Ukuhlonyiselwa Inkonzo Yezithunywa Zevangeli Ngawo-1990
INKATHI ekhethekile yenkonzo yezithunywa zevangeli iyaqala. Njengoba kuvuleka iminyango yethuba emazweni amaningi amasha, bonke oFakazi BakaJehova abathembekile bashisekela ukuphikelela emsebenzini omkhulu ngisho nangokwengeziwe.
Ngakho abafundi abangu-24 bekilasi lama-89 leWatchtower Bible School of Gilead baba khona esimisweni sokuthweswa kwabo iziqu ngoSeptember 9, 1990 belindele ngesithakazelo esikhulu. Izilaleli ezingaphezu kuka-5 000 eziyizivakashi ezimenyiwe namalungu omkhaya waseBethel zahlangana zizobona ukuthweswa iziqu kwalezithunywa zevangeli ezintsha, ezase zikutholile kakade ukwabelwa emazweni ayishumi. Njengoba sasiqhutshelwa eHholo LoMhlangano loFakazi BakaJehova eDolobheni laseJersey, eNew Jersey, sonke lesimiso sazwiwa futhi nayilabo ababehlangene eBethel yaseBrooklyn, eWatchtower Farms, naseWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York.
Ngo-10:00 a.m. ezimpondweni, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova nosihlalo walolosuku, wethula ingoma yokuvula. Ngemva kwalokhu, umthandazo wanikezwa nguArthur Worsley womkhaya waseBethel yaseBrooklyn. Khona-ke usihlalo wabhekisela kuzEnzo 10:33, lapho induna yekhulu yamaRoma uKorneliyu ithi kuPetru: “Sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.” Kwaphawulwa ukuthi izenzakalo eziyingqopha-mlando ezenzeka osukwini lukaPetru zaziyovula indlela yokuba izindaba ezinhle zimenyezelwe kubantu bazo zonke izizwe.
UPhilip D. Wilcox, ovela eWatchtower Farms, wanikeza eyokuqala yezinkulumo eziyisikhombisa ezishukumisayo. Esusela kweyabaseFilipi 4:7, wanikeza isihloko esithi “Kwangathi Ukuthula KukaNkulunkulu Kunganisiza Esabelweni Senu.” Wathi: “UJehova uNkulunkulu unguMthombo wakho konke ukuthula kweqiniso. Ujabulela ukuthula ngomqondo ogcwele, noma ophelele, futhi akabi nakho ukukhathazeka okucindezelayo, ukungajabuli, noma ukuphazamiseka okungokwengqondo. Ngenxa yalokho, kunokucwatha nokuthula okuzungeze indawo ekhazimulayo kaJehova esihlalweni sakhe sobukhosi, njengoba kuboniswa uthingo lwenkosazana olufana nesimaragidu olwabonwa uJohane embonweni. (IsAmbulo 4:2, 3) Ukuthula kwakhe kudlulela ngalé kwakhe kuye kubo bonke labo abayokuvumela ukuba kubasize. Ingabe uyokuvumela?” UMzalwan’ uWilcox waveza izinto ezimbili eziwusizo olubalulekile, umthandazo nokuzimisela ukulindela kuJehova. (Mika 7:7; Filipi 4:6) Akukho okuvunyelwa uNkulunkulu okungasibangela ukulimala okuhlala njalo, ephawula.
ULloyd Barry, ilungu leNdikimba Ebusayo, walandela ngesihloko esithi: “Hlalani Nimoyizela.” Waqala ngesisho esithi, “Ukuhleka kuwumuthi owelaphayo.” Wakhumbula lawomazwi ngoba emuva ngo-1955 ayeyisihloko sesembozo sikamagazini wokuqala wePhaphama! owavela ngolimi lwesiJapane. Kodwa luhlobo luni lokuhleka? Akukhona “ukuhleka kweziwula” okuklabalasayo, okungenangqondo. (UmShumayeli 7:6) Kunalokho, kuwukuhleka okubonisa ukujabula, ukukhululeka kwezithunywa zevangeli nabanye abasabela esimemweni sikaDavide sokuhlala ‘bejabula ngoJehova.’ (IHubo 32:11) UMzalwan’ uBarry waphawula ukuthi naphezu kwezilingo ezinzima, uJobe wayehlala emoyizela, ngoba wayazi ukuthi wayegcina ubuqotho kuNkulunkulu. Izithunywa zevangeli ezigxilile naphezu kokuhlangenwe nakho okuvivinyayo okunjengokukaJobe ziyokwamukela izibusiso ezinkulu ekugcineni. (Jobe 29:24; 42:12) Lesikhulumi saphetha: “Hlalani nimatasa, hlalani nimoyisezela, futhi nani niyovuna ukumoyizela kwaphakade kokuvunyelwa uJehova.”
Isikhulumi esalandela kwakunguRichard E. Abrahamson, owakhetha isihloko esithi “Ukubekezela Kwenu Makwaziwe Ngabantu Bonke,” sisekelwe kweyabaseFilipi 4:5. NgokwesiGreki eyisisekelo, igama elithi “ukubekezela” lingadlulisela umqondo “wokuvumelana nezimo.” Ezinye izithunywa zevangeli ziye zaba nezinkinga kuphela nje ngenxa yokuzikhethela komuntu siqu. Esinye sashaqeka lapho sibona indlela esinye isithunywa sevangeli esikanye naso esisika ngayo ucezu lukashizi etafuleni. Ngemva kweminyaka engu-22 yenkonzo yezithunywa zevangeli, lona owayeshaqekile waphawula ukuthi izinkinga eziningi ziqala ngezindaba ezingabalulekile kangako njengendlela umuntu asika ngayo ushizi. Lesikhulumi seluleka: “Zifundiseni ukuvumelana nezimo, njengomuthi esivunguvungwini. Kunezinzuzo eziningi zokuba ovumelana nezimo, njengokukwazi kangcono ukukhuthazelela izilingo nokunamathela esabelweni sakho ngokuthula kwengqondo.”
UMilton G. Henschel, weNdikimba Ebusayo, waxoxa ngesihloko esithi “Umnyango Omkhulu Oholela Emsebenzini Uvulekile.” UMzalwan’ uHenschel waphawula ukuthi uJesu wayebathanda abantu, waba nesihe ngabo, futhi wabafundisa izinto eziningi. Ese-Efesu umphostoli uPawulu wabhalela abaseKorinte: “Ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.” (1 Korinte 16:8, 9) Naphezu kwalokhu kuphikiswa, uPawulu wafundisa iminyaka emibili esikoleni sikaTiranu, saze saziwa isigijimi soMbuso kuso sonke isigodi saseAsiya. (IzEnzo 19:9, 10) Lomnyango ovulekile waholela ekuphumeleleni kokushumayela kwakhe. Ibandla lase-Efesu lalisasebenza ekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka.—IsAmbulo 2:1-7.
UJack D. Redford, umqeqeshi waseGileyadi, wakhuluma ngesihloko esithi “Hlalani Nizihlola.” (2 Korinte 13:5) Izithunywa zevangeli zaseGileyadi ziye zavula amasimu amasha futhi zaqinisa amabandla aseqaliwe kakade, zikhuthazelela okuningi futhi zimelana nokuheha uDeveli aye wakuveza ukuze aziphambukise. Futhi abaningi abasha bayaqhubeka bengena ezinhlwini zazo. Ngokuhlangenwe nakho okubili kwamashadi, lomqeqeshi wabonisa indlela okubaluleke ngayo ukuba umuntu ahlole ukholo lwakhe. Esinye isithunywa sevangeli salahlekelwa amalungelo aso ngemva kokudebeselela ngokuqhosha iseluleko esixwayisayo ngenkambo ethile embi. Ngokuphambene nalokho, esinye sahlala esabelweni saso sinenjabulo, nakuba ezinyangeni zaso ezintathu zokuqala lapho, sazaca saba ngangothi lokuvungula ngenxa yokugula okwaphumela futhi ekulahlekelweni kwaso izinwele nokuzwa. Siselapho ngemva kweminyaka engu-42, futhi ngezifundo zeBhayibheli, siye sasiza abantu abangu-156 ukuba babhapathizwe. UMzalwan’ uRedford waphetha: “Melanani noDeveli, futhi uyonibalekela. Ningalokothi nithathe izinto zakhe ezihehayo. Qhubekani nizihlola. UJehova uyoninakekela.”
Ngokulandelayo, omunye umqeqeshi, u-Ulysses V. Glass, wakhuluma ngesihloko esithi “Kwabathobekileyo Kukhona Ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Wasebenzisa iwashi lasesandleni elinebethri evuselelwa ngamandla elanga ukuze abonise ukuthi ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu kungasigcina “sivuselelekile.” “Kodwa,” ephawula, “ulwazi lulodwa alukunikezi ukuhlakanipha. UNkulunkulu uyakudinga nokuthobeka.” (Mika 6:8) Ukuthobeka kuyosiholela ekwesabeni uNkulunkulu, futhi “ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” (IzAga 9:10) Yiqiniso, kumelwe sicabange okuthile ngathi; ukuzinyeza kungaba okulimazayo. UJehova uye wanikeza abanye ikhono elikhethekile, njengoba enza phakathi nokwakhiwa kwetabernakele, kodwa ukwethembeka ngokuthobeka kumelwe kusetshenzelwe. “Phakathi nesikhathi sokuqeqeshwa kwenu,” uMzalwan’ uGlass etshela ikilasi, “nanikeza ubufakazi bokwethenjelwa nenhlonipho. Bonisani lokhu kwethembeka okufanayo esabelweni senu, futhi uNkulunkulu uyonibusisa.”
UAlbert D. Schroeder, weNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo evelele enesihloko esithi “Ukuyihlomela Kahle Inkonzo Yezithunywa Zevangeli Ngawo-1990.” Waqala: “Iminyaka yawo-1990 kakade isiye yaba nesiqalo esivungamayo. Amazwe amaningi aseMpumalanga Yurophu aye azanyazanyiswa. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule uDonga lwaseBerlin lwavulwa. INew York Times yayinesihloko esikhulu esithi: ‘UAugust 1990, Inyanga Eyazamazamisa Izwe.’ Ngakho, nina enithweswe iziqu niphila esikhathini sokuzanyazanyiswa. Ingabe izinyanga zenu eziyisihlanu zokufunda ziye zanilungiselela khona? Yebo ngokuqinisekile!” Khona-ke waphawula ezinye zezici eziwusizo zeNew World Translation of the Holy Scriptures—With References nendlela ukuyitadisha okuye kwenza ngayo iZwi likaNkulunkulu laba eliphilile. Elinye ithuluzi eliwusizo eliye lahlomisa labafundi incwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe NguNkulunkulu,” manje esingohlelo lwayo olubukeziwe luka-1990. Incwadi yamuva ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu kumelwe nayo ibe usizo olunamandla ezithunyweni zevangeli. UMzalwan’ uSchroeder waphetha: “Ngakho-ke, bazalwane, mbongeni uJehova ngemfundo emangalisayo, eyigugu eniye naba nayo—eqinile nengenakuzanyazanyiswa. Qhubekani nesibusiso sikaJehova futhi nithembele ngokugcwele kuye nakuMholi wethu omangalisayo, uJesu Kristu. Amazwi esinawo emiBhalweni ngempela aphefumlelwe futhi ayonihola aniqondise emsebenzini wezithunywa zevangeli.”
Kwafundwa imikhonzo evela emazweni angu-11. Abafundi bamukela iziqu zabo, futhi omunye wabo wafunda incwadi eshukumisa inhliziyo eyayiya eNdikimbeni Ebusayo nasemkhayeni waseBethel.
Isimiso santambama sahlanganisa isifundo esifingqiwe seNqabayokulinda, esasiqhutshwa uDavid L. Walker, ilungu leKomiti yeWatchtower Farms. Khona-ke abafundi basebenzisa isihloko esishukumisayo esithi “Amandla Omthandazo Ekushumayeleni” benza umdlalo wokuhlangenwe nakho kwasensimini. Ibandla lasendaweni ladlala idrama eshukumisayo ethi Ukukhululelwa Ukuthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso, esekelwe ekubuyeleni kukaEzra eJerusalema ukuze athuthukise ukukhulekela kweqiniso. UMzalwan’ uFrederick W. Franz, umongameli weSikole saseGileyadi, waphetha ngomthandazo oshukumisayo.
[Isithombe ekhasini 24]
Ikilasi Lama-89 Elithweswa Iziqu LaseWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela ngaphambili ukuya ngemuva, futhi amagama ahlelwe kusukela ngakwesobunxele kuya ngakwesokudla emgqeni ngamunye. (1) Ahr, K.; Johnston, L.; Ng Ying Kin, V.; Sukkau, A.; Rodriguez, A.; Myklebust, N. (2) Ahr, H.; Verbeek, P.; Verbeek, K.; DeBolt, S.; DeBolt, S. (3) Sukkau, W.; Ayala, L.; Ayala, S.; Jenson, R.; Ng Ying Kin, J.; Myklebust, T. (4) Rodriguez, C.; Ferlisi, G.; Ferlisi, L.; Tank, J.; Jenson, K.; Tank, J.; Johnston, P.