Yazi Ukuthi Kufanele Uphendule Kanjani
EMINYE imibuzo ifana nezinguzunga zamaqhwa asolwandle. Ingxenye enkulu isuke ifihleke ngaphansi. Ngokuvamile umsuka wombuzo yiwona obalulekile kunombuzo ngokwawo.
Ngisho noma obuzayo eyifuna ngabomvu impendulo, ukwazi ukuthi kufanele uphendule kanjani kungahilela ukuqonda ukuthi kungakanani ongakusho nokuthi uzoyivelela ngakuphi indaba. (Joh. 16:12) Kwezinye izimo, njengoba uJesu atshela abaphostoli bakhe, umuntu angase afune ukwaziswa angenalungelo lokukwazi noma okungeke ngempela kumzuzise.—IzE. 1:6, 7.
ImiBhalo iyasiyala: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kol. 4:6) Ngakho-ke, ngaphambi kokuba siphendule, kudingeka singacabangeli nje lokho esizokusho kuphela, kodwa nokuthi sizokusho kanjani.
Thola Umbono Wobuzayo
AbaSadusi bazama ukuhila uJesu ngokumbuza ngovuko lowesifazane owayeseshade izikhathi eziningana. Nokho, uJesu wayazi ukuthi babengakholelwa ngempela ovukweni. Ngakho-ke impendulo yombuzo wabo wayinikeza ngendlela eyalungisa umbono wabo oyiphutha owawuyimbangela yombuzo wabo. Ebonisana nabo ngobuciko obukhulu futhi esebenzisa indaba ejwayelekile esemiBhalweni, uJesu waveza okuthile ababengakaze bakucabange ngaphambili—ubufakazi obucacile bokuthi uNkulunkulu nakanjani uyobavusa abafileyo. Impendulo yakhe yabamangaza kakhulu abaphikisi bakhe kangangokuthi besaba ukumbuza eminye imibuzo.—Luka 20:27-40.
Ukuze wazi ukuthi kufanele uphendule kanjani, nawe kumelwe uthole imibono yababuzayo nezinto ezibakhathazayo. Ngokwesibonelo, ofunda naye esikoleni noma osebenza naye angase akubuze ukuthi kungani ungawugubhi uKhisimusi. Kungani ebuza? Ingabe unendaba ngempela nesizathu noma ufuna ukwazi nje ukuthi nivunyelwe yini ukuba nesikhathi esimnandi? Ukuze kukucacele lokho, kungase kudingeke ubuze ukuthi yini emenza abuze. Yibe usuphendula ngokufanele-ke. Ungase futhi usebenzise leli thuba umbonise indlela ukulandela iziqondiso zeBhayibheli okusivikela ngayo ezicini zamaholide eziye zabacika abantu futhi zaba umthwalo kubo.
Ake sithi ucelwe ukuba ukhulume ngoFakazi BakaJehova eqenjini labafundi. Ekuphetheni kwenkulumo yakho, bangase babuze imibuzo. Uma imibuzo ibonakala iqotho futhi ishaya emhloleni, izimpendulo ezilula neziqondile zingase zibe ngcono kakhulu. Uma imibuzo yembula inzondo esemphakathini, kungaba kuhle kakhulu ukuba wandulele izimpendulo zakho ngamazwi amafuphi achaza lokho okungenzeka kubangela imibono evamile ezindabeni ezinjalo nokuthi kungani oFakazi BakaJehova bekhetha ukuba balandele izindinganiso zeBhayibheli. Ezikhathini eziningi kuyazuzisa ukubheka imibuzo enjalo njengento ebakhathazayo ababuzayo hhayi njengokuhlaselwa—ngisho noma iye yabuzwa ngaleyo ndlela. Khona-ke, impendulo yakho ikunikeza ithuba lokwenabisa umbono wezilaleli zakho, uzinikeze ukwaziswa okuqondile, bese uchaza isisekelo esingokomBhalo sezinkolelo zethu.
Uyosabela kanjani kumqashi ongafuni ukukunika izinsuku zokuya emhlanganweni wesigodi? Okokuqala, bheka izinto ngombono wakhe. Kungakusiza yini ukucela ukuba usebenze amahora engeziwe ngesinye isikhathi? Kungawenza yini umehluko ukumchazela ukuthi imfundo esiyithola emihlanganweni yesigodi isisiza ukuba sithembeke, sibe izisebenzi ezinokwethenjelwa? Uma umbonisa ukuthi uyazicabangela izithakazelo zakhe, mhlawumbe uyokuvumela ukuba wenze lokho akubona kubalulekile ekuphileni kwakho. Kodwa kuthiwani uma efuna wenze okuthile okuwukungathembeki? Ukwenqaba ngokucacile okuhambisana nephuzu elithile elingokomBhalo kuyobonisa ukuthi umi kuphi. Kodwa ngeke yini kube kuhle nakakhulu ukuqale umbonise ukuthi umuntu ozimisele ukuqamba amanga noma ukweba ngoba esiza yena angase futhi aqambe amanga kuye noma amntshontshele?
Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe ungumfundi ongafuni ukuhlanganyela ezintweni ezithile ezenziwa esikoleni ezingasekelwe emiBhalweni. Khumbula, kungenzeka ukuthi aniboni ngaso linye nothisha, futhi kungumthwalo wakhe ukuqikelela ukuthi imithetho ebekiwe iyagcinwa ekilasini. Izinselele obhekene nazo (1) ukubonisa ukucabangela ngalokho okumkhathazayo, (2) ukuchaza ukuma kwakho ngenhlonipho, (3) nokuqina kulokho owazi ukuthi kuzojabulisa uJehova. Ukuze uthole imiphumela emihle, kungase kudingeke okungaphezu kwencazelo elula neqondile yalokho okukholelwayo. (IzAga 15:28) Uma usemncane, ngokuqinisekile ubaba noma umama wakho uyokusiza ukuba ulungiselele okuthile oyokusho.
Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke uphikise izinto omangalelwa ngazo othile osegunyeni. Iphoyisa, isikhulu sikahulumeni, noma umahluleli angase akuphoqe ukuba uphendule imibuzo ethile ngokulalela kwakho umthetho othile, ukuma kwakho kokungathathi hlangothi kobuKristu noma isimo sakho sengqondo ngemikhosi yokushisekela izwe. Kumelwe uphendule kanjani? “Ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile,” kuyala iBhayibheli. (1 Pet. 3:15) Zibuze futhi ukuthi kungani lezi zinto zibakhathaza, futhi ukwamukele ngenhlonipho lokho kukhathazeka. Bese? Umphostoli uPawulu wabhekisela emithethweni yamaRoma evikela amalungelo abantu, nawe ungabhekisela emithethweni enjalo esebenza endabeni yakho. (IzE. 22:25-29) Mhlawumbe amaqiniso mayelana nokuma okwathathwa amaKristu akuqala nangoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kungawenabisa umbono wesikhulu. Noma ungase usho indlela ukulalela igunya likaNkulunkulu okubashukumisa ngayo abantu ukuba bayilalele zikhathi zonke imithetho yabantu efanele. (Roma 13:1-14) Unalokhu engqondweni, incazelo enezizathu ezingokomBhalo ingase yamukelwe kahle.
Indlela Ayibheka Ngayo ImiBhalo Lowo Obuzayo
Lapho usacabanga ukuthi uphendule kanjani, kumelwe futhi ucabangele indlela lowo obuzayo abheka ngayo imiBhalo Engcwele. UJesu wakwenza lokhu lapho ephendula imibuzo yabaSadusi mayelana novuko. Njengoba ayazi ukuthi babemukela kuphela imibhalo kaMose, uJesu wabonisana nabo ngokulandisa okukuyiPentateuch, eqala ingxoxo yakhe ngokuthi: “Kodwa ukuthi abafileyo bayavuswa ngisho noMose wakwambula.” (Luka 20:37) Nawe ungakuthola kuwusizo ukucaphuna ezingxenyeni zeBhayibheli isilaleli sakho esizamukelayo nesizijwayele.
Kuthiwani uma isilaleli sakho singalibheki njengelinegunya iBhayibheli? Phawula lokho umphostoli uPawulu akwenza enkulumweni yakhe e-Areyophagu, njengoba ilotshwe kuzEnzo 17:22-31. Waxoxa ngamaqiniso emiBhalo ngaphandle kokucaphuna ngokuqondile eBhayibhelini. Lapho kudingekile, nawe ungenza okufanayo. Kwezinye izindawo, kungase kudingeke uxoxe kaningana nomuntu ngaphambi kokulifunda ngokuqondile iBhayibheli. Lapho usufaka iBhayibheli, kungase kube ukuhlakanipha ukuba uqale umnikeze izizathu zokuthi kungani likufanele ukucatshangelwa kunokumane usho ngokuqinile ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Nokho, injongo yakho kumelwe kube ukunikeza ubufakazi obucacile ngenjongo kaNkulunkulu futhi ngokuhamba kwesikhathi, wenze okulalele azibonele yena lokho okushiwo iBhayibheli. IBhayibheli linethonya elikhulu ukwedlula noma yini thina ngokwethu esingase siyisho.—Heb. 4:12.
“Mawabe Nomusa Njalo”
Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ngezinceku zikaJehova, yena onomusa, ukuba zitshelwe ukuthi ezikushoyo ‘ngaso sonke isikhathi kube nomusa, kuyoliswe ngosawoti’! (Kol. 4:6; Eks. 34:6) Lokhu kusho ukuthi kumelwe sikhulume ngomusa, ngisho noma kungase kubonakale kungafanele. Esikushoyo kumelwe kujabulise, kungakhahli noma kungabi okungacabangeli.
Abantu abaningi bacindezeleke kakhulu, futhi mihla namalanga bayakhahlwa. Uma sifika kubantu abanjalo, bangase bakhulume ngokhahlo. Kumelwe sisabele kanjani? IBhayibheli lithi: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” Impendulo enjalo ingase imthambise nomuntu onombono ophikisayo. (IzAga 15:1; 25:15) Abantu abahlukunyezwa nsuku zonke, iphimbo elinomusa lingabakhanga kangangokuthi bangase bazilalele izindaba ezinhle esizilethayo.
Asinasithakazelo sokuphikisana nalabo abangabonisi nhlonipho ngeqiniso. Kunalokho, isifiso sethu siwukubonisana ngemiBhalo nabantu abayosivumela ukuba senze kanjalo. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nesimo esinjani, sikukhumbula njalo ukuthi kumelwe siphendule ngomusa nangokuqiniseka ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zinokwethenjelwa.—1 Thes. 1:5.
Izinqumo Zomuntu Siqu Nezindaba Zikanembeza
Uma umuntu ofundelwa iBhayibheli noma esikholwa naye ebuza ukuthi kufanele enzeni esimweni esithile, kufanele uphendule kanjani? Ungase ukwazi lokho wena ongakwenza. Kodwa umuntu ngamunye kumelwe athwale umthwalo wakhe siqu ngezinqumo azenza ekuphileni. (Gal. 6:5) Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi wakhuthaza abantu ayebashumayeza ukuba ‘balalele ngokholo.’ (Roma 16:26) Leso yisibonelo esihle sokuba sisilandele. Umuntu owenza izinqumo ukuze nje ajabulise lowo omfundela iBhayibheli noma omunye umuntu usuke ekhonza umuntu, akaphili ngokholo. (Gal. 1:10) Khona-ke, impendulo elula neqondile ingase ingamsizi lowo obuzayo.
Ungamphendula kanjani-ke ngendlela evumelana neziqondiso zeBhayibheli? Ungase umenze aqaphele izimiso nezibonelo ezifanelekile eziseBhayibhelini. Kwezinye izimo, ungase umbonise indlela yokucwaninga ukuze azitholele yena ngokwakhe lezo zimiso nezibonelo. Ungase ngisho uxoxe nangalezo zimiso nokubaluleka kwalezo zibonelo ngaphandle kokukusebenzisa esimweni enixoxa ngaso. Mbuze ukuthi kukhona yini akubonayo kuzo okungase kumsize enze isinqumo esihlakaniphile. Mkhuthaze ukuba acabangele ukuthi iyiphi inkambo engase ijabulise uJehova, esebenzisa lezi zimiso nezibonelo. Ngokwenza kanjalo, umsiza ukuba ‘aqeqeshe amandla akhe okuqonda ahlukanise kokubili okulungile nokungalungile.’—Heb. 5:14.
Ukuphendula Emihlanganweni Yebandla
Imihlangano yebandla lobuKristu ngokuvamile isinikeza amathuba okuba siveze obala ukholo lwethu. Enye indlela esikwenza ngayo lokhu ukuphendula imibuzo ebuziwe. Kufanele siphendule kanjani? Ngesifiso sokubusisa noma sokukhuluma kahle ngoJehova. Yilokho okwenziwa umhubi uDavide lapho ‘ephakathi kwezihlwele ezibuthene.’ (IHu. 26:12) Kumelwe futhi siphendule ngendlela ekhuthaza esikholwa nabo, sibashukumisele “othandweni nasemisebenzini emihle,” njengoba kwanxusa umphostoli uPawulu. (Heb. 10:23-25) Ukutadisha kusengaphambili kungasisiza ukuba sifeze lokhu.
Lapho ukhonjwa ukuba uphendule, gcina izimpendulo zakho zilula, zicacile futhi zimfushane. Ungahlanganisi sonke isigaba; khulumela iphuzu elilodwa. Ukuphendula ingxenye yempendulo kuyonikeza nabanye ithuba lokunikeza izimpendulo zokwenezela. Kuzuzisa ngokukhethekile ukukhulumela imibhalo ekhonjwe encwadini. Lapho uyikhulumela, zama ukugxila engxenyeni yombhalo esekela iphuzu okukhulunywa ngalo. Funda ukuphendula ngamazwi akho kunokufunda ngokuqondile esigabeni. Ungadumali uma impendulo yakho ingabekeki kahle. Kuyenzeka lokho ngezikhathi ezithile kuwo wonke umuntu ophendulayo.
Kusobala ukuthi ukwazi ukuthi kufanele siphendule kanjani kuhlanganisa okungaphezu kokwazi impendulo ngokwayo. Kudinga ukuqonda. Kodwa yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukunikeza impendulo esuka enhliziyweni nethinta izinhliziyo zabanye!—IzAga 15:23.