Kungani Kumelwe Ube Nokwazisa?
UKUHLINZWA komgogodla kwaphoqelela uHarley ukuba ashintshe umsebenzi wakhe wokuba umthungi abe umabhalane. Lapho ebuzwa ukuthi wayezizwa kanjani ngalolu shintsho, uHarley wathi: “Ngiyakukhumbula ukusebenza ngomshini. Kodwa, eqinisweni, ngiwujabulela kakhulu umsebenzi wami wamanje kunowangaphambili.”
Enikeza isizathu sokwaneliseka kwakhe, uHarley uyachaza: “Kungenxa yesimo sengqondo sabantu engisebenza nabo. Ngokungafani nalabo engangisebenza nabo ngaphambili, induna yethu nalabo engisebenza nabo bayakwazisa engikwenzayo, futhi abazigodli lapho kufanele bancome. Lokhu kuye kwenza umehluko omkhulu.” Njengoba ezizwa ewusizo futhi edingeka, uHarley manje uyisisebenzi eseneme.
Amazwi okuncoma noma okwazisa, lapho efaneleka, ayajabulisa ngempela. Ngakolunye uhlangothi, umphumela wokuntula ukwazisa ungakwenza ugodole njengoba uShakespeare asho: “Vunguza, vunguza moya wasebusika, ungabi ongenamusa njengokuntula komuntu ukwazisa.” Ngokudabukisayo, abaningi baye baba izisulu zokuphathwa ngokungenamusa okunjalo.
Qaphela Ukuntula Ukwazisa
Ezweni lanamuhla amazwi aqotho okwazisa ayanyamalala. Ngokwesibonelo, umbhali othile waphakamisa umbuzo othi: “Uma umakoti esithola isikhathi sokubhala izimemo zomshado ezingu-200, kungani engasitholi isikhathi sokubhala izincwadi ezimfushane zokubonga izipho ezingu-163?” Ngokuvamile akushiwo ngisho nezwi elilula nje lokuthi “ngiyabonga.” Ukwazisa kuya kuthathelwa indawo isimo sengqondo “sobumina.” Lesi simo singolunye lwezimpawu eziphawula izinsuku zokugcina. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Kumelwe uqaphele ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyoba nezikhathi ezigcwele izingozi. Abantu bayoba abazazisa kakhulu . . . Bayontula ukwazisa ngokuphelele.”—2 Thimothewu 3:1, 2, Phillips.
Kwezinye izimo, ukwazisa kuthathelwe indawo ukuthopha kokukhohlisa. Amazwi okwazisa áshiwo ngokusuka enhliziyweni ngaphandle kokucabangela inzuzo yomuntu siqu. Nokho, ukuthopha, ngokuvamile okungenziwa ngobuqotho futhi okweqisayo, kungase kubangelwe isisusa esifihlekile sokufuna isikhundla noma izinzuzo ezithile. (Jude 16) Ngaphandle kokuthi iyenga umuntu onconywayo, inkulumo enjalo ebushelelezi ivame ukuba umphumela wokuzikhukhumeza nokuzidla. Khona-ke, ubani ofuna ukuba isisulu sokuthopha kokukhohlisa? Kodwa ukwazisa okuqotho kuyaqabula ngempela.
Umuntu ozwakalisa ukwazisa uyazuza ngokwenza kanjalo. Imfudumalo aba nayo ngenxa yokwazisa okusuka enhliziyweni imsiza ukuba abe nenjabulo nokuthula. (Qhathanisa nezAga 15:13, 15.) Futhi njengoba kuyimfanelo enhle, ukwazisa kumvikela emizweni engafanele enjengentukuthelo nomhawu.
“Ziboniseni Ninokubonga”
IBhayibheli lisinxusa ukuba sihlakulele umoya wokwazisa noma wokubonga. UPawulu wabhala: “Nibonge mayelana nakho konke. Ngoba yilena intando kaNkulunkulu ebunyeni noKristu Jesu ngokuqondene nani.” (1 Thesalonika 5:18) Futhi uPawulu weluleka abaseKolose: “Ukuthula kukaKristu makulawule ezinhliziyweni zenu . . . Futhi ziboniseni ninokubonga.” (Kolose 3:15) Amahubo amaningana anamazwi okubonga, okubonisa ukuthi ukwazisa okusuka enhliziyweni kuwubuhle bokuhlonipha uNkulunkulu. (IHubo 27:4; 75:1) Ngokusobala, uJehova uNkulunkulu uyajabula lapho sibonisa ukubonga kuzo zonke izici zokuphila.
Kodwa iziphi izici ezenza kube nzima ukuhlakulela umoya wokwazisa kuleli lizwe elingabongi? Singasibonisa kanjani isimo sengqondo sokubonga ekuphileni kwansuku zonke? Lena imibuzo okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.