Ingabe Ungakuthola Ukuthula Kuleli Zwe Elinezinkinga?
INGABE uhlala ngokuthula? Abaningi bangaphendula ngocha omkhulu ngoba bahlala ezindaweni ezihlaselwe izimpi, izinxushunxushu zezombangazwe, udlame lobuhlanga noma ubuphekula. Ngisho noma wena ungabhekene nezinto ezinjengalezi, kungenzeka ukuthi ukuthula kwakho kuphazanyiswa ubugebengu, ukuhlukunyezwa, izingxabano zasemsebenzini noma nomakhelwane bakho. Amakhaya nawo asevame ukuba inkundla yempi kunokuba abe yindawo enokuthula.
Abantu abaningi balangazelela ukuthula kwangaphakathi. Bangase bakufune enkolweni, ezingqungqutheleni ezifundisa ukuzindla noma amaqenjini e-yoga. Abanye banethemba lokuthola ukuthula endalweni—ngokuthatha uhambo lokuyoshaywa umoya, baqombole izintaba, baguduze amahlathi noma bavakashele izindawo ezineziphethu zemvelo ezishisayo. Ngisho noma kwenzeka ukuba bakuthole lokho kuthula kwangaphakathi, kungakabiphi bangase babone ukuthi akukhona ukuthula kwangempela nokuthi kuhlala isikhashana.
Pho ungakutholaphi ukuthula kwangempela? UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, nguye ongasinikeza ukuthula. Ngani? Ngoba ‘unguNkulunkulu onika ukuthula.’ (Roma 15:33) Ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe osuseduze, ‘kuyochichima ukuthula.’ (IHubo 72:7; Mathewu 6:9, 10) Lokhu kuyodlula noma yiziphi izivumelwano zokuthula eziye zenziwa abantu. Empeleni, izivumelwano zabantu ziba ikhambi lesikhashana lezinxushunxushu. Ukuthula kukaNkulunkulu kuyoqeda zonke izimbangela zempi nemibango. Eqinisweni akekho oyophinde afunde impi. (IHubo 46:8, 9) Ekugcineni bonke abantu bayothola ukuthula!
Nakuba lesi sithembiso sijabulisa, kungenzeka ukuthi ulangazelela ukuthula kwamanje. Ingabe ikhona indlela yokuthola ukuthula kwangaphakathi okungakusiza ukuba ukwazi ukubhekana nezinkinga zanamuhla? Kuyajabulisa ukuthi iBhayibheli lingasisiza. Cabangela ezinye zeziqondiso ezitholakala esahlukweni 4 sencwadi yomphostoli uPawulu ayeyibhalele abaseFilipi. Sicela ufunde eBhayibhelini lakho amavesi 4 kuya ku-13.
“Ukuthula KukaNkulunkulu”
Evesini 7 siyafunda: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Lokhu kuthula akutholakali nje ngokuzindla noma ngokuthuthukisa ubuntu. Kunalokho, kuvela kuNkulunkulu. Kunamandla kangangokuba “kudlula konke ukucabanga.” Ngokuqinisekile, kunamandla ngaphezu kwazo zonke izinkathazo, ulwazi kanye nokucabanga kwethu. Kungase kuvele kuhlwe emini lapho sinezinkinga, kodwa ukuthula kukaNkulunkulu kungasinika ithemba eliqinisekile lokuthi ngolunye usuku zonke izinkinga zethu ziyophela.
Ingabe kuyokwenzeka ngempela lokhu? Kubantu ngeke; kodwa “zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:27) Ukholo nethemba kuNkulunkulu kusisiza ukuba silawule ukukhathazeka kwethu. Cabanga ngengane eduka esitolo esikhulu. Yazi kahle ukuthi uma nje ingathola unina konke kuyobe sekulungile. Njengaleyo ngane lapho isimtholile unina, nathi singathembela ekutheni uNkulunkulu uyosiwola, asiduduze bese eqeda zonke izinkathazo zethu.
Iningi labakhulekeli bakaJehova liye lakuthola ukuthula okuvela kuye lapho libhekene novivinyo olunzima kakhulu. Ngokwesibonelo, uNadine waphuphunyelwa isisu futhi uyalandisa: “Ngikuthola kunzima ukukhuluma ngemizwa yami, futhi njalo nje ngizama ukwenza sengathi izinto zihamba kahle, kodwa ngaphakathi ngisuke ngifile. Cishe nsuku zonke ngithululela kuJehova inhliziyo yami ngomthandazo ngicele nosizo lwakhe. Ngiye ngawezwa amandla omthandazo ngoba lapho ngizwa sengathi ‘ayisengangami’ ngiye ngathola ukuthula kwangaphakathi. Ngizizwa ngiphephile futhi ngilondekile.”
Isivikelo Senhliziyo Nengqondo Yakho
Ake siphindele kweyabaseFilipi 4:7. Ithi ukuthula kukaNkulunkulu kuyolinda izinhliziyo namandla ethu engqondo. Njengoba nje umlindi eqapha isakhiwo, ukuthula kukaNkulunkulu kuqapha inhliziyo yethu ukuze imicabango yokwenza imali eningi, ukukhathazeka ngokungadingekile nokwenza izinto uNkulunkulu angazamukeli kungangeni engqondweni yethu bese kusiphazamisa. Cabanga ngalesi sibonelo.
Abantu abaningi kuleli zwe elinezinkinga bacabanga ukuthi ukuze bajabule futhi balondeke, badinga imali eningi. Izazi zingase zibaluleke ngokuba bazalise enye yemali yabo ezimakethe zokuhweba. Ingabe ngemva kwalokho bayakuthola ukuthula? Akunjalo ngempela. Zonke izinsuku bangase bahlale benexhala lokuhlola inani lamasheya abo, bazibuze ukuthi bawathengise, bawathenge noma balinde kancane. Lapho amandla emali entengantenga ezimakethe zokuhweba, bangase besabe. IBhayibheli alikwenqabeli ukuzalisa imali, kodwa linikeza lesi siqondiso esinengqondo: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo. Nalokhu kuyize. Bumnandi ubuthongo balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.”—UmShumayeli 5:10, 12.
EyabaseFilipi 4:7 iphetha ngokuthi ukuthula kukaNkulunkulu kulinda izinhliziyo zethu namandla ethu okucabanga “ngoKristu Jesu.” Yikuphi ukuhlobana okukhona phakathi kukaJesu Kristu nokuthula kukaNkulunkulu? UJesu unendima eyinhloko ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Wanikela ngokuphila kwakhe ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni. (Johane 3:16) Uphinde abe yiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ebekiwe. Ukwazi indima kaJesu kunganezela kakhulu ekuthuleni kwethu kwengqondo nenhliziyo. Kanjani?
Uma siphenduka ngobuqotho ezonweni zethu futhi sicela intethelelo ngesihlengo sikaJesu, uNkulunkulu uyosithethelela futhi lokho kuyosinika ukuthula kwengqondo nenhliziyo. (IzEnzo 3:19) Lapho siqaphela ukuthi ukuphila ngeke kujabulise ngokuphelele kuze kube yilapho kufika uMbuso kaKristu, siyakugwema ukuphila sengathi asinalo ikusasa. (1 Thimothewu 6:19) Yiqiniso, asigonyiwe kuzo zonke izinkinga, kodwa singathola induduzo ethembeni eliqinisekisiwe lokuthi ukuphila okungcono kuseza.
Indlela Ongakuthola Ngayo Ukuthula KukaNkulunkulu
Ungakuthola kanjani-ke ukuthula kukaNkulunkulu? Sithola ukusikisela encwadini yabaseFilipi 4:4, 5: ‘Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani! Ukuba kwenu nengqondo makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.’ Ngesikhathi uPawulu ebhala la mazwi, wayeboshwe ngokungafanele eRoma. (Filipi 1:13) Kunokubalisa ngokuphathwa ngokungenabulungisa, wakhuthaza abafowabo abangamaKristu ukuba ngaso sonke isikhathi bajabule eNkosini. Kusobala ukuthi injabulo yakhe yayingaxhomekile ezimweni ayebhekene nazo, kodwa yayixhomeke ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. Nathi kudingeka sifunde ukujabulela ukukhonza uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani. Uma siqhubeka sifunda ngoJehova futhi senza intando yakhe, siyokujabulela kakhudlwana ukumkhonza. Lokho kuyosilethela ukwaneliseka nokuthula kwangaphakathi.
Ngaphezu kwalokho, sikhuthazwa ukuba sibe nengqondo. Uma silwela ukuba abantu abanengqondo, ngeke silindele okungalé kwamandla ethu. Siyazi ukuthi asiphelele; ngeke siphumelele kukho konke. Pho singazincishelani ubuthongo ngokuhlala sicabanga ukuthi singazenzisisa kanjani izinto, kanjalo sidlule abanye abantu? Ngeke futhi silindele abanye ukuba baphelele. Ngakho-ke, singazigcina sizolile lapho abanye besicasula. Inkulumo yesiGreki solimi lokuqala ethi “ukuba nengqondo” ibuye ihunyushwe ngokuthi “ukulungela ukuhoxa.” Ngokuhoxa ezintweni esizithandayo, sigwema izingxabano ngokuvamile ezingasizi ngalutho, kodwa ezingasenza singazwani nabanye futhi zisiphuce ukuthula kwangaphakathi isikhathi esithile.
Inkulumo elandelayo ekweyabaseFilipi 4:5 ethi “iNkosi iseduze,” ingase izwakale ingavumelani nomongo. Maduze uNkulunkulu uzosiqeda lesi simiso sezinto esidala, alethe isimiso esisha ngaphansi koMbuso wakhe. Kodwa ngisho namanje angaba seduze nabo bonke abantu abazisondeza kuye. (IzEnzo 17:27; Jakobe 4:8) Ukwazi ukuthi useduze nathi kusenza sijabule, sibe abantu abanengqondo futhi singakhathazeki ngezinkinga zanamuhla noma zakusasa, njengoba ivesi 6 libonisa.
Lapho sibheka amavesi 6 no-7, siyabona ukuthi ukuthula kukaNkulunkulu sikuthola ngokuthandaza. Abanye babheka umthandazo njengenye yezindlela zokuzindla futhi bacabanga ukuthi noma iyiphi indlela yokuthandaza ingabenza babe nokuthula kwangaphakathi okwengeziwe. Nokho, iBhayibheli likhuluma ngokuxhumana ngokoqobo noJehova, ukuxhumana okujulile okufana nokwengane lapho ikhuluma nomzali okhathalela izinto eziyijabulisayo neziyikhathazayo. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi singakhuluma noNkulunkulu ngakho “konke.” Noma yini esiyicabangayo noma esekujuleni kwezinhliziyo zethu, singayitshela uBaba wethu osezulwini.
Ivesi 8 lisikhuthaza ukuba sigxile emicabangweni eyakhayo. Nokho, akwanele ukucabanga ngezinto ezakhayo. Njengoba ivesi 9 lichaza, kudingeka sizisebenzise izeluleko zeBhayibheli ezihlakaniphile. Ukwenza kanjalo kuyosinika unembeza ohlanzekile. Yeka ukuthi lesi saga sesiJalimane siyiqiniso kanjani: Unembeza omuhle unjengomqamelo ontofontofo!
Yebo, ungakuthola ukuthula kwangaphakathi. Kuvela kuJehova uNkulunkulu okunika labo abasondela kuye nabafuna ukulandela isiqondiso sakhe. Ngokuhlola iZwi lakhe iBhayibheli, ungayazi imicabango yakhe. Ukulalela lokho akushoyo akulula ngaso sonke isikhathi, kodwa kuwufanele umzamo ngoba “uNkulunkulu wokuthula uyoba [nawe].”—Filipi 4:9.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
“Ukuthula kukaNkulunkulu . . . kuyolinda izinhliziyo zenu.”—ABASEFILIPI 4:7
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi singakhuluma noNkulunkulu ngakho “konke”