IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseRoma
UMPHOSTOLI UPAWULU ufika emzini waseKorinte cishe ngonyaka ka-56 C.E., esohambweni lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli. Useyazi ngokungaboni ngaso linye okukhona phakathi kwamaKristu angamaJuda nawabeZizwe eRoma. Efisa ukuwasiza ukuba abe munye ngokuphelele kuKristu, uPawulu uthatha isinyathelo sokuwabhalela incwadi.
Kuleyo ncwadi, uPawulu uchaza indlela okwenzeka ngayo ukuba kuthiwe abantu balungile nendlela labo bantu okufanele baphile ngayo. Le ncwadi yandisa ulwazi lwethu ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe, igcizelele umusa ongafanelwe kaNkulunkulu futhi iqhakambise indima kaKristu endabeni yokusindiswa kwethu.—Heb. 4:12.
KUTHIWA BALUNGILE—KANJANI?
UPawulu uyabhala: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu. . . . Kunjengesipho sesihle ukuthi ngomusa [kaNkulunkulu] ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.” UPawulu ubuye athi: “Umuntu kuthiwa ulungile ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.” (Roma 3:23, 24, 28) Ngokholo ‘esenzweni esisodwa sikaJesu sokuzibonakalisa elungile,’ amaKristu agcotshiwe namalungu ‘esixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ ‘kungathiwa balungile’—abagcotshiwe bathole ukuphila emazulwini njengezindlalifa kanye noKristu, kanti isixuku esikhulu sibe abangane bakaNkulunkulu sinethemba lokusinda ‘osizini olukhulu.’—Roma 5:18; IsAm. 7:9, 14; Joh. 10:16; Jak. 2:21-24; Math. 25:46.
UPawulu uyabuza: “Ingabe kufanele senze isono ngoba singekho ngaphansi komthetho kodwa singaphansi komusa ongafanelwe?” Ube esephendula: “Kwangathi kungelokothe kube njalo!” Uyachaza: “Niyizigqila . . . , kungaba ezesono ngombono wokufa noma ezokulalela ngombono wokulunga.” (Roma 6:15, 16) Uthi: “Uma nibulala imikhuba yomzimba ngomoya, niyophila.”—Roma 8:13.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:24-32—Ingabe amanyala achazwe kula mavesi ayenziwa amaJuda noma abeZizwe? Nakuba incazelo ekula mavesi ingasebenza kuwo womabili la maqembu, uPawulu wayekhuluma ngokukhethekile ngama-Israyeli asendulo ayeyizihlubuki. Naphezu kokuba ayesazi isinqumo sikaNkulunkulu esilungile, ‘awakwamukelanga ukubheka uNkulunkulu ngolwazi olunembile.’ Ngenxa yalokho ayenecala.
3:24, 25—‘Isihlengo esakhokhwa uKristu Jesu’ sasingazemboza kanjani “izono ezenzeka esikhathini esidlule” singakakhokhwa? Isiprofetho sokuqala esikhuluma ngoMesiya esikuGenesise 3:15 saqala ukugcwaliseka ngo-33 C.E. ngesikhathi uJesu ebulawa esigxotsheni sokuhlushwa. (Gal. 3:13, 16) Nokho, lapho uJehova esho lesi siprofetho, kuye kwase kufana nokuthi lelo nani lesihlengo selikhokhiwe ngoba akukho okungavimba uNkulunkulu ekufezeni izinjongo zakhe. Ngakho, ngesisekelo somhlatshelo kaJesu Kristu wesikhathi esizayo, uJehova wayengathethelela izono zenzalo ka-Adamu eyayibonisa ukholo kuleso sithembiso. Isihlengo senza kwenzeke nokuba kuvuswe abantu abafa ngaphambi kwezikhathi zobuKristu.—IzE. 24:15.
6:3-5—Kusho ukuthini ukubhapathizelwa kuKristu Jesu nokubhapathizelwa ekufeni kwakhe? Lapho uJehova egcoba abalandeli bakaKristu ngomoya ongcwele, bahlanganiswa noJesu futhi babe amalungu ebandla eliwumzimba kaKristu, yena ayiNhloko yawo. (1 Kor. 12:12, 13, 27; Kol. 1:18) Lokhu kuwukubhapathizelwa kwabo kuKristu Jesu. AmaKristu agcotshiwe futhi ‘abhapathizelwa ekufeni kukaKristu’ ngomqondo wokuthi aphila ukuphila kokuzidela nokuthi adela noma iliphi ithemba lokuphila phakade emhlabeni. Ngakho-ke, ukufa kwawo kuwumhlatshelo njengokufa kukaJesu, nakuba okwawo kungahlengi muntu. Lokhu kubhapathizelwa ekufeni kukaKristu kuyaphela lapho efa futhi evuselwa ekuphileni kwasezulwini.
7:8-11—‘Isono sathola ithuba ngomyalo’ ngayiphi indlela? UMthetho wasiza abantu ukuba baqonde ngokugcwele ukuthi isono siyini, okwabenza baqaphela ngokwengeziwe ukuthi bayizoni. Ngenxa yalokho, bazibona ukuthi bayizoni ngezindlela ezengeziwe, futhi abaningi badaluleka ukuthi bayizoni. Kungashiwo ngalowo mqondo ukuthi isono sathola ithuba ngoMthetho.
Izifundo Esizitholayo:
1:14, 15. Sinezizathu eziningi zokulangazelela ukumemezela izindaba ezinhle. Esinye sazo siwukuthi siyabakweleta abantu abathengwa ngegazi likaJesu futhi sinesibopho sokubasiza ngokomoya.
1:18-20. Abantu abangamesabi uNkulunkulu nabangalungile “abanazaba,” ngoba izimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali zenziwe zaba sobala endalweni.
2:28; 3:1, 2; 7:6, 7. Ngemva kokusho amazwi angase azwakale ehlambalaza amaJuda, uPawulu usho amazwi awathambisayo. Lokhu kuyisibonelo kithi sokusingatha izindaba ezibucayana ngesu nangekhono.
3:4. Lapho okushiwo umuntu kungqubuzana nalokho okushiwo uNkulunkulu eZwini lakhe, sikhetha ukuba ‘uNkulunkulu atholakale eqinisile’ ngokwethemba okuseBhayibhelini nangokwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Ngokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi, singasiza abanye ukuba bazibonele ukuthi uNkulunkulu uneqiniso.
4:9-12. Ukholo luka-Abrahama lwabalelwa kuye njengokulunga esikhathini eside ngaphambi kokuba asokwe eneminyaka engu-99. (Gen. 12:4; 15:6; 16:3; 17:1, 9, 10) Ngale ndlela, uNkulunkulu wabonisa ngokunamandla ukuthi yini eyenza umuntu abe olungile phambi kwakhe.
4:18. Ithemba liyisici esibalulekile okholweni. Ukholo lwethu lusekelwe ethembeni.—Heb. 11:1.
5:18, 19. Ngokubonisa ngendlela enengqondo ukuthi uJesu ufana kanjani no-Adamu, uPawulu uchaza ngamafuphi ukuthi kungenzeka kanjani ukuba umuntu oyedwa ‘anikele ngomphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Ukunikeza izizathu ngendlela enengqondo nangamafuphi kuyizindlela ezinhle kakhulu zokufundisa esingazilingisa.—1 Kor. 4:17.
7:23. Amalungu omzimba njengezandla, imilenze nolimi lwethu ‘angasithumbela emthethweni wesono,’ ngakho kufanele siqaphele ukuba singawasebenzisi kabi.
8:26, 27. Lapho sibhekene nezimo ezisikhungathekisa size singazi ukuthi singathandaza sithini, “umoya ngokwawo uyasincengela.” Kuleso simo, uJehova, ‘uMuzwi womthandazo,’ wamukela imithandazo efanelekayo elotshwe eZwini lakhe njengevela kithi.—IHu. 65:2.
8:38, 39. Izinhlekelele, izidalwa zomoya ezimbi nohulumeni babantu abanakukwazi ukwenza uJehova ayeke ukusithanda; ngakho akufanele basenze siyeke ukumthanda.
9:22-28; 11:1, 5, 17-26. Iziprofetho eziningi ezikhuluma ngokubuyiselwa kuka-Israyeli zigcwaliswa ibandla lamaKristu agcotshiwe, amalungu alo ‘angabizwa kumaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe.’
10:10, 13, 14. Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane kanye nokholo oluqinile kuJehova nasezithembisweni zakhe kungasishukumisela ekuhlanganyeleni ngentshiseko enkonzweni yobuKristu.
11:16-24, 33. Yeka ukuthi uNkulunkulu ulinganisela kahle kanjani lapho ebonisa “umusa nesandla esiqinile”! Yebo, ‘uyiDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.’—Dut. 32:4.
UKUPHILA NGOKUVUMELANA NOKUBHEKWA NJENGABALUNGILE
UPawulu uthi: “Ngenxa yalokho ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu, ukuba ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu.” (Roma 12:1) Lapho uPawulu ethi “ngenxa yalokho” usho ukuthi njengoba amaKristu kuthiwa alungile ngenxa yokholo lwawo, ayezokusho ngokulandelayo kwakufanele kuthinte isimo sawo sengqondo ngawo ngokwawo, ngabanye nangamagunya ohulumeni.
UPawulu uyabhala: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange.” Uyayala: “Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi.” (Roma 12:3, 9) “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) Ukhuthaza amaKristu ukuba ‘angahlulelani’ ezindabeni ezishiyelwa kunembeza.—Roma 14:13.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
12:20—‘Siwanqwabelanisa kanjani amalahle avuthayo’ ekhanda lesitha? Ezikhathini zeBhayibheli insimbi esesetsheni yayifakwa esithandweni somlilo kubekwe amalahle ngaphansi nangaphezulu. Amalahle avuthayo ayengaphezulu ayenezela ukushisa ukuze insimbi eqinile incibilike kusuke amanyela. Ngendlela efanayo, sinqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda lesitha ngokwenza izenzo zomusa kuso okwenza ubulukhuni baso buncibilike bese kuvela izimfanelo zaso ezinhle.
12:21—‘Singaqhubeka kanjani sinqoba okubi ngokuhle’? Enye indlela esikwenza ngayo lokhu iwukunamathela ngesibindi emsebenzini esiwunikwe uNkulunkulu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso aze athi sekwanele.—Marku 13:10.
13:1—Kungayiphi indlela amagunya aphakeme ‘ebekwe uNkulunkulu ezikhundleni zawo ezilinganiselwe’? Iziphathimandla zezwe ‘zibekwe uNkulunkulu ezikhundleni zazo ezilinganiselwe’ ngomqondo wokuthi zibusa ngemvume kaNkulunkulu, futhi kwezinye izimo wakubona kusengaphambili ukubusa kwazo. Lokhu kubonakala kulokho okwabikezelwa iBhayibheli ngababusi abaningana.
Izifundo Esizitholayo:
12:17, 19. Ukuziphindiselela kusho ukwenza lokho okufanele kushiyelwe kuJehova. Yeka ukuthi bekuyoba ukugabadela okungakanani ukuba ‘sibuyisele okubi ngokubi’!
14:14, 15. Akufanele simenze lusizi umfowethu noma simkhubekise ngesiphuzo noma ngokudla esimupha kona.
14:17. Ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu ngokuyinhloko akuxhomekile kulokho umuntu akudlayo noma akuphuzayo noma ayeka ukukudla noma ukukuphuza. Kunalokho, kuhlobene nokulunga, ukuthula nenjabulo.
15:7. Kufanele sibamukele ngokungakhethi bonke abafuna iqiniso ngobuqotho ebandleni futhi simemezele isigijimi soMbuso kubo bonke esihlangana nabo.
[Izithombe ekhasini 31]
Ingabe isihlengo singasebenza ezonweni ezenziwa ngaphambi kokuba sikhokhwe?