Umbono WeBhayibheli
‘Ukungabi Ingxenye Yezwe’—Kusho Ukuthini?
EKHULWINI lesine C.E., izinkulungwane zamaKristu okuzisholo zashiya izinto zazo ezibonakalayo, izihlobo nendlela yokuphila ukuze ziyohlala zodwa ezingwadule zaseGibithe. Zaziwa ngokuthi ama-anchorite, lisuselwa kwelesiGreki elithi a·na·kho·reʹo, elisho ukuthi “ngiyazehlukanisa.” Esinye isazi-mlando siwachaza ngokuthi ayezehlukanisa nabantu bangaleso sikhathi. Ama-anchorite ayecabanga ukuthi ngokuzehlukanisa nomphakathi, ayelalela imfuneko yamaKristu ‘yokungabi ingxenye yezwe.’—Johane 15:19.
IBhayibheli liyala amaKristu ukuba azigcine “engenalo ibala elivela ezweni.” (Jakobe 1:27) ImiBhalo ixwayisa ngokucacile: “Ziphingi, anazi yini ukuthi ubungane nezwe buwubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu kulindeleke ukuba abe ama-anchorite, azehlukanise nabanye ngomqondo ongokoqobo? Ingabe kufanele azehlukanise nabantu abangenazo izinkolelo ezingokwenkolo ezinjengezawo?
AmaKristu Awazihlukanisi Nomphakathi
Umqondo wokungabi ingxenye yezwe kuxoxwa ngawo ezindimeni eziningi zeBhayibheli eziqokomisa isidingo sokuba amaKristu azihlukanise noquqaba lomphakathi wesintu ohlukanisiwe noNkulunkulu. (Qhathanisa neye-2 Korinte 6:14-17; Efesu 4:18; 2 Petru 2:20.) Ngakho, amaKristu eqiniso ngokuhlakanipha ayazigwema izimo zengqondo, inkulumo nokuziphatha okungqubuzana nezindlela ezilungile zikaJehova, njengokuphishekela ingcebo, ukuvelela nokuzitika ngenjabulo. (1 Johane 2:15-17) Futhi ayazehlukanisa nezwe ngokuhlala engathathi hlangothi ezindabeni zempi nezombangazwe.
UJesu Kristu wathi abafundi bakhe babengeke ‘babe ingxenye yezwe.’ Kodwa futhi wathandaza kuNkulunkulu: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi.” (Johane 17:14-16) Ngokusobala, uJesu wayengafuni ukuba abafundi bakhe bazehlukanise nomphakathi, bangahlangani nhlobo nabantu abangewona amaKristu. Eqinisweni, ukuzehlukanisa bekuyovimbela umKristu ekubeni afeze ukuthunywa kwakhe kokushumayela nokufundisa “obala nasendlini ngendlu.”—IzEnzo 20:20; Mathewu 5:16; 1 Korinte 5:9, 10.
Iseluleko sokuhlala engenabala elivela ezweni asinikezi amaKristu isisekelo sokuzibheka njengaphakeme kunabanye. Labo abesaba uJehova bayakuzonda “ukuzidla.” (IzAga 8:13) EyabaseGalathiya 6:3 ithi “uma noma ubani ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, ukhohlisa ingqondo yakhe siqu.” Labo abanomuzwa wokuthi baphakeme bayazikhohlisa ngoba “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
‘Ningakhulumi Kabi Nganoma Ubani’
Osukwini lukaJesu kwakunabantu ababebadelela bonke abantu ababengewona amalungu amaqembu abo akhethekile angokwenkolo. Phakathi kwalaba kwakunabaFarisi. Babewazi kahle uMthetho kaMose kanye nemicikilisho yamasiko amaJuda. (Mathewu 15:1, 2; 23:2) Babezigqaja ngokulandela ngokucophelela amasiko enkolo amaningi. AbaFarisi babeziphatha njengokungathi babephakeme kunabanye ngenxa yokuhlakanipha ababekufinyelele kanye nokuma kwabo okungokwenkolo. Babebonisa isimo sabo sengqondo sokuzinikela nendelelo ngokuthi: “Lesisixuku esingawazi uMthetho singabantu abaqalekisiwe.”—Johane 7:49.
AbaFarisi babenegama elilulaza labo abangebona abaFarisi. Igama lesiHeberu elithi ʽam ha·ʼaʹrets ekuqaleni lalisetshenziswa kahle ekubhekiseleni emalungwini avamile omphakathi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi abaholi benkolo bamaJuda abaqhoshayo bawushintsha umqondo welithi ʽam ha·ʼaʹrets waba owokuhlambalaza. Amanye amaqembu, kuhlanganise namaKristu okuzisholo, aye asebenzisa igama elithi “iqaba” nelithi “umhedeni” ngendlela yokwedelela lapho ebhekisela kubantu abanezinkolelo ezingokwenkolo ezihlukile kwezawo.
Nokho, amaKristu ekhulu lokuqala ayebabheka kanjani labo ababengakabamukeli ubuKristu? Abafundi bakaJesu bayalwa ukuba babaphathe “ngobumnene” ‘nangenhlonipho ejulile’ abantu ababengewona amakholwa. (2 Thimothewu 2:25; 1 Petru 3:15) Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle kulokhu. Wayengeneka, engaqhoshi. Esikhundleni sokuziphakamisa kunabanye, wayethobekile futhi eyisikhuthazo. (1 Korinte 9:22, 23) Encwadini yakhe ephefumulelwe ayibhalela uThithu, uPawulu usiyala ukuba ‘singakhulumi kabi nganoma ubani, singabi izilwi, sibe nengqondo, sibonise bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:2.
EBhayibhelini inkulumo ethi ‘umuntu ongelona ikholwa’ ngezinye izikhathi ibhekisela kubantu abangewona amaKristu. Nokho, abukho ubufakazi bokuthi inkulumo ethi ‘umuntu ongelona ikholwa’ yayisetshenziswa njengencazelo esemthethweni. Ngokuqinisekile, yayingasetshenziselwa ukululaza noma ukuhlambalaza ababengewona amaKristu, njengoba lokhu bekungaba okuphambene nezimiso zeBhayibheli. (IzAga 24:9) OFakazi BakaJehova namuhla bayakugwema ukuba nonya noma ukuqhoshela abantu abangewona amakholwa. Bakubheka njengokwedelela ukubiza izihlobo noma omakhelwane abangebona oFakazi ngamagama alulazayo. Balandela iseluleko seBhayibheli esithi: “Isigqila seNkosi . . . kudingeka sibe mnene kubo bonke.”—2 Thimothewu 2:24.
“Masisebenzeni Okuhle Kubo Bonke”
Kubalulekile ukuqaphela izingozi zokusondelana nabantu bezwe, ikakhulukazi labo ababonisa ukungazihloniphi neze izindinganiso zikaNkulunkulu. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:33.) Nokho, lapho iBhayibheli liseluleka ukuba ‘sisebenze okuhle kubo bonke,’ igama elithi “bonke” lihlanganisa nalabo abangenazo izinkolelo zobuKristu. (Galathiya 6:10) Ngokusobala, ngaphansi kwezimo ezithile amaKristu ekhulu lokuqala ayedla nabantu ababengewona amakholwa. (1 Korinte 10:27) Ngakho, namuhla amaKristu aphatha abantu abangewona amakholwa ngendlela elinganiselayo, ebabheka njengomakhelwane bawo.—Mathewu 22:39.
Kungaba iphutha ukucabanga ukuthi umuntu mubi noma ungcolile ngoba nje engawazi amaqiniso eBhayibheli. Izimo nabantu kuyahluka. Ngakho, umKristu ngamunye kumelwe anqume ukuthi uyokulawula ngezinga elingakanani ukuxhumana kwakhe nabantu abangewona amakholwa. Nokho, bekuyoba okungadingekile nokungqubuzana nemiBhalo ukuba umKristu azihlukanise ngokoqobo njengoba kwakwenza ama-anchorite noma abe nomuzwa wokuthi uphakeme njengoba kwakwenza abaFarisi.