UMika
6 Ngicela nizwe lokho uJehova akushoyo.
Sukumani nethule icala phambi kwezintaba,
Kwangathi amagquma angalizwa izwi lenu. +
2 Yizwani icala uJehova aliqulisayo nina zintaba,
Nina zisekelo zomhlaba eziqinile, +
Ngoba kukhona icala uJehova aliqulisa abantu bakhe;
Ngu-Israyeli azophikisana naye: +
3 “Bantu bami, ngenzeni kini?
Nginikhathaze kanjani? +
Fakazani ngokumelene nami.
4 Ngoba nganikhuphula nganikhipha ezweni laseGibhithe, +
Nganikhulula endlini yobugqila; +
Ngathumela phambi kwenu uMose, u-Aroni noMiriyamu. +
5 Bantu bami, ngicela nikhumbule lokho uBhalaki inkosi yakwaMowabi akuceba, +
Nempendulo kaBhalami indodana kaBheyori +
—Lokho okwenzeka kusukela eShithimi + kuze kuyofika eGiligali +—
Ukuze nizazi izenzo zikaJehova zokulunga.”
6 Ngiyoya ngiphetheni phambi kukaJehova?
Ngiyokhothama ngiphetheni phambi kukaNkulunkulu ophezulu?
Ingabe ngiyoya phambi kwakhe neminikelo eshiswayo ephelele
Namathole anonyaka owodwa? +
Ingabe ngiyonikela ngezibulo lami ngenxa yokuvukela kwami,
Nginikele ngesithelo somzimba wami ngenxa yesono sami? +
8 Ukutshelile okuhle wena muntu.
Yini uJehova ayifuna* kuwe?
9 Izwi likaJehova limemeza idolobha;
Labo abanokuhlakanipha okuwusizo bayolesaba igama lakho.
Nakani induku nalowo owayimisa. +
11 Ngingaba yini ohlanzekile ngokokuziphatha* ngibe nginesikali esibi,
Nginesikhwama sezisindo zamatshe ezikhohlisayo? +
12 Ngoba izicebi zakhe zigcwele ubudlova,
Abahlala khona bakhuluma amanga; +
Ulimi lwabo nomlomo wabo kuyakhohlisa. +
Okuthathayo ngeke uhambe nako ngokuphepha,
Nalokho ohamba nako, ngiyokunikela enkembeni.
15 Uyohlwanyela imbewu, kodwa ngeke uvune.
Uyonyathela iminqumo, kodwa ngeke uwasebenzise amafutha;
Uyokwenza iwayini elisha, kodwa ngeke uphuze wayini. +