Thethelela Ngokusuka Enhliziyweni
“UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka ezinhliziyweni zenu.”—MATHEWU 18:35.
1, 2. (a) Isoni esaziwayo sayibonisa kanjani indlela esasimazisa ngayo uJesu? (b) Yiliphi iphuzu uJesu aliveza lapho ephendula?
CISHE wayengowesifazane othengisa ngomzimba, umuntu owawungeke ulindele ukumthola emzini womuntu okholwayo. Abanye besashaqwe ukumbona elapho, wabe esenza into eshaqisa nakakhulu. Waqonda endodeni eziphethe kahle kunawo wonke wafike wabonisa indlela ayeyazisa ngayo imisebenzi yayo, wayigeza izinyawo ngezinyembezi futhi wazisula ngezinwele zakhe.
2 Leyo ndoda, uJesu, ayizange imnyanye lona wesifazane, ‘owayaziwa emzini ukuthi uyisoni.’ Kodwa uSimoni umFarisi, okwakusemzini wakhe lapha, kwakumkhathaza ukuthi lona wesifazane uyisoni. UJesu waphendula ngokuxoxa ngamadoda amabili ayekweleta umboleki. Enye yayikweleta imali enkulu—engaba umholo weminyaka emibili. Enye yayikweleta imali eyingxenye yeshumi yaleyo—engaphansi komholo wezinyanga ezintathu. Lapho womabili ehluleka ukukhokha, umboleki “wawathethelela ngokukhululekile womabili.” Kusobala ukuthi lena eyasulelwa isikweletu esikhulu yayinesizathu esikhulu sokusabela ngokubonisa uthando. Ngemva kokuhlobanisa lokhu nesenzo somusa sowesifazane, uJesu wanezela isimiso esithi: “Othethelelwa okuncane, uthanda kancane.” Wabe esethi kowesifazane: “Izono zakho zithethelelwe.”—Luka 7:36-48.
3. Yini okudingeka siyicabangele mayelana nathi ngokwethu?
3 Zibuze, ‘Ukube ngangiyilowo wesifazane noma ukube ngangisesimweni esithi asifane futhi kuyimi oboniswa isihe, ingabe ngangiyobe sengiba nokhahlo ngingabathetheleli abanye?’ Ungase uphendule uthi, ‘Lutho neze!’ Noma kunjalo, uyakholelwa ngempela yini ukuthi uthambekele ekuthetheleleni? Ingabe leso yisimo sakho sengqondo esivamile? Ingabe kukaningi uthethelela ngokushesha, futhi ingabe abanye bangakuchaza ngokuthi ungumuntu othethelelayo? Ake sibone ukuthi kungani ngamunye wethu kufanele acabangele lokhu ngobuqotho futhi azihlole.
Intethelelo Iyadingeka —Futhi Siyayithola
4. Yiliphi iqiniso okufanele silivume mayelana nathi ngokwethu?
4 Wazi kahle ukuthi awuphelele. Uma ubungase ubuzwe, ubungakuvuma, mhlawumbe uze ukhumbule namazwi akweyoku-1 Johane 1:8 athi: “Uma sithi: ‘Asinaso isono,’ sizidukisa ngokwethu futhi iqiniso alikho kithi.” (Roma 3:23; 5:12) Kwabanye, ukuba nesono kungenzeka kuye kwabonakala ngezono ezimbi kakhulu nezishaqisayo. Nakuba kungenzeka azikho izono ozaziyo ezinjalo owake wazenza, ngokuqinisekile ziningi izikhathi nezindlela oye wasilela ngazo ezindinganisweni zikaNkulunkulu—wona. Akunjalo?
5. Yini okufanele sibe nomuzwa wokumbonga ngayo uNkulunkulu?
5 Ngakho, isimo sakho singase sifane nencazelo yomphostoli uPawulu: “Nakuba nanifile eziphambekweni zenu futhi nisesimweni sokungasoki senyama yenu, uNkulunkulu wanenza naphila kanye naye [uJesu]. Wasithethelela ngomusa zonke iziphambeko zethu.” (Kolose 2:13; Efesu 2:1-3) Phawula amazwi athi “wasithethelela . . . zonke iziphambeko zethu.” Lokho kuhlanganisa izinto eziningi. Ngamunye wethu unesizathu esihle sokuncenga njengoba kwenza uDavide: “Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.” (Omalukeke sizenzele.)—IHubo 25:11.
6. Yini esingaqiniseka ngayo mayelana noJehova nokuthethelela?
6 Ungakuthola kanjani wena—nanoma ubani kithi—ukuthethelelwa? Isihluthulelo siwukuthi uJehova uNkulunkulu uthambekele ekuthetheleleni. Lokho kuyingxenye yobuntu bakhe. (Eksodusi 34:6, 7; IHubo 86:5) Kuyaqondakala ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba siphendukele kuye ngomthandazo sicele asixolele, asithethelele. (2 IziKronike 6:21; IHubo 103:3, 10, 14) Futhi uye walungiselela isisekelo esingokomthetho sokuthethelela—umhlatshelo kaJesu wesihlengo.—Roma 3:24; 1 Petru 1:18, 19; 1 Johane 4:9, 14.
7. Iyiphi indlela okufanele ufune ukumlingisa ngayo uJehova?
7 Ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuthethelela kufanele ukubheke njengesibonelo sendlela okumelwe nawe ubaphathe ngayo abanye abantu. Egxila kulokhu, uPawulu wabhala: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:32) Akukho kungabaza ngokuthi iphuzu likaPawulu lihilela ukuba sifunde esibonelweni sikaNkulunkulu, ngoba ivesi elilandelayo liyaqhubeka: “Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Ingabe uyakubona ukuhlobana okulapha? UJehova uNkulunkulu wakuthethelela, ngakho—njengoba uPawulu ekuveza ngendlela enamandla—nawe kudingeka umlingise ngokuba ‘nobubele besisa, ubathethelele ngokukhululekile’ abanye. Kodwa zibuze, ‘Ingabe ngiyakwenza lokho? Uma kungekhona ukuthambekela kwami okungokwemvelo, ingabe ngisebenzela kukho, ngizama ngempela yini ukulingisa uNkulunkulu ngokuba othethelelayo?’
Kudingeka Sisebenzele Ekubeni Abathethelelayo
8. Yini okufanele siyiqaphele mayelana nabantu abakha ibandla lethu?
8 Bekungaba mnandi ukucabanga ukuthi ebandleni lobuKristu, zimbalwa izimo lapho kudingeka sisebenzise khona inkambo yokuhlonipha uNkulunkulu yokuthethelela. Akunjalo ekuphileni okungokoqobo. Kuyavunywa, abafowethu nodadewethu abangamaKristu bayazama ukulandela isibonelo sikaJesu sothando. (Johane 13:35; 15:12, 13; Galathiya 6:2) Kudala baqala ukukusebenzela, futhi basakusebenzela, ukulahla izindlela zokucabanga, zokukhuluma nezokwenza eziphawula leli zwe elibi. Bafuna ngempela ukubonisa ubuntu obusha. (Kolose 3:9, 10) Nokho, asinakulishalazela iqiniso lokuthi ibandla lembulunga yonke, nebandla lendawo ngalinye, lakhiwa abantu abangaphelele. Ngokuqinisekile, bebonke bangcono kunalokho abake baba yikho, kodwa basengabangaphelele.
9, 10. Kungani kungafanele simangale uma kuphakama izinkinga phakathi kwabazalwane?
9 EBhayibhelini, uNkulunkulu usitshela ngokuqondile ukuthi masikulindele ukungapheleli ebandleni, phakathi kwabafowethu nodadewethu. Ngokwesibonelo, cabanga ngamazwi kaPawulu akweyabaseKolose 3:13: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”
10 Kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli lapha lisikhumbuza ngokuhlobana phakathi kokuthethelelwa kwethu nguNkulunkulu nesibopho nesidingo sethu sokuthethelela abanye. Kungani kuyinselele lokhu? Kungoba uPawulu wavuma ukuthi othile angase abe “nesizathu sokukhononda ngomunye.” Wayeqaphela ukuthi izizathu ezinjalo ziyoba khona. Kumelwe ukuba zazikhona ekhulwini lokuqala, ngisho naphakathi “kwabangcwele” abangamaKristu, ‘ababenethemba abagcinelwe lona emazulwini.’ (Kolose 1:2, 5) Ingabe-ke singalindela ukuba kuhluke namuhla, lapho iningi lamaKristu eqiniso lingenabo ubufakazi bomoya bokuthi ‘lingabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo’? (Kolose 3:12) Ngakho, akufanele siphethe ngokuthi kunento enkulu eyonakele ebandleni lethu uma kunezizathu zokukhononda—imizwa elimele ngenxa yokoniwa kwangempela noma okucatshangelwayo.
11. Yini umfundi uJakobe asixwayisa ngayo?
11 Amazwi omfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, uJakobe, abonisa nokuthi kumelwe sikulindele ukuthi okungenani ngezikhathi ezithile siyobhekana nezimo eziyofuna ukuba sibathethelele abafowethu. “Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise ngobumnene bokuhlakanipha imisebenzi yakhe ekuziphatheni kwakhe okuhle. Kodwa uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa niqambela iqiniso amanga.” (Jakobe 3:13, 14) ‘Umhawu obabayo nokubanga’ ezinhliziyweni zamaKristu eqiniso? Yebo, amazwi kaJakobe asikisela ngokusobala ukuthi lezo zinto zase zibonakele ebandleni lekhulu lokuqala futhi ziyobonakala nanamuhla.
12. Iyiphi inkinga eyaphakama ebandleni laseFilipi lasendulo?
12 Isibonelo esingokoqobo esamaKristu amabili agcotshiwe ayenedumela elihle lokuzikhandla kanye noPawulu. Cishe uzokhumbula ufunda ngo-Evodiya noSintike, amalungu ebandla laseFilipi. Nakuba ingayinikezi imininingwane yalolu daba, eyabaseFilipi 4:2, 3 ibonisa ukuthi kwakunenkinga ethile phakathi kwabo. Ingabe yaqala ngokukhuluma ngokuphahluka okungenamusa, ukubona sengathi isihlobo somunye siyadelelwa, noma ubufakazi obuthile bomhawu wokuncintisana? Kungakhathaliseki ukuthi kwakuyini, le nkinga yaba nkulu kangangokuthi uPawulu wezwa ngayo ekude eRoma. Kungenzeka lab’ odade abangokomoya base bequdulelana, okwase kubangela ukuba bangasondelani emihlanganweni noma ukuba omunye akhulume kabi ngomunye kubangane bakhe.
13. Yini okungenzeka yagcina yenzekile phakathi kuka-Evodiya noSintike, okusinika siphi isifundo?
13 Ingabe kukhona okuzwakala kujwayelekile kulokhu, okufana nokwenzeka phakathi kwabathile ebandleni lenu noma lokho owawuhileleke kukho? Kungenzeka ikhona nanjengamanje inkinga enjalo ngokwezinga elithile. Yini esingayenza? Kulesiya simo sasendulo, uPawulu wanxusa labo dade ababili ababezinikezele ukuba “babe nomqondo ofanayo eNkosini.” Kungenzeka bavuma ukuxoxa ngodaba lwabo, ukuvezelana imizwa ngobuqotho, ukubonisana ukuthi bazimisele ukuthethelelana base besilingisa ngokoqobo isimo sengqondo sikaJehova sokuthethelela. Akukho sizathu sokucabanga ukuthi u-Evodiya noSintike abaphumelelanga, futhi nathi singaphumelela. Isimo sengqondo esinjalo sokuthethelela singasetshenziswa ngokuphumelelayo namuhla.
Yakha Ukuthula—Thethelela
14. Kungani ngokuvamile kungenzeka futhi kungcono kakhulu ukumane uvumele ukungezwani kudlule?
14 Kudingekani ngempela ukuze uthethelele lapho unenkinga nomunye umKristu? Empeleni, ayikho indlela ethile elula, kodwa iBhayibheli linikeza izibonelo eziwusizo neseluleko esingokoqobo. Elikutusayo ngokuyinhloko—nakuba kungelula ukukwamukela bese uyakusebenzisa—ukumane uyikhohlwe leyo ndaba, uyivumele idlule. Ngokuvamile lapho kunenkinga, njengoba kwakunjalo phakathi kuka-Evodiya noSintike, umuntu ngamunye uba nomuzwa wokuthi yilona omunye onephutha noma owonile ngokuyinhloko. Ngakho esimweni esinjengaleso, ungase ucabange ukuthi lona omunye umKristu nguye ngokuyinhloko onecala noma owone kakhulu. Nokho, ingabe ungakwazi ukumane uyidlulise leyo ndaba ngokuthethelela? Qaphela ukuthi uma kuyilona omunye umKristu onephutha ngokuyinhloko noma onephutha ngokuphelele, okusenokwenzeka akunjalo, khona-ke wena usesimweni esingcono kakhulu sokuba uvumele le ndaba idlule ngokuthethelela futhi iphele.
15, 16. (a) UMika wamchaza kanjani uJehova? (b) Kusho ukuthini ukuthi uNkulunkulu ‘udlulisa isiphambeko’?
15 Masingakhohlwa ukuthi uNkulunkulu uyisibonelo sethu ekuthetheleleni. (Efesu 4:32–5:1) Mayelana nesibonelo saKhe sokuvumela amaphutha adlule, umprofethi uMika wabhala: “Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, [“odlulisa,” NW] isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.”—Mika 7:18.
16 Ngokuchaza uJehova ngokuthi “odlulisa isiphambeko,” iBhayibheli alisho ukuthi akakwazi ukukhumbula ukona, njengokungathi kunezinto ezithile azikhohlwayo. Cabangela indaba kaSolomoni nekaDavide, bobabili abenza amaphutha amakhulu. UNkulunkulu wayesazikhumbula lezo zono nakuba kwase kukudala zadlula; ngisho nathi siyazi ngezinye zezono zabo ngoba uJehova wenza ukuba zilotshwe eBhayibhelini. Noma kunjalo, uNkulunkulu wethu othethelelayo wababonisa isihe laba ababili, wakhuluma ngabo njengabayizibonelo zokholo okufanele sizilingise.—Heberu 11:32; 12:1.
17. (a) Iyiphi indlela engasisiza ukuba sidlulise amaphutha, noma izono, zabanye? (b) Uma sizama ukwenza lokho, siyobe simlingisa kanjani uJehova? (Bheka umbhalo waphansi.)
17 Yebo, uJehova wakwazi ‘ukudlulisa’a iziphambeko, njengoba nje uDavide amcela ngokuphindaphindiwe. (2 Samuweli 12:13; 24:10) Singamlingisa yini uNkulunkulu kulokhu, sizimisele ukudlulisa ukuphathwa kabi nokoniwa yizinceku esikanye nazo njengoba zingabantu abangaphelele? Zicabange usendizeni esigijimela ukusuka. Lapho ubheka ngaphandle, ubona umuntu omjwayele eceleni komgwaqo wendiza enkonkoza njengengane. Uyazi ukuthi ubecasukile futhi kungenzeka unkonkozela wena. Noma, kusenokwenzeka akakucabangi nakukucabanga. Noma ngabe yikuphi-ke, njengoba indiza izungeza yenyukela phezulu, udlula ngaphezu kwakhe lo muntu, osebonakala eyichashazana manje. Ngemva kwehora usukude lé, futhi ukunkonkoza kwakhe ukushiye kudala emuva. Ngokufanayo, ezikhathini eziningi kuyosisiza ukuthethelela uma sizama ukuba njengoJehova futhi ngokuhlakanipha sidlulise ukoniwa. (IzAga 19:11) Ingabe lokho koniwa ngeke kubonakale kungabalulekile eminyakeni eyishumi ukusuka manje, noma eminyakeni engamakhulu amabili ukusuka ekuqaleni kweMinyaka Eyinkulungwane? Kungani ungavele ukudlulise?
18. Uma sibona sengathi siyehluleka ukukukhohlwa ukulinyazwa, yisiphi iseluleko esingasisebenzisa?
18 Nokho, ezimweni eziyivelakancane, kungenzeka uye wathandaza ngale ndaba futhi wazama ukuthethelela, kodwa unomuzwa wokuthi uyehluleka. Kuthiwani esimweni esinjalo? UJesu wakhuthaza ukuya kulowo onenxa naye uzame ukuxazulula ukungezwani kwenu ngasese ukuze nifinyelele ukuthula. “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele ngesipho sakho.”—Mathewu 5:23, 24.
19. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso futhi yisiphi okufanele sisigweme njengoba sizama ukwakha ukuthula nomfowethu?
19 Kuyaphawuleka ukuthi uJesu akashongo ukuthi yana kumzalwane wakho uyomkholisa ukuthi akuwena onephutha, nguye onephutha. Mhlawumbe yena unalo. Okungenzeka nakakhulu ukuthi nobabili ninephutha ngezinga elithile. Noma ngabe akunjalo-ke, umgomo akufanele ube ukwenza lona omunye avume izono, akhothame, ngomqondo othile. Uma uza ngalowo mqondo engxoxweni, cishe nakanjani ngeke iphumelele. Futhi umgomo akufanele kube ukuba nakanjani kubukezwe yonke imininingwane yokoniwa kwangempela noma okucatshangelwayo. Lapho nixoxa ngokuzola ngomoya wothando lobuKristu bese kuvela ukuthi kube nokungaqondani okudabukisayo okubangele le nkinga, nobabili ningazama ukukulungisa. Kodwa noma ngabe ingxoxo ayiholeli ekuvumelaneni ngokuphelele, ingabe lokho kuyadingeka ngaso sonke isikhathi? Bekungeke yini kube ngcono uma okungenani nobabili nivuma ukuthi nobabili nifuna ngobuqotho ukukhonza uNkulunkulu wethu othethelelayo? Lapho nibhekana nalelo qiniso, kungase kube lula kini ukukusho ngokusuka enhliziyweni ukuthi, “Ngiyadabuka ngokuthi sibe nalokhu kungaboni ngaso linye njengabantu abangaphelele. Ngicela sikudlulise.”
20. Yini esingayifunda esibonelweni sabaphostoli?
20 Khumbula ukuthi abaphostoli kwakwenzeka bangezwani, njengalapho abanye babo befuna udumo olukhudlwana. (Marku 10:35-39; Luka 9:46; 22:24-26) Lokho kwakubangela ukushuba kwesimo, mhlawumbe ukuphatheka kabi, noma ukulimala okujulile. Kodwa babekwazi ukudlulisa ukungezwani okunjalo futhi baqhubeke besebenza ndawonye. Omunye wabo kamuva wabhala: “Lowo obengathanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi nezindebe zakhe ekukhulumeni inkohliso, kodwa makafulathele okubi futhi enze okuhle; makafune ukuthula futhi akuphishekele.”—1 Petru 3:10, 11.
21. Yisiphi iseluleko esijulile uJesu asinikeza mayelana nokuthethelela?
21 Ngaphambili siphawule ingxenye yokuqala yomjikelezo: UNkulunkulu wathethelela izono eziningi esazenza esikhathini esidlule, ngakho kufanele simlingise futhi sithethelele abafowethu. (IHubo 103:12; Isaya 43:25) Kodwa kukhona enye ingxenye yalo mjikelezo. Ngemva kokunikeza umthandazo oyisibonelo, uJesu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani.” Esikhathini esingaphezu konyaka ngemva kwalokho, waphinda umqondo oyinhloko, efundisa abafundi bakhe ukuthandaza: “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu sithethelela wonke umuntu onecala kithi.” (Mathewu 6:12, 14; Luka 11:4) Kwabe sekuthi, ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wanezela: “Lapho nima nithandaza, thethelelani noma yini eninayo nganoma ubani; ukuze uYihlo osemazulwini anithethelele nani iziphambeko zenu.”—Marku 11:25.
22, 23. Ukuzimisela ukuthethelela kungalithinta kanjani ikusasa lethu?
22 Yebo, ngokwezinga elikhulu amathemba ethu okuqhubeka sithola intethelelo kaNkulunkulu axhomeke ekuzimiseleni kwethu ukuthethelela abafowethu. Lapho kuphakama inkinga yomuntu siqu phakathi kwamaKristu, zibuze, ‘Ingabe ukuzuza intethelelo kaNkulunkulu akubalulekile yini ngaphezu kokufakazela kwami ukuthi umfowethu noma udadewethu ubenephutha entweni ethile engabalulekile, ekoneni okuthile okungasho lutho, noma ukungapheleli okuthile kobuntu?’ Wena uyayazi impendulo.
23 Nokho, kuthiwani uma indaba ingaphezu kokwedelelwa noma inkinga engasho lutho? Futhi kunini lapho kusebenza khona iseluleko sikaJesu esikuMathewu 18:15-18? Ake sicabangele lezi zinto ngokulandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Esinye isazi sithi isingathekiso sesiHeberu esisetshenziswe kuMika 7:18 “sithathelwe ekuziphatheni kwesihambi esidlula singayiphawuli into esingafuni ukuyinaka. Umqondo esiwudluliselayo akuwona owokuthi uNkulunkulu akasiboni isono, noma ukuthi usibheka njengento engabalulekile, kodwa owokuthi ezimweni ezithile akasiphawuli ngenjongo yokujezisa; owokuthi akajezisi, uyathethelela.”—AbAhluleli 3:26; 1 Samuweli 16:8.
Uyakhumbula?
◻ UJehova usinika kanjani isibonelo okufanele sisilandele mayelana nokuthethelela?
◻ Yini okumelwe siyikhumbule ngalabo abasebandleni?
◻ Ezimweni eziningi, yini okufanele sikwazi ukuyenza ngokulinyazwa noma ukuphathwa kabi?
◻ Uma kudingekile, yini esingayenza ukuze sakhe ukuthula nomfowethu?
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho kwenzeka ungezwani nomKristu, zama ukukuvumela kudlule; ngokuhamba kwesikhathi leyo ndaba iyoba engasho lutho