Jabulela Izinzuzo Zokufundisa Kwaphezulu
“NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo.”—ISAYA 48:17.
1. Siyophumelela kanjani uma sisebenzisa ukufundisa kwaphezulu ekuphileni kwethu?
UJEHOVA UNKULUNKULU wazi kangcono kakhulu. Akukho muntu omdlulayo ngokucabanga, ngezwi, noma ngesenzo. NjengoMdali wethu, uyazazi izidingo zethu futhi usinikeza zona zibe yinsada. Ngokuqinisekile uyayazi indlela yokusifundisa. Futhi uma sikusebenzisa ukufundisa kwaphezulu, sizizuzisa thina futhi sijabulele injabulo yeqiniso.
2, 3. (a) Abantu bakaNkulunkulu basendulo babeyozizuzisa kanjani ukube babeyilalelile imithetho yakhe? (b) Yini eyokwenzeka uma sisebenzisa ukufundisa kwaphezulu ekuphileni kwethu namuhla?
2 Ukufundisa kwaphezulu kwembula isifiso sikaNkulunkulu esiqotho sokuba izinceku zakhe zigweme inhlekelele futhi zijabulele ukuphila ngokwenza ngokuvumelana nemithetho nezimiso zakhe. Ukube abantu bakaJehova basendulo babemlalelile, babeyojabulela izibusiso ezicebile, ngoba wayebatshelile: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:17, 18.
3 Abantu bakaNkulunkulu basendulo babeyozizuzisa bona ukube babelalele imiyalo neziyalezo zakhe. Esikhundleni sokuthola inhlekelele kwabaseBabiloni, babeyojabulela ukuthula nokuchuma okuchichimayo, okujulile, nokungapheli njengomfula. Ngaphezu kwalokho, izenzo zabo zokulunga zaziyoba ezingenakubalwa njengamagagasi olwandle. Ngokufanayo, uma sikusebenzisa ukufundisa kwaphezulu ekuphileni kwethu, singajabulela izinzuzo zakho eziningi. Ziyini ezinye zazo?
Kuguqula Ukuphila
4. Ukufundisa kwaphezulu kukuthinte kanjani ukuphila kwabantu abaningi?
4 Ukufundisa kwaphezulu bekulokhu kuzuzisa abantu abaningi ngokwenza ukuphila kwabo kube ngcono. Labo abasebenzisa isiyalo sikaJehova bayayilahla “imisebenzi yenyama,” enjengokuziphatha okuxekethile, ukukhonza izithombe, ukusebenzisa imimoya, umbango, nomona. Kunalokho, babonisa izithelo zomoya eziwuthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene, nokuzithiba. (Galathiya 5:19-23) Futhi balalela iseluleko esikweyabase-Efesu 4:17-24, lapho uPawulu enxusa khona akholwa nabo ukuba bangahambi njengoba kuhamba abezizwe, ebuzeni bengqondo yabo nasebumnyameni bengqondo, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu. Njengoba bengaholwa izinhliziyo ezilukhuni, abantu abanobuntu obunjengobukaKristu ‘bakhumula umuntu omdala ongowenkambo yokuqala futhi benziwa basha emandleni ashukumisa ingqondo yabo.’ ‘Bembatha umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’
5. Ukufundisa kwaphezulu kuyithonya kanjani indlela abantu abahamba ngayo?
5 Inzuzo enhle yokusebenzisa ukufundisa kwaphezulu iwukuthi isibonisa indlela yokuhamba noNkulunkulu. Uma sihamba noJehova, njengoba kwenza uNowa, silandela inkambo yokuphila esiyitshelwa uMfundisi wethu oMuhle. (Genesise 6:9; Isaya 30:20, 21) Abantu bezizwe ‘bahamba ebuzeni bengqondo yabo,’ njengoba kwasho umphostoli uPawulu. Futhi yeka indlela ezingaba yize ngayo ezinye zezinto ezibhalwe yilezozingqondo! Lapho ingqapheli ethile ibona imibhalo yabanye odongeni lwasePompeii, yabhala: “Kuyamangalisa, Oh, ludonga, ukuthi awukadiliki namanje nakuba usindwa umbhedo omningi kangaka obhalwe kuwe.” Kodwa awukho umbhedo ‘esifundisweni sikaJehova’ nasemsebenzini wokushumayela ngoMbuso esiwenza ube nokwenzeka. (IzEnzo 13:12) Ngalowomsebenzi, abantu abathanda iqiniso baye basizwa ukuba bahluzeke engqondweni. Bafundiswa indlela yokuyeka ukuhamba endleleni yabo enesono, ekungazazini izinjongo zikaNkulunkulu. Abasekho ebumnyameni ngezingqondo, futhi abasashukunyiswa yizinhliziyo ezilukhuni eziphishekela imigomo engazuzisi.
6. Yibuphi ubudlelwane obukhona phakathi kokulalela kwethu ukufundisa kukaJehova nenjabulo yethu?
6 Ukufundisa kwaphezulu kuyasizuzisa futhi ngokuthi kusijwayelanisa noJehova nezenzo zakhe. Ulwazi olunjalo lusisondeza eduze noNkulunkulu, lukhulisa uthando lwethu ngaye, lujulise nesifiso sethu sokumlalela. Eyoku-1 Johane 5:3 ithi: “Ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.” Futhi senza ngokuvumelana nemiyalo kaJesu ngoba siyazi ukuthi ukufundisa kwakhe kuvela kuNkulunkulu. (Johane 7:16-18) Ukulalela okunjalo kusivikela engozini engokomoya futhi kwandise injabulo yethu.
Injongo Yangempela Ekuphileni
7, 8. (a) Kufanele siliqonde kanjani iHubo 90:12? (b) Singayizuza kanjani inhliziyo enokuhlakanipha?
7 Ukufundisa kukaJehova kuyasizuzisa ngokusibonisa indlela yokusebenzisa ukuphila kwethu ngendlela enenjongo. Eqinisweni, ukufundisa kwaphezulu kusibonisa indlela yokubala izinsuku zethu ngendlela ekhethekile. Iminyaka engu-70 yokuphila inesithembiso sezinsuku ezingu-25 550. Umuntu oneminyaka engu-50 ubudala kakade usechithe ezingu-18 250 zazo, futhi ezingu-7 300 ezisasele okwethenjwa ukuthi usazoziphila zibonakala zimbalwa ngempela. Angase akuqaphele ikakhulukazi ngalesosikhathi ukuthi kungani umprofethi uMose athandaza ngalendlela kuNkulunkulu kumaHubo 90:12: “Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” Kodwa wayesho ukuthini uMose ngalokho?
8 UMose wayengasho ukuthi uNkulunkulu wayeyokwambula inani okuyilona lona lezinsuku ezaziyophilwa um-Israyeli ngamunye. NgokweHubo 90, amavesi 9 no-10, lowomphrofethi ongumHeberu wayeqaphela ukuthi ubude besikhathi sokuphila babungase bube iminyaka engu-70 noma engu-80—bufushane ngempela. Ngakho amazwi eHubo 90:12 ngokusobala azwakalisa isifiso sikaMose esiqotho sokuba uJehova ambonise, noma amfundise, yena nabantu baKhe ukuba babe nokuhlakanipha ekubhekeni ‘izinsuku zeminyaka yabo’ njengezibalulekile futhi bazisebenzise ngendlela evunyelwa uNkulunkulu. Kuthiwani-ke ngathi? Ingabe siyalwazisa usuku ngalunye oluyigugu? Ingabe sizuza inhliziyo enokuhlakanipha ngokufuna ukuchitha usuku ngalunye ngendlela enenzuzo eyoletha udumo kuMfundisi wethu oMuhle, uJehova uNkulunkulu? Ukufundisa kwaphezulu kusisiza ukuba senze lokho kanye.
9. Yini esingayilindela uma sifunda ukubala izinsuku zethu okuyoletha udumo kuJehova?
9 Uma sifunda ukubala izinsuku zethu okuyoletha udumo kuJehova, singase sikwazi ukuqhubeka sibala, ngoba ukufundisa kwaphezulu kusinikeza ulwazi lokuphila okuphakade. UJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo‚ nomthumileyo‚ uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yiqiniso, ukube besingazuza lonke ulwazi lwezwe olukhona, belungeke lusinikeze ukuphila okuphakade. Kodwa ukuphila okuphakade singakuthola uma sizuza futhi sisebenzisa ulwazi oluqondile oluphathelene nabantu ababili ababaluleke kunabo bonke endaweni yonke futhi sibonise ukholo ngempela.
10. Yini eshiwo enye i-encyclopedia ngemfundo, futhi lokhu kufana kanjani nezinzuzo zokufundisa kwaphezulu?
10 Kungakhathaliseki ukuthi sesiphile isikhathi eside kangakanani, masikhumbule lenzuzo ephawulekayo yokufundisa kwaphezulu: Kunikeza labo abakusebenzisayo injongo yangempela ekuphileni. I-World Book Encyclopedia ithi: “Imfundo kufanele isize abantu babe amalungu omphakathi awusizo. Kufanele futhi ibasize babe nokwazisa ngefa lempucuko futhi baphile ukuphila okwanelisa ngokwengeziwe.” Ukufundisa kwaphezulu kuyasizuzisa ngokusisiza ukuba siphile ukuphila okwanelisayo. Kusenza silazise ngobuqotho ifa lethu elingokomoya njengabantu bakaNkulunkulu. Futhi ngokuqinisekile kusenza sibe amalungu omphakathi awusizo, ngoba kusenza sikwazi ukufeza indima ebalulekile ekuhlangabezaneni nezidingo zabantu emhlabeni wonke. Kungani kungashiwo kanjalo?
Isimiso Sokufundisa Somhlaba Wonke
11. UThomas Jefferson wasiqokomisa kanjani isidingo semfundo efanele?
11 Ngokungefani nanoma yisiphi isimiso sokufundisa, ukufundisa kwaphezulu kuyahlangabezana nezidingo zabantu ezingokwemfundo. Isidingo sokufundisa abantu saphawulwa uThomas Jefferson, owaba umongameli wesithathu wase-United States. Encwadini ka-August 13, 1786, eyayiya kuGeorge Wythe, ongumngane nowasayina i-Declaration of Independence, uJefferson wabhala: “Ngicabanga ukuthi umthetho oyedlula yonke esimisweni sethu semithetho yilowo wokusakazwa kolwazi kubantu. Asikho esinye isisekelo esiqinisekile esingenziwa, ukuze kulondolozwe inkululeko nenjabulo. . . . Mnumzane wami othandekayo, memezela umkhankaso omkhulu wokulwa nokungabi nalwazi; misa futhi uthuthukise umthetho wokufundisa abantu abavamile. Abantu bezwe lakithi mabazi . . . ukuthi intela eyokhokhelwa injongo [yemfundo] ingaphansi kwengxenye eyodwa kweziyinkulungwane zalokho okuyokhokhelwa amakhosi, abapristi, nezikhulu eziyovela phakathi kwethu uma sishiya labantu bengenalwazi.”
12. Kungani kungathiwa ukufundisa kwaphezulu kuyisimiso semfundo yembulunga yonke esiphumelelayo nesizuzisa kunazo zonke?
12 Esikhundleni sokushiya abantu abathambekele ekulungeni bengenalwazi, ukufundisa kukaJehova kunikeza isimiso esingcono kakhulu sokufundisa embulungeni yonke ukuze bazuze. Lapho kusaliwa iMpi Yezwe II eminyakeni engu-50 edlule, i-U.S. Committee on Educational Reconstruction yabona kunesidingo esiphuthumayo “semfundo yembulunga yonke.” Lesosidingo sisekhona namanje, kodwa ukufundisa kwaphezulu kuwukuphela kwesimiso esiphumelelayo semfundo yembulunga yonke. Singesizuzisa kunazo zonke futhi ngoba sikhuthaza abantu asebephelelwe yithemba, sibathuthukise ngokokuziphatha nangokomoya, sibasize bangabi nokuqhosha nobandlululo lwalelizwe, futhi sibanike ulwazi olunikeza ukuphila okuphakade. Ngaphezu kwakho konke, lesisimiso sizuzisa abantu yonke indawo ngokubafundisa indlela yokukhonza uJehova uNkulunkulu.
13. U-Isaya 2:2-4 ugcwaliseka kanjani namuhla?
13 Izinzuzo zokufundisa kwaphezulu zijatshulelwa izixuku eziba izinceku zikaNkulunkulu manje. Ziyasiqaphela isidingo sazo esingokomoya futhi zikuqaphela ngokugcwele ukuthi usuku lukaJehova luseduze. (Mathewu 5:3; 1 Thesalonika 5:1-6) Kwamanje, “engxenyeni yokugcina yalezinsuku,” labantu bazo zonke izizwe bagobhozela entabeni kaJehova, ewukukhulekelwa kwakhe okuhlanzekile. Kuzinze ngempela futhi kuphakeme ngaphezu kwakho konke ukukhulekela okuphambene nentando kaNkulunkulu. (Isaya 2:2-4, qhathanisa ne-NW.) Uma unguFakazi kaJehova ozinikezele, awujabuli yini ngokuba phakathi kwezixuku ezanda njalo ezimkhulekelayo nezizuzayo ekufundiseni kwaphezulu? Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba phakathi kwalabo abamemeza bethi: “Dumisani uJah, nina-bantu!”—IHubo 150:6, qhathanisa ne-NW.
Umphumela Ozuzisayo Emoyeni Wethu
14. Kunayiphi inzuzo ukulandela iseluleko esikweyoku-1 Korinte 14:20?
14 Phakathi kwezinzuzo eziningi zokufundisa kwaphezulu kukhona nethonya elihle okungaba nalo ekucabangeni kwethu nasemoyeni wethu. Kusishukumisela ukuba sicabange ngezinto ezilungile, ezimhlophe, ezinhle, nezibongekayo. (Filipi 4:8) Ukufundisa kukaJehova kusisiza ukuba silandele iseluleko sikaPawulu: “Ebubini nibe-yizingane‚ kepha engqondweni nibe-ngabakhulileyo.” (1 Korinte 14:20) Uma sisisebenzisa leseluleko, ngeke sifune ukuba nolwazi ezintweni ezimbi. UPawulu wabuye wabhala: “Konke okubabayo‚ nentukuthelo‚ nolaka‚ nomsindo‚ nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.” (Efesu 4:31) Ukulalela iseluleko esinjalo kuyosisiza ukuba sigweme ukuziphatha okubi nezinye izono ezinkulu. Nakuba lokhu kungaba nenzuzo ngokwenyama nangokwengqondo, kuyosilethela ikakhulukazi injabulo yokwazi ukuthi sijabulisa uNkulunkulu.
15. Yini engasisiza ukuba sihlale sicabanga izinto ezinhle?
15 Olunye usizo ukuze sihlale sicabanga ngezinto ezinhle, luwukugwema ‘ababi abonakalisa ukuziphatha okuhle.’ (1 Korinte 15:33) NjengamaKristu, ngeke sibe abangane nabantu abayizifebe, iziphingi, nabanye abenza okungalungile. Khona-ke, ngokunengqondo, akumelwe sibe nobudlelwane nabantu abanjalo ngokufunda ngabo ukuze sizijabulise ngokuziphatha okubi noma sibabuke kuthelevishini noma ezithombeni zamabhayisikobho. Inhliziyo iyakhohlisa, kalula nje ingafisa izinto ezimbi, futhi ingalingeka ukuba izenze. (Jeremiya 17:9) Ngakho masigweme izilingo ezinjalo ngokunamathela ekufundiseni kwaphezulu. Kungathonya indlela yokucabanga yalabo ‘abathanda uJehova’ ngezinga eliwusizo kangangokuba baze ‘bazonde okubi.’—IHubo 97:10.
16. Ukufundisa kukaNkulunkulu kungawuthonya kanjani umoya esiwubonisayo?
16 UPawulu watshela isisebenzi ayekanye naso uThimothewu: “INkosi mayibe-nomoya wakho. Umusa mawube-nani.” (2 Thimothewu 4:22) Lomphostoli wayefisa ukuba uNkulunkulu, ngeNkosi uJesu Kristu, avumele amandla ashukumisayo ayeshukumisa uThimothewu namanye amaKristu. Ukufundisa kukaNkulunkulu kusisiza ukuba sibonise umoya wothando, womusa, nomnene. (Kolose 3:9-14) Futhi yeka indlela ohluke ngayo emoyeni obonakaliswa abaningi kulezinsuku zokugcina! Bayazidla, ababongi, abanaluthando, bayaphikisa, banenkani, bathanda injabulo, futhi bantula ukuzinikela kweqiniso kokwesaba uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-5, qhathanisa ne-NW.) Nokho, lapho siqhubeka sisebenzisa izinzuzo zokufundisa kwaphezulu ekuphileni kwethu, sibonisa umoya osenza sithandwe uNkulunkulu nabantu.
Kunenzuzo Ebuhlotsheni Babantu
17. Kungani kubaluleke kangaka ukubambisana ngokuthobeka?
17 Ukufundisa kukaJehova kusisiza ukuba sibone izinzuzo zokubambisana ngokuthobeka nabantu esikhulekela nabo. (IHubo 138:6) Ngokungefani nabantu abaningi namuhla, asizephuli izimiso zokulunga kodwa siyayemukela imibono. Ngokwesibonelo, kuba nemiphumela emihle emihlanganweni yabadala ngoba ababonisi abamisiwe bayayemukela imibono yabanye. Lamadoda ayakwazi ukukhuluma ngesizotha ngenxa yeqiniso, kuyilapho engayivumeli imizwelo ukuba imboze ukucabanga okunengqondo noma ibangele uqhekeko. Wonke amalungu ebandla ayozuza emoyeni wobunye esiwujabulelayo uma sonke siqhubeka sisebenzisa ukufundisa kwaphezulu.—IHubo 133:1-3.
18. Ukufundisa kwaphezulu kusisiza ukuba sibe namuphi umbono ngesikholwa nabo?
18 Ukufundisa kwaphezulu kuyasizuzisa futhi ngokusisiza ukuba sibe nombono oqondile ngesikholwa nabo. UJesu wathi: “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi.” (Johane 6:44) Kusukela ikakhulukazi ngo-1919, uJehova uye wenza izinceku zakhe ukuba zimemezele izahlulelo zakhe, futhi lesixwayiso sembulunga yonke siye sasinyakazisa futhi sasizamazamisa lesimiso sezwe likaSathane. Ngesikhathi esifanayo, abantu abesaba uNkulunkulu—“okunxanelekayo”—baye badonswa uNkulunkulu ukuze bazehlukanise nezizwe futhi bahlanganyele namaKristu agcotshiwe ekugcwaliseni indlu kaJehova ngenkazimulo. (Hagayi 2:7) Ngokuqinisekile, abantu abanjalo abanxanelekayo abadonswa uNkulunkulu kufanele sibabheke njengabangane abathandekayo.
19. Ukufundisa kukaNkulunkulu kwembulani mayelana nokuxazulula ukungezwani kobuntu namaKristu esikanye nawo?
19 Yebo, ngenxa yokuthi sonke asiphelele, izinto ngeke zihlale zihamba ngokushelela. Lapho uPawulu esezothatha uhambo lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli, uBarnaba wayezimisele ukuhamba noMarku. UPawulu akavumanga ngoba uMarku ‘wabashiya ePhamfiliya‚ akaze aya nabo emsebenzini.’ Ngalesosikhathi, ‘kwavela ukuphikisana okukhulu.’ UBarnaba wathatha uMarku baya eKhupro, kepha uPawulu wahamba noSila baya eSiriya naseKhilikhiya. (IzEnzo 15:36-41) Kamuva, ngokusobala leligebe lavaleka, ngoba uMarku wayenoPawulu eRoma, futhi umphostoli wakhuluma kahle ngaye. (Kolose 4:10) Enye inzuzo yokufundisa kwaphezulu iwukuthi isibonisa indlela yokuxazulula ukungezwani kobuntu phakathi kwamaKristu ngokulandela iseluleko esinjengaleso esanikezwa uJesu kuMathewu 5:23, 24 noMathewu 18:15-17.
Kuhlale Kuzuzisa Futhi Kunqoba
20, 21. Ukucabangela kwethu ukufundisa kwaphezulu kufanele kusishukumisele ekwenzeni ini?
20 Ngisho nasekucabangeleni kwethu kafushane ezinye izinzuzo nokunqoba kokufundisa kwaphezulu, ngokungangabazeki sonke siyasibona isidingo sokuphikelela sikusebenzisa ekuphileni kwethu. Khona-ke, ngomoya oqotho, masiqhubeke sifunda kuMfundisi wethu oMuhle. Ngokushesha, ukufundisa kwaphezulu kuzonqoba ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo ngaphambili. Kuyonqoba lapho ongqondongqondo balelizwe sebengasekho unomphela. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:19.) Ngaphezu kwalokho, njengoba izigidi ezengeziwe zifunda intando kaNkulunkulu futhi ziyenza, ulwazi ngoJehova luyogcwala emhlabeni njengamanzi esibekela ulwandle. (Isaya 11:9) Yeka ukuthi lokhu kuyosizuzisa kakhulu kangakanani isintu futhi kulwele uJehova njengoMbusi Wendawo Yonke!
21 Ukufundisa kukaJehova kuyohlale kuzuzisa futhi kunqoba. Ingabe uyoqhubeka uzuza kukho njengomfundi oshisekayo weNcwadi kaNkulunkulu enkulu yokufundisa? Ingabe uphila ngokuvumelana neBhayibheli futhi uhlanganyele amaqiniso alo nabanye? Uma kunjalo, ungabheka phambili ekuboneni ukunqoba okuphelele kokufundisa kwaphezulu, kube udumo kuMfundisi wethu oMuhle, iNkosi Yendawo Yonke uJehova.
Ufundeni?
◻ Ukufundisa kwaphezulu kungaba naliphi ithonya ekuphileni kwethu?
◻ Ukufundisa kukaJehova kuhlangabezana kanjani nezidingo zemfundo?
◻ Ukufundisa kwaphezulu kungaba naliphi ithonya elizuzisayo ekucabangeni kwethu nasezimweni zethu zengqondo?
◻ Ukufundisa kukaNkulunkulu kuzuzisa kanjani ngokuphathelene nobuhlobo babantu?
[Isithombe ekhasini 15]
Ukufundisa kwaphezulu kusibonisa indlela yokuhamba noNkulunkulu, njengoba kwenza uNowa
[Isithombe ekhasini 17]
Abantu bazo zonke izizwe bagobhozela entabeni kaJehova