Indlela Esingabuhlakulela Ngayo Ubuhle
IZICHAZAMAZWI zanamuhla zichaza “ubuhle” ngokuthi “ukuziphatha okusezingeni eliphakeme.” ‘Buyizenzo nokucabanga okulungile; ubuntu obuhle.’ Umlobi wesichazamazwi uMarvin R. Vincent uthi umqondo wokuqala oyisisekelo wegama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ubuhle” usho “ukuba sezingeni eliphakeme kwanoma yiluphi uhlobo.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi izimfanelo ezinjengobuhlakani, isibindi, ukuzithiba, ukungakhethi, isihe, ukukhuthazela, ukwethembeka, ukuthobeka nobuqotho ziye zadunyiswa njengeziwubuhle ngesikhathi esithile. Ubuhle buye bachazwa nangokuthi “ukuzivumelanisa nendinganiso yokulungile.”
Ekabani indinganiso yokuhle nokulungile okufanele sizivumelanise nayo? “Ngokweqembu elibusayo lefilosofi yezimiso zokuziphatha,” kusho umagazini i-Newsweek, “ukungabaza okwadalwa yiNkathi Yokukhanyiselwa kuye kwenza yonke imiqondo yokulungile nokungalungile yaba yindaba yokuzithandela komuntu, ukuzikhethela okungokomzwelo noma okungokwesiko.” Kodwa ingabe ukuzithandela noma ukuzikhethela kuyindlela eyanelisayo yokuhlukanisa okulungile nokungalungile? Cha. Ukuze sihlakulele ubuhle, sidinga indinganiso enokwethenjelwa yokuhle nokubi—indinganiso okungahlulelwa ngayo isenzo, isimo sengqondo noma imfanelo ethile njengelungile noma engalungile.
Okuwukuphela KoMthombo Wangempela Wezindinganiso Zokuziphatha
KunoMthombo wangempela owodwa vó wezindinganiso zokuziphatha—uMdali wesintu, uJehova uNkulunkulu. Ngokushesha ngemva kokuba edale umuntu wokuqala, u-Adamu, uJehova uNkulunkulu wamnika lo myalo: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) UJehova uNkulunkulu wanika lowo muthi lelo gama elihlukile ukuze abonise ilungelo lakhe yedwa lokunqumela izidalwa zakhe okuhle nokubi. Kanjalo, izindinganiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi zaba yisisekelo sokwahlulela, noma ukuhlaziya, izenzo, isimo sengqondo nezici zobuntu zomuntu. Ngaphandle kwezindinganiso ezinjalo sasingeke sikwazi ukuhlukanisa kahle phakathi kokulungile nokungalungile.
Umyalo omayelana nomuthi wokwazi okuhle nokubi wenza u-Adamu no-Eva kwadingeka bakhethe—ukulalela noma ukungalaleli. Kubo, ubuhle babusho ukulalela lowo myalo. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wambula ngokwengeziwe ukuthi yini emjabulisayo nengamjabulisi futhi wenza ukuba lokhu kulotshelwe thina eBhayibhelini. Khona-ke, ukuhlakulela ubuhle kuhilela ukuzivumelanisa kwethu nezindinganiso zikaJehova zokulunga ezivezwe emiBhalweni.
Zazi Ngokugcwele Izindinganiso ZikaNkulunkulu
Njengoba uJehova uNkulunkulu eye wabeka izindinganiso zokuhle nokubi futhi wazambula eBhayibhelini, akufanele yini sizazi ngokugcwele? Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Ngokwesibonelo, cabanga ngokungaqondi uKunihito, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, abhekana nakho lapho ebonisa isizotha ngendlela esibhekwa ngayo ngokwesiko lakubo. Ukuhlolisisa izindinganiso zemiBhalo kamuva kwamsiza ukuba enze izinto ngendlela elinganiselayo. Ngokuqinisekile iBhayibheli likhuthaza isizotha, futhi lixwayisa ngokuzethemba ngokweqile nokugabadela. (IzAga 11:2; Mika 6:8) Nokho, lapho enikeza izimfanelo ‘zesikhundla sombonisi,’ umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngokuzama ukufinyelela’ lelo lungelo. (1 Thimothewu 3:1) Lokhu ‘kuzama ukufinyelela’ akumelwe nje kwenziwe ngaphandle kokuqhosha noma ukugabadela kodwa futhi kumelwe kwenziwe ngaphandle kokuzeya ngokungadingekile.
Lithini iBhayibheli ngokuziphatha okusezingeni eliphakeme kwezebhizinisi. Ukusebenzisa izindlela ezingabazekayo noma ukukhekheleza emithethweni kahulumeni neyentela kuwumkhuba ovamile kwezebhizinisi zanamuhla. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani, indinganiso yeBhayibheli iwukuba ‘siziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’ (Heberu 13:18) Ngakho, sihlakulela ubuhle ngokwethembeka nangokungakhethi kubaqashi, abasebenzi, amakhasimende nakohulumeni bezwe. (Duteronomi 25:13-16; Roma 13:1; Thithu 2:9, 10) Ngokuqinisekile, ukwethembeka kuthuthukisa ukwethembana nokuzwana. Futhi ukubhala izivumelwano phansi ngokuvamile kuvimbela ukungaqondi nezinkinga ezingase zivele ngenxa ‘yesikhathi nethuba.’—UmShumayeli 9:11; Jakobe 4:13, 14.
Indaba yokugqoka nokuzilungisa ingesinye isici okudingeka sihlakulele ubuhle kuso. Indlela yokugqoka iyahlukahluka kuye ngamasiko futhi kungase kube nokucindezela okunamandla kokuhambisana nezitayela nezimfashini zamuva. Kodwa kungani kufanele silandele zonke izimfashini ezifikayo? IBhayibheli lisiyala ukuba ‘siyeke ukulolongwa sifane nalesisimiso sezinto.’ (Roma 12:2) Kunokuba akhe imithetho, umphostoli uPawulu wabhala ngokuphefumulelwa: “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amaparele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okuwukuthi, ngemisebenzi emihle.” (1 Thimothewu 2:9, 10) Le ndinganiso eyisisekelo isebenza kwabesilisa nabesifazane ngokufanayo. Yebo, zingaba khona izinhlobonhlobo zezitayela ezinhle ngenxa yokuhluka kwesiko noma ukuzithandela.
IBhayibheli liveza nemikhuba yokuziphatha okubi, uNkulunkulu ayilahla ngokucacile. Kweyoku-1 Korinte 6:9, 10, sifunda lesi sixwayiso: “Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” Lo mbhalo wasiza uMaria, okukhulunywe ngaye ngaphambili, ukuba abone ukuthi ngokwendinganiso yokuziphatha okuhle ebekwe nguMdali, ubuhlobo babo noJuan babungalungile futhi kwakumelwe abuqede uma ayefuna ukwamukelwa nguNkulunkulu. Ngokusobala, ukuze sihlakulele ubuhle kudingeka sizazi kahle izindinganiso zikaJehova.
Funda Ngenhliziyo
Ubuhle abukona ukumane ugweme okubi. Bunamandla okuziphatha. Umuntu onobuhle muhle. Omunye uprofesa uthi: “Ubuhle kudingeka bufundwe ngenhliziyo nangengqondo.” Khona-ke, ukuhlakulela ubuhle kuhilela okungaphezu kokulazi kahle iZwi likaNkulunkulu. Kudinga ukuzindla ngalokho okulotshwe kulo ukuze izinhliziyo zethu zigcwale ukumbonga uJehova futhi sishukumiseleke ukuba sisebenzise izimiso ezingokomBhalo ekuphileni kwethu.
Umhubi wathi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Futhi iNkosi uDavide yabhala: “Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho [kaNkulunkulu] yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.” (IHubo 143:5) Nathi kufanele senze ukuzindla ngomthandazo kube yingxenye ebalulekile yokutadisha kwethu iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.
Yiqiniso, ukwenza isikhathi sokutadisha ngenkuthalo okuhambisana nokuzindla kungaba yinselele. Kodwa ukuphishekela ubuhle kudinga ukuba sithengisise isikhathi kwezinye izinto ebesingazenza. (Efesu 5:15, 16) U-Aaron, oneminyaka engu-24 ubudala, uthengisisa leso sikhathi nsuku zonke ngokuvuka kusasele imizuzu engu-30 kushaye isikhathi ayevuka ngaso kudala. Uyalandisa: “Ekuqaleni, ngangimane ngifunde iBhayibheli kuso sonke leso sigamu sehora. Muva nje ngiye ngaqaphela ukubaluleka kokuzindla. Ngakho manje ngisebenzisa ingxenye yaleso sikhathi ekuzindleni ngalokho engisanda kukufunda. Lokhu kuye kwavuza ngempela.” Ukuzindla kungenziwa nangezinye izikhathi. Engomeni ayeyihlabelelela uJehova, uDavide wathi: “Ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.” (IHubo 63:6) Futhi iBhayibheli liyalandisa: “U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle.”—Genesise 24:63.
Ukuzindla kubaluleke kakhulu ekuhlakuleleni ubuhle, ngoba kusisiza ukuba sizizwe ngendlela uJehova azizwa ngayo futhi sibheke izinto ngendlela azibheka ngayo. Ngokwesibonelo, uMaria wayazi ukuthi uNkulunkulu uyabenqabela ubufebe. Kodwa ukuze ‘enyanye okubi, abambelele kokuhle,’ kwakudingeka azindle ngemibhalo yeBhayibheli eyisihluthulelo. (Roma 12:9) Wasizwa ukuba abone isidingo sokwenza izinguquko ngemva kokufunda eyabaseKolose 3:5, esinxusa ukuba ‘sibulale amalungu emizimba yethu ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo nokukhanuka.’ UMaria kwadingeka azibuze: ‘Luhlobo luni lwesifiso sobulili okumelwe ngilubulale? Yini okufanele ngiyigweme engase ivuse izifiso ezingahlanzekile? Zikhona yini izinguquko okudingeka ngizenze endleleni engiphatha ngayo abobulili obuhlukile?’
Ukuzindla kuhlanganisa ukucabanga ngomphumela wesenzo esithile. UPawulu unxusa amaKristu ukuba adede ebufebeni futhi azithibe ukuze “kungabikho muntu ofinyelela eqophelweni lokulimaza futhi angenele emalungelweni omfowabo.” (1 Thesalonika 4:3-7) Kuhle ukucabanga ngale mibuzo: ‘Ngingazilimaza kanjani mina, umkhaya wami noma abanye ngokwenza lesi senzo? Ngingathinteka kanjani ngokomoya, ngokomzwelo nangokomzimba? Izinto ziye zabahambela kanjani abanye abaye bawephula umthetho kaNkulunkulu esikhathini esidlule?’ Ukucabanga ngale ndlela kwanika uMaria amandla, futhi kungenza okufanayo nakithi.
Funda Ezibonelweni
Ingabe ubuhle bungafundiswa esikoleni? Sekuyizinkulungwane zeminyaka lo mbuzo uxaka ongqondongqondo. Isazi sefisofi esingumGreki uPlato sasithambekele ekucabangeni ukuthi bungafundiswa. Ngakolunye uhlangothi, u-Aristotle wathi ubuhle butholakala ngokuzijwayeza. Intatheli ethile yafingqa impikiswano yale ndaba ngokuthi: “Ngamafuphi, izimiso zobuhle azinakufundwa zizodwa. Futhi azinakufundiswa ezincwadini zokufundisa. Ubuntu obuhle bubangelwa ukuphila emiphakathini . . . lapho ubuhle bukhuthazwa futhi buvuzwa khona.” Kodwa singabatholaphi abantu abahle ngempela? Nakuba amasiko amaningi enikeza izibonelo zobuhle, okungenani emaqhaweni nasezinganekwane zawo, iBhayibheli linenqwaba yezibonelo zangempela.
Isibonelo sobuhle esivelele kunazo zonke nguJehova. Ngaso sonke isikhathi wenza ngendlela enobuhle futhi wenza okulungile nokuhle. Ubuhle singabuhlakulela ngokuba “abalingisi bakaNkulunkulu.” (Efesu 5:1) Futhi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, ‘yasishiyela isibonelo sokuba silandele izinyathelo zayo eduze.’ (1 Petru 2:21) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lilandisa ngabantu abaningi abanjengo-Abrahama, uSara, uJosefa, uRuthe, uJobe noDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHeberu. Masingazikhohlwa nezibonelo zobuhle zezinceku zikaJehova zanamuhla.
Singaphumelela
Ingabe singaphumelela ngempela ekwenzeni okuhle emehlweni kaNkulunkulu? Njengoba siye sazuza ukungapheleli njengefa, ngezinye izikhathi kungase kube nempi enkulu ngaphakathi kithi phakathi kokwenza okuhle nokulandela ukuthambekela kwethu kwesono. (Roma 5:12; 7:13-23) Kodwa le mpi inganqotshwa ngosizo lukaNkulunkulu. (Roma 7:24, 25) UJehova uye walungiselela iZwi lakhe nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngokutadisha imiBhalo ngenkuthalo nangokuzindla ngayo ngomthandazo, singaba nezinhliziyo ezihlanzekile. Kuleyo nhliziyo ehlanzekile kungavela imicabango, amazwi nezenzo ezinhle. (Luka 6:45) Ngokusekelwe ezibonelweni zikaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, singakha ubuntu bokuhlonipha uNkulunkulu. Futhi ngokuqinisekile singafunda okuningi kubantu abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka namuhla.
Umphostoli uPawulu wanxusa abafundi bencwadi yakhe ukuba ‘baqhubeke becabanga’ ngobuhle nezinye izinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa. Nakanjani ukwenza lokhu kuyoletha isibusiso sikaNkulunkulu. (Filipi 4:8, 9) Ngosizo lukaJehova, singaphumelela ekuhlakuleleni ubuhle.
[Isithombe ekhasini 6]
Yenza ukuzindla kube yingxenye yokutadisha kwakho iBhayibheli
[Isithombe ekhasini 7]
Yakha ubuntu bokuhlonipha uNkulunkulu ngokulingisa uKristu Jesu