Ubuthakathaka Bomuntu Bukhulisa Amandla KaJehova
“Wonke umuntu wayecabanga ukuthi ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele esijabula kakhulu nesinobungqabavu. Njalo kwakuba yimi engisiza abanye ngezinkinga zabo. Nokho, ngesikhathi esifanayo ngangizizwa sengathi ngiyafa ngaphakathi. Imicabango ephazamisayo nokucindezeleka ngokwengqondo kwabhidlanga. Ngaqala ukuzizwa ngihlukanisiwe nabantu. Ngangifuna nje ukuhlala ekhaya ngilale. Izinyanga eziningi, nganginxusa uJehova ukuba angivumele ngife.”—UVanessa.
NJENGAKULESI simo esicashunwe ngenhla, kufanele sikulindele ukuthi ngezinye izikhathi izinceku zikaJehova ziyoyizwa imiphumela yokuphila kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Ezinye zingase zidangale ngisho nokudangala. (Filipi 2:25-27) Lapho ukudangala kuqhubeka isikhathi eside, kungasiqeda amandla, ngoba iBhayibheli lithi: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” (IzAga 24:10) Yebo, lapho sidumazekile, sidinga amandla—mhlawumbe ngisho nalokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7.
UJehova uNkulunkulu ungumthombo wamandla angenakulinganiswa. Lokhu kuyabonakala lapho sihlola indalo yakhe. (Roma 1:20) Ngokwesibonelo, cabangela ilanga. Umhlaba uthola amandla elanga angaba izigidi zezigidi ezingu-240 ngokuqhubekayo. Nokho, leli nani limelela cishe ingxenye eyodwa nje yezigidi eziyinkulungwane zamandla akhishwa ilanga. Futhi ilanga lincane uma liqhathaniswa nezinkanyezi ezaziwa ngokuthi ama-supergiant. Phakathi kwazo kuneRigel, inkanyezi eseqoqweni lezinkanyezi i-Orion enkulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-50 kunelanga lethu futhi ekhipha amandla amaningi ngokuphindwe izikhathi ezingu-150 000!
UMdali wemithombo enjalo yamandla asezulwini kumelwe ukuba yena ngokwakhe ‘unamandla amakhulu.’ (Isaya 40:26; IHubo 8:3, 4) Yebo, umprofethi u-Isaya wathi uJehova “akapheli amandla, akakhathali.” Futhi uNkulunkulu uzimisele ukunika noma ubani amandla akhe okuthi ngenxa yobuthakathaka bobuntu, azizwe ekhathala. (Isaya 40:28, 29) Indlela akwenza ngayo lokhu ibonakala endabeni yomphostoli uPawulu ongumKristu.
Ukubhekana Nokulingwa
UPawulu watshela abaseKorinte ngesithiyo okwakudingeka asikhuthazelele. Wasibiza ngokuthi “iva enyameni.” (2 Korinte 12:7) Kungenzeka ukuthi ‘leliva’ laliyinkinga yempilo, mhlawumbe ukufiphala kwamehlo. (Galathiya 4:15; 6:11) Noma kungenzeka ukuthi uPawulu wayebhekisela kubaphostoli bamanga nabanye abantu abaphazamisayo ababebekela ubuphostoli bakhe nomsebenzi wakhe inselele. (2 Korinte 11:5, 6, 12-15; Galathiya 1:6-9; 5:12) Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, ‘leliva enyameni’ lamcindezela kakhulu uPawulu, futhi ngokuphindaphindiwe wathandazela ukuba lisuswe.—2 Korinte 12:8.
Nokho, uJehova akazange enze ngokuvumelana nesicelo sikaPawulu. Kunalokho, wamtshela: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele.” (2 Korinte 12:9) Wayesho ukuthini uJehova ngalokhu? Phela, lapho sicabangela inkambo kaPawulu yangesikhathi esidlule yokushushisa amaKristu, kwaba ngomusa ongafanelwe ngempela ukuba abe nje nobuhlobo noNkulunkulu—ingasaphathwa eyokukhonza njengomphostoli!a (Qhathanisa noZakariya 2:8; IsAmbulo 16:5, 6.) Kungenzeka ukuthi uJehova wayetshela uPawulu ukuthi ilungelo lokuba umfundi ‘lalanele.’ Lalingenakuhambisana nokususwa ngokuyisimangaliso kwezinkinga zomuntu siqu zokuphila. Empeleni, obunye ubunzima bungase bubangelwe nayiwo kanye amalungelo engeziwe. (2 Korinte 11:24-27; 2 Thimothewu 3:12) Ngaphansi kwanoma isiphi isimo, uPawulu kwakuyodingeka nje alikhuthazelele “iva enyameni” yakhe.
Nokho, lokho akusho nakancane ukuthi uJehova wayemlahla ngokungenazwela uPawulu. Kunalokho, wathi kuye: “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” (2 Korinte 12:9) Yebo, ngothando uJehova wayeyomnika amandla okubhekana nesimo sakhe. Ngakho, “iva enyameni” kaPawulu laba isifundo esizuzisayo. Lamfundisa ukuthembela emandleni kaJehova kunawakhe. Kusobala ukuthi uPawulu wasizwa kahle lesi sifundo, ngoba eminyakeni ethile kamuva wabhalela abaseFilipi: “Ngiye ngafunda ukuba owanelisekile kungakhathaliseki ukuthi ngikuziphi izimo. Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.”—Filipi 4:11, 13.
Kuthiwani ngawe? Ingabe ukhuthazelela uhlobo oluthile ‘lweva enyameni,’ mhlawumbe ukugula noma isimo esithile ekuphileni esikubangela ukukhathazeka? Uma kunjalo, duduzeka. Nakuba uJehova engase angasisusi ngokuyisimangaliso leso sithiyo, angakunika ukuhlakanipha namandla okubhekana naso njengoba uqhubeka ubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni.—Mathewu 6:33.
Uma ukugula noma ukukhula ngeminyaka kukuphazamisa ekubeni ufeze okuningi ngendlela obungathanda ngayo emsebenzini wobuKristu, ungadangali. Kunokuba ubheke ukulingwa kwakho njengokulinganisela inkonzo yakho kuJehova, kubheke njengethuba lokwandisa ukuthembela kwakho kuye. Futhi khumbula ukuthi ukufaneleka komKristu akulinganiswa ngezinga lomsebenzi, kodwa ngokholo lwakhe nokujula kothando lwakhe. (Qhathanisa noMarku 12:41-44.) Ukuthanda uJehova ngomphefumulo wakho wonke kusho ukuthi umkhonza ngokusemandleni akho siqu—hhayi awomunye.—Mathewu 22:37; Galathiya 6:4, 5.
Uma ‘iva enyameni’ yakho lihlanganisa isimo esicindezelayo ekuphileni, njengokushona kothandekayo, landela ukuyala kweBhayibheli: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Owesifazane ongumKristu okuthiwa uSylvia wenza kanjalo. Phakathi neminyaka embalwa nje, washonelwa umyeni wakhe ngemva kweminyaka engu-50 beshadile kanye namanye amalungu omkhaya angu-9—kuhlanganise nabazukulu ababili abancane. “Ngaphandle kosizo lukaJehova,” kusho uSylvia, “ngangiyodabuka ngokungalawuleki. Kodwa ngithola induduzo enkulu emthandazweni. Ngiyaye ngixoxe isikhathi eside noJehova. Ngiyazi ukuthi unginika amandla okukhuthazela.”
Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke’ angabanika amandla okukhuthazela labo abasosizini! (2 Korinte 1:3; 1 Thesalonika 4:13) Uma sikuqaphela lokhu, singasiqonda isiphetho sikaPawulu kulendaba. Wabhala: “Ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokwethukwa, ngokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—2 Korinte 12:10.
Ukubhekana Nokungapheleli
Sonke siye sazuza ukungapheleli njengefa kubazali bethu bokuqala abangabantu. (Roma 5:12) Ngenxa yalokho, silwa nezifiso zenyama enesono. Yeka ukuthi kungaba okudumaza kanjani ukuthola ukuthi izici ‘zobuntu obudala’ zibambelele kithi ngokunamandla kakhulu kunalokho ebesikucabanga! (Efesu 4:22-24) Ngezikhathi ezinjalo singase sizizwe njengomphostoli uPawulu, owabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”—Roma 7:22, 23.
Nalapha singazibeka ethubeni lokuzuza amandla kaJehova. Lapho ulwa nobuthakathaka bomuntu siqu, ungalokothi uyeke ukuphendukela kuye ngomthandazo, uyicele ngobuqotho intethelelo kungakhathaliseki ukuthi kudingeka uthandaze kaningi kangakanani ngenkinga efanayo. Ngenxa yomusa wakhe ongafanelwe, uJehova, ‘olinganisa izinhliziyo’ nongabona ukujula kobuqotho bakho, uyokunika unembeza ohlanzekile. (IzAga 21:2) Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova angakunika amandla okuqala kabusha ekulweni nobuthakathaka benyama.—Luka 11:13.
Siyawadinga futhi amandla kaJehova lapho sibhekene nokungapheleli kwabanye. Ngokwesibonelo, umKristu esikanye naye angase ‘aphahluke njengokuhlaba kwenkemba’ lapho ekhuluma nathi. (IzAga 12:18) Lokhu kungasilimaza kakhulu, ikakhulukazi uma kuvela kothile esicabanga ukuthi kufanele ukuba wazi kangcono. Singase siphazamiseke kakhulu. Abanye baye baze basebenzisa ukukhutshekiswa okunjalo njengesizathu sokushiya uJehova—iphutha elikhulu kunawo wonke!
Nokho, isimo sengqondo esilinganiselayo siyosisiza ukuba sibheke ubuthakathaka babanye ngombono ofanele. Asinakulindela ukuphelela kubantu abangaphelele. Indoda ehlakaniphile uSolomoni iyasikhumbuza: “Akukho-muntu ongoniyo.” (1 AmaKhosi 8:46) U-Arthur, umKristu ogcotshiwe owakhonza uJehova ngokwethembeka amashumi angaba ngu-7 eminyaka, waphawula: “Ubuthakathaka bezikhonzi esikanye nazo businika ithuba lokubonisa ubuqotho, buvivinye umbono wethu wobuKristu. Uma sivumela lokho abantu abakushoyo noma abakwenzayo ukuba kuphazamise ukukhonza kwethu uJehova, sikhonza abantu. Ngaphandle kwalokho, kumelwe ukuba abafowethu nabo bayamthanda uJehova. Uma sibheka okuhle kubo, sisheshe sibone ukuthi empeleni abababi kangako.”
Amandla Okushumayela
Ngaphambi kokunyukela ezulwini, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami kokubili eJerusalema nakulo lonke iJudiya neSamariya nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8.
Njengoba uJesu asho, lomsebenzi manje wenziwa oFakazi BakaJehova emazweni angu-233 emhlabeni wonke. Njengeqembu, bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane unyaka ngamunye besiza abanye ukuba bafinyelele ekwazini uJehova. Akulula ngaso sonke isikhathi ukufeza lomsebenzi. Kwamanye amazwe umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uvinjelwe noma ulinganiselwe. Cabangela nokuthi obani abenza lomsebenzi—abantu ababuthakathaka nabangaphelele, ngabanye abanezinkinga nezinkathazo zabo siqu. Noma kunjalo umsebenzi uyaqhubeka, futhi ngenxa yalokho, eminyakeni emithathu edlule, abantu abangaphezu kwesigidi baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi. (Mathewu 28:18-20) Ngempela, lomsebenzi ufezwa ngamandla kaNkulunkulu kuphela. UJehova wathi ngomprofethi uZakariya: “Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela.”—Zakariya 4:6.
Uma ungummemezeli wezindaba ezinhle, unengxenye—kungakhathaliseki ukuthi ibonakala incane kangakanani—kulowo msebenzi omkhulu ofezwayo. Kungakhathaliseki ukuthi kumelwe ukhuthazelele ‘ameva,’ ungaqiniseka ukuthi uJehova ngeke awukhohlwe ‘umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe.’ (Heberu 6:10) Ngakho qhubeka uthembela eMthonjeni wawo wonke amandla amakhulu ukuze uthole ukusekelwa. Khumbula, singakhuthazela ngamandla kaJehova kuphela; amandla akhe enziwa aphelele ebuthakathakeni bethu.
[Umbhalo waphansi]
a Yiqiniso, njengoba ‘bonke bonile futhi besilela enkazimulweni kaNkulunkulu,’ kuwubufakazi bomusa kaNkulunkulu kwakhona nje ukuthi noma yimuphi umuntu angaba nobuhlobo naye.—Roma 3:23.
[Isithombe ekhasini 26]
Umsebenzi wokushumayela ufezwa ngamandla kaJehova kuphela