Umbono WeBhayibheli
Obani ‘Abazalwa Ngokusha’?
UNIKODEMU wayeyilungu lenkantolo ephakeme yamaJuda, isazi somthetho engokwenkolo, futhi wayebone ubufakazi obanele bezimangaliso zikaJesu obamqinisekisa ukuthi uJesu wayenguMesiya. Nokho, wayengakuqondi lokho okwakushiwo uJesu uma ethi: “Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”—Johane 3:1-3, 10.
UNikodemu wabuza: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”—Johane 3:4.
Izigidi zabantu namuhla zizisholo ukuthi ‘zizelwe ngokusha’ futhi zithi zikuqonda ngokucacile lokho lokhu okukushoyo. Abanye, njengoNikodemu, bakhungathekiswa yiwo wonke umqondo wokuzalwa ngokusha. Njengoba uJesu Kristu aveza iphuzu lokuthi lokhu kwakuyimfuneko yokungena eMbusweni kaNkulunkulu, kubalulekile ukuba siqonde ukuthi wayesho ukuthini ngokuzalwa ngokusha.
Ekuphenduleni umbuzo kaNikodemu, uJesu waqhubeka wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.”—Johane 3:5-7.
Ingabe kunzima ukukuqonda? UJesu wayazi ukuthi ukuqonda amaqiniso angokomoya akulula. Ngakho ukuze enze izinto zicace, wasebenzisa umfanekiso ngomoya. “Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.” (Johane 3:8),UNikodemu wayengase ezwe, athinte futhi abone imiphumela yomoya kodwa wayengenakuqonda lapho usuka khona nalapho uya khona. Nokho, ukuba ngokoqobo komoya kwakungenakungatshazwa. Ngokufanayo, labo abantula ukuqonda okungokomoya bayokuthola kunzima ukuqonda indlela uJehova, ngomoya wakhe, angase abangele ngayo ukuba umuntu azalwe ngokusha nokuthi umphumela wokugcina walowomuntu uyoba yini. Nokho, ngosizo lwababhali beBhayibheli abaphefumlelwe, singaziqonda izinto ezinjalo.—Johane 16:13.
Ukususa Ukukhungatheka
Yini uJesu ayenayo engqondweni lapho ekhuluma ‘ngokuzalwa ngamanzi nangomoya.’? Ukuzalwa kusho isiqalo. Ukuzalwa okusha kusho isiqalo esisha. Endabeni yabafundi bakaJesu, isinyathelo sabo sokuqala ngokuqondene nokuzalwa ngokusha saqala lapho bephenduka ezonweni zabo, beshiya inkambo engalungile, futhi bebhapathizwa emanzini. Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., esabela kulesosenzo, uJehova wabanikeza lokho uPetru abhekisela kukho ‘njengokuzalwa kabusha ukuba babe nethemba eliphilileyo . . . abaligcinelwe ezulwini.’ (1 Petru 1:3, 4; 3:21) Umoya ongcwele kaJehova wagxilisa kubona inkolelo yokuthi ekugcineni bayophila noJesu Kristu ezulwini. Lokhu kwabanika umbono omusha ngokuphelele ngokuphila—isiqalo esisha.
Ingabe lokhu kwakumane kungokuhlangenwe nakho kwenkolo okungokomzwelo? Cha. Umoya ongcwele kaNkulunkulu wabenza baba okuthile okusha ngokuphelele, “isidalwa esisha.” (2 Korinte 5:17) Lapho bezalwa okokuqala njengabantu, babe abantwana baka-Adamu abanesono, bazuza konke ukungapheleli akudlulisela enzalweni yakhe. Manje, njengoba ‘bezelwe ngokusha,’ labafundi bathola ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Kanjani? Izinzuzo zomhlatshelo kaJesu zasetshenziselwa bona. Ngalokho, uNkulunkulu wababheka njengabalungile ngisho nalapho besengabantu abangaphelele. (Roma 3:25, 26; 5:12-21; 1 Korinte 6:11) Ngaphezu kwalokho, manje uJehova wababheka njengamadodana akhe. Umphostoli uPawulu uyabonisa ukuthi kanjani: “Ngokuba bonke abaholwa ngumoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana [“amadodana NW] kaNkulunkulu.” (Roma 8:14, 16) Manje bamukelwa njengengxenye yomkhaya kaNkulunkulu wasezulwini.
Futhi kwakunokwengeziwe. UPawulu uyachaza futhi: “Umake singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu.” (Roma 8:17) Lamadodana kaNkulunkulu angokomoya manje aba nethemba lokudla ifa uKristu Jesu ayezolidla—amandla obukhosi ezulwini. UJesu wembulela umphostoli uJohane isibalo sabantu abayobusa kanye naye emhlabeni—izi-144 000. (IsAmbulo 7:4; 14:1-3) Ngakho waqhubeka ebonisa uJohane ukuthi labafundi ababoniswa umusa “bayakubangabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—IsAmbulo 20:6.
Izinzuzo Kwabanye
Ingabe lokhu kusho ukuthi wonke umuntu kumelwe “azalwe ngokusha” ukuze azuze umusa kaNkulunkulu? Lutho neze. Umhlatshelo kaJesu uhlanganisa abantu abangaphezu kwezi-144 000 abaye bakhethwa ngokukhethekile ukuba babe kanye naye emazulwini. Lapho umphostoli uJohane ebhalela amaKristu ‘azelwe ngokusha’ ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka, ngokuqondene nomhlatshelo kaJesu, wathi: “Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.” (1 Johane 2:2) Kukanjani lokhu kunjalo?
Ngalendlela. Labo ‘abazelwe ngokusha’ bayobusa noJesu Kristu eMbusweni kaJehova wasezulwini ukuze balethe izinzuzo kwabanye besintu abayophila emhlabeni. Lokhu kwabikezelwa esithembisweni esiphawulekayo esenziwa kukhokho kaJesu uAbrahama cishe eminyakeni eyizi-4 000 edlule. UJehova watshela uAbrahama: “Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:18) Yebo, izibusiso ezinkulu zaziyokwenziwa zitholakale kuzo zonke izizwe ‘ngenzalo’ ka-Abrahama!
Yayingubani ‘leyonzalo’? UJesu Kristu, ehlangene nabalandeli bakhe abaqotho ‘abazelwe ngokusha.’ Umphostoli uPawulu uyachaza: “Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama.” (Galathiya 3:16, 29) Futhi ziyini izibusiso eziza kubantu bazo zonke izizwe ngoJesu Kristu nangalabafundi ‘abazelwe ngokusha’? Ilungelo lokubuyiselwa emseni kaNkulunkulu nokujabulela wonke amalungiselelo akhe omhlaba oyipharadesi.—Genesise 1:27, 28; IHubo 37:29; IzAga 2:21, 22; Isaya 45:18.
Ngakho abafundi ‘abazelwe ngokusha’ abayizi-144 000 ‘bayongena embusweni kaNkulunkulu [wasezulwini]’ ukuba banakekele izibusiso ezimangalisayo eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu ezigidini ezingenakubalwa khona lapha emhlabeni. (Mathewu 6:10; Roma 8:19-21; IsAmbulo 21:1-5) Ukuthi uNikodemu wawaqonda amazwi kaJesu nokuthi ‘wazalwa ngokusha’ ukuze abe yingxenye yalendikimba ebusayo, asazi. Esikwaziyo ukuthi ithuba lokwamukela izinzuzo zokubusa kwabo kwasezulwini livulekele wonke umuntu ozenza atholakale kulona. Ingabe uyokwenza lokho?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]
Ingabe wonke umuntu kumelwe ‘azalwe ngokusha’ ukuze azuze umusa kaNkulunkulu?