Ukusindiswa Ngomusa Ongafanelwe, Hhayi Ngemisebenzi Yodwa
“Nisindisiwe ngokholo . . . Akungenxa yemisebenzi, ukuze kungabikho muntu oba nesizathu sokuziqhayisa.”—EFESU 2:8, 9.
1. AmaKristu ahluke kanjani kubantu abaningi ngokuphathelene nezinto umuntu ngamunye azifezayo, futhi ngani?
ABANTU namuhla bayaziqhenya ngalokho abakufezile, futhi ngokuvamile bayashesha ukuziqhayisa ngako. AmaKristu ahlukile. Ayakugwema ukukuqhakambisa lokho akufezile, ngisho nalokho okuphathelene nokukhulekela kweqiniso. Yize ejabula ngalokho abantu bakaJehova abakufezayo bebonke, awaliqhakambisi iqhaza umuntu ngamunye analo. Ayaqaphela ukuthi enkonzweni kaJehova, izisusa ezinhle zibaluleke ngaphezu kwalokho umuntu ngamunye akufezayo. Noma ubani oyogcina ethole isipho sokuphila okuphakade uyobe esithole ngokholo nangomusa kaNkulunkulu ongafanelwe, hhayi ngalokho akufezile.—Luka 17:10; Johane 3:16.
2, 3. Yini uPawulu aziqhayisa ngayo, futhi ngani?
2 Umphostoli uPawulu wayeliqaphela kahle leli phuzu. Ngemva kokuthandazela impumuzo kathathu ‘eveni ayenalo enyameni,’ wathola le mpendulo ivela kuJehova: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Emukela isinqumo sikaJehova ngokuthobeka, uPawulu wathi: “Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende.” Yilesi simo sengqondo sokuthobeka sikaPawulu okufanele sifune ukusilingisa.—2 Korinte 12:7-9.
3 Yize uPawulu ayevelele ekwenzeni imisebenzi yobuKristu, waqaphela ukuthi konke ayekufeza wayengakwenzi ngoba enamakhono athile. Ngesizotha, wathi: “Lo musa ongafanelwe waphiwa mina, engingumuntu omncane kunomncane kunabo bonke abangcwele, ukuba ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala.” (Efesu 3:8) La mazwi awabonisi nomncane umoya wokuqhosha noma wokuzishaya olungile kunabanye. “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.” (Jakobe 4:6; 1 Petru 5:5) Ingabe silandela isibonelo sikaPawulu, ngokuthobeka sizibheke njengabancane ngisho nakubafowethu abancane?
‘Ukubheka Abanye Njengabakhulu’
4. Kungani ngezinye izikhathi singakuthola kunzima ukubheka abanye njengabakhulu kunathi?
4 Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani.” (Filipi 2:3) Lokhu kungase kube inselele ikakhulukazi uma sinesikhundla esithile. Mhlawumbe lobu bunzima budalwa ukuthi ngezinga elithile, siye sathonywa umoya wokuncintisana odlange kakhulu ezweni namuhla. Cishe, lapho siseyizingane safundiswa ukuba sincintisane, kungaba nezingane zakwethu noma nesifunda nazo esikoleni. Mhlawumbe njalo nje sasibeleselwa ngokuthi silwele ukuba umpetha wesikole kwezemidlalo noma ukuba siziqwaqwade emakhanda ezinye izingane ezifundweni. Yebo, ukwenza konke okusemandleni akho kunoma imuphi umsebenzi ofanelekayo kuyatuseka. Nokho, amaKristu awakwenzeli ukudonsela ukunaka okungafanele kuwo, kodwa ukuze azuze ngokugcwele kulowo msebenzi futhi mhlawumbe azuzise nabanye. Nokho, ukufuna njalo ukudunyiswa njengongqá phambili kungaba ingozi. Kanjani?
5. Uma umoya wokuncintisana uyekwa ungalawulwa, ungaholelaphi?
5 Uma umoya wokuncintisana noma wokuzazisa uyekwa ungalawulwa ungenza umuntu adelele futhi aziphakamise. Angase abe nomona ngamakhono namalungelo abanye. IzAga 28:22 zithi: “Umuntu oneso elinomona ushabashekela izinto zenani elikhulu, kodwa akazi ukuthi ukuswela kuyomehlela.” Ngokugabadela, angase afune ngisho nokufinyelela izikhundla angenalungelo lokuzithola. Ukuze athethelele izenzo zakhe, angase aqale ukukhononda nokugxeka abanye—imikhuba amaKristu okufanele ayigweme. (Jakobe 3:14-16) Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, usengozini yokungenwa umoya wokuzikhathalela yena.
6. IBhayibheli lixwayisa kanjani ngomoya wokuncintisana?
6 Ngakho-ke, iBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” (Galathiya 5:26) Umphostoli uJohane wakhuluma ngomunye umKristu okubonakala abanjwa ugibe lwalo moya. UJohane wathi: “Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe, othanda ukuba nendawo ephambili phakathi kwabo, akamukeli lutho oluvela kithi ngenhlonipho. Kungakho, uma ngifika, ngizokwenza ukuba kukhunjulwe imisebenzi yakhe aqhubeka eyenza, ephoshoza ngathi amazwi amabi.” Yeka ukuthi kungaba into edabukisa kangakanani uma umKristu engawela kulolu gibe!—3 Johane 9, 10.
7. Yini umKristu afuna ukuyigwema emsebenzini wanamuhla okhuthaza ukuncintisana?
7 Yiqiniso, akunakwenzeka ukuba umKristu azigweme ngokuphelele zonke izinhlobo zemisebenzi ehilela ukuncintisana. Ngokwesibonelo, umsebenzi wakhe wokuziphilisa ungase uhilele ukuncintisana ngokwezomnotho nabanye abantu noma namanye amabhizinisi enza imikhiqizo efanayo noma anikeza izinkonzo ezifanayo. Nokho, nangaphansi kwezimo ezinjalo, umKristu uyofuna ukuqhuba ibhizinisi lakhe ngomoya wenhlonipho, uthando nokucabangela. Ngeke asebenzise imikhuba engqubuzana nomthetho noma engeyona eyobuKristu futhi uyokugwema ukuba umuntu ngokuyinhloko owaziwa ngokuthi unesimo sengqondo sokuncintisana, sokungadeli noma sekunjani. Ngeke abe nomuzwa wokuthi ukuba ungqá phambili—kunoma yini—kuyinto ebaluleke kakhulu ekuphileni. Uma umKristu kudingeka agweme lo moya ezintweni zezwe, kangakanani-ke ezindabeni zokukhulekela!
“Hhayi Ngokuziqhathanisa Nomunye Umuntu”
8, 9. (a) Kungani kungafanele abadala abangamaKristu bancintisane? (b) Kungani eyoku-1 Petru 4:10 isebenza kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu?
8 Isimo sengqondo amaKristu okufanele abe naso ekukhulekeleni kwawo sichazwe kula mazwi aphefumulelwe: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.” (Galathiya 6:4) Abadala ebandleni, njengoba bazi ukuthi abancintisani, bayabambisana basebenzelane eduze njengendikimba. Bayajabula ngeqhaza umuntu ngamunye kubo analo enhlalakahleni yebandla. Kanjalo bagwema ukuncintisana okuphazamisayo futhi babekele lonke ibandla isibonelo esihle sobunye.
9 Ngenxa yobudala, okuhlangenwe nakho, noma amakhono angokwemvelo, kungenzeka abanye abadala baphumelele kakhudlwana kunabanye, noma kungenzeka babe nokuqonda okuthé xaxa. Yingakho abadala benemithwalo yemfanelo ehlukahlukene enhlanganweni kaJehova. Esikhundleni sokuqhathanisa, bakhumbula lesi seluleko: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.” (1 Petru 4:10) Empeleni, lo mBhalo usebenza kuzo zonke izinceku zikaJehova ngoba, ngezinga elithile, zonke zithole isipho solwazi olunembile futhi zijabulela ilungelo lokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu.
10. Inkonzo yethu engcwele iyoba eyamukelekayo kuJehova kuphela uma yenziwa kanjani?
10 UJehova uthokozela inkonzo yethu engcwele kuphela uma yenziwa ngothando nangokuzinikela, hhayi ngenjongo yokuziphakamisa kwabanye. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba nombono olinganiselayo ngomsebenzi wethu wokusekela ukukhulekela kweqiniso. Nakuba kungekho muntu ongazahlulela ngokunembile izisusa zomunye umuntu, uJehova ‘ulinganisa izinhliziyo.’ (IzAga 24:12; 1 Samuweli 16:7) Ngakho, senza kahle ngokuhlale sizibuza, ‘Siyini isisusa sami sokwenza imisebenzi yokholo?’—IHubo 24:3, 4; Mathewu 5:8.
Ukuba Nombono Ofanele Ngomsebenzi Wethu
11. Imiphi imibuzo ngomsebenzi esiwenza enkonzweni okunengqondo ukuyicabangela?
11 Uma kuyisisusa esibaluleke kakhulu ekwamukelweni uJehova, khona-ke kufanele sikhathazeke ngezinga elingakanani ngemisebenzi yethu yokholo? Uma nje senza inkonzo yethu ngesisusa esihle, kuyadingeka yini ngempela ukuba sigcine umbhalo walokho esikwenzayo noma wokuthi kungakanani? Le mibuzo inengqondo, njengoba singafuni ukuqokomisa izibalo ngaphezu kwemisebenzi yokholo noma ukwenza ukuba nombiko omuhle kube into enkulu esikhathazeka ngayo ngokuphathelene nomsebenzi wethu wobuKristu.
12, 13. (a) Iziphi izizathu ezimbalwa ezenza sigcine umbhalo wenkonzo yethu yasensimini? (b) Iziphi izizathu esinazo zokujabula lapho sibheka umbiko womhlaba wonke womsebenzi wethu wokushumayela?
12 Phawula lokho incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova ekushoyo: “Abalandeli bakaJesu Kristu bokuqala babenesithakazelo emibikweni yokuthuthuka komsebenzi wokushumayela. (Marku 6:30) Incwadi yeBhayibheli yezEnzo isitshela ukuthi kwakunabantu cishe abangu-120 ngesikhathi kuthululwa umoya ongcwele kubafundi ngePhentekoste. Kungakabiphi, inani labafundi landa laba ngu-3 000 kamuva laba ngu-5 000. . . . (IzEnzo 1:15; 2:5-11, 41, 47; 4:4; 6:7) Yeka indlela okumelwe ukuba zabakhuthaza kahle ngayo abafundi lezi zindaba zokwanda!” Ngesizathu esifanayo, oFakazi BakaJehova namuhla benza umzamo wokugcina imibhalo enembile yalokho abakufezayo emhlabeni wonke lapho begcwalisa la mazwi kaJesu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Imibiko enjalo inikeza umbono wangempela ngalokho okwenziwayo ensimini yomhlaba wonke. Ibonisa lapho kudingeka khona usizo, ukuthi iziphi izincwadi ezidingekayo futhi kudingeka ezingakanani ukuze kuqhutshekiselwe phambili umsebenzi wokushumayela.
13 Ngakho, ukubika umsebenzi wethu wokushumayela kwenza sikwazi ukufeza ukuthunywa kwethu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngendlela ephumelela nangokwengeziwe. Ngaphandle kwalokho, asikhuthazeki yini lapho sizwa ngomsebenzi abafowethu abawenzayo kwezinye izingxenye zomhlaba? Izindaba zokukhula nokwanda emhlabeni wonke zisenza sichichime injabulo, zisishukumisele ukuba senze okwengeziwe futhi zisiqinisekise ukuthi uJehova uyasibusisa. Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukwazi ukuthi nowethu siqu umbiko uhlanganisiwe kulowo womhlaba wonke! Ingxenye yomuntu ngamunye incane uma iqhathaniswa nengqikithi yomhlaba wonke, kodwa uJehova uyayibona. (Marku 12:42, 43) Khumbula ukuthi ngaphandle kombiko wakho, umbiko womhlaba wonke awuphelele.
14. Ngaphandle kokushumayela nokufundisa, yini ehlanganisiwe ekukhulekeleni kwethu uJehova?
14 Yebo, okuningi kwalokho okwenziwa uFakazi ngamunye ekufezeni umthwalo wakhe wemfanelo njengenceku kaJehova ezinikezele akuveli embikweni wakhe. Ngokwesibonelo, asisibiki isifundo seBhayibheli somuntu siqu sasikhathi sonke, ukuba khona emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela kuyo, imisebenzi yasebandleni, ukusiza esikholwa nabo lapho kudingeka, ukuxhasa umsebenzi woMbuso womhlaba wonke ngokwezimali, nokunye. Ngakho, nakuba umbiko wethu wenkonzo yasensimini unendima yokusisiza ukuba silondoloze intshiseko yethu ekushumayeleni futhi sigweme ukuyekethisa, kumelwe siwubheke ngeso elifanele. Akumelwe ubhekwe njengelayisense engokomoya noma incwadi yemvume, enquma ukuthi siyakufanelekela yini ukuthola ukuphila okuphakade.
‘Ukushisekela Imisebenzi Emihle’
15. Nakuba imisebenzi iyodwa ingeke isisindise, kungani idingeka?
15 Kusobala ukuthi nakuba imisebenzi iyodwa ingeke isisindise, yona iyadingeka. Yingakho amaKristu ebizwa ngokuthi “isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle” futhi yingakho ekhuthazwa ukuba ‘acabangelane ukuze avuselelane uthando nemisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14; Hebheru 10:24) Engagwegwesi, omunye umlobi weBhayibheli, uJakobe, umane athi: “Njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.”—Jakobe 2:26.
16. Yini ebaluleke ngisho nangaphezu kwemisebenzi, kodwa yini okufanele siyixwaye?
16 Yize imisebenzi emihle ibalulekile, zibaluleke nakakhulu izisusa zokuyenza. Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukuhlala njalo sihlola izisusa zethu. Nokho, njengoba nje kungekho muntu ongase azazi kahle izisusa zabanye, kumelwe sikuxwaye ukwahlulela abanye. Siyabuzwa: “Ungubani wena ukuba wahlulele inceku yomunye yasendlini?” Sibe sesithola le mpendulo esobala: “Ima noma iwe enkosini yayo siqu.” (Roma 14:4) UJehova, iNkosi yabo bonke abantu, kanye noMahluleli wakhe ammisile, uKristu Jesu, ngeke basahlulele ngesisekelo semisebenzi yethu yodwa, kodwa bayosahlulela nangesisekelo sezisusa zethu, amathuba, uthando nokuzinikela kwethu. UJehova noKristu Jesu kuphela abakwaziyo ukwahlulela ngokunembile ukuthi sikwenzile yini lokho amaKristu ayalwa ukuba akwenze njengoba kwashiwo umphostoli uPawulu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thimothewu 2:15: 2 Petru 1:10; 3:14.
17. Lapho sizama ukwenza konke okusemandleni ethu, kungani kufanele sihlale njalo sikhumbula uJakobe 3:17?
17 UJehova uyasibonelela kulokho akulindele kithi. NgokukaJakobe 3:17, “ukuhlakanipha kwaphezulu” phakathi kwezinye izinto “kuyabonelela.” Ngeke yini kube inkambo yokuhlakanipha futhi kube impumelelo yangempela uma singalingisa uJehova kulesi sici? Ngakho, akufanele sizame ukuzibekela noma ukubekela abafowethu imigomo engenakho ukubonelela futhi engafinyeleleki.
18. Yini esingabheka phambili kuyo lapho sinombono olinganiselayo ngemisebenzi yethu nangomusa ongafanelwe kaJehova?
18 Uma nje silondoloza umbono olinganiselayo ngemisebenzi yethu yokholo nangomusa kaJehova ongafanelwe, siyolondoloza injabulo yethu ewuphawu olubonakalisa izinceku zeqiniso zikaJehova. (Isaya 65:13, 14) Singajabula ngezibusiso uJehova azithululela abantu bakhe bebonke, kungakhathaliseki ukuthi kungakanani esikwazi ukukwenza thina ngabanye. Ngokuqhubeka ‘sithandaza, sinxusa futhi sibonga,’ siyocela uNkulunkulu ukuba asisize senze konke okusemandleni ethu. Nakanjani-ke, “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:4-7) Yebo, singathola induduzo nesikhuthazo ngokwazi ukuthi singasindiswa ngomusa ongafanelwe kaJehova, hhayi ngemisebenzi nje kuphela!
Ungachaza Yini Ukuthi Kungani AmaKristu
• egwema ukuziqhayisa ngezinto umuntu ngamunye azifezile?
• egwema ukuba nomoya wokuncintisana?
• ebika umsebenzi wawo wenkonzo yasensimini?
• egwema ukwahlulela amaKristu akanye nawo?
[Isithombe ekhasini 15]
“Umusa wami ongafanelwe ukwanele”
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Abadala bayajabula ngeqhaza ngamunye analo enhlalakahleni yebandla
[Izithombe ekhasini 18, 19]
Ngaphandle kombiko wakho, umbiko womhlaba wonke awuphelele