Isahluko Samashumi Amabili Nanye
Injongo KaJehova Iphumelela Ngokukhazimulayo
1, 2. (a) Iyini injongo kaJehova ngendalo yakhe ehlakaniphile? (b) Obani ababehlanganisiwe emkhayeni kaNkulunkulu wabakhulekeli abanobunye?
INJONGO kaJehova yothando iwukuba yonke indalo ehlakaniphile ibe nobunye ekukhulekeleni okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso futhi yonke ijabulele inkululeko ekhazimulayo njengabantwana bakaNkulunkulu. Yilokho nabathandi bokulunga abakunxanela ngobuqotho.
2 UJehova waqala ukufeza le njongo enhle lapho eqala imisebenzi yakhe yendalo. Indalo yakhe yokuqala kwaba yiNdodana ‘ewukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu nomfanekiso okuyiwonawona wobuqu bakhe uqobo’ selokhu yavuswa kwabafileyo. (Heberu 1:1-3) Le Ndodana yayiyingqayizivele, ngoba yadalwa uNkulunkulu eyedwa. Ngenxa yalokho, yonke enye indalo yayiyodalwa ngale Ndodana: kuqala ngezingelosi ezulwini, bese kuba abantu emhlabeni. (Jobe 38:7; Luka 3:38) Yonke le ndalo yayakha umkhaya owodwa wendawo yonke. Yonke yayibheka uJehova njengoNkulunkulu, uMbusi Wendawo Yonke, noYise onothando.
3. (a) Yini sonke esiye sayizuza kubazali bethu bokuqala? (b) Yiliphi ilungiselelo lothando uJehova alenzela inzalo ka-Adamu?
3 Lapho abazali bethu bokuqala abangabantu begwetshelwa ukufa njengezoni zangamabomu, baxoshwa e-Edene futhi uNkulunkulu wabalahla. Ababange besaba ingxenye yomkhaya wakhe wendawo yonke. (Genesise 3:22-24; Duteronomi 32:4, 5) Thina sonke siyinzalo yabo, ngakho sizalwe sithambekele esonweni. Kodwa uJehova wayazi ukuthi abanye enzalweni ka-Adamu no-Eva babeyothanda ukulunga. Ngakho ngothando wenza ilungiselelo ababengazuza ngalo ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:20, 21.
U-Israyeli Ulahlekelwa Isikhundla Somusa
4. Yiliphi ilungelo uJehova alinika u-Israyeli wasendulo?
4 Eminyakeni engaba ngu-2 500 ngemva kokudalwa kuka-Adamu, uJehova wanika abantu abathile ilungelo lokuba nobuhlobo obukhethekile naYe. Wakhetha u-Israyeli wasendulo ukuba abe yisizwe sakhe futhi wamnika uMthetho wakhe. (Genesise 12:1, 2) Wabenza baba yisizwe futhi wabasebenzisela injongo yakhe. (Duteronomi 14:1, 2; Isaya 43:1) Nokho, babesesebugqilini besono nokufa, ngakho abazange bayijabulele inkululeko ekhazimulayo o-Adamu no-Eva ababenayo ekuqaleni.
5. Ama-Israyeli alahlekelwa kanjani ukuma kwawo okukhethekile ayenako noNkulunkulu?
5 Noma kunjalo, ama-Israyeli ayenokuma okuhle noNkulunkulu. Ayenesibopho futhi sokuhlonipha uJehova njengoYise nesokusebenza ngokuvumelana nenjongo yakhe. UJesu wagcizelela ukubaluleka kokugcwalisa leso sibopho. (Mathewu 5:43-48) Nokho, isizwe sakwa-Israyeli sahluleka ukwenza kanjalo. Nakuba lawo maJuda azisholo ukuthi “sinoBaba munye, uNkulunkulu,” uJesu wathi izenzo zawo nomoya ayewubonisa kwakuphikisana nalokho kuzisholo kwawo. (Johane 8:41, 44, 47) Ngo-33 C.E., uNkulunkulu wawuphelisa uMthetho, kwaphela nobuhlobo obukhethekile u-Israyeli ayenabo naYe. Kodwa ingabe lokhu kwasho ukuthi abantu babengasoze babujabulele ubuhlobo obuhle noNkulunkulu?
Ukubutha “Izinto Ezisezulwini”
6. Iyini injongo ‘yesimiso sokuqondisa’ uPawulu akhuluma ngaso kweyabase-Efesu 1:9, 10?
6 Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi abathile esintwini babengajabulela ubuhlobo obukhethekile noNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ekhuluma ngelungiselelo likaJehova elalingenza ukuba ababonisa ukholo babe ngamalungu omkhaya waKhe, uPawulu wabhala: “[UNkulunkulu] wasazisa imfihlo engcwele yentando yakhe. Kungokuvumelana nesihle sakhe asijonga kuye ngokwakhe ukuba kube nesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe, okuwukuthi, ukuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.” (Efesu 1:9, 10) Lesi ‘simiso sokuqondisa’ sisekelwe kuJesu Kristu. Abantu bazuza ngaye isimo esamukelekayo kuNkulunkulu. Inani elilinganiselwe labo linethemba lokuba sezulwini. Izixuku ezingenakubalwa ziyophila emhlabeni phakade.
7. Zingobani “izinto ezisezulwini”?
7 Okokuqala, kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., kwagxilwa ‘ezintweni ezisezulwini,’ okungukuthi, labo ababeyoba izindlalifa noKristu eMbusweni wasezulwini. Ngesisekelo sokholo lwabo enanini lomhlatshelo kaJesu, uNkulunkulu wathi balungile. (Roma 5:1, 2) Ngokuhamba kwesikhathi, kwahlanganiswa amaJuda nabeZizwe, futhi “izinto ezisezulwini” zaziyoba ngu-144 000. (Galathiya 3:26-29; IsAmbulo 14:1) Yinsali kuphela yazo esesemhlabeni.
Ukubutha ‘Izinto Ezisemhlabeni’
8. Zingobani ‘izinto ezisemhlabeni,’ futhi zinabuhlobo buni noJehova?
8 Isimiso sokuqondisa esifanayo sibutha “nezinto ezisemhlabeni.” Manje kubuthwa izigidi zabantu ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni. Zibambisene nensali yezindlalifa zoMbuso, zikhulisa igama likaJehova futhi ziphakamise ukukhulekelwa kwakhe. (Isaya 2:2, 3; Zefaniya 3:9) Futhi zithi “Baba” kuJehova ngoba zimqaphela njengomthombo wokuphila. Zinokuma uJehova akwamukelayo ngesisekelo sokholo lwazo egazini likaJesu elithululiwe. (IsAmbulo 7:9, 14) Kodwa njengoba zingakapheleli, ukwamukelwa kwazo njengabantwana bakaNkulunkulu kusazokwenzeka esikhathini esizayo.
9. Yisiphi isithembiso eyabaseRoma 8:21 esiphathele isintu?
9 Laba abanethemba lasemhlabeni manje balindele ngokulangazela isikhathi lapho indalo engabantu ‘iyokhululwa khona ekugqilazweni ukonakala.’ (Roma 8:21) Lokho kukhululwa kuyoqala ngemva kokuba uKristu namabutho akhe asezulwini sebephelelise usizi olukhulu ngomvuthwandaba we-Armagedoni. Lokhu kuyosho ukubhujiswa kwaso sonke isimiso esibi sezinto sikaSathane, okuyolandelwa izibusiso zokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane emandleni oMbuso.—IsAmbulo 19:17-21; 20:6.
10. Izinceku zikaJehova ziyohlabelela yiphi ingoma yokudumisa?
10 Yeka ukwethaba okuyoba khona lapho izinceku zikaJehova emhlabeni zihlangana ekwenaneleni amazwi ezinceku zakhe zasezulwini, ezimemezela ngokujabula zithi: “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile? Ngoba zonke izizwe zizokuza futhi zikhulekele phambi kwakho, ngoba izinqumo zakho ezilungileyo ziye zabonakaliswa.” (IsAmbulo 15:3, 4) Yebo, zonke izinceku zikaJehova ziyohlanganyela ngobunye ekukhulekeleni okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngisho nabafileyo bayovuswa futhi banikezwe ithuba lokuhlanganyela ekuphakamiseni amazwi abo badumise uJehova.—IzEnzo 24:15.
Silindelwe Yinkululeko Emangalisayo
11. Iyiphi inkululeko emangalisayo eyojatshulelwa yilabo abasinde osizini olukhulu?
11 Ngemva kokuba usizi olukhulu, nomvuthwandaba walo we-Armagedoni, usuhlanze ububi emhlabeni, uSathane uDeveli ngeke esaba “unkulunkulu walesisimiso sezinto.” Abakhulekeli bakaJehova ngeke kusadingeka ukuba balwisane nethonya likaSathane elibi. (2 Korinte 4:4; IsAmbulo 20:1, 2) Inkolo yamanga ngeke isammelela kabi uJehova noma ibe yithonya elihlukanisa umphakathi wabantu. Izinceku zikaNkulunkulu weqiniso ngeke zisahlushwa ukungabi nabulungisa noma zixhashazwe yiziphathimandla ezingabantu. Yeka inkululeko emangalisayo eziyoba nayo!
12. Bayokhululwa kanjani bonke abantu esonweni nasemiphumeleni yaso?
12 ‘NjengeWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe,’ uJesu uyosebenzisa inani lomhlatshelo wakhe ukuze asule izono zesintu. (Johane 1:29) Lapho uJesu esemhlabeni futhi ethethelela izono zomuntu, wayemphulukisa lowo othethelelwe njengobufakazi balokho. (Mathewu 9:1-7; 15:30, 31) Ngendlela efanayo, uKristu Jesu, njengeNkosi yasezulwini yoMbuso kaNkulunkulu, uyophulukisa ngokumangalisayo izimpumputhe, izimungulu, izithulu, abakhubazekile emzimbeni, abanezifo zengqondo, nabanezinye izifo. (IsAmbulo 21:3, 4) Kuyosulwa “umthetho wesono” kubo bonke abalalelayo ukuze imicabango nezenzo zabo zibe ezijabulisayo, kokubili kubo ngokwabo nakuNkulunkulu. (Roma 7:21-23) Ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, bayobe sebenziwe abantu abaphelele, ‘ngomfanekiso nomfuziselo’ kaNkulunkulu weqiniso owukuphela kwakhe.—Genesise 1:26.
13. Ekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, uKristu uyothatha siphi isinyathelo, kube namuphi umphumela?
13 Lapho uKristu esenzé isintu saphelela, uyobe esebuyisela kuYise igunya ayelinikiwe ukuba afeze lo msebenzi: ‘Unikela umbuso kuNkulunkulu noYise‚ lapho esebenzé ize bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla. Ngokuba kumelwe abuse njengenkosi kuze kube yilapho uNkulunkulu esebeke zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe.’ (1 Korinte 15:24, 25) UkuBusa KoMbuso Kweminyaka Eyinkulungwane kuyobe kuyifeze ngokuphelele injongo yako; ngakho ngeke kusaba nesidingo sokuba lo hulumeni ongaphansi uqhubeke ukhona phakathi kukaJehova nesintu. Futhi njengoba isono nokufa kuyobe kususwe ngokuphelele nesintu sihlengiwe, isidingo sokuba uJesu abe nguMhlengi siyophela. IBhayibheli liyachaza: “Khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:28.
14. Bonke abantu abaphelele bayokwenziwa ukuba babhekane nani, futhi ngani?
14 Ngemva kwalokhu, isintu esiphelelisiwe siyonikezwa ithuba lokubonisa ukuthi sikhetha ukukhonza okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso kuze kube phakade. Ngakho, ngaphambi kokuba abamukele ngokugcwele njengabantwana bakhe, uJehova uyokwenza ukuba bonke abantu abaphelelisiwe babhekane novivinyo lokugcina. USathane namademoni akhe bayokhululwa kwalasha. Lokhu ngeke kube nomonakalo ohlala njalo kulabo abamthanda ngempela uJehova. Kodwa noma yibaphi abavuma ukuholelwa ekubeni bangamlaleli uJehova ngobumbuka bayobhujiswa phakade, kanye nesihlubuki sokuqala namademoni aso.—IsAmbulo 20:7-10.
15. Yisiphi isimo esiyophinde futhi sibe khona phakathi kwayo yonke indalo kaJehova ehlakaniphile?
15 UJehova uyobe esebamukela njengabantwana bakhe bonke abantu abaphelelisiwe abasekelé ubukhosi bukaNkulunkulu phakathi nalolo vivinyo lokugcina. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, bayohlanganyela ngokugcwele enkululekweni ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu njengengxenye yomkhaya kaNkulunkulu wendawo yonke. Yonke indalo ehlakaniphile ezulwini nasemhlabeni iyophinde futhi ibe nobunye ekumkhulekeleni njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Injongo kaJehova iyobe iphumelele ngokukhazimulayo! Ingabe ufuna ukuba yingxenye yalowo mkhaya womhlaba wonke, ojabulayo futhi oyophila phakade? Uma kunjalo, sikukhuthaza ukuba ulalele lokho iBhayibheli elikushoyo kweyoku-1 Johane 2:17: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”
Ingxoxo Yokubukeza
• Ngaphambi kokuhlubuka kwase-Edene, yibuphi ubuhlobo bonke abakhulekeli bakaJehova ababenabo naye?
• Labo abayizinceku zikaNkulunkulu banasiphi isibopho?
• Obani abasazoba ngabantwana bakaNkulunkulu, futhi lokhu kuhlobene kanjani nenjongo kaJehova ngokuphathelene nokukhulekela ngobunye?
[Isithombe ekhasini 190]
Abantu abalalelayo bayojabulela ukuphila epharadesi lembulunga yonke