Umbono WeBhayibheli
Ingabe AmaKristu Kufanele Asekele Isigwebo Sentambo?
“ASILUNGILE ngokwezimiso zokuhle.” “Sihle futhi silungile.” Lemibono ephikisanayo yavela kubefundisi ababili, bobabili abangamaKristu okuzisholo. Babehilizisana ngenye yezimpikiswano ezivuthayo zanamuhla—isigwebo sentambo. Isihloko sephephandaba esasibacaphuna saphawula: “Lapho abaholi benkolo bephikisana ngesigwebo sentambo, zombili izinhlangothi zibhekisela ezindimeni zeBhayibheli ukuze zisekele ukuma kwazo.”
Abanye bagomela ngokuthi isigwebo sentambo sivikela abangenacala, sikhuthaza ubulungisa, futhi sivimbela ubugebengu obungathi sína. Abanye baphikelela ngokuthi asilungile—siyindlela yokusabela ebudloveni ngobudlova obengeziwe futhi siphambene kakhulu nomsebenzi omuhle wokuqondisa izimilo zezigebengu, ukuzisiza zibe amalungu awusizo emphakathini.
Kwezombangazwe e-United States, lenkulumo-mpikiswano ishube kakhulu, futhi abaholi benkolo abazange banqikaze ukuzihilela kuyo. Nokho, ungase uzibuze, ‘Ingabe kukhona iBhayibheli elikushoyo ngendaba yesigwebo sentambo?’ Eqinisweni, kukhona.
Ukunikeza Amagunya Aphakeme “Inkemba”
Ngokushesha ngemva kweSikhukhula sosuku lukaNowa, uJehova uNkulunkulu wagcizelela ukuba yigugu kokuphila komuntu wayesethi: “Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu.” (Genesise 9:6) Yiqiniso, lena kwakungeyona imvume yokuphindisela engenambandela. Kunalokho, kwakusho ukuthi amagunya abantu amiswe ngokufanele kusukela ngaleso sikhathi ayeyovunyelwa ukubulala labo ababulala abanye.
Kwa-Israyeli wasendulo uMthetho uNkulunkulu awudlulisela ngoMose wawukhipha isigwebo sentambo emacaleni athile angathi sína. (Levitikusi 18:29) Nokho, loMthetho futhi wawuqikelela ukuba kungakhethwa ekwahluleleni, kunikezwe ubufakazi bokuzibonela, futhi kuvinjelwe ukonakala. (Levitikusi 19:15; Duteronomi 16:18-20; 19:15) Abahluleli kwakumelwe kube amadoda aqotho futhi ayelandisa kuNkulunkulu ngokwakhe! (Duteronomi 1:16, 17; 2 IziKronike 19:6-10) Ngaleyo ndlela kwakuvinjelwa ukusetshenziswa kabi kwesigwebo sentambo.
Namuhla akekho uhulumeni kulomhlaba obumelela ngempela ubulungisa baphezulu njengo-Israyeli wasendulo. Kodwa ngezindlela eziningi ohulumeni basebenza ‘njengezikhonzi’ zikaNkulunkulu, noma amanxusa, ngokuthi balondoloza isilinganiso esithile sokuhleleka nokuthula futhi banikeza izinkonzo ezidingekayo emphakathini. Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu ukuba awalalele ‘lamagunya aphakeme’ wayesenezela: ‘Uma wenza okubi, yesaba; ngoba [uhulumeni] awuyiphethe ngokungenanjongo inkemba; ngoba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubonisa ulaka kulowo okwenza umkhuba okubi.’—Roma 13:1-4.
“Inkemba” uPawulu ayekhuluma ngayo ifanekisela ilungelo likahulumeni lokujezisa izigebengu—ngisho nangokufa. AmaKristu ayalihlonipha lelo lungelo, kodwa ingabe kufanele afune ukuthonya indlela elisetshenziswa ngayo?
Ukusetshenziswa Kabi ‘Kwenkemba’
Ezikhathini eziningi ohulumeni babantu ngokuqinisekile baye basebenzisa “inkemba” ngenxa yobulungisa. Kodwa kumelwe kuvunywe futhi ukuthi baye baba necala lokuyisebenzisa kabi. (UmShumayeli 8:9) Uhulumeni waseRoma yasendulo wawunecala lokusebenzisa “inkemba” yokukhipha isahlulelo sokubulala izinceku zikaNkulunkulu ezingenacala. UJohane uMbhapathizi, uJakobe, ngisho noJesu Kristu babephakathi kwezisulu zawo.—Mathewu 14:8-11; Marku 15:15; IzEnzo 12:1, 2.
Ezikhathini zanamuhla kuye kwenzeka into efanayo. Izinceku zikaJehova ezingenacala ziye zabulawa emazweni ahlukahlukene—ngokudutshulwa, ngokunqunywa amakhanda, ngokulengiswa, ngesisi esinobuthi—konke kwenziwa “ngokusemthethweni” ohulumeni abazama ukucindezela ubuKristu. Yonke imibuso esebenzisa kabi igunya layo iyolandisa kuNkulunkulu. Yeka icala elibi legazi enalo!—IsAmbulo 6:9, 10.
AmaKristu eqiniso awafuni nakancane ukuba necala legazi phambi kukaJehova uNkulunkulu. Ngakho, nakuba elihlonipha ilungelo likahulumeni lokusebenzisa “inkemba,” ayiqaphela kahle kamhlophe indlela eliye lasetshenziswa kabi ngayo. Iye yasebenza njengethuluzi loshushiso futhi ngezinye izikhathi yasetshenziswa ngobandlululo olunonya kwabanye nangokuyekelela okungafanele kwabanye.a Ngakho amaKristu asabela kanjani enkulumweni-mpikiswano yesigwebo sentambo? Ingabe ayahileleka futhi akhuthaze ushintsho?
Ukungathathi-hlangothi KobuKristu
Ngokungefani nalabo befundisi okukhulunywe ngabo ekuqaleni, amaKristu eqiniso azama ukukhumbula isimiso esibalulekile: UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe ukuba ‘bangabi ingxenye yezwe.’—Johane 15:19; 17:16.
Ingabe umKristu angawulalela lowo myalo kodwa futhi ahlanganyele enkulumweni-mpikiswano yesigwebo sentambo? Ngokusobala cha. Phela, lena impikiswano yezenhlalo nezombangazwe. E-United States, abakhankasela izikhundla zezombangazwe basebenzisa ukuma kwabo ngesigwebo sentambo—ukuthi bayasisekela noma bayasilahla—njengesici esibalulekile emkhankasweni wabo. Baphikisana kakhulu ngalendaba futhi basebenzise imizwelo enamandla evame ukuphakanyiswa yilendaba njengethuluzi lokuthonya abavoti ukuze babavotele.
Mhlawumbe umKristu kufanele acabange ngalombuzo: Ingabe uJesu ubengazihilela empikiswaneni yokuthi iyiphi indlela ohulumeni balelizwe okufanele basebenzise ngayo “inkemba”? Khumbula, lapho abantu bezwe lakubo bezama ukumhilela kwezombangazwe, uJesu “waphinde wasuka waya entabeni eyedwa kuphela.” (Johane 6:15) Khona-ke, kubonakala kunokwenzeka ukuthi lendaba ubengayishiyela kulabo uNkulunkulu ayibeka kubo—ezandleni zohulumeni.
Ngokufanayo namuhla, umuntu angalindela ukuba amaKristu eqiniso aqaphele angagxambukeli ezimpikiswaneni zalendaba. Ayoliqaphela ilungelo lohulumeni lokwenza njengoba bethanda. Kodwa njengezikhonzi ezingamaKristu ezingeyona ingxenye yezwe, ngeke asekele obala isigwebo sentambo noma akhuthaze ukuqedwa kwaso.
Kunalokho, akhumbula amazwi omShumayeli 8:4: “Izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: Wenzani na?” Yebo, ‘amakhosi’ alelizwe, noma ababusi bezombangazwe, aye anikezwa amandla okwenza intando yawo siqu. Akekho umKristu onegunya lokuwakhuza. Kodwa uJehova angawakhuza. Futhi uyowakhuza. IBhayibheli lisenza sibheke phambili osukwini lapho uNkulunkulu eyoletha khona ubulungisa bokugcina kubo bonke ubugebengu nokusetshenziswa kabi ‘kwenkemba’ kulelizwe elidala.—Jeremiya 25:31-33; IsAmbulo 19:11-21.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, isimiso samajele ase-United States siye sagxekwa ngokubulala amaphesenti angaphansi kwamabili ezigebengu ezigwetshwe intambo unyaka ngamunye. Eziningi zazo zibulawa izimbangela ezingokwemvelo kunokubulawa ngentambo. Futhi kuye kwaba namacala obandlululo—njengoba izibalo zibonisa ukuthi umbulali cishe angathola isigwebo sentambo uma isisulu bekungumlungu kunokuba bekungumuntu onsundu.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
The Bettmann Archive