Londoloza Umbono OngokomBhalo Ngokunakekela Impilo
‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.’—MARKU 12:30.
1. Yayiyini injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu?
UKUGULA nokufa kwakungeyona injongo kaJehova uNkulunkulu yokuqala ngezidalwa zakhe ezingabantu. U-Adamu no-Eva babekwa ensimini yase-Edene, noma epharadesi lentokozo, ukuze ‘bayilime futhi bayinakekele,’ hhayi nje iminyaka engu-70 noma engu-80 kuphela, kodwa phakade. (Gen. 2:8, 15; IHu. 90:10) Ukube lowo mbhangqwana wokuqala ongabantu wahlala uthembekile kuJehova futhi wazithoba ngothando ebukhosini bakhe, wawungeke ugule, uguge futhi ufe.
2, 3. (a) Ukuguga kuchazwa kanjani encwadini yomShumayeli? (b) Ubani owabangela ukufa okweza ngo-Adamu, futhi imiphumela yako iyobhidlizwa kanjani?
2 UmShumayeli isahluko 12 uzichaza ngokucacile “izinsuku eziyinhlekelele” ezihambisana nokuguga kubantu abangaphelele. (Funda umShumayeli 12:1-7.) Izinwele ezimhlophe zifaniswa nezimbali ‘zesihlahla som-alimondi.’ Imilenze ifaniswa “namadoda anamandla” asegobile nasexega. Izintokazi ezibuka emafasiteleni zifuna ukukhanya kodwa zithole ubumnyama bodwa, zikufanekisela kahle ukufiphala kwamehlo. Njengoba amanye amazinyo asuke esephumile, afaniswa ‘nabesifazane abagayayo asebeyekile ukusebenza ngoba sebembalwa.’
3 Imilenze exegayo, amehlo afiphele nezisini, ngokuqinisekile akukhona lokho uNkulunkulu ayekuhlosile ngesintu ekuqaleni. Ngaphezu kwalokho, ukufa esakuzuza ku-Adamu kungeminye ‘yemisebenzi kaDeveli eyobhidlizwa’ iNdodana kaNkulunkulu lapho isibusa njengoMesiya. Umphostoli uJohane wabhala: “INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngenxa yale njongo, okungukuthi, ukuzobhidliza imisebenzi kaDeveli.”—1 Joh. 3:8.
Kungokwemvelo Ukukhathazeka Ngokusesilinganisweni
4. Kungani izinceku zikaJehova zikhathazeka ngokusesilinganisweni ngempilo yazo, kodwa yini eziyaziyo?
4 Namuhla, ezinye zezinceku zikaJehova zizithola zibhekene nezinkinga zempilo nezokukhula ezihlasela sonke isintu esinesono. Ngaphansi kwalezi zimo, kungokwemvelo futhi kuze ngisho kuzuzise ukukhathazeka ngokusesilinganisweni ngempilo yethu. Ingani isifiso sethu siwukukhonza uJehova ‘ngawo onke amandla ethu.’ (Marku 12:30) Nokho, nakuba sifuna ukuhlala sinempilo esesilinganisweni, kufanele sibhekane namaqiniso futhi sikwamukele ukuthi kuncane kakhulu esingakwenza ukuze sivimbele ukuguga noma sigweme izifo ngokuphelele.
5. Singafundani endleleni izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezabhekana ngayo nokugula?
5 Kunezinceku zikaJehova eziningi ezithembekile okwadingeka ziphile nezinkinga zempilo. U-Ephafrodithu wayengomunye wazo. (Fil. 2:25-27) UThimothewu, umngane oqotho womphostoli uPawulu, wayehlushwa isisu futhi uPawulu watusa ukuba aphuze “iwayini elincane.” (1 Thim. 5:23) UPawulu ngokwakhe kwadingeka aphile ‘neva enyameni,’ mhlawumbe inkinga yamehlo noma okunye ukugula eyayingekho indlela yokukwelapha ngaleso sikhathi. (2 Kor. 12:7; Gal. 4:15; 6:11) UPawulu wamnxusa kakhulu uJehova ngokuphathelene ‘naleli va ayenalo enyameni.’ (Funda eyesi-2 Korinte 12:8-10.) UNkulunkulu akazange alisuse ngokuyisimangaliso ‘lelo va elalisenyameni’ kaPawulu. Kunalokho, wamnika amandla okulikhuthazelela. Ngaleyo ndlela, amandla kaJehova abonakaliswa ebuthakathakeni bukaPawulu. Kukhona yini esingakufunda kule ndaba?
Gwema Ukukhathazeka Ngokweqile Ngokunakekela Impilo
6, 7. Kungani kufanele sigweme ukukhathazeka ngokweqile ngempilo yethu?
6 Njengoba wazi, oFakazi BakaJehova bayalwamukela usizo lodokotela nezinye izindlela ezihlukahlukene zokwelapha. Umagazini wethu i-Phaphama! uvame ukuba nezihloko eziphathelene nempilo. Nakuba singatusi uhlobo oluthile lwezokwelapha, siyalwazisa usizo nokubambisana kochwepheshe bezokunakekelwa kwempilo. Yiqiniso, siyazi ukuthi impilo ephelele ayitholakali okwamanje. Ngakho, siyazi ukuthi kuwukuhlakanipha ukungavumeli impilo yethu ibe iyona nto esiyiphilelayo noma esihlale sikhathazeke ngayo. Isimo sethu sengqondo kufanele sihluke kwesabantu ‘abangenathemba,’ abacabanga ukuthi lokhu kuphila ukuphela kwako futhi abasebenzisa noma iyiphi indlela yokwelapha ukuze bazame ukwelapha izifo zabo. (Efe. 2:2, 12) Sizimisele ukungalahlekelwa umusa kaJehova ngenxa yokuthi sizama ukusindisa ukuphila kwethu kwamanje, ngoba siyaqiniseka ukuthi uma sihlala sithembekile kuNkulunkulu, ‘siyokubambisisa ukuphila kwangempela,’ ukuphila okuphakade esimisweni sakhe esisha sezinto asithembisile.—1 Thim. 6:12, 19; 2 Pet. 3:13.
7 Kunesinye isizathu esisenza sigweme ukukhathazeka ngokweqile ngempilo yethu. Ukukhathazeka ngokweqile ngempilo yethu kungasenza sizikhathalele thina kuphela. UPawulu waxwayisa ngale ngozi lapho eluleka abaseFilipi ukuba ‘bangakhathaleli nje kuphela izindaba zabo siqu, kodwa futhi bakhathalele nezabanye.’ (Fil. 2:4) Kuhle ukuba sizinakekele ngokusesilinganisweni, kodwa isithakazelo esiqotho esisibonisa abafowethu nabantu esibahambisela “lezi zindaba ezinhle zombuso” siyosenza singayikhathaleli ngokweqile impilo yethu engokwenyama.—Math. 24:14.
8. Ukukhathazeka ngokweqile ngempilo yethu kungasiholela ukuba senzeni?
8 Kunengozi yokuthi umKristu angase avumele ukukhathazwa impilo kwenze izithakazelo zoMbuso zize kamuva. Ukuphilela ukunakekela impilo kungasenza sizame nokuphoqelela kwabanye imibono yethu ngokubaluleka kokulandela izindlela ezithile zokudla, zokwelapha noma imithi enezela umsoco egazini. Ngokuqondene nale ndaba, cabanga ngesimiso esikula mazwi kaPawulu: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu, ukuze ningabi nasici futhi ningabakhubekisi abanye kuze kube usuku lukaKristu.”—Fil. 1:10.
Yini Ebaluleke Kakhulu?
9. Iyiphi enye yezinto ezibaluleke kakhulu okungafanele siyidebeselele, futhi ngani?
9 Uma siqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu, siyohlanganyela ngenkuthalo emsebenzini wokwelapha ngokomoya. Lo msebenzi ojabulisayo ufezwa ngokushumayela nangokufundisa iZwi likaNkulunkulu futhi uzuzisa thina nesibafundisayo. (IzAga 17:22; 1 Thim. 4:15, 16) Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! baye babe nezihloko ezikhuluma ngabafowethu nodade abanezifo ezimbi kakhulu. Ngezinye izikhathi, lezi zindaba zichaza indlela abakwazi ngayo ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zabo noma ngisho nokuzikhohlwa okwesikhashana ngokusiza abanye bazi uJehova nezithembiso zakhe ezimangalisayo.a
10. Kungani kunendaba ukuthi sikhetha ziphi izindlela zokwelashwa?
10 Lapho enenkinga yempilo, umKristu ngamunye ongaseyona ingane kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo’ ekukhetheni indlela yokwelashwa. (Gal. 6:5) Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi izindlela zokwelashwa esizikhethayo ziyamthinta uJehova. Njengoba nje ukuhlonipha izimiso zeBhayibheli kusishukumisela ukuba ‘sidede egazini,’ ngokufanayo, ukulihlonipha ngokujulile iZwi likaNkulunkulu kufanele kusenze sigweme ukuphendukela ezindleleni zokwelashwa ezingasilimaza ngokomoya noma zilimaze ubuhlobo bethu noJehova. (IzE. 15:20) Ezinye izindlela zokuxilonga nokwelapha zihlobene nokusebenzisa imimoya. UJehova walahla ama-Israyeli ayizihlubuki aphendukela ekusebenziseni “amandla angaqondakaliyo,” noma imikhuba yokusebenzelana nemimoya. Wathi: “Ningabe nisaletha eminye iminikelo yokusanhlamvu engasizi ngalutho. Impepho—iyinto enengekayo kimi. Ukwethwasa kwenyanga nesabatha, ukubizwa kombuthano—angikwazi ukukubekezelela ukusetshenziswa kwamandla angaqondakaliyo kanye nombuthano onesizotha.” (Isaya 1:13) Isikhathi sokugula akusona neze isikhathi sokwenza into engase ithiye imithandazo yethu noma ilimaze ubuhlobo bethu noNkulunkulu.—IsiL. 3:44.
Kubalulekile Ukuba ‘Abahluzekile Engqondweni’
11, 12. ‘Ukuhluzeka engqondweni’ kunayiphi indima lapho sikhetha indlela yokwelashwa?
11 Uma sigula, asinakulindela ukuba uJehova aselaphe ngokuyisimangaliso, kodwa singamcela ukuba asinike ukuhlakanipha lapho sikhetha indlela yokwelashwa. Kufanele sifune ukuqondiswa izimiso zeBhayibheli nokwahlulela okuhle. Lapho isimo sibucayi, kungaba ukuhlakanipha ukuthintana nodokotela abaningana abangochwepheshe kuleso sifo uma kungenzeka, ngokuvumelana nephuzu elikuzAga 15:22 elithi: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu akanye nawo ukuba ‘aphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.’—Thithu 2:12.
12 Abaningi namuhla bazithola besesimweni esifana nesowesifazane othile owayegula osukwini lukaJesu. KuMarku 5:25, 26, siyafunda: “Kwakukhona owesifazane owayeseneminyaka eyishumi nambili enomopho, odokotela abaningi babemzwise ubuhlungu kaningi futhi esebenzise yonke ingcebo yakhe nokho engasizakalanga, kodwa kunalokho isimo sakhe sasibe sibi kakhulu.” UJesu wamelapha lona wesifazane futhi wamphatha ngobubele. (Marku 5:27-34) Ngenxa yokuphelelwa ithemba, amanye amaKristu aye alingeka ukuba akhethe izindlela zokuxilongwa noma zokwelashwa ezingqubuzana nezimiso zokukhulekela okuhlanzekile.
13, 14. (a) USathane angazisebenzisa kanjani izindlela zokwelapha esizikhethayo ukuze ephule ubuqotho bethu? (b) Kungani kufanele sidede nakunoma yini ecishe ihlobane nokulumba?
13 USathane uyosebenzisa noma yiziphi izindlela ukuze asichezukise ekukhulekeleni kweqiniso. Njengoba nje esebenzisa ukuziphatha okubi kobulili nokuthanda izinto ezibonakalayo ukuze akhube abanye, uzama ukwephula ubuqotho babanye ngezindlela zokwelashwa ezingabazisayo, ezihlobene nokusebenzisa amandla okulumba nemimoya. Sithandazela ukuba uJehova ‘asikhulule komubi’ ‘nakuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho.’ Ngakho, akufanele sidlalele ezandleni zikaSathane ngokuzichaya kunoma yini ehlobene nemimoya nokulumba.—Math. 6:13; Thithu 2:14.
14 UJehova wenqabela ama-Israyeli ukuba abhule noma enze imilingo. (Dut. 18:10-12) UPawulu ufaka “umkhuba wokusebenzisa imimoya” phakathi ‘kwemisebenzi yenyama.’ (Gal. 5:19, 20) Ngaphezu kwalokho, abantu “abasebenzisa imimoya” ngeke babe khona esimisweni sezinto esisha sikaJehova. (IsAm. 21:8) Kusobala-ke ukuthi noma yini ecishe ihlobane nokusebenzisa imimoya iyanengeka kuJehova.
‘Ukuba Kwenu Nengqondo Makwaziwe’
15, 16. Kungani sidinga ukuhlakanipha lapho sikhetha indlela yokwelashwa, futhi isiphi iseluleko esihlakaniphile indikimba ebusayo yekhulu lokuqala eyasinikeza?
15 Ngenxa yezizathu esezinikeziwe, uma izindlela ezithile zokuxilonga noma zokwelapha sizingabaza, siyobe senza ngokuhlakanipha uma sizenqaba. Yiqiniso, ukuthi thina asikwazi ukuchaza ukuthi indlela ethile yokwelapha isebenza kanjani akusho ukuthi ihilela uhlobo oluthile lokusebenzelana nemimoya. Ukulondoloza umbono ongokomBhalo ngokuqondene nokunakekela impilo kudinga sibe nokuhlakanipha kwaphezulu nokwahlulela okuhle. IzAga isahluko 3 ziyaseluleka: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde. . . . Londa ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga, kuyoba ukuphila emphefumulweni wakho.”—IzAga 3:5, 6, 21, 22.
16 Ngakho, nakuba sizama ukuzigcina sinempilo enhle ngangokusemandleni, kumelwe siqaphele singalahlekelwa umusa kaNkulunkulu njengoba sizama ukuphila nezifo zethu noma ukubhekana nokuguga. Endabeni yokunakekela impilo, njengakwezinye, kufanele ‘ukuba kwethu nengqondo kwaziwe yibo bonke abantu’ ngokuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. (Fil. 4:5) Encwadini eyayibaluleke kakhulu, indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yayala amaKristu ukuba adede ekukhonzeni izithombe, egazini nasebufebeni. Leyo ncwadi yayinalesi siqinisekiso: “Uma nizigcina ngokucophelela kulezi zinto, niyochuma.” (IzE. 15:28, 29) Kanjani?
Ukunakekela Impilo Ngokusesilinganisweni Sazi Ukuthi Siyoba Izingqabavu
17. Ukunamathela kwethu ezimisweni zeBhayibheli kuye kwasizuzisa kanjani ngokwenyama?
17 Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe ngiliqonda ngokugcwele izinga engizuza ngalo ngenxa yokuzigcina njengoba zinjalo izimiso zeBhayibheli mayelana negazi nobufebe?’ Cabanga nangezinzuzo esizitholile ngokulwela ‘ukuzihlanza kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.’ (2 Kor. 7:1) Ngokunamathela ezindinganisweni zeBhayibheli ngokuqondene nenhlanzeko yomuntu siqu, sigwema izifo eziningi. Siyazuza ngokugwema umkhuba ongcolisayo ngokomoya nangokwenyama wokubhema nowokusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni. Cabanga nangezinzuzo zempilo enhle eziwumphumela wokulinganisela ekudleni nasekuphuzeni. (Funda izAga 23:20; Thithu 2:2, 3.) Nakuba ukuphumula ngokwanele nokuvivinya umzimba kunomthelela empilweni yethu, siye sazuza ikakhulu ngokwenyama nangokomoya ngoba siye savuma ukuqondiswa imiBhalo.
18. Yini okufanele sikhathazeke ngayo ngokuyinhloko, futhi singabheka phambili ekugcwalisekeni kwasiphi isiprofetho?
18 Ngaphezu kwakho konke, kufanele sinakekele impilo yethu engokomoya, siqinise nobuhlobo obuyigugu esinabo noBaba wethu, uJehova, uMthombo ‘wokuphila kwamanje nalokho okuzayo’ esiyokuthola ezweni elisha alithembisile. (1 Thim. 4:8; IHu. 36:9) Ezweni elisha likaNkulunkulu, siyokwelashwa ngokuphelele ngokomoya nangokwenyama ngokuthethelelwa izono ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu. IWundlu likaNkulunkulu, uJesu Kristu, liyosiholela “emithonjeni yamanzi okuphila” futhi uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni ethu. (IsAm. 7:14-17; 22:1, 2) Ngaleso sikhathi, kuyogcwaliseka nalesi siprofetho esivusa amadlingozi: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
19. Nakuba siyinakekela ngokusesilinganisweni impilo yethu, yini esiqinisekiswa ngayo?
19 Siyaqiniseka ukuthi ukukhululwa kwethu kuseduze, futhi silubheke ngabomvu usuku uJehova ayoqeda ngalo ukugula nokufa kwabantu. Okwamanje, siqinisekiswa ngokuthi uBaba wethu osithandayo uzosisiza sikhuthazelele izinhlungu ezisihluphayo ngoba ‘uyasikhathalela.’ (1 Pet. 5:7) Ngakho-ke, masiyinakekele impilo yethu, kodwa ngaso sonke isikhathi sikwenze ngokuvumelana neziqondiso ezicacile eziseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe!
[Umbhalo waphansi]
a Uhlu lwezihloko ezinjalo lusebhokisini elisekhasini 17 le-Nqabayokulinda ka-September 1, 2003.
Ake Sibukeze
• Ubani owabangela ukugula, futhi ubani oyosikhulula emiphumeleni yesono?
• Nakuba kungokwemvelo ukukhathazeka ngempilo yethu, yini okufanele siyigweme?
• Kungani indlela yokwelashwa esiyikhethayo imthinta uJehova?
• Ngokuphathelene nempilo yethu, singazuza kanjani ngokunamathela ezimisweni zeBhayibheli?
[Isithombe ekhasini 23]
Isintu sasingadalelwanga ukuba sigule futhi siguge
[Isithombe ekhasini 25]
Naphezu kwezinkinga zempilo, abantu bakaJehova bathola injabulo enkonzweni