Indlela Yothando Ayihluleki Nanini
“Qhubekani nifuna ngentshiseko izipho ezinkulu ngokwengeziwe. Nokho nginibonisa indlela ezidlula zonke.”—1 KORINTE 12:31.
1-3. (a) Ukufunda ukubonisa uthando kufana kanjani nokufunda ulimi olusha? (b) Yiziphi izici ezenza ukubonisa uthando kube yinselele?
INGABE wake wazama ukufunda ulimi olusha? Ngamafuphi nje, kuyinselele! Yiqiniso, ingane encane ingalufunda ulimi ngokumane ibe sendaweni olukhulunywa kuyo. Kuba sengathi ingqondo yayo imunca imisindo nezincazelo zamagama, kuthi ngesikhashana nje ibe isiqeketha, mhlawumbe ingasathuli. Akunjalo kubantu abadala. Thina sisihlola njalo isichazamazwi solimi esingalwazi ukuze nje sijwayele amazwi ambalwa ayisisekelo alolo limi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi nangokulujwayela ngokwanele, siqala ukucabanga sisebenzisa lolu limi olusha futhi kube lula kunakuqala ukulukhuluma.
2 Ukufunda ukubonisa uthando kufana kakhulu nokufunda ulimi olusha. Yiqiniso, abantu bazalwa benaso isilinganiso esithile sale mfanelo yaphezulu. (Genesise 1:27; qhathanisa neyoku-1 Johane 4:8.) Noma kunjalo, ukufunda ukubonisa uthando kudinga umzamo omkhulu kakhulu—ikakhulu namuhla, lapho umuzwa wothando ongokwemvelo uyivelakancane. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngezinye izikhathi lokhu kuba njalo phakathi emkhayeni. Yebo, abaningi bakhulela esimweni esinokhahlo lapho amazwi anothando eqabukela—uma kuwukuthi ake ashiwo. (Efesu 4:29-31; 6:4) Khona-ke, singafunda kanjani ukubonisa uthando—ngisho noma thina singazange siluboniswe kangako?
3 IBhayibheli lingasiza. Kweyoku-1 Korinte 13:4-8, uPawulu akanikezi incazelo yothando engenamzwelo, kodwa uchaza ngokucacile indlela lolu hlobo oluphakeme lothando oluziphatha ngayo. Ukuhlola la mavesi kuzosisiza siqonde isimo sale mfanelo yaphezulu futhi kusihlomisele kangcono ukuyibonisa. Ake sibheke ezinye zezici zothando ezichazwa uPawulu. Sizozihlukanisa ngemikhakha emithathu: ukuziphatha kwethu kukonke; bese ngokukhethekile, kuba ubuhlobo bethu nabanye; ekugcineni kube ukukhuthazela kwethu.
Uthando Lusisiza Sinqobe Ukuqhosha
4. Yikuphi ukuqonda okunikezwa yiBhayibheli ngomhawu?
4 Ngemva kwamazwi akhe okuqala ngothando, uPawulu wabhalela abaseKorinte: “Uthando alunamhawu.” (1 Korinte 13:4) Umhawu ungabonakala lapho siba nomona osenza singajabuli ngokuchuma kwabanye noma izinto abazifinyelelayo. Umhawu onjalo uyonakalisa—ngokwenyama, ngokomzwelo nangokomoya.—IzAga 14:30; Roma 13:13; Jakobe 3:14-16.
5. Uthando lungasisiza kanjani ukuba sinqobe umhawu lapho kubonakala sengathi asinakiwe mayelana nelungelo elithile elingokwasezulwini?
5 Unalokhu engqondweni, zibuze, ‘Ingabe ngiba nomona uma kubonakala sengathi anginakiwe mayelana nelungelo elithile elingokwasezulwini?’ Uma impendulo inguyebo, ungadangali. Umlobi weBhayibheli uJakobe usikhumbuza ukuthi bonke abantu abangaphelele banakho ‘ukuthambekela emoneni.’ (Jakobe 4:5) Uthando ngomfowenu lungakusiza uphinde ube olinganiselayo. Lungakwenza ukwazi ukujabula nalabo abajabulayo futhi ungabheki ukuthola komunye isibusiso noma ukunconywa kwakhe njengokweyiwa kwakho.—Qhathanisa no-1 Samuweli 18:7-9.
6. Yisiphi isimo esibi esadaleka ebandleni laseKorinte lekhulu lokuqala?
6 UPawulu unezela ukuthi uthando “aluzigabisi, alukhukhumali.” (1 Korinte 13:4) Uma sinesiphiwo noma ikhono elithile, asikho isidingo sokubukisa ngako. Ngokusobala, lena kwakuyinkinga yamanye amadoda ayefisa ukuvelela, ayengene ngesinyenyela ebandleni laseKorinte lasendulo. Kungenzeka ayenamakhono amahle kakhulu okuchaza imiqondo noma enendlela ephumelela kangcono yokwenza izinto. Ukuzigqamisa kwawo kungenzeka kwaba nengxenye ekuqhekekeni kwebandla laba maqembuqembu. (1 Korinte 3:3, 4; 2 Korinte 12:20) Isimo saba sibi kangangokuthi kamuva uPawulu kwadingeka asole abaseKorinte ngenxa ‘yokubekezelela abantu abangenangqondo,’ uPawulu abachaza ngokubagxeka ngokuthi “abaphostoli abahle kakhulu.”—2 Korinte 11:5, 19, 20.
7, 8. Bonisa ngokweBhayibheli indlela esingasebenzisa ngayo noma yiziphi iziphiwo esizelwe nazo ukuze sithuthukise ubunye.
7 Kungadaleka isimo esifanayo nanamuhla. Ngokwesibonelo, abanye bangase bathambekele ekugabiseni ngalokho abakufezayo enkonzweni noma ngamalungelo abanawo enhlanganweni kaNkulunkulu. Ngisho noma sinabo ubuciko noma ikhono elithile abanye ebandleni abangenalo, ingabe lokho kusinika isizathu sokukhukhumala? Noma yiziphi iziphiwo esizalwa nazo kumelwe sizisebenzisele ukuthuthukisa ubunye—hhayi ukuzithuthukisa thina ngokwethu.—Mathewu 23:12; 1 Petru 5:6.
8 UPawulu wabhala ukuthi nakuba ibandla linamalungu amaningi, “uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba.” (1 Korinte 12:19-26) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “wawuhlanganisa” lisho ukuhlangana ngendlela evumelanayo, njengasekuxutshweni kwemibala. Ngakho akukho muntu ebandleni okufanele azizwe ekhukhumele ngenxa yamakhono akhe futhi azame ukubusa abanye. Ukuqhosha nesifiso sokuvelela akunandawo enhlanganweni kaNkulunkulu.—IzAga 16:19; 1 Korinte 14:12; 1 Petru 5:2, 3.
9. Yiziphi izibonelo eziyisixwayiso iBhayibheli elizinikezayo zabantu ababezifunela okwabo?
9 Uthando “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Korinte 13:5) Umuntu onothando akaqilizeli abanye ukuze kuphumelele yena. IBhayibheli linezibonelo ezixwayisayo eziphathelene nalokhu. Ngokwesibonelo: Sifunda ngoDelila, uJezabeli no-Athaliya—abesifazane abaqilizela abanye ngenxa yezizathu zabo zobugovu. (AbAhluleli 16:16; 1 AmaKhosi 21:25; 2 IziKronike 22:10-12) Kwakukhona nendodana yeNkosi uDavide, u-Absalomu. Wayeya kulabo ababefika eJerusalema bezofuna ukwahlulelwa kokuthile afike agigiyele ngobuqili ukuthi isigcawu senkosi sasingenaso isithakazelo esiqotho ezinkingeni zabo. Ngemva kwalokho wayelibeka ngembaba elokuthi isigcawu sasidinga umuntu onenhliziyo enozwela njengaye! (2 Samuweli 15:2-4) Yebo, u-Absalomu wayengenaso isithakazelo kwabacindezelwe, wayenesithakazelo kuye siqu. Ezishaya inkosi ezimisile, wathonya izinhliziyo zabaningi. Kodwa ngemva kwesikhathi, u-Absalomu wanqotshwa ngendlela eyehlisayo. Lapho esefile, akabhekwanga ngisho nanjengofanelwe ukungcwatshwa ngesizotha.—2 Samuweli 18:6-17.
10. Singabonisa kanjani ukuthi siyazinakekela izithakazelo zabanye?
10 Lokhu kuyisixwayiso kumaKristu namuhla. Kungakhathaliseki ukuthi singabesilisa noma abesifazane, kungenzeka ukuthi ngokwemvelo siyakwazi ukuthonya abanye. Kungase kube lula kithi ukwenza izinto zenziwe ngendlela yethu ngokuba silawule ingxoxo noma siphikelele ekuphikiseni labo abanombono ongafani nowethu. Nokho, uma sinothando ngempela siyonakekela nezithakazelo zabanye. (Filipi 2:2-4) Ngeke sisizakale ngabanye noma sithuthukise imibono engabazekayo ngenxa yokuhlangenwe nakho kwethu noma isikhundla sethu enhlanganweni kaNkulunkulu, njengokungathi imibono yethu yiyo kuphela efanelwe ukucatshangelwa. Kunalokho, siyokhumbula lesi saga seBhayibheli: “Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.”—IzAga 16:18.
Uthando Luyasiza Ekwakheni Ubuhlobo Obunokuthula
11. (a) Singalubonisa ngaziphi izindlela uthando olunomusa nolungahlazisi? (b) Singabonisa kanjani ukuthi asijabuli ngokungalungi?
11 UPawulu wabhala nokuthi uthando “lunomusa” futhi “aluziphathi ngokuhlazisayo.” (1 Korinte 13:4, 5) Yebo, uthando ngeke lusivumele ukuba sibe luhlaza, siziphathe ngendlela eyichilo, noma engenanhlonipho. Kunalokho, siyocabangela imizwa yabanye. Ngokwesibonelo, umuntu onothando uyogwema ukwenza izinto ezingaphazamisa onembeza babanye. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 8:13.) Uthando “alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabula kanye neqiniso.” (1 Korinte 13:6) Uma siwuthanda umthetho kaJehova, ngeke sikuthathe kalula ukuziphatha okubi noma sijatshuliswe yizinto uNkulunkulu azizondayo. (IHubo 119:97) Uthando luyosisiza sithole injabulo ezintweni ezakhayo kunezibhidlizayo.—Roma 15:2; 1 Korinte 10:23, 24; 14:26.
12, 13. (a) Kufanele sisabele kanjani lapho othile esona? (b) Caphuna izibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi ngisho nentukuthelo efanelekile ingasibangela ukuba senze ngokungahlakaniphi.
12 UPawulu ubhala ukuthi uthando “alucasuki” (“aluzweli,” Phillips). (1 Korinte 13:5) Kuyavunywa, kuyinto evamile kithina bantu abangaphelele ukucasuka noma ukuba nesilinganiso esithile sentukuthelo lapho othile esona. Nokho, kungaba okungalungile ukufukamela ukucasuka isikhathi eside noma ukuqhubeka sisesimweni sokucasuka. (IHubo 4:4; Efesu 4:26) Uma ingalawuliwe, ngisho nentukuthelo efanelekile ingase isibangele ukuba senze ngokungahlakaniphi, futhi uJehova angasithola sinecala ngalokhu.—Genesise 34:1-31; 49:5-7; Numeri 12:3; 20:10-12; IHubo 106:32, 33.
13 Abanye baye bavumela ukungapheleli kwabanye ukuba kuthonye isinqumo sabo sokuya emihlanganweni yamaKristu noma ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ngaphambili, abaningi balaba baye balulwela kanzima ukholo, mhlawumbe bekhuthazelela ukuphikisa komkhaya, ukuhlekwa usulu abantu abasebenza nabo nokunye okufanayo. Bakhuthazelela izithiyo ezinjalo ngoba bezibheka njengokuvivinywa kobuqotho, futhi kunjalo. Kodwa kuthiwani lapho umKristu esikanye naye esho noma enza okuthile okungabonisi uthando? Ingabe nalokhu akulona uvivinyo lobuqotho? Kuyilo ngempela, ngoba uma sihlala sisesimweni sokucasuka, ‘singamvumela uDeveli athole indawo.’—Efesu 4:27.
14, 15. (a) Kusho ukuthini ‘ukugcina umbhalo wokoniwa’? (b) Singamlingisa kanjani uJehova ekubeni ngabathethelelayo?
14 Ngesizathu esihle, uPawulu unezela ukuthi uthando “alugcini umbhalo wokulinyazwa.” (1 Korinte 13:5) Lapha usebenzisa igama lokugcinwa kwemininingwane yezimali, ngokusobala ukuze asikisele isenzo sokubhala isono ebhukwini ukuze singalibaleki. Ingabe kuwukuba nothando ukwenza umbhalo oyohlala unomphela engqondweni wezwi noma isenzo esilimazayo, njengokungathi kuyodingeka sibhekisele kuwo ngesinye isikhathi? Yeka indlela esingajabula ngayo ngokuthi uJehova akasicubungulisisi ngendlela engenasihe njengaleyo! (IHubo 130:3) Yebo, lapho siphenduka, uyawasula amaphutha ethu.—IzEnzo 3:19.
15 Singamlingisa uJehova kulokhu. Akufanele sizwele ngokweqile lapho kubonakala sengathi othile uyasona. Uma sishesha ukucasuka, kungenzeka sizilimaza ngokujule kakhulu kunalokho obekungenziwa umuntu osonile. (UmShumayeli 7:9, 22) Kunalokho, kudingeka sikhumbule ukuthi uthando “lukholelwa yizo zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) Yiqiniso, akekho kithi ofuna ukukhohliseka kalula kodwa futhi akufanele sisole izisusa zabafowethu ngokungafanele. Noma nini lapho kungenzeka, masithathe njengokungathi abanye abanazisusa ezimbi.—Kolose 3:13.
Uthando Lusisiza Ukuba Sikhuthazele
16. Yiziphi izimo uthando olungasisiza kuzo ukuba sibe ababhekakade?
16 UPawulu ube esesitshela ukuthi “uthando lubhekakade.” (1 Korinte 13:4) Lusenza sikwazi ukubekezelela izimo ezivivinyayo, mhlawumbe isikhathi eside. Ngokwesibonelo, amaKristu amaningi aye ahlala iminyaka emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Amanye awashadile, hhayi ngoba ethanda, kodwa ngoba engamtholi umlingane ofanelekayo “eNkosini.” (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14) Bese kuba nalabo abanezinkinga zempilo ezithena amandla. (Galathiya 4:13, 14; Filipi 2:25-30) Ngempela, kulesi simiso esingaphelele, akekho onesimo esingadingi uhlobo oluthile lokukhuthazela ekuphileni.—Mathewu 10:22; Jakobe 1:12.
17. Yini eyosisiza ukuba sikhuthazelele zonke izinto?
17 UPawulu uyasiqinisekisa ukuthi uthando “lubekezelela zonke izinto, . . . luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) Uthando ngoJehova luyosenza sikwazi ukubhekana nanoma yisiphi isimo ngenxa yokulunga. (Mathewu 16:24; 1 Korinte 10:13) Asizifuneli ukufela ukholo. Ngokuphambene, inhloso yethu iwukuphila ukuphila okunokuthula nokuzothile. (Roma 12:18; 1 Thesalonika 4:11, 12) Nokho, lapho kufika ukuvivinywa kokholo, sikukhuthazelela ngenjabulo njengokuyingxenye yezindleko zokuba umfundi ongumKristu. (Luka 14:28-33) Njengoba sikhuthazela, sizama ukulondoloza umbono oqondile, sinethemba lomphumela ongcono kakhulu lapho sisezimweni ezivivinyayo.
18. Ukukhuthazela kudingeka kanjani ngisho nasenkathini evumayo?
18 Akulona usizi kuphela oludinga ukukhuthazela. Ngezinye izikhathi ukukhuthazela kumane nje kusho ukuqhubeka ukhona, ukuqhubeka enkambweni ethile kungakhathaliseki ukuthi zikhona noma azikho izimo ezivivinyayo. Ukukhuthazela kuhlanganisa ukunamathela esimisweni esihle esingokomoya sokwenza izinto. Ngokwesibonelo, ingabe uhlanganyela ngokunenjongo enkonzweni, ngokuvumelana nezimo zakho? Ingabe uyalifunda iZwi likaNkulunkulu futhi uzindle ngalo, ukhulume noYihlo osezulwini ngomthandazo? Ingabe uba khona njalo emihlanganweni yebandla, futhi ingabe uyazuza ekukhuthazaneni nalabo okholwa nabo? Uma kunjalo, uyakhuthazela, kungakhathaliseki ukuthi njengamanje usenkathini evumayo noma enzima. Ungayeki, “ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:9.
Uthando—“Indlela Ezidlula Zonke”
19. Kukanjani uthando ‘luyindlela ezidlula zonke’?
19 UPawulu wagcizelela ukubaluleka kokubonisa uthando ngokubiza le mfanelo yaphezulu ngokuthi “indlela ezidlula zonke.” (1 Korinte 12:31) “Ezidlula zonke” ngamuphi umqondo? UPawulu wayesanda kubala izipho zomoya, ezazivamile kumaKristu ekhulu lokuqala. Amanye enziwa akwazi ukuprofetha, amanye anikwa amandla okwelapha ukugula, amanye enziwa akwazi ukukhuluma ngezilimi. Izipho ezimangalisayo ngempela! Nokho, uPawulu watshela abaseKorinte: “Uma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi kodwa ngingenalo uthando, ngiye ngaba ucezu lwethusi elixutshiwe olunomsindo noma isimbali elikhencezayo. Futhi uma nginesipho sokuprofetha futhi ngijwayelene nazo zonke izimfihlo ezingcwele nalo lonke ulwazi, futhi uma nginalo lonke ukholo ukuze ngigudluze izintaba, kodwa ngingenalo uthando, angilutho.” (1 Korinte 13:1, 2) Yebo, ngisho nezenzo ebezingase zibe yinzuzo ziba ‘yimisebenzi efile’ uma isisusa sazo singelona uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane.—Heberu 6:1.
20. Kungani kudingeka umzamo oqhubekayo ukuze sihlakulele uthando?
20 UJesu usinika esinye isizathu esenza kudingeke sihlakulele le mfanelo yaphezulu yothando. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Igama elithi “uma” likushiyela kumKristu ngamunye ukuthi yena uyofunda yini ukubonisa uthando. Kakade, ukumane uhlale kwelinye izwe kukodwa ngeke ngokwako kusiphoqe ukuba sifunde ulimi lwakhona. Ngokufanayo ukumane siye emihlanganweni eHholo LoMbuso noma sizihlanganise namaKristu esikanye nawo akusifundisi ngokuzenzakalelayo ukubonisa uthando. Ukufunda lolu “limi” kudinga umzamo oqhubekayo.
21, 22. (a) Kufanele sisabele kanjani uma sisilela esicini esithile sothando uPawulu akhuluma ngalo? (b) Kungashiwo ngayiphi indlela ukuthi uthando “alupheli nanini”?
21 Ngezinye izikhathi, uyosilela esicini esithile sothando uPawulu akhuluma ngalo. Ungadangali. Zikhandle ngesineke. Qhubeka ufunda iBhayibheli futhi usebenzisa izimiso zalo lapho usebenzelana nabanye. Ungasikhohlwa isibonelo uJehova uqobo asibekela sona. UPawulu wayala abase-Efesu: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efesu 4:32.
22 Njengoba nje ukukhuluma ulimi olusha kugcina sekulula kunakuqala, ngokuhamba kwesikhathi cishe uyothola ukuthi ukubonisa uthando kuba lula kunasekuqaleni. UPawulu uyasiqinisekisa ukuthi “uthando alupheli nanini.” (1 Korinte 13:8) Ngokungafani nezipho zomoya eziyisimangaliso, uthando alusoze lwayeka ukuba khona. Ngakho qhubeka ufunda ukubonisa le mfanelo yaphezulu. Njengoba uPawulu esho, ‘iyindlela ezidlula zonke.’
Ungachaza?
◻ Uthando lungasisiza kanjani ukuba sinqobe ukuqhosha?
◻ Uthando lungasisiza ngaziphi izindlela ukuba sithuthukise ukuthula ebandleni?
◻ Uthando lungasisiza kanjani ukuba sikhuthazele?
◻ Kukanjani uthando ‘luyindlela ezidlula zonke’?
[Isithombe ekhasini 19]
Uthando luyosisiza ukuba singawanaki amaphutha alabo esikholwa nabo
[Izithombe ekhasini 23]
Ukukhuthazela kusho ukunamathela esimisweni sethu esingokwasezulwini