Kungani Inkonzo Yendlu Ngendlu Ibalulekile Manje?
“Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IZE. 5:42.
1, 2. (a) Iyiphi indlela yokushumayela oFakazi BakaJehova abaziwa ngayo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
CISHE kuwo wonke amazwe omhlaba kujwayelekile ukubona abantu ababili abagqoke kahle beya emzini wothile futhi bazame ukuxoxa kafushane naye ngesigijimi seBhayibheli mayelana noMbuso kaNkulunkulu. Uma enesithakazelo kuleso sigijimi, bangase bambonise izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini futhi bacele ukumqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Babe sebedlulela emzini olandelayo. Uma uhlanganyela kulo msebenzi, cishe uye uphawule ukuthi ngokuvamile abantu bavele babone ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova ungakaqali nokukhuluma. Ngempela, saziwa ngenkonzo yethu yendlu ngendlu.
2 Sisebenzisa izindlela ezihlukahlukene ukufeza umyalo uJesu asinika wona wokushumayela nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Sifakaza ezimakethe, emigwaqweni nakwezinye izindawo zomphakathi. (IzE. 17:17) Sixhumana nabaningi ngocingo nangokubabhalela izincwadi. Sixoxa ngamaqiniso eBhayibheli nalabo esihlangana nabo emisebenzini yethu yansuku zonke. Sinanengosi ye-Internet esemthethweni enikeza ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaphezu kuka-300.a Zonke lezi zindlela ziba nemiphumela emihle. Noma kunjalo, ezindaweni eziningi ukushumayela endlini ngendlu kuyindlela eyinhloko esiyisebenzisayo yokusakaza izindaba ezinhle. Isekelwephi le ndlela yokushumayela? Kwénzeka kanjani ukuba abantu bakaNkulunkulu bayisebenzise kangaka ezikhathini zanamuhla? Kungani ibalulekile manje?
Indlela Eyayisetshenziswa Abaphostoli
3. Iziphi iziyalezo eziphathelene nokushumayela uJesu azinika abaphostoli, futhi lokhu kubonisani ngendlela okwakufanele bashumayele ngayo?
3 Indlela yokushumayela endlini ngendlu isekelwe emiBhalweni. Lapho uJesu ethuma abaphostoli ukuba bayoshumayela, wabayala: “Kunoma yimuphi umuzi noma umzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” Babeyobafuna kanjani abafanelekayo? UJesu wabatshela ukuba baye emizini yabantu, ethi: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu; futhi uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo.” Ingabe babeyoya emizini yabantu bengashongo kusengaphambili? Phawula ukuthi uJesu waqhubeka wathini: “Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma engawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.” (Math. 10:11-14) Lezi ziyalezo zenza kube sobala ukuthi lapho abaphostoli ‘bedabula endaweni behamba umzana ngomzana, bememezela izindaba ezinhle,’ yibo okwakufanele bathathe isinyathelo sokuhambela abantu emizini yabo.—Luka 9:6.
4. Ikuphi lapho kukhulunywa khona ngokuqondile ngokushumayela endlini ngendlu eBhayibhelini?
4 IBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi abaphostoli babeshumayela endlini ngendlu. Ngokwesibonelo, izEnzo 5:42 zithi ngabo: “Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” Eminyakeni engaba ngu-20 kamuva, umphostoli uPawulu wakhumbuza abadala bebandla lase-Efesu: ‘Angigodlanga ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu.’ Ingabe uPawulu wabahambela labo badala ngaphambi kokuba babe ngamakholwa? Kubonakala kanjalo, ngoba phakathi kwezinye izinto, wabafundisa “ngokuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.” (IzE. 20:20, 21) Ikhuluma ngezEnzo 20:20, i-Word Pictures in the New Testament kaRobertson ithi: “Kuyinto ephawulekayo ukuthi lo mshumayeli omkhulu kunabo bonke washumayela endlini ngendlu.”
Ibutho Lezinkumbi Losuku Lwanamuhla
5. Umsebenzi wokushumayela ufanekiswe kanjani esiprofethweni sikaJoweli?
5 Ukufakaza okwakwenziwa ekhulwini lokuqala kwakuyisandulela somsebenzi omkhulu owawuzokwenziwa osukwini lwethu. Umprofethi uJoweli wafanisa umsebenzi wokushumayela wamaKristu agcotshiwe nenhlupho yezinambuzane eziqothulayo, ezihlanganisa nezinkumbi. (Joweli 1:4) Zihamba njengebutho, lezi zinkumbi zinqoba izithiyo, zingena ezindlini futhi zishwabadela noma yini esendleleni yazo. (Funda uJoweli 2:2, 7-9.) Yeka indlela lokhu okukubonisa kahle ngayo ukuphikelela nokwenzisisa kwabantu bakaNkulunkulu lapho befeza umsebenzi wokufakaza ezikhathini zanamuhla! Inkonzo yendlu ngendlu iyindlela evelele kunazo zonke esetshenziswa amaKristu agcotshiwe nabangane bawo ‘bezinye izimvu’ ekugcwaliseni lo mfanekiso ongokwesiprofetho. (Joh. 10:16) Kwénzeka kanjani ukuba thina njengoFakazi BakaJehova sisebenzise leyo ndlela yabaphostoli yokushumayela?
6. Ngo-1922, isiphi isikhuthazo esanikezwa ngokuphathelene nokushumayela endlini ngendlu, kodwa abanye basabela kanjani?
6 Kusukela ngo-1919, bekulokhu kugcizelelwa ukuthi umKristu ngamunye unomthwalo wemfanelo wokufakaza. Ngokwesibonelo, isihloko esithi “Inkonzo Ibalulekile” esavela kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-August 15, 1922, sakhumbuza amaKristu agcotshiwe ngokubaluleka “kokukhuthalela ukuyisa isigijimi esinyathelisiwe kubantu nokuxoxa nabo ezindlini zabo, anikeze ubufakazi bokuthi umbuso wamazulu useduze.” Kwakuba nezintshumayelo eziningilizayo kuyi-Bulletin (manje eyaziwa ngokuthi INkonzo Yethu YoMbuso). Noma kunjalo, ekuqaleni inani lababeshumayela ngokoqobo endlini ngendlu lalilincane. Abanye babengayi endlini ngendlu. Babeka izizathu ezihlukahlukene, kodwa ngokuyinhloko inkinga yayiwukuthi abanye babenomuzwa wokuthi ukushumayela endlini ngendlu kwakubehlisa isithunzi. Njengoba kwakulokhu kugcizelelwa inkonzo yasensimini, abaningi babo bayeka kancane kancane ukuhlanganyela nenhlangano kaJehova.
7. Isiphi isidingo esaba sobala ngawo-1950?
7 Emashumini eminyaka eyalandela, umsebenzi wokushumayela wakhula. Nokho, kwaba sobala ukuthi kwakudingeka ukuba uFakazi ngamunye aqeqeshwe ngokwengeziwe enkonzweni yendlu ngendlu. Ngokwesibonelo, cabanga ngesimo sase-United States. Ekuqaleni kwawo-1950, oFakazi abangamaphesenti angu-28 kulelo zwe babegcina nje ngokuhambisa izimemo noma omagazini emigwaqweni. Abangamaphesenti angaphezu kwangu-40 babengaphumi njalo, kudlula izinyanga bengazange nhlobo bafakaze. Kwakungenziwani ukuze kusizwe wonke la maKristu azinikezele ukuba ashumayele endlini ngendlu?
8, 9. Isiphi isimiso sokuqeqesha esaqalwa ngo-1953, futhi saba namiphi imiphumela?
8 Emhlanganweni wezizwe owawuseNew York City ngo-1953, kwagxilwa ngokukhethekile enkonzweni yendlu ngendlu. UMfoweth’ uNathan H. Knorr wamemezela ukuthi umsebenzi oyinhloko wabo bonke ababonisi abangamaKristu ukusiza uFakazi ngamunye ukuba abe isikhonzi esiyenza njalo inkonzo yendlu ngendlu. Wathi: “Wonke umuntu kufanele akwazi ukushumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu.” Emhlabeni wonke kwaqalwa isimiso sokuqeqesha ukuze kufinyelelwe lo mgomo. Labo ababengakaqali ukushumayela endlini ngendlu bafundiswa indlela yokukhuluma nabantu emizini yabo, yokubonisana nabo ngeBhayibheli neyokuphendula imibuzo yabo.
9 Imiphumela yalesi simiso sokuqeqesha yaba mihle kakhulu. Phakathi neminyaka eyishumi, inani labamemezeli emhlabeni wonke landa ngamaphesenti ayikhulu, inani lezimpindelo ngamaphesenti angu-126 futhi inani lezifundo zeBhayibheli landa ngamaphesenti angu-150. Namuhla, abamemezeli boMbuso abangaba izigidi ezingu-7 bashumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke. Lokhu kwanda okuphawulekayo kungobunye bobufakazi bokuthi uJehova uyayibusisa imizamo yabantu bakhe enkonzweni yendlu ngendlu.—Isaya 60:22.
Ukubeka Abantu Uphawu Lokusinda
10, 11. (a) NgokukaHezekeli isahluko 9, uHezekeli wanikezwa muphi umbono? (b) Lowo mbono ugcwaliseka kanjani namuhla?
10 Ukuthi inkonzo yendlu ngendlu ibalulekile kubonakala embonweni owanikezwa umprofethi uHezekeli. Kulowo mbono, uHezekeli ubona amadoda ayisithupha aphethe izikhali nenye yesikhombisa egqoke ilineni futhi inophondo lukayinki lukanobhala okhalweni lwayo. Lena yesikhombisa itshelwa ukuba ‘idabule phakathi komuzi, ibeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwa phakathi kwawo.’ Ngemva kwalowo msebenzi wokubeka uphawu, amadoda ayisithupha anezikhali zokubhubhisa ayalwa ukuba abulale bonke abangenalo uphawu.—Funda uHezekeli 9:1-6.
11 Ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho, indoda “embethe ilineni” siyiqonda njengemelele insali yamaKristu agcotshwe ngomoya. Ngalo msebenzi wokushumayela nokwenza abafundi, isigaba sabagcotshiwe sibeka uphawu olungokomfanekiso kulabo ababa ‘abezinye izimvu’ zikaKristu. (Joh. 10:16) Luyini lolu phawu? Njengoba kunjengokungathi lusemabunzini abo angagutshuzelwe, luwubufakazi bokuthi lezo zimvu zingabafundi bakaJesu Kristu abazinikezele, babhapathizwa nobokuthi sebegqoke ubuntu obusha obunjengobukaKristu. (Efe. 4:20-24) Laba abanjengezimvu baba mhlambi munye namaKristu agcotshiwe futhi bayawasiza emsebenzini wawo obalulekile wokubeka uphawu nakwabanye.—IsAm. 22:17.
12. Umbono kaHezekeli ngokubekwa uphawu emabunzini ukugcizelela kanjani ukubaluleka kokuqhubeka sifuna abanjengezimvu?
12 Umbono kaHezekeli ugcizelela esinye sezizathu ezenza kuphuthume kakhulu ukuqhubeka sifuna abantu ‘ababubulayo nabaqumayo.’ Ukuphila kwabantu kusengozini. Maduze, amabutho kaJehova asezulwini abhubhisayo, amelelwe amadoda ayisithupha aphethe izikhali, azobhubhisa labo abangenalo uphawu olungokomfanekiso. Ngokuqondene naleso sahlulelo esizayo, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi iNkosi uJesu ikanye “nezingelosi zayo ezinamandla” iyoletha “impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thes. 1:7, 8) Phawula ukuthi abantu bayokwahlulelwa ngokwendlela abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. Ngakho, kumelwe siqhubeke simemezela isigijimi sikaNkulunkulu ngentshiseko kuze kube sekugcineni. (IsAm. 14:6, 7) Lokhu kubeka umthwalo wemfanelo omkhulu kuzo zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele.—Funda uHezekeli 3:17-19.
13. (a) Umphostoli uPawulu wazizwa enamuphi umthwalo wemfanelo, futhi ngani? (b) Wena uzizwa unamuphi umthwalo wemfanelo kubantu abasensimini yakini?
13 Umphostoli uPawulu wazizwa enomthwalo wemfanelo wokutshela abanye izindaba ezinhle. Wabhala: “Ngikweleta kokubili amaGreki namaQaba, kokubili abahlakaniphile nabangenangqondo: ngakho kimi kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle nakini lapho eRoma.” (Roma 1:14, 15) Eshukunyiswa ukwazisa ngesihe ayesibonisiwe, uPawulu wazizwa ephoqelekile ukuba azame ukusiza abanye ukuba bazuze emseni ongafanelwe kaNkulunkulu njengoba nje naye azuza kuwo. (1 Thim. 1:12-16) Kwakunjengokungathi wayekweleta umuntu ngamunye ayehlangana naye isikweletu ayengasikhokha kuphela ngokumtshela izindaba ezinhle. Ingabe nawe uzizwa ubakweleta abantu abasensimini yakini?—Funda izEnzo 20:26, 27.
14. Isiphi isizathu esikhulu kunazo zonke sokushumayela obala nasendlini ngendlu?
14 Nakuba ukusindiswa kwabantu kubalulekile, kunesizathu esikhulu ngokwengeziwe sokushumayela endlini ngendlu. Esiprofethweni esikuMalaki 1:11, uJehova uthi: “Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami liyoba likhulu phakathi kwezizwe, futhi . . . kuyokwenziwa umnikelo egameni lami, yebo isipho esihlanzekile; ngoba igama lami liyoba likhulu phakathi kwezizwe.” Zigcwalisa lesi siprofetho, izinceku zikaJehova ezizinikezele zilidumisa obala igama lakhe kuwo wonke umhlaba njengoba zifeza inkonzo yazo ngokuthobeka. (IHu. 109:30; Math. 24:14) Isizathu esikhulu kunazo zonke sokushumayela obala nasendlini ngendlu siwukunikela kuJehova “umhlatshelo wokudumisa.”—Heb. 13:15.
Izenzakalo Ezibaluleke Kakhulu Ezisazokwenzeka
15. (a) Ikuphi okwengeziwe okwenziwa ama-Israyeli lapho ezungeza iJeriko ngosuku lwesikhombisa? (b) Lokhu kuyinkomba yani ngomsebenzi wokushumayela?
15 Iziphi izenzakalo ezisazokwenzeka ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela? Ukuvinjezelwa kweJeriko, okusencwadini kaJoshuwa, kuwumfuziselo wezinye zazo. Khumbula ukuthi ngaphambi nje kokuba uNkulunkulu abhubhise iJeriko, ama-Israyeli ayalwa ukuba azungeze umuzi kanye ngosuku izinsuku eziyisithupha. Nokho, ngosuku lwesikhombisa, kwakumelwe enze okungaphezulu kakhulu. UJehova watshela uJoshuwa: “Kufanele nimashe nizungeze umuzi kasikhombisa abapristi bashaye izimpondo. Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama, . . . bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu kwasempini; udonga lomuzi luyowa bhú phansi.” (Josh. 6:2-5) Kungenzeka ukuthi nomsebenzi wethu wokushumayela uyokwandiswa ngendlela ecishe ifane. Akungabazeki ukuthi lapho lesi simiso sezinto sibhujiswa, siyobe sibone kunikezwa ubufakazi obukhulu kunabo bonke emlandweni walo mhlaba mayelana negama likaNkulunkulu nangoMbuso wakhe.
16, 17. (a) Yini eyofezwa ngaphambi kokuphela ‘kosizi olukhulu’? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
16 Kungenzeka kufike isikhathi lapho isigijimi esisimemezelayo siyoba ‘njengokukhamuluka okukhulu kwasempini.’ Encwadini yesAmbulo, izigijimi ezinamandla zesahlulelo zifanekiswa ‘nesichotho esikhulu itshe ngalinye laso elinesisindo esicishe sibe ngangethalenta.’b IsAmbulo 16:21 sithi: “Inhlupho yaso yayinkulu ngokungajwayelekile.” Kuyobonakala ngaleso sikhathi ukuthi kahle-hle inkonzo yendlu ngendlu iyofeza yiphi indima ekumenyezelweni kwalezo zigijimi zesahlulelo eziwumvuthwandaba. Kodwa singaqiniseka ukuthi ngaphambi kokuphela ‘kosizi olukhulu,’ igama likaJehova liyobe lenziwe laziwa ngendlela engakaze yenzeke emlandweni wabantu.—IsAm. 7:14; Hez. 38:23.
17 Kwangathi singaqhubeka simemezela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso njengoba sisalindele izenzakalo ezibalulekile. Njengoba sifeza lesi sabelo, iziphi izinselele esibhekana nazo enkonzweni yendlu ngendlu, futhi singahlangabezana kanjani nazo? Kuzoxoxwa ngale mibuzo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ikheli lengosi ye-Internet lithi www.watchtower.org.
b Uma kukhulunywa ngethalenta lamaGreki, itshe ngalinye lesichotho laliyoba amakhilogremu angu-20.
Ungaphendula Kanjani?
• Isiphi isisekelo esingokomBhalo sokushumayela endlini ngendlu?
• Inkonzo yendlu ngendlu yagcizelelwa kanjani ezikhathini zanamuhla?
• Kungani izinceku zikaJehova ezizinikezele zinomthwalo wemfanelo wokushumayela?
• Iziphi izenzakalo ezibalulekile ezisazokwenzeka?
[Izithombe ekhasini 4]
Ingabe uzizwa unomthwalo wemfanelo wokushumayeza abanye njengomphostoli uPawulu?
[Isithombe ekhasini 5]
UMfoweth’ uKnorr, ngo-1953