‘Ukuphatha Izwi Leqiniso Ngokufanele’
IZWI likaNkulunkulu liyinqolobane yezimiso ezidingekile ukuze ukuphila kube okuphumelelayo. Lingasiza isikhonzi ukuba sifundise, sisole, futhi siqondise. (2 Thimothewu 3:16, 17) Nokho, ukuze sizuze ngokugcwele kulesi siqondiso esilungiselelwe ngokwaphezulu, kumelwe silalele iseluleko somphostoli uPawulu kuThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thimothewu 2:15.
Phakathi kwezinye izinto, iZwi likaNkulunkulu lifaniswa nobisi olunomsoco, ukudla okuqinile, amanzi aqabulayo nahlanzayo, isibuko, nenkemba ebukhali. Ukuqonda lokho okushiwo yilamazwi kusiza isikhonzi ukuba sisebenzise iBhayibheli ngekhono.
Ukwaba Ubisi LweZwi LikaNkulunkulu
Ubisi ukudla okudingwa izingane ezisanda kuzalwa. Njengoba ingane ikhula, kancane kancane kunezelwa ukudla okuqinile ekudleni kwayo, kodwa ekuqaleni, ukudla kwayo kungaba ubisi nje kuphela. Ngezici eziningi, labo abanolwazi oluncane ngeZwi likaNkulunkulu bafana nezingane. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu usanda kuba nesithakazelo eZwini likaNkulunkulu noma usenesikhathi esithile ejwayelene nalo, uma enokuqonda okuyisisekelo nje kuphela kwalokho iBhayibheli elikushoyo, uyingane engokomoya futhi udinga ukudla okulula—“ubisi” olungokomoya. Akakakwazi ukugaya “ukudla okuqinile,” izinto ezijulile zeZwi likaNkulunkulu.—Heberu 5:12.
Kwakunjalo ebandleni elalisanda kumiswa eKorinte lapho uPawulu elibhalela: “Nganondla ngobisi, hhayi ngokudliwayo, ngoba naningakaqini ngokwanele.” (1 Korinte 3:2) AbaseKorinte kwakusadingeka bafunde “izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu” kuqala. (Heberu 5:12) Ngezinga ababesakhule ngalo, babengenakugaya ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’—1 Korinte 2:10.
NjengoPawulu, izikhonzi ezingamaKristu namuhla zibonisa ukuthi ziyazikhathalela izingane ezingokomoya ngokuzinikeza “ubisi,” okungukuthi, ngokuzisiza ukuba zibe nesisekelo esiqinile emfundisweni yobuKristu eyinhloko. Zikhuthaza abantu abanjalo abasanda kuhlanganyela noma abangakavuthwa ukuba ‘bakhe ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.’ (1 Petru 2:2) Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi wayekuqonda ukunakwa okukhethekile abasanda kuhlanganyela abakudingayo lapho ebhala: “Wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane.” (Heberu 5:13) Izinceku zikaNkulunkulu kudingeka zibe nesineke, ukucabangela, ukuqonda, nobumnene njengoba zihlanganyela ubisi lweZwi oluhlanzekile nabantu abasanda kuhlanganyela nabangenakho okuhlangenwe nakho ngosizo lwezifundo zeBhayibheli zasekhaya nasebandleni.
Ukusingatha Ukudla Okuqinile KweZwi LikaNkulunkulu
Ukuze akhulele ensindisweni, umKristu udinga okungaphezu ‘kobisi.’ Lapho esewaqonda ngokucacile amaqiniso ayinhloko eBhayibheli futhi wawamukela, usuke esekulungele ukudlulela ‘ekudleni okuqinile okungokwabantu abavuthiwe.’ (Heberu 5:14) Angakwenza kanjani lokhu? Ngokuyisisekelo, angakwenza ngesimiso sasikhathi sonke sesifundo somuntu siqu nokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu. Imikhuba emihle enjalo iyosiza ekwenzeni umKristu aqine ngokomoya, avuthwe, futhi aphumelele enkonzweni. (2 Petru 1:8) Akufanele sikhohlwe ukuthi ngaphezu kolwazi, ukwenza intando kaJehova nakho kuhlanganisiwe ekudleni okungokomoya.—Johane 4:34.
Namuhla, “isigqila esikholekile nesiqondayo” siye samiswa ukuba sinikeze izinceku zikaNkulunkulu ukudla ngesikhathi esifanele futhi sizisize ukuba ziqonde “ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okuhlukahlukene kakhulu.” Ngomoya wakhe, uJehova umbula amaqiniso angokomBhalo ajulile ngalesi sigqila esithembekile, ngokukholeka esikhipha ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45-47; Efesu 3:10, 11; qhathanisa nesAmbulo 1:1, 2.) UmKristu ngamunye unomthwalo wemfanelo wokuwasebenzisa ngokugcwele lawo malungiselelo akhishwayo.—IsAmbulo 1:3.
Yiqiniso, ngisho namaKristu avuthiwe athola ezinye izinto eBhayibhelini “kunzima ukuziqonda.” (2 Petru 3:16) Kunezinkulumo ezididayo, iziprofetho, nemifanekiso okudinga ukutadisha nokuzindla okukhulu. Ngakho, isifundo somuntu siqu sihlanganisa ukumba eZwini likaNkulunkulu. (IzAga 1:5, 6; 2:1-5) Abadala ikakhulukazi banomthwalo wemfanelo ngokuqondene nalokhu lapho befundisa ibandla. Kungakhathaliseki ukuthi baqhuba iSifundo Sencwadi Sebandla noma iSifundo Se-Nqabayokulinda, banikeza izinkulumo zeningi, noma bafundisa nganoma iyiphi enye indlela, abadala kufanele bajwayelana kahle nokwaziswa kwabo futhi balungele ukunaka ‘ubuciko babo bokufundisa’ njengoba bedlulisela ukudla okungokomoya okuqinile ebandleni.—2 Thimothewu 4:2.
Amanzi Aqabulayo Nahlanzayo
UJesu watshela owesifazane waseSamariya emthonjeni ukuthi wayezomnika okuphuzwayo okwakuyoba ngaphakathi kuye “umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okumi phakade.” (Johane 4:13, 14; 17:3) Lamanzi anikeza ukuphila ahlanganisa wonke amalungiselelo kaNkulunkulu okuzuza ukuphila ngeWundlu likaNkulunkulu, futhi lamalungiselelo achaziwe eBhayibhelini. Njengabantu abomele lawo “manzi,” samukela isimemo esinikezwa umoya nomlobokazi kaKristu ‘sokuthatha amanzi okuphila mahhala.’ (IsAmbulo 22:17) Ukuphuza lamanzi kungasho ukuphila okumi phakade.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libekela amaKristu eqiniso izindinganiso zokuziphatha nezingokomoya. Lapho sisebenzisa lezi zindinganiso ezimiswe ngokwaphezulu, iZwi likaJehova liyasihlanza ‘lisigeze sihlanzeke’ kuyo yonke imikhuba uJehova uNkulunkulu ayizondayo. (1 Korinte 6:9-11) Ngenxa yalesi sizathu, iqiniso eliqukethwe eZwini eliphefumulelwe libizwa ngokuthi ‘amanzi okugeza.’ (Efesu 5:26) Uma singalivumeli iqiniso likaNkulunkulu ukuba lisihlanze ngalendlela, ukukhulekela kwethu ngeke kwamukeleke kuye.
Kuyathakazelisa ukuthi nabadala ‘abaphatha izwi leqiniso ngokufanele’ bafaniswa namanzi. U-Isaya uthi ‘banjengemifula yamanzi endaweni eyomileyo.’ (Isaya 32:1, 2) Abadala abanothando bafanelana nalencazelo lapho behambela abafowabo njengabelusi abangokomoya, besebenzisa iZwi likaNkulunkulu eliqabulayo ukuze badlulisele ukwaziswa okungokomoya okwakhayo, okududuzayo, okunikeza amandla nokuqinisayo.—Qhathanisa noMathewu 11:28, 29.a
Amalungu ebandla akulindela ngabomvu ukuhanjelwa abadala. UBonnie uthi: “Ngiyazi ukuthi abadala bangaduduza kangakanani, futhi ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova uye wenza leli lungiselelo.” ULynda, umama ongashadile, uyabhala: “Ngezikhuthazo ezingokomBhalo, abadala bangisiza ukuba ngibhekane nesimo. Balalela futhi babonisa uzwela.” UMichael uthi: “Bangenza ngazizwa ngiyingxenye yenhlangano ekhathalelayo.” “Ukuhambela kwabadala kwangisiza ukuba nginqobe izinkathi zokucindezeleka okukhulu,” kusho omunye. Ukuhambela komdala okuvuselelayo ngokomoya kunjengesiphuzo esibandayo, esiqabulayo. Abanjengezimvu bayaduduzeka lapho abadala abanothando bebasiza ukuba babone indlela izimiso ezingokomBhalo ezisebenza ngayo esimweni sabo.—Roma 1:11, 12; Jakobe 5:14.
Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu Njengesibuko
Lapho umuntu edla ukudla okuqinile, injongo ayikhona ukujabulela ukunambitheka nje kuphela. Kunalokho, ulindela ukuthola ukondleka okuyomenza akwazi ukusebenza. Uma eyingane, ulindela ukuthi lokhu kudla kuyomsiza ukuba akhule abe umuntu omdala. Kunjalo nangokudla okungokomoya. Isifundo seBhayibheli somuntu siqu singajabulisa, kodwa leso akusona ukuphela kwesizathu sokuba naso. Ukudla okungokomoya kufanele kusishintshe. Kusisiza ukuba siphawule futhi sikhiqize izithelo zomoya futhi kusisiza ukuba ‘sigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.’ (Kolose 3:10; Galathiya 5:22-24) Ukudla okungokomoya kusisiza futhi ukuba sikhulele ekuvuthweni, kusenze sikwazi kangcono ukusebenzisa izimiso ezingokomBhalo ekubhekaneni nezinkinga zethu nasekusizeni abanye ukuba babhekane nezabo.
Singabona kanjani ukuthi iBhayibheli liyasithonya yini? IBhayibheli silisebenzisa njengesibuko. UJakobe wathi: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela . . . Uma noma ubani engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. Kodwa lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.”—Jakobe 1:22-25.
‘Sisinga’ eZwini likaNkulunkulu lapho silihlola ngokucophelela bese siqhathanisa lokho esiyikho nalokho okufanele ngabe siyikho ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokwenza lokhu, siyoba ‘abenzi bezwi, singabi abalizwayo kuphela.’ IBhayibheli liyobe linethonya elihle kithi.
IZwi LikaNkulunkulu Njengenkemba
Ekugcineni, umphostoli uPawulu usisiza ukuba sibone indlela esingasebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu njengenkemba. Lapho esixwayisa ‘ngawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobubumnyama, nendikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini,’ usinxusa ukuba ‘samukele inkemba yomoya, okuwukuthi, iZwi likaNkulunkulu.’ (Efesu 6:12, 17) IZwi likaNkulunkulu liyisikhali esibalulekile esingasisebenzisa ukuze sisuse noma yimiphi imibono “ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu.”—2 Korinte 10:3-5.
Akungabazeki ukuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) UJehova ukhuluma nesintu ngamakhasi eZwi lakhe eliphefumulelwe. Lisebenzise kahle ekufundiseni abanye nasekudaluleni izimfundiso zamanga. Lisebenzise ukuze ukhuthaze, wakhe, uqabule, ududuze, ushukumise, futhi uqinise abanye ngokomoya. Futhi kwangathi uJehova ‘angakuhlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba wenze intando yakhe,’ ukuze wenze “okujabulisa kakhulu emehlweni akhe” ngaso sonke isikhathi.—Heberu 13:21.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko se-Nqabayokulinda esithi “Balusa Amawundlu Ngozwela,” September 15, 1993, amakhasi 20-3.
[Isithombe ekhasini 31]
Abadala bakhuthaza abanye, ‘bephatha izwi leqiniso ngokufanele’