeziwe kunalokho okwakungase kulindeleke ngokunengqondo. Lendaba ngokuvamile ibizwa ngokuthi umfanekiso womSamariya Omuhle. Hlobo luni lobuhle olwaboniswa yilomSamariya? Isihe. Lapho uJesu ecela isilaleli sakhe ukuba sisho ukuthi ubani owazibonakalisa engumakhelwane wendoda eyayilimele, impendulo efanelekile yanikezwa: “Yilowo owamenzela [‘isihe,’ NW].”—Luka 10:37.
10 AmaKristu anesihe alingisa uJehova, uMose athi ngaye kumaIsrayeli: “UJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu [onesihe, NW]; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.” (Duteronomi 4:31) UJesu wabonisa indlela isihe sikaNkulunkulu okufanele sisithinte ngayo: “Qhubekani niba nesihe, njengoba noYihlo enesihe.” (Luka 6:36, NW) Singasibonisa kanjani isihe? Njengoba umfanekiso kaJesu wabonisa, enye indlela iwukulungela ukusiza umakhelwane wethu, ngisho noma kuhilela ukuzifaka engozini noma ukungaphatheki kahle. Umuntu omuhle ngeke angakunaki ukuhlupheka komfowabo uma esesimweni sokwenza okuthile ngakho.—Jakobe 2:15, 16.
11, 12. Ngokomfanekiso kaJesu wezinceku, isihe sihlanganisani, futhi lokhu singakubonisa kanjani namuhla?
11 Omunye wemifanekiso kaJesu wabonisa ukuthi ubuhle besihe buhlanganisa ukulungela ukuthethelela abanye. Walandisa ngenceku eyayikweleta inkosi yayo amathalenta ayizinkulungwane eziyishumi. Njengoba yayingakwazi ukukhokha, lenceku yanxusa ukuba yenzelwe isihe, futhi inkosi yayo ngomusa yasithethelela lesosikweletu esikhulu sodenariyu abangu-60 000 000. Kodwa lenceku yahamba futhi yathola enye inceku eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu kuphela. Lenceku ethethelelwe ngonya yaphonsa eyikweletayo etilongweni ize ikwazi ukukhokha. Ngokusobala, inceku engenasihe yayingeyona indoda enhle, futhi lapho inkosi izwa lokho okwakwenzekile, yayibiza ukuba izolandisa.—Mathewu 18:23-35.
12 Sisesimweni esifanayo naleso senceku eyathethelelwa. Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, uJehova uye wathethelela isikweletu esikhulu sesono esisikweletayo. Khona-ke, ngokuqinisekile kumelwe sikulungele ukuthethelela abanye. UJesu wathi kufanele sikulungele ukuthethelela “kuze kube-kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa,” ngokungenamkhawulo. (Mathewu 5:7, qhathanisa neNW; 6:12, 14, 15; 18:21, 22) Ngaleyondlela, umKristu onesihe ngeke abe namagqubu. Ngeke afukamele inzondo noma enqabe ukukhulumisa umKristu akanye naye ngenxa yemizwa engemihle. Ukuntula isihe okunjalo akulona uphawu lobuhle bobuKristu.
Phana Futhi Ungenise Izihambi
13. Yini enye ubuhle obuyihlanganisayo?
13 Ubuhle buyabonakala futhi ngokuphana nokungenisa izihambi. Ngesinye isikhathi insizwa ethile yeza kuJesu izocela iseluleko. Yathi: “Mfundisi, ngiyakwenza-ntoni enhle ukuba ngibe-nokuphila okuphakade na?” UJesu wayitshela ukuthi kwakufanele igcine imiyalo kaNkulunkulu ngokuqhubekayo. Yebo, ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kuyisici sobuhle. Lensizwa yacabanga ukuthi kakade yayikwenza lokhu ngangokusemandleni ayo. Ngokusobala, komakhelwane bayo kakade yayibonakala ingumuntu omuhle, nokho yayinomuzwa wokuthi yayintula okuthile. Ngakho uJesu wathi: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini; uze ungilandele.” (Mathewu 19:16-22) Lensizwa yahamba idumele. Yayinothe kakhulu. Ukuba yayilandele iseluleko sikaJesu, yayiyobonisa ukuthi yayingazithandi izinto ezibonakalayo. Futhi yayizobe yenze isenzo esihle sokuphana ngokungagodli kwangempela.
14. Yisiphi iseluleko esihle kokubili uJehova noJesu abasinikezayo ngokuphathelene nokuphana?
14 UJehova wanxusa amaIsrayeli ukuba aphane. Ngokwesibonelo, siyafunda: “Womnika nokumnika [umakhelwane wakho ompofu], inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.” (Duteronomi 15:10; IzAga 11:25) UJesu Kristu ngokwakhe wakukhuthaza ukuphana: “Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo.” (Luka 6:38) Ngaphezu kwalokho, uJesu ngokwakhe wayephana kakhulu. Ngesinye isikhathi, wayebeke eceleni isikhathi sokuba aphumule kancane. Izixuku zathola lapho ayekhona futhi zeza kuye. UJesu ngokuphana wakhohlwa ngokuphumula futhi wazinikela ngenxa yesixuku. Kamuva, wabonisa ukungenisa izihambi okuvelele ngokulungiselela lesosixuku esikhulu ukudla.—Marku 6:30-44.
15. Abafundi bakaJesu basibeka kanjani isibonelo esihle ekuboniseni ukuphana?
15 Bethembekile eselulekweni sikaJehova nesikaJesu, abaningi babafundi bakaJesu babephana futhi bengenisa izihambi ngokuphawulekayo. Ezinsukwini zokuqala zebandla lobuKristu, inani elikhulu lalabo ababezogubha iPentekoste ngo-33 C.E. bezwa ukushumayela kwabaphostoli futhi baba amakholwa. Beqhubeka behleli ngemva kwalowomcimbi ukuze bafunde okwengeziwe, bancishelwa izinto ezidingekile. Ngakho-ke, amakholwa akuleyondawo athengisa ngempahla yawo futhi anikela ngemali ukuze kondliwe abazalwane bawo abasha ukuze laba bagxile kangcono okholweni. Yeka ukuphana!—IzEnzo 4:32-35; bheka futhi nezEnzo 16:15; Roma 15:26.
16. Yisho ezinye zezindlela thina namuhla esingangenisa ngazo izihambi futhi siphane.
16 Namuhla, ukuphana okufanayo okunjengokukaKristu kuyabonakala lapho amaKristu enikela ngesikhathi nemali emabandleni akuwo nasemsebenzini wokushumayela womhlaba wonke. Kuyabonakala lapho besiza abazalwane ababhekene nezinhlekelele ezingokwemvelo noma impi. Kuyabonakala lapho umbonisi ojikelezayo enakelelwa phakathi nokuhambela kwakhe kwasikhathi sonke. Noma lapho ‘abafana abangenayise’ (namantombazane angenayise) bemenywa ngokuphana ukuba bazohlanganyela ekuzijabuliseni nasezifundweni zeBhayibheli zomkhaya neminye imikhaya yamaKristu, nalokhu futhi kuwukungenisa izihambi, ukubonakaliswa kobuhle bobuKristu.—IHubo 68:5, qhathanisa neNW.
Ukukhuluma Iqiniso
17. Kungani ukuba neqiniso kuyinselele namuhla?
17 Lapho uPawulu echaza izithelo zokukhanya, wahlanganisa ubuhle nokulunga neqiniso, futhi kungaba okulungile ukusho ukuthi ukuba neqiniso kungolunye uhlobo lobuhle. Abantu abahle abawakhulumi amanga. Nokho, ukukhuluma iqiniso kuyinselele ekhethekile namuhla lapho ukuqamba amanga kwande kakhulu. Abantu abaningi baqamba amanga lapho begcwalisa amafomu entela. Abaqashwa baqamba amanga ngomsebenzi abawenzayo. Abafundi ngokuqamba amanga bayakhohlisa ezifundweni zabo nasekuhlolweni. Osomabhizinisi baqamba amanga lapho benza izivumelwano zamabhizinisi. Izingane ziqamba amanga ukuze zigweme ukujeziswa. Izinhlebi ezilimazayo ngokuqamba amanga zonakalisa amadumela abanye.
18. UJehova ubabheka kanjani abaqambimanga?
18 Ukuqamba amanga kuyenyanyeka kuJehova. Phakathi ‘kwezinto eziyisikhombisa’ azizondayo kukhona ‘ulimi lwamanga’ “nofakazi wamanga ophafuza inkohliso.” (IzAga 6:16-19) “Bonke abaqamba amanga” babalwa phakathi kwamagwala, ababulali, nezifebe, abangeke babe nayo indawo ezweni elisha likaNkulunkulu. (IsAmbulo 21:8) Ngaphezu kwalokho, isaga sithi: “Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.” (IzAga 14:2) Umqambimanga uphambene ezindleleni zakhe. Ngaleyondlela, umqambimanga unikeza ubufakazi bokwedelela uJehova. Yeka umqondo omubi! Ngaso sonke isikhathi masikhulume iqiniso, ngisho noma kuholela ekuyalweni kwethu noma ekulahlekelweni ngokwezimali. (IzAga 16:6; Efesu 4:25) Labo abakhuluma iqiniso balingisa uJehova, “uNkulunkulu weqiniso.”—IHubo 31:5, NW.
Hlakulela Ubuhle
19. Yini ngesinye isikhathi ebonakalayo ezweni, enikeza udumo kuMdali?
19 Lezi kumane ‘kuyizinhlobo’ ezimbalwa zobuhle umKristu okufanele azihlakulele. Kuyiqiniso ukuthi abantu ezweni bayabubonakalisa ubuhle ngezinga elithile. Ngokwesibonelo, abanye bangenisa izihambi futhi abanye banesihe. Ngempela, lokho okwenza umfanekiso womSamariya Omuhle uphawuleke kakhulu kwakungukuthi uJesu wayekhuluma ngowayengeyena umJuda owabonisa isihe kuyilapho abadala ebandleni lamaJuda babengawubonisi. Ngempela kuwudumo kuMdali womuntu ukuthi izimfanelo ezinjalo zisabonakala ngokwemvelo kubantu abathile ngisho nangemva kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yokungapheleli.
20, 21. (a) Kungani ubuhle bobuKristu buhlukile kunoma yibuphi ubuhle esingase sibubone kubantu bezwe? (b) UmKristu angabuhlakulela kanjani ubuhle, futhi kungani kufanele sikhuthale ekwenzeni kanjalo?
20 Nokho, ngamaKristu ubuhle bungaphezu nje kokuba yimfanelo okungenzeka abe nayo noma angabi nayo. Buyimfanelo okumelwe ayihlakulele ngazo zonke izici zayo, njengoba kumelwe abe abalingisi bakaNkulunkulu. Lokhu kungenzeka kanjani? IBhayibheli lisitshela ukuthi singabufunda ubuhle. “Ngifundise ubuhle,” (NW) kukhuleka umhubi kuNkulunkulu. Kanjani? Waqhubeka: “Ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.” Wanezela: “Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.”—IHubo 119:66, 68.
21 Yebo, uma sifunda imiyalo kaNkulunkulu futhi siyilalela, siyohlakulela ubuhle. Ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi ubuhle buyisithelo somoya. Uma sifuna umoya kaJehova ngomthandazo, ngokuhlanganyela, nokutadisha iBhayibheli, khona-ke ngokuqinisekile siyosizwa ukuba siyihlakulele lemfanelo. Ngaphezu kwalokho, ubuhle bunamandla. Bungabunqoba ngisho nobubi. (Roma 12:21) Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba senze okuhle kubo bonke, ikakhulukazi kubazalwane bethu abangamaKristu. (Galathiya 6:10) Uma senza kanjalo, siyoba phakathi kwalabo abajabulela “inkazimulo nodumo nokuthula” okuthenjiswe “bonke abenza okuhle.”—Roma 2:6-11.
Ingabe Ungaphendula?
◻ Singahlala kanjani senza okuhle ngokuphathelene namagunya aphakeme?
◻ Obani, phakathi kwabanye, abafanelwe ukucabangela kwethu?
◻ Isihe sizibonakalisa ngaziphi izindlela?
◻ Yiziphi izenzo zokuphana nokungenisa izihambi ezibonakalisa amaKristu namuhla?
◻ Ubuhle bungahlakulelwa kanjani?
[Isithombe ekhasini 20]
Ukucabangela abanye kuyisici sobuhle
[Isithombe ekhasini 23]
NjengoMfundisi Omkhulu, uJesu waphana ngoqobo lwakhe ngokungagodli