Amanxusa Okubi
INCAZELO yeBhayibheli ngendima yamademoni ezindabeni zomuntu iphendula imibuzo eyisisekelo ngobubi ebingenakuphenduleka ngaphandle kwalo. Ngokwesibonelo, cabangela lamazwi avela kuyi-International Herald Tribune aphathelene nempi engapheli emaZweni aseBalkan: “Iqembu labacwaningi le-European Community liye laphetha ngokuthi [amasosha] aye adlwengula abesifazane namantombazane amaSulumane abafinyelela ku-20 000 . . . njengengxenye yenkambiso ehleliwe eklanyelwe ukubesabisa, ukubathena amandla nokubaphoqelela ukuba bashiye amakhaya abo.”
Indaba ethile eyayilotshwe kumagazini i-Time yazama ukuchaza lesisimo ngokungagculisi: “Ngezinye izikhathi, izinsizwa empini zingase zidlwengule ukuze zijabulise abaphathi bazo, izikhulu zazo, futhi zithole ukuvunyelwa okunjengokukababa nendodana. Ukudlwengula kuyisiqinisekiso sokuzinikela komuntu ebudloveni baleloqembu. Insizwa ezimisele ukwenza izinto ezisabekayo iye yacindezela unembeza wayo ukuze inamathelane ngokuqinile nezinjongo ezingayekethisi zaleloqembu. Umuntu uqinisekisa ukuzinikela kwakhe kokwethembeka ngokwenza ubudlova obesabekayo.”
Kodwa kungani ‘izinjongo ezingayekethisi zeqembu’ zihlazisa kakhulu kunonembeza babantu ngabanye bamalungu alo? Njengomuntu ngamunye, cishe wonke umuntu uthanda ukuhlala ngokuthula nomakhelwane wakhe. Ngakho, kungani ngezikhathi zempi, abantu bedlwengula, behlukumeza, futhi bebulalana? Isizathu esiyinhloko ukuthi amandla amademoni ayasebenza.
Ukuqonda indima yamademoni kunikeza nekhambi kulokho abanye abakubiza ngokuthi “inkinga yesazi semfundiso yenkolo.” Lenkinga iyindlela yokuvumelanisa leziphakamiso ezintathu: (1) uNkulunkulu uwumninimandla onke; (2) uNkulunkulu unothando futhi ulungile; nokuthi (3) izinto ezisabekayo ziyenzeka. Abanye banombono wokuthi kungenzeka ukuvumelanisa noma yiziphi ezimbili zaleziphakamiso, kodwa azisoze zavunyelaniswa zontathu. IZwi likaNkulunkulu ngokwalo linikeza impendulo, futhi leyompendulo ihilela imimoya engabonakali, amanxusa okubi.
Isihlubuki Sokuqala
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe uwumoya. (Johane 4:24) Ngokuhamba kwesikhathi waba uMdali wezigidi zezinye izidalwa zomoya, amadodana ayizingelosi. Embonweni, inceku kaNkulunkulu uDaniyeli yabona izingelosi eziyizigidi eziyikhulu. Bonke labantu bomoya uJehova abadala babelungile futhi bevumelana nentando yakhe.—Daniyeli 7:10; Heberu 1:7.
Kamuva, lapho uNkulunkulu ‘esekela umhlaba,’ lamadodana kaNkulunkulu ayizingelosi ‘ahlabelela kanyekanye’ futhi “ajabula.” (Jobe 38:4-7) Kodwa enye yawo yaba nesifiso sokuzithathela ukukhulekela okwakufanele uMdali. Ngokuhlubuka kuNkulunkulu, lengelosi yazenza ngokwayo usathane (okusho “umphikisi”) nodeveli (okusho “umnyundeli”).—Qhathanisa noHezekeli 28:13-15.
Esebenzisa inyoka e-Edene ukuze akhulume nowesifazane wokuqala, u-Eva, uSathane wamyengela ekubeni angawulaleli umyalo kaNkulunkulu oqondile wokungasidli isithelo somuthi othile ensimini. Kamuva, indoda yakhe yahlanganyela naye. Ngakho, umbhangqwana wokuqala ongabantu wahlanganyela nalengelosi ekuhlubukeni kuJehova.—Genesise 2:17; 3:1-6.
Nakuba izenzakalo zase-Edene zingase zibonakale ziyisifundo esiqondile sokulalela, uSathane waphakamisa izimpikiswano ezimbili ezibaluleke kakhulu lapho. Okokuqala, uSathane wangabaza ukuthi ubukhosi bukaJehova ezidalweni zakhe babusetshenziswa ngokulunga futhi kukhathalelwa zona. Mhlawumbe abantu babengenza kangcono ekuzibuseni bona ngokwabo. Okwesibili, uSathane wangabaza ukuthi noma yiziphi izidalwa ezihlakaniphile zaziyohlala zithembekile futhi ziqotho kuNkulunkulu lapho ukulalela kwazo kubonakala kungalethi zinzuzo zezinto ezibonakalayo.a
Ukuqonda ngokucacile izimpikiswano ezaphakanyiswa e-Edene, kanye nokwazi izimfanelo zikaJehova, kusisiza ukuba siqonde ikhambi ‘lenkinga yesazi semfundiso yenkolo,’ okungukuthi ukuvumelanisa ukuba khona kokubi nezimfanelo zikaNkulunkulu zamandla nothando. Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJehova unamandla angenakuqhathaniswa futhi eyikho kanye ukwenziwa samuntu kothando, uhlakaniphile futhi ulungile. Ubonakalisa lezimfanelo ezine ngokulinganisela okuphelele. Ngakho, akazange asebenzise amandla akhe angenakuvinjelwa ukuze abhubhise lezihlubuki ezintathu ngaso lesosikhathi. Lokho kwakuyoba okulungile kodwa kwakungenakuba okuhlakaniphile noma okunothando ngempela. Ngaphezu kwalokho, akazange nje athethelele bese ekhohlwa, inkambo abaningi abangase babe nomuzwa wokuthi yayizobe iwukukhetha okunothando. Ukwenza kanjalo kwakungenakuba okuhlakaniphile noma okulungile.
Kwakudingeka isikhathi ukuze kuxazululwe izimpikiswano uSathane aziphakamisa. Kwakuyothatha isikhathi ukuqinisekisa ukuthi abantu babengazibusa yini ngokwabo ngokufanele ngaphandle kukaNkulunkulu. Ngokuvumela lezihlubuki ezintathu ukuba ziqhubeke ziphila, uJehova futhi wenza kwaba nokwenzeka ngezidalwa ukuba zihlanganyele ekuboniseni ukuthi ukuzisholo kukaSathane kungamanga ngokukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka ngaphansi kwezimo ezinzima.b
UJehova wayesho ngokucacile ku-Adamu no-Eva ukuthi uma bedla isithelo esinqatshelwe, bazokufa. Futhi bafa ngempela, nakuba uSathane aqinisekisa u-Eva ngokuthi wayengenakufa. USathane naye ungaphansi kwesigwebo sokufa; okwamanje uyaqhubeka nokudukisa isintu. Eqinisweni, iBhayibheli lithi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19, NW; Genesise 2:16, 17; 3:4; 5:5.
Ezinye Izingelosi Ziyahlubuka
Ngokushesha ngemva kwezenzakalo zase-Edene, ezinye izingelosi zahlanganyela ekuhlubukeni ebukhosini bukaJehova. IBhayibheli lithi: “Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi, amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.” Ngamanye amazwi, lezizingelosi “zalishiya ikhaya lazo [ezulwini]” futhi zeza emhlabeni, zembethe imizimba yabantu, futhi zajabulela injabulo yokuzitika ngokobulili nabesifazane.—Genesise 6:1, 2; Juda 6.
Ukulandisa kuyaqhubeka kuGenesise 6:4: “Ngalezozinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.” Lamadodana ayingxube azalwa abesifazane futhi oyise beyizingelosi ayenamandla ngendlela engavamile, ‘eyiziqhwaga.’ Ayengamadoda anobudlova, noma amaNefili, okuyigama lesiHeberu elisho ukuthi “labo abawisa abanye.”
Kuyaphawuleka ukuthi kamuva lezizenzakalo zakhulunyelwa ezinganekwaneni zezimpucuko zasendulo. Ngokwesibonelo, inkondlo yobuqhawe eneminyaka engu-4 000 yaseBabiloni lasendulo ichaza ukuxhaphaza okwakuhilela amandla angaphezu kwawomuntu kukaGilgamesh, unkulunkulu owumuntu wasenganekwaneni onamandla nobudlova ‘okukhanuka kwakhe [kwakungashiyi] ntombi esokeni layo.’ Esinye isibonelo, esivela enganekwaneni yamaGreki, esikaHercules (noma uHeracles) onamandla angaphezu kwawomuntu. Njengoba azalwa u-Alcmene, umuntu, futhi uyise kungunkulunkulu uZeus, uHercules waqalisa umkhankaso wochungechunge lwezigigaba zobudlova ngemva kokubulala umkakhe nabantwana evuke umbhejazane. Nakuba izindaba ezinjalo zaziphendukezelwa kakhulu njengoba zazixoxwa kusukela kwesinye isizukulwane kuya kwesinye, ziyaxhumana nalokho iBhayibheli elikushoyo ngamaNefili kanye noyise abayizingelosi ezahlubuka.
Ngenxa yethonya lezingelosi ezimbi namadodana azo anamandla angaphezu kwawabantu, umhlaba wagcwala ubudlova kangangokuba uJehova wanquma ukubhubhisa izwe ngozamcolo omkhulu. AmaNefili abhubha kanye nabo bonke abantu abangamesabi uNkulunkulu; okuwukuphela kwabantu abasinda uNowa olungile nomkhaya wakhe.—Genesise 6:11; 7:23.
Nokho, izingelosi ezimbi azifanga. Kunalokho, zakhumula imizimba yazo yenyama futhi zabuyela endaweni yomoya. Ngenxa yokungalaleli kwazo, azizange zivunyelwe ukuba zibuyele emkhayeni kaNkulunkulu wezingelosi ezilungile; futhi azivunyelwanga ukuba ziphinde zembathe imizimba yabantu njengoba zenza osukwini lukaNowa. Nakuba kunjalo, zaqhubeka zinethonya elibhubhisayo ezindabeni zesintu, ngaphansi kwegunya ‘lenkosi yamademoni,’ uSathane uDeveli.—Mathewu 9:34; 2 Petru 2:4; Juda 6.
Izitha Zesintu
Ngaso sonke isikhathi uSathane namademoni bebelokhu bebulala futhi benonya. USathane, ngezindlela ezihlukahlukene wathatha imfuyo kaJobe futhi wabulala izinceku zakhe eziningi. Ngokulandelayo wabulala izingane eziyishumi zikaJobe ngokubangela “umoya omkhulu” ukuba udilize indlu ezazikuyo. Ngemva kwalokho, uSathane wahlupha uJobe “ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.”—Jobe 1:7-19; 2:3, 7.
Amademoni abonisa isimo sengqondo esibi esifanayo. Ngosuku lukaJesu, aphuca abantu amandla okukhuluma nokubona. Abangela omunye umuntu ukuba azisike ngamatshe. Awisa umfana othile futhi ‘amhlukumeza kakhulu.’—Luka 9:42; Mathewu 9:32, 33; 12:22; Marku 5:5.
Imibiko evela emhlabeni wonke ibonisa ukuthi uSathane namademoni banonya ukudlula noma yinini ngaphambili. Abanye abantu babashaya ngokugula. Abanye babahlukumeza ngokubaphuca ubuthongo noma ngokubaphuphisa amaphupho asabekayo noma ngokubanukubeza ngokobulili. Kanti abanye baye babasanganisa, bababulala, noma benza ukuba bazibulale.
Bayobekezelelwa Isikhathi Esingakanani?
USathane namademoni akhe abanakubekezelelwa phakade. Ngesizathu esihle uJehova uye wabavumela ukuba babe khona kuze kube usuku lwethu, kodwa manje isikhathi sabo sifushane. Ekuqaleni kwalelikhulu leminyaka, kwathathwa isinyathelo esikhulu ukuze kulinganiselwe indawo yokusebenza kwabo. Incwadi yesAmbulo iyachaza: “Kwase-kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli [uJesu Kristu ovusiwe] nezingelosi zakhe balwa nodrako [uSathane]. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.
Waba yini umphumela? Lokhu kulandisa kuyaqhubeka: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo.” Izingelosi ezilungile zazingajabula ngoba uSathane namademoni akhe babengasekho ezulwini. Kodwa kuthiwani ngabantu abasemhlabeni? IBhayibheli lithi: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:12.
Ngolaka lwabo uSathane nabangaphansi kwakhe bahlose ukubangela umaye omkhulu ngangokunokwenzeka ngaphambi kokuphela kwabo okusondela ngokushesha. Kulelikhulu leminyaka kuye kwaba nezimpi ezimbili zezwe kanye nezimpi ezincane ezingaphezu kuka-150 kusukela ekupheleni kwempi yezwe yesibili. Emagameni esiwaziyo kuye kwenezelwa amanye abonisa ubudlova balesisizukulwane: “impi yokubulala ngamagciwane,” “ukuQothulwa Kwesizwe,” “izindawo zokubulalela,” “amakamu okudlwengula,” “ababulali abangenamkhawulo,” nelithi “ibhomu le-athomu.” Izindaba zigcwele ukulandisa kokusetshenziswa kwezidakamizwa, ukubulala, ukuqhunyiswa kwamabhomu, ubuzimuzimu bezinhlanya, ukubulawa kwabantu abaningi ngesihluku, indlala, nokuhlukumeza.
Izindaba ezinhle ziwukuthi lezizinto zingezesikhashana. Esikhathini esizayo esiseduze, uNkulunkulu uzophinde athathe isinyathelo ngokumelene noSathane namademoni akhe. Echaza umbono ovela kuNkulunkulu, umphostoli uJohane wathi: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane.”—IsAmbulo 20:1-3.
Ngemva kwalokho, uDeveli namademoni akhe ‘bayothukululwa isikhashana,’ bese bebhujiswa phakade. (IsAmbulo 20:3, 10) Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani! Lapho uSathane namademoni akhe sebebhujiswe phakade, uJehova ‘uyakuba yikho konke kukho konke.’ Futhi wonke umuntu ‘uyakuthokoza ngokuthula okukhulu.’—1 Korinte 15:28; IHubo 37:11.
[Imibhalo yaphansi]
a Lokhu kwacaciswa kamuva lapho uSathane ethi ngoJobe inceku kaNkulunkulu: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”—Jobe 2:4, 5.
b Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe umuntu kuphela obangela lezizinto, noma ingabe ithonya lokubi, amandla angabonakali nalo linesandla kulokhu?
[Umthombo]
Oil wells burning in Kuwait, 1991: Chamussy/Sipa Press
[Isithombe ekhasini 7]
Yeka ukuthi kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani lapho amademoni engasasihlukumezi isintu!