Ukufundisa Kwaphezulu Kuyanqoba
“Amehlo akho [ayakubona uMfundisi wakho oMuhle, NW], nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo.”—ISAYA 30:20, 21.
1. Kungani isiyalo sikaJehova singabizwa ngokufanelekile ngokuthi ukufundisa kwaphezulu?
UJEHOVA UNKULUNKULU unguMthombo wokufundisa okungcono kakhulu noma ubani angakuthola. Uma silalela lapho ekhuluma, ikakhulukazi lapho ekhuluma ngeZwi lakhe eliNgcwele, uyoba uMfundisi wethu Omuhle. (Isaya 30:20, NW) Umbhalo weBhayibheli lesiHeberu umbiza nangokuthi “ungowaPhezulu.” (IHubo 50:1, NW) Ngakho, isiyalo sikaJehova siwukufundisa kwaphezulu.
2. Kuyiqiniso ngamuphi umqondo ukuthi uNkulunkulu kuphela ohlakaniphile?
2 Izwe liyaziqhenya ngezikhungo zalo eziningi zemfundo, kodwa asikho nesisodwa kuzo esinikeza ukufundisa kwaphezulu. Phela, konke ukuhlakanipha kwezwe okuqongelelwe esikhathini eside esidlule akulutho uma kuqhathaniswa nesiyalo saphezulu esisekelwe ekuhlakanipheni kukaJehova okungenamkhawulo. EyabaseRoma 16:27 ithi uNkulunkulu kuphela ohlakaniphile, futhi lokhu kuyiqiniso ngomqondo wokuthi nguJehova kuphela onokuhlakanipha okuphelele.
3. Kungani uJesu Kristu engumfundisi omkhulu kunabo bonke owake wanyathela emhlabeni?
3 INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, iyisibonelo sokuhlakanipha futhi ingumfundisi omkhulu kunabo bonke owake wanyathela kulomhlaba. Akumangalisi! Eminyakeni eminingi edlule uJehova wayelokhu enguMfundisi wayo emazulwini. Eqinisweni, ukufundisa kwaphezulu kwaqala lapho uNkulunkulu eqala ukufundisa indalo yakhe yokuqala, iNdodana yakhe ezelwe yodwa. Ngakho uJesu wayengase athi: “Ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.” (Johane 8:28; IzAga 8:22, 30) Amazwi kaKristu uqobo alotshwe eBhayibhelini anezela okuningi olwazini lwethu lokufundisa kwaphezulu. Ngokufundisa lokho uJesu akufundisa, amaKristu agcotshiwe alalela uMfundisi wawo oMkhulu, ontando yakhe iwukuba “ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu” kwenziwe kwaziwe ngebandla.—Efesu 3:10, 11; 5:1; Luka 6:40.
Ukunxanela Ukuhlakanipha
4. Yini eye yashiwo ngekhono lobuchopho?
4 Ukuzuza ukuhlakanipha okuwumphumela wokufundisa kwaphezulu kudinga siwasebenzise ngenkuthalo amakhono ethu okucabanga esiwanikwe uNkulunkulu. Lokhu kungenzeka ngoba ubuchopho bomuntu bunekhono elimangalisayo. Incwadi ethi The Incredible Machine ithi: “Ngisho nama-computer asezingeni eliphezulu kakhulu esingawacabanga awalutho uma eqhathaniswa nobunkimbinkimbi obungapheli nokusebenza kobuchopho bomuntu—izici ezenzeka ngenxa yesimiso sabo esiyinkimbinkimbi, nesinekhono elikhulu sezimpawu zamakhemikhali. . . . Izigidi zezimpawu ezinyazima ebuchosheni bakho nganoma yimuphi umzuzu zithwele umthwalo wokwaziswa omkhulu ngokungavamile. Ziletha izindaba eziphathelene nezindawo ezingaphakathi emzimbeni nezingaphandle: ukubanjwa yijaqamba ozwaneni, noma iphunga lekhofi, noma into ehlekisayo eshiwo umngane. Njengoba ezinye izimpawu zilungisa futhi zihlela ukwaziswa, zibangela imizwelo ethile, izinkumbulo, imicabango, noma amacebo aholela esinqumweni esithile. Cishe ngaso lesosikhathi, izimpawu ezivela ebuchosheni bakho zitshela amanye amalungu omzimba wakho lokho okufanele akwenze: nyakazisa uzwane, phuza ikhofi, hleka, noma mhlawumbe phendula ngendlela ehlekisayo. Ngesikhathi esifanayo ubuchopho bakho buqondisa ukuphefumula, ukwakheka kwegazi, izinga lokushisa komzimba, nezinye izinqubo ezibalulekile ongaziqapheli. Bukhipha iziyalezo ezigcina umzimba wakho usebenza kahle naphezu kokushintshashintsha kwendawo okuyo. Ulungiselela nezinto eziyodingeka esikhathini esizayo.”—Ikhasi 326.
5. Ngomqondo ongokomBhalo, kuyini ukuhlakanipha?
5 Nakuba ngokungangabazeki ubuchopho bomuntu bunekhono elimangalisayo, singayisebenzisa kanjani ingqondo ngendlela engcono kakhulu? Hhayi ngokugxila kuphela emfundweni ekhandlayo yokufunda ulimi, ezomlando, isayensi, noma ukuqhathanisa izinkolo. Ngokuyinhloko amakhono ethu okucabanga kufanele siwasebenzisele ukwamukela ukufundisa kwaphezulu. Yikona kuphela okunikeza ukuhlakanipha kwangempela. Kodwa kuyini ukuhlakanipha kwangempela? Ngomqondo ongokomBhalo, igama elithi ukuhlakanipha ligcizelela ukwahlulela okuhle okusekelwe olwazini oluqondile nasekuqondeni kwangempela. Ukuhlakanipha kusenza sikwazi ukusebenzisa ulwazi nokuqonda ngendlela ephumelelayo ukuze sixazulule izinkinga, sigweme noma sivike izingozi, sisize abanye, futhi sifinyelele imigomo yethu. Ngokuthakazelisayo, ukuhlakanipha iBhayibheli likuqhathanisa nobuwula kanye nobulima—izici ngokuqinisekile esifuna ukuzigwema.—Duteronomi 32:6; IzAga 11:29; UmShumayeli 6:8.
Incwadi KaJehova Enkulu Yokufundisa
6. Uma sifuna ukubonisa ukuhlakanipha kwangempela, yini okumelwe isetshenziswe kahle?
6 Kunokuhlakanipha kwezwe okuningi okusizungezile. (1 Korinte 3:18, 19) Phela, lelizwe ligcwele izikole nemitapo enezigidigidi zezincwadi! Eziningi zazo ziyizincwadi zokufundisa ezinikeza imfundo yolimi, izibalo, isayensi, neminye imikhakha yolwazi. Kodwa uMfundisi oMuhle uye walungiselela incwadi yokufundisa ezidlula zonke—iZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) Alinembi nje kuphela lapho likhuluma ngezindaba eziphathelene nomlando, ezokuma kwezwe, nezezitshalo kodwa futhi nalapho libikezela ngekusasa. Ngaphezu kwalokho, lisisiza ukuba kwamanje siphile ukuphila okujabulisa kakhulu nokunenzuzo. Yiqiniso, njengoba nje nabafundi esikoleni sezwe kudingeka bazisebenzise izincwadi zabo, kumelwe sijwayelane kahle neNcwadi kaNkulunkulu enkulu yokufundisa futhi siyisebenzise uma sifuna ukubonisa ukuhlakanipha njengalabo ‘abafundiswa nguNkulunkulu.’—Johane 6:45.
7. Kungani ubungathi ukwazi lokho okuqukethwe iBhayibheli ngengqondo nje kuphela akwanele?
7 Nokho, ukwazi iBhayibheli ngengqondo nje kuphela akufani nokuhlakanipha kwangempela nokuphila ngokuvumelana nokufundisa kwaphezulu. Ngokwesibonelo: Ekhulwini le-17 C.E., indoda engumKatolika okuthiwa uCornelius van der Steen yayifuna ukuba umJesuit kodwa yenqatshelwa ngoba yayimfushane kakhulu. UManfred Barthel encwadini yakhe ethi The Jesuits—History & Legend of the Society of Jesus uthi: “Ikomiti yatshela uvan der Steen ukuthi yayizimisele ukungayinaki imfuneko yobude, kodwa kuphela ngombandela wokuthi wayeyofunda ukulisho ngekhanda lonke iBhayibheli. Bekungeke kube okubalulekile ukuxoxa lendaba ukube uvan der Steen wehluleka ukuhlangabezana nalemfuneko eyeqisayo.” Yeka ukuthi kwakudinga umzamo ongakanani ukulazi ngekhanda lonke iBhayibheli! Nokho, ngokuqinisekile kubaluleke kakhulu ukuliqonda iZwi likaNkulunkulu kunokulazi ngekhanda.
8. Yini eyosisiza ukuba sizuze ekufundiseni kwaphezulu futhi sibonise ukuhlakanipha kwangempela?
8 Uma sifuna ukuzuza ngokugcwele ekufundiseni kwaphezulu futhi sibonise ukuhlakanipha kwangempela, sidinga ulwazi oluqondile lwemiBhalo. Kumelwe siqondiswe nawumoya ongcwele kaJehova, noma amandla ayisiphekupheku. Lokhu kuyosenza sikwazi ukufunda amaqiniso ajulile, ‘okujulileyo kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Ngakho, masiyitadishe ngenkuthalo iNcwadi kaJehova enkulu yokufundisa futhi sithandazele isiqondiso sakhe asinikeza ngomoya ongcwele. Ngokuvumelana nezAga 2:1-6, masinakisise ukuhlakanipha, sigxilise inhliziyo yethu ekuqondeni, futhi sicele ukuqonda. Lokhu kudingeka sikwenze njengokungathi sifuna amagugu afihliwe, ngoba kungokwenza kanjalo kuphela lapho ‘siyoqonda khona ukumesaba uJehova, sifumane ukumazi uNkulunkulu.’ Ukucabangela okunye ukunqoba nezinzuzo zokufundisa kwaphezulu kuyokhulisa ukwazisa kwethu ngokuhlakanipha esikunikwe uNkulunkulu.
Ukuqonda Okuqhubekayo
9, 10. UNkulunkulu wathini, njengoba kulotshwe kuGenesise 3:15, futhi kumelwe aqondwe kanjani lawomazwi?
9 Ukufundisa kwaphezulu kunqoba ngokunikeza abantu bakaJehova ukuqonda imiBhalo okuqhubekayo. Ngokwesibonelo, siye safunda ukuthi kwakunguSathane uDeveli owakhuluma ngenyoka e-Edene futhi wasola uNkulunkulu ngokungafanele ngokuthi wayeqamba amanga lapho ethi isijeziso sokudla isithelo esenqatshelwe sasiyoba ukufa. Nakuba kunjalo, siyabona ukuthi ukungamlaleli uJehova uNkulunkulu kwakuletha ngempela ukufa phezu kohlanga lwesintu. (Genesise 3:1-6; Roma 5:12) Nokho, uNkulunkulu wanikeza isintu ithemba lapho etshela inyoka, futhi ngaleyondlela etshela uSathane: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 3:15.
10 Lawomazwi ayequkethe imfihlo ebilokhu yembulwa ngokuqhubekayo ngokufundisa kwaphezulu. UJehova uye wafundisa abantu bakhe ukuthi isihloko esikhulu seBhayibheli siwukulwelwa kobukhosi bakhe ngeMbewu, eyinzalo ka-Abrahama futhi uDavide enegunya elingokomthetho ekubuseni koMbuso. (Genesise 22:15-18; 2 Samuweli 7:12, 13; Hezekeli 21:25-27) UMfundisi wethu oMuhle uye wasifundisa ukuthi uJesu Kristu uyiMbewu eyinhloko “yowesifazane,” inhlangano kaNkulunkulu yendawo yonke. (Galathiya 3:16) Naphezu kwalo lonke uvivinyo uSathane aluletha kuye, uJesu wagcina ubuqotho—kwaze kwaba sekufeni, ukulinyazwa kweMbewu esithendeni. Sifundile futhi nokuthi izindlalifa zoMbuso ezingu-144 000 ezithathwe esintwini ziyohlanganyela noKristu ekuchobozeni ikhanda likaSathane, “inyoka endala.” (IsAmbulo 14:1-4; 20:2; Roma 16:20; Galathiya 3:29; Efesu 3:4-6) Yeka indlela esilwazisa ngayo ulwazi olunjalo oluvela eZwini likaNkulunkulu!
Ukungena Ekukhanyeni KukaNkulunkulu Okumangalisayo
11. Kungani kungathiwa ukufundisa kwaphezulu kunqoba ngokuletha abantu ekukhanyeni okungokomoya?
11 Ukufundisa kwaphezulu kunqoba ngokuletha abantu ekukhanyeni okungokomoya. AmaKristu agcotshiwe aye aba nokuhlangenwe nakho kwalokho ekugcwalisekeni kweyoku-1 Petru 2:9: “Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo‚ ubupristi obobukhosi‚ isizwe esingcwele‚ abantu abazuziweyo‚ ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni‚ ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” Namuhla, ukukhanya okuvela kuNkulunkulu kujatshulelwa ‘nayisixuku esikhulu’ esiyophila phakade emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:9; Luka 23:43) Njengoba uNkulunkulu efundisa abantu bakhe, izAga 4:18 ziba yiqiniso: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.” Lenqubo yokufunda eqhubekayo ithuthukisa ukuqonda kwethu ukufundisa kwaphezulu, njengoba nje nabafundi bethuthuka ngenxa yosizo oluhle lukathisha lapho befunda ukuhlelwa kolimi, ezomlando, noma esinye isifundo.
12, 13. Ukufundisa kwaphezulu kuye kwavikela abantu bakaJehova kuziphi izingozi ezingokwezimfundiso?
12 Okunye futhi ukunqoba kokufundisa kwaphezulu kuwukuthi abantu abathobekile abakwamukelayo kubavikela ‘ezimfundisweni zamademoni.’ (1 Thimothewu 4:1) Ngakolunye uhlangothi, ake ubheke eLobukholwa! Emuva ngo-1878, isikhulu sesonto lamaRoma Katolika uJohn Henry Newman sabhala: “Khona-ke bethembele emandleni obuKristu okumelana nokuthonywa ububi, nawokuguqula zona kanye izinto nemikhuba ethintene nokukhulekelwa kwamademoni ukuze kusetshenziselwe ivangeli, . . . ababusi beSonto kusukela ezikhathini zakuqala babezimisele, uma ithuba livela, ukuba bamukele, noma balingise, noma bagunyaze amasiko nemikhuba yabantu abavamile eyayikhona ngalesosikhathi, kanye nefilosofi yesigaba sezifundiswa.” UNewman wanezela ukuthi izinto ezinjengamanzi angcwele, izambatho zabapristi, nezithombe “konke kwakunomsuka wobuqaba, futhi kwangcweliswa ngokwamukelwa kwakho eSontweni.” Abantu bakaNkulunkulu babonga ngempela ngokuthi ukufundisa kwaphezulu kuyabavikela ekuhlubukeni okunjalo. Kunqoba zonke izinhlobo zobudemoni.—IzEnzo 19:20.
13 Ukufundisa kwaphezulu kunqoba amaphutha angokwenkolo ngazo zonke izindlela. Ngokwesibonelo, njengabantu abafundiswa nguNkulunkulu, asikholelwa kuZiqu-zintathu kodwa siyavuma ukuthi uJehova ungoPhezukonke, uJesu uyiNdodana yakhe, futhi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku. Asisesabi isihogo somlilo, ngoba siyazi ukuthi isihogo okukhulunywa ngaso eBhayibhelini siyithuna elivamile lesintu. Futhi nakuba abashisekeli benkolo yamanga bethi umphefumulo womuntu awufi, siyazi ukuthi abafile abazi lutho. Singabala uhlu olude lwamaqiniso atholakala ngokufundisa kwaphezulu. Yeka isibusiso okuyiso ukukhululeka ebugqilini obungokomoya beBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga!—Johane 8:31, 32; IsAmbulo 18:2, 4, 5.
14. Kungani izinceku zikaNkulunkulu zingaqhubeka zihamba ekukhanyeni okungokomoya?
14 Ngenxa yokuthi ukufundisa kwaphezulu kuyawanqoba amaphutha angokwenkolo, kwenza izinceku zikaNkulunkulu zikwazi ukuhamba ekukhanyeni okungokomoya. Empeleni, zizwa izwi emva kwazo lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Ukufundisa kukaNkulunkulu kuvikela izinceku zakhe nasekucabangeni okungamanga. Lapho “abaphostoli bamanga” bebangela izinkathazo ebandleni laseKorinte, umphostoli uPawulu wabhala: “Izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama‚ kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba‚ sichitha izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu‚ namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu.” (2 Korinte 10:4, 5; 11:13-15) Imicabango ephambene nokufundisa kwaphezulu inqotshwa ngesiyalo esinikezwa ngobumnene ebandleni nangokushunyayelwa kwezindaba ezinhle kwabangaphandle.—2 Thimothewu 2:24-26.
Ukukhuleka Ngomoya Nangeqiniso
15, 16. Kusho ukuthini ukukhulekela uJehova ngomoya nangeqiniso?
15 Njengoba umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uqhubekela phambili, ukufundisa kwaphezulu kuyanqoba ekuboniseni abathobekile indlela yokukhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” Emthonjeni kaJakobe eduze komuzi waseSikhari, uJesu watshela owesifazane ongumSamariya ukuthi wayengamnika amanzi ayenikeza ukuphila okuphakade. Ebhekisela kumaSamariya, wanezela: “Nina nikhuleka kweningakwaziyo . . . Isikhathi siyeza‚ sesikhona namanje‚ lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.” (Johane 4:7-15, 21-23) Khona-ke uJesu wazichaza njengoMesiya.
16 Kodwa singamkhulekela kanjani uNkulunkulu ngomoya? Ngokunikeza ukukhulekela okuhlanzekile okusuka ezinhliziyweni ezinokubonga ezigcwele uthando ngoNkulunkulu olusekelwe olwazini oluqondile lweZwi lakhe. Singamkhulekela ngeqiniso ngokwenqaba amanga enkolo nangokwenza intando yaphezulu, njengoba yembulwe eNcwadini kaJehova enkulu yokufundisa.
Kunqoba Uvivinyo Nezwe
17. Ungakufakazela kanjani ukuthi ukufundisa kwaphezulu kuzisizile izinceku zikaJehova ukuba zibhekane nokuvivinywa?
17 Lapho abantu bakaNkulunkulu bebhekene novivinyo, ukufundisa kwaphezulu kunqoba ngokuphindaphindiwe. Cabangela lokhu: Lapho kuqala iMpi Yezwe II, ngo-September 1939, izinceku zikaJehova zazidinga ukuqonda okukhethekile kweNcwadi yakhe enkulu yokufundisa. Saba wusizo kakhulu isihloko esasiku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1, 1939, esakubonisa ngokucacile ukufundisa kwaphezulu endabeni yokungathathi-hlangothi kobuKristu. (Johane 17:16) Ngokufanayo, ekuqaleni kwawo-1960, izihloko ze-Nqabayokulinda ezazikhuluma ngokuzithoba okulinganiselwe ‘emagunyeni aphakeme’ kahulumeni zasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba benze ngokuvumelana nokufundisa kwaphezulu lapho bebhekene nezinxushunxushu zomphakathi.—Roma 13:1-7; IzEnzo 5:29.
18. AmaKristu okuzisholo ekhulu lesibili nelesithathu C.E. akubheka kanjani ukuzijabulisa okonakele, futhi yiluphi usizo olunikezwa ukufundisa kwaphezulu ngokuphathelene nalokho namuhla?
18 Ukufundisa kwaphezulu kusisiza ukuba sinqobe izilingo, njengokuyenga kokufuna ukuzijabulisa okonakele. Phawula lokho okwashiwo amaKristu okuzisholo ekhulu lesibili nelesithathu leSikhathi sethu Esivamile. UTertullian wabhala: “Asihlangene ngalutho, ngenkulumo, ngokubona noma ngokuzwa, nobuhlanya basesekisini, ukungabi-namahloni kwasenkundleni yemidlalo yaseshashalazini, unya lwasenkundleni yezemidlalo.” Omunye umbhali wangalesosikhathi wabuza: “Yini umKristu othembekile ayenzayo phakathi kwalezizinto, njengoba engeke acabange ngisho nokucabanga ngobubi? Kungani kumjabulisa ukuboniswa kwenkanuko?” Ngisho nakuba lababhali babephila eminyakeni ethile ngemva kwamaKristu ekhulu lokuqala, bazilahla izinjabulo ezonakele. Namuhla, ukufundisa kwaphezulu kusinikeza ukuhlakanipha kokugwema ukuzijabulisa okunyanyekayo, kokuziphatha okubi, nokunobudlova.
19. Ukufundisa kwaphezulu kusisiza kanjani ukuba sinqobe izwe?
19 Ukwenza ngokuvumelana nokufundisa kwaphezulu kusenza sikwazi ukunqoba izwe ngokwalo. Yebo, ukusebenzisa ukufundisa koMfundisi wethu oMuhle kusenza sinqobe amathonya amabi alelizwe elisemandleni kaSathane. (2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19) Eyabase-Efesu 2:1-3 ithi uNkulunkulu usiphilisile nakuba sasifile eziphambekweni nasezonweni zethu lapho sisahamba ngokombusi wamandla omkhathi. Siyambonga uJehova ngokuthi ukufundisa kwaphezulu kusisiza ukuba sinqobe izifiso nomoya wezwe okuvela esitheni sakhe nesethu—umkhohlisi omkhulu, uSathane uDeveli!
20. Yimiphi imibuzo okufanele icatshangelwe ngokuqhubekayo?
20 Khona-ke, ngokusobala ukufundisa kwaphezulu kunqoba ngezindlela eziningi. Eqinisweni, kungabonakala kungenakwenzeka ukubala zonke izindlela okunqoba ngazo. Kunethonya kubantu emhlabeni wonke. Kodwa kukwenzelani wena? Ukufundisa kwaphezulu kukuthinta kanjani ukuphila kwakho?
Ufundeni?
◻ Ukuhlakanipha kwangempela kungachazwa kanjani?
◻ UNkulunkulu uye wembulani ngokuqhubekayo ngokuphathelene noGenesise 3:15?
◻ Ukufundisa kwaphezulu kuye kwanqoba kanjani ezindabeni ezingokomoya?
◻ Kusho ukuthini ukukhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso?
◻ Ukufundisa kwaphezulu kuzisize kanjani izinceku zikaJehova ukuba zinqobe uvivinyo nezwe?
[Izithombe ekhasini 10]
UJesu wagcina ubuqotho kwaze kwaba sekufeni—ukulinyazwa kweMbewu esithendeni