Intsha Iyabuza . . .
Ngingayinqoba Kanjani Imizwa Yobandlululo Lwezinhlanga?
Abacwaningi eSydney, eAustralia, banikeza iqembu lezingane zezinhlanga ezihlukahlukene, ezineminyaka eyi-9-13 ubudala, amaphepha emibuzo, bezivumela ukuba ziveze imizwa yazo ngabantu bezinye izinhlanga. Nakuba izingane ezithile ezimhlophe zaseAustralia zabonisa ubandlululo kwabambalwa, “izingane zawo wonke amaqembu ezinhlanga zazibonakalisa ziwabandlulula amanye amaqembu ezinhlanga njengoba zazinjalo izingane zaseAustralia, futhi ngisho nangaphezulu.”—“The Journal of Psychology.”
ABANTU abasha abalugonyelwe ubandlululo lwezinhlanga. “Esikoleni sami,” kusho uLucy oneminyaka eyi-17 ubudala, “iningi lezingane ezimhlophe lidlela ekamelweni lokudlela elilodwa, futhi zonke ezinsundu kwelinye.”
Iyini ngempela imizwa yakho kubantu bezinye izinhlanga? Nakuba ungase wazi ekujuleni kwenhliziyo ukuthi ukubandlulula kuwubuwula, akulungile, futhi kuyisidala, kungenzeka ukuthi usenemizwa edidekile ngandlela-thile. Njengoba abacwaningi uJane Norman noMyron W. Harris, Ph.D., baphawula: “Inani elikhulu . . . labeve eminyakeni eyishumi nambili abamhlophe nabangemhlophe bayavuma ukuthi abafuni ukubandlululwa. Kodwa bayaxwayana futhi ngokuvamile abathembani. Bayaqaphela futhi ukuthi abangane nabazali bangase babe nenzondo uma besondelana eduze nezinye izinhlanga.” Okufanayo ukushuba kwesimo sobuhlanga kukhona emazweni amaningi.
Imizwa yokukhungatheka phakathi kwamalungu ezinye izinhlanga ingase futhi ikhathaze abasha abangamaKristu abaye bafundiswa ukuthi ubandlululo alulungile. Bangase bahlale ezindaweni lapho ukuhlangana nezinye izinhlanga kukuncane noma lapho inzondo yezinhlanga inamandla khona. Nokho, kukuphi, lapho ubandlululo lwezinhlanga lusuka khona?
Imisebenzi Yobandlululo Lwezinhlanga
Ukuba onobandlululo kusho ukwahlulela kusengaphambili. Ngakho umuntu onobandlululo lwezinhlanga wahlulela abanye ngaphandle kokubazi. Uphetha ngokuthi noma yiliphi ilungu lohlanga oluthile ngokuzenzekelayo linemikhuba, izici, nezimo ezithile ezingathandeki. Uyalikhulisa lolubandlululo ngisho noma kunamaqiniso aphikisana nemicabango yakhe. Ngokwesibonelo, angase akholelwe ukuthi wonke amalungu eqembu elithile ‘ayavilapha’ noma ‘awahlakaniphile.’ Lapho ebhekene nothile waleloqembu okhuthele—noma ngisho ehlakaniphile—uphetha ngokuthi lowomuntu kumelwe ukuba “wehlukile.” Ngokudabukisayo, akaziboni izimfanelo zomuntu ngamunye.
Nokho, umuntu akazalwa enobandlululo. IThe Encyclopedia of Human Behavior ithi: “Okuphawuliwe emhlabeni wonke kuye kwabonisa ukuthi izingane zidlala ngokungakhethi namalungu amaqembu ezinye izinhlanga, futhi kungenzeka azikuphawuli ukwehlukahluka okusobala okungokomzimba noma zikwamukela njengokungasho lutho.” Iencyclopedia iyaqhubeka: “Ubandlululo . . . luyafundwa, futhi ngokuyinhloko lutholakala ngokusebenzelana nabanye abantu.” Abazali, othisha, nontanga babonakala beyimbangela eyinhloko ekudluliseleni ubandlululo lwezinhlanga. Ngezinye izikhathi, ukuhilizisana okungathandeki namalungu olunye uhlanga kuyalukhuthaza lolubandlululo.
Ngakho, iningi lethu, liye lathatha ngokungaqapheli izimo zengqondo nemibono ebandlululayo. Futhi ngokuvamile kudinga ukuzihlola komphefumulo kwangempela ngomuntu ukubhekana nemizwa yakhe ngokwethembeka kulendaba. Ngokwesibonelo, ungase ube nabangane bezinye izinhlanga. Kodwa ingabe uhleba ngabo ngezinkulumo ezibajivazayo, ezihlobene nobuhlanga? Lapho uxoxa nalabangane, ingabe impikiswano yobuhlanga uyibeka phambili, mhlawumbe ngokukhuluma njalo ngomehluko okhona phakathi kwezinhlanga noma ngokwenza amahlaya angemahle najivazayo? Incwadi ethi The Nature of Prejudice iyaphawula: “Ngisho nalapho amahlaya ebonakala enobungane, ngezinye izikhathi angafihla inzondo yangempela.” Ngaphezu kwalokho, ingabe uzizwa uzinyeza futhi ungakhululekile ngokubonakala obala unabangane bolunye uhlanga? Ingabe ngokuzenzekelayo uthatha ngokuthi amalungu olunye uhlanga aneziphiwo ezithile—noma izici?
“Ngizicasukela kabi ngokuba nemizwa enjalo,” kukhala omunye omusha owabhekana ngokwethembeka nokubandlulula kwakhe, “kodwa ngandlela-thile kubonakala ngingenakukunqoba.”
Umbono KaNkulunkulu Ngohlanga
Nokho, ukuvuma inkinga kuyisinyathelo esikhulu esiholela ekuyinqobeni. Kuyasiza futhi ukuqonda indlela uNkulunkulu abheka ngayo izinhlanga ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, cabangela isimo esenzeka ekhulwini lokuqala. Inzondo yezinhlanga eyayikhona phakathi kwamaJuda nabeZizwe yathinta ibandla lobuKristu. Ngesinye isikhathi umphostoli uPetru wavumela ukucindezela kwabakubo futhi “wamonyuka, wazahlukanisa” namaKristu abeZizwe, enqaba ngisho nokudla nawo! Lapho umphostoli uPawulu ezwa ngalokhu, akazange azwelane noPetru. Kunalokho “wamelana naye ubuso nobuso, ngoba wayenecala.” Lwalungenakubekezelelwa ubandlululo lwezinhlanga phakathi kwamaKristu! Emazwini kaPawulu, “uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu.”—Galathiya 2:6, 11-14.
IzEnzo 10:34, 35 zinezela ngokuthi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” Kuyiqiniso, uhlanga oluthile lungase lube nebala lesikhumba elihlukile, izici zobuso, noma uhlobo lwezinwele oluhlukile kunolwakho. Kodwa njengoba uNkulunkulu “azenza izizwe zonke ngagazi linye,” ukwehlukahluka okumangalisayo phakathi kwezinhlanga kuwumsebenzi kaNkulunkulu! (IzEnzo 17:26) Ngokungaphezulu, uNkulunkulu akakwenqabeli konke ukudla, umculo, izitayela zokugqoka, inkulumo, nenhlonipho okuhlukahlukene ezinhlangeni ezihlukahlukene. Kanjalo, lapho umphostoli uPawulu esebenza phakathi kwabangemaJuda, akayibhekanga imikhuba yabo ngokuyenyanya, nakuba ngokungangabazeki eminingi yayiphikisana nokukhuliswa kwakhe kobuJuda. UPawulu uthi: “Kwabangenamthetho [abangemaJuda] ngaba njengongenamthetho [ngibonisa inhlonipho ngamasiko abo].”—1 Korinte 9:21.
Ngakho, umuntu onenzondo noma oweyisa abantu bezinhlanga ezihlukene, akanakuba ngojabulisayo kuNkulunkulu!
Ukunqoba Leyomizwa
Nakuba kunjalo, akulula ukuyisusa ngokuphelele imizwa esinesikhathi eside ikhona. Ukukhuluma ngalendaba nomngane oseduze noma umzali kungase kusize. Futhi kungasiza ukulandela iseluleko seBhayibheli ‘sokwanuleka’ ekusebenzelaneni kwakho nabanye. (2 Korinte 6:12, 13) Uma kunokwenzeka, ungajwayelani nje kuphela nabantu bohlanga lwakho, impucuko, nesimo senhlalo. IThe Encyclopedia of Human Behavior ithi: “Ukuhlangana nokukhulumisana kwenza abantu bazane futhi bazisane, futhi ngokuvamile kushintsha izimo zabo komunye nomunye.”
Insizwa egama layo linguChris, eyayihlala edolobheni elalinabamhlophe abaningi kakhulu, yakuthola kunjalo. “Angikhuliswanga ukuba ngibandlulule,” kusho uChris. “Kodwa lapho sengisesikoleni esiyisekhondari, izingane ezinsundu zazivame ukudlala ngami njalo. Ngaba nomuzwa wokuthi zonke zazinochuku. Ngaqala ukuzesaba. Futhi njengoba ingxenye yedolobha ezazihlala kuyo yayimahliphihliphi ngempela, ngaphetha ngokuthi abansundu kumelwe ukuba bonke bayavilapha.”
Nokho, uChris waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Efunda umbono kaNkulunkulu ngalendaba, umbono wakhe ngabansundu waqala ukuthamba. Kamuva uChris waqala ukukhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, futhi wabelwa ebandleni elixube izinhlanga. “Manje ngangibhekene ngqó nenkinga. Kodwa ngaqala ukuvakashela amakhaya abo nokudla nabo.” Umphumela walokhu kujwayelana waba muhle. “Ngaphawula ukuthi bayefana nje nawo wonke umuntu.”
Yebo, ebandleni lobuKristu kukhona abantu bazo “zonke izizwe, nemindeni, nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Bazi abanye babo. Naphezu kwezizinda zabo ezihlukile phawula ukuthi bakwazi kanjani ukusebenza ngobunye ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Yeka ukubheka abantu njengamalungu amaqembu; bazi njengabantu ngabanye, ‘kube yilowo nalowo abonakale ngowakhe umsebenzi.’ (Galathiya 6:4) Yiba nguwe futhi usebenzise umthetho wegolide othi: “Njalo phatha abanye ngendlela ongathanda bakuphathe ngayo.” (Mathewu 7:12, The Jerusalem Bible) Uma imizwa yobukhulu yakheka ngaphakathi kuwe, ngomthandazo zama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ‘sokushaya sengathi abanye bakhulu kunawe.’—Filipi 2:3.
Yebo, imibono yakho ephambene ayakhekanga ngobusuku obubodwa, futhi ngokunokwenzeka ngeke inyamalale ngobusuku obubodwa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngomzamo wenkuthalo, nangokuphikelela, imizwa yobandlululo inganqotshwa.
[Ibhokisi ekhasini 19]
Ingabe Uhlanga Olunsundu Luqalekisiwe?
Abanye baye bazama ukuthethelela ukubandlulula kwabo ngokuzisholo ukuthi uNkulunkulu waqalekisa uhlanga olunsundu. Nokho, akukho siqalekiso esinjalo esilotshwe eBhayibhelini. Yiqiniso, uGenesise 9:25 uthi: “Makaqalekiswe uKhanani, abeyisigqila sezigqila kubafowabo.” Nokho lelovesi okuvame ukubhekiselwa kulo alikhulumi nakancane ngebala lesikhumba. Ngaphandle kwalokho, isizwe esinsundu savela kumfowabo kaKhanani ogama lakhe linguKushe. (Genesise 10:6, 7; bheka umbhalo waphansi “weNew World Translation Reference Bible” kaIsaya 43:3, lapho kusetshenziswe igama elithi Kushe ekubhekiseleni ezweni laseAfrika laseTopiya.) Inzalo kaKhanani ngokusobala yayinesikhumba esikhanyayo—yayingensundu.