ISahluko 34
Imfihlakalo Enkulu Iyaxazululwa
1. (a) UJohane usabela kanjani lapho ebona isifebe esikhulu nokugibela kwaso okwesabekayo, futhi ngani? (b) Isigaba sikaJohane namuhla sisabela kanjani njengoba izenzakalo zembuleka zigcwalisa umbono ongokwesiprofetho?
UJOHANE usabela kanjani lapho ebona isifebe esikhulu nokugibela kwaso okwesabekayo? Yena ngokwakhe uyaphendula: “Nokho, lapho ngimbona ngamangala ngokumangala okukhulu.” (IsAmbulo 17:6b) Umqondo nje womuntu awunakuwakha umbono onjalo. Nokho, nasiya—kude lé ehlane—isifebe esingcolile siqhwakele phezu kwesilo sasendle esibomvu esisabekayo! (IsAmbulo 17:3) Isigaba sikaJohane namuhla naso simangala ngokumangala okukhulu njengoba izenzakalo zembuleka zigcwalisa umbono ongokwesiprofetho. Uma abantu bezwe bebengawubona, bebeyobabaza bathi, ‘Akukholeki!’ futhi ababusi bezwe bebeyonanela ngokuthi, ‘Akunakwenzeka!’ Kodwa umbono uba yinto engokoqobo eyethusayo osukwini lwethu. Kakade abantu bakaNkulunkulu sebeye baba nengxenye ephawulekayo ekugcwalisekeni kwalo mbono, futhi lokhu kubaqinisekisa ukuthi lesi siprofetho siyoqhubekela phambili emvuthwandaba waso omangalisayo.
2. (a) Lapho isabela ekumangaleni kukaJohane, ingelosi imtshelani? (b) Yini isigaba sikaJohane esiye sambulelwa yona, futhi kuye kwenziwa kanjani lokhu?
2 Ingelosi iphawula ukumangala kukaJohane. UJohane uyaqhubeka: “Ngakho ingelosi yathi kimi: ‘Kungani uye wamangala? Ngizokutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo sasendle esimthwele nesinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.’” (IsAmbulo 17:7) Ah, ingelosi manje izokwembula imfihlakalo! Ichazela uJohane omangele izici ezihlukahlukene zombono nezenzakalo ezivusa amadlingozi esezizokwenzeka. Ngokufanayo, njengoba sikhonza ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi namuhla, isigaba sikaJohane esiqaphile siye sembulelwa ukuqonda isiprofetho. “Izincazelo akuzona yini ezikaNkulunkulu?” NjengoJosefa othembekile, sikholelwa ukuthi kunjalo. (Genesise 40:8; qhathanisa noDaniyeli 2:29, 30.) Ngomqondo ongokomfanekiso, abantu bakaNkulunkulu babekwe phakathi nenkundla njengoba uJehova ebachazela incazelo yombono nalokho okushoyo ekuphileni kwabo. (IHubo 25:14) Ngesikhathi esifanele, uye wabenza bayiqonda imfihlakalo yowesifazane neyesilo sasendle.—IHubo 32:8.
3, 4. (a) Iyiphi inkulumo yeningi eyanikezwa uN. H. Knorr ngo-1942, futhi yasibonakalisa kanjani isilo sasendle esibomvu? (b) Yimaphi amazwi akhulunywa ingelosi kuJohane uN. H. Knorr axoxa ngawo?
3 Kusukela ngo-September 18 kuya ku-20, 1942, lapho iMpi Yezwe II ishisa, oFakazi BakaJehova e-United States benza uMhlangano wabo Ongokwasezulwini Wezwe Elisha. Idolobha eliyinhloko, iCleveland, e-Ohio, lalixhunywe ngocingo namanye amadolobha emihlangano angaphezu kwangu-50, inani eliphakeme lababekhona lalingu-129 699. Lapho izimo zangesikhathi sempi zazivuma khona, eminye imihlangano yasiphinda isimiso emhlabeni wonke. Ngaleso sikhathi, abaningi babantu bakaJehova babelindele ukuthi impi yayiyokhula ibe impi kaNkulunkulu ye-Armagedoni; kungakho inkulumo yeningi eyayinesihloko esithi, “Ukuthula—Ingabe Kungahlala Njalo?,” yavusa isithakazelo esikhulu. Umongameli omusha we-Watch Tower Society, uN. H. Knorr, wayengakugagamela kanjani ukukhuluma ngokuthula kuyilapho okuphambene nakho kwakubonakala kulindele izizwe?a Isizathu sasiwukuthi isigaba sikaJohane ‘sasilinake ngaphezu kokujwayelekile’ iZwi likaNkulunkulu lesiprofetho.—Hebheru 2:1; 2 Petru 1:19.
4 Yikuphi ukukhanya inkulumo ethi “Ukuthula—Ingabe Kungahlala Njalo?” eyakunikeza ngokuqondene nesiprofetho? Eveza ngokucacile isilo sasendle esibomvu sesAmbulo 17:3 njengeNhlangano Yezizwe, uN. H. Knorr waqhubeka waxoxa ngenkambo yayo enesiphithiphithi ngesisekelo samazwi alandelayo engelosi kuJohane: “Isilo sasendle owasibona sasikhona, kodwa asisekho, kodwa nokho sesizonyuka siphume kwalasha, futhi sizoya ekubhujisweni.”—IsAmbulo 17:8a.
5. (a) Kukanjani ukuthi “isilo sasendle . . . sasikhona” futhi “asisekho”? (b) UN. H. Knorr wawuphendula kanjani umbuzo othi, “Ingabe iNhlangano iyohlala ikwalasha?”
5 “Isilo sasendle . . . sasikhona.” Yebo, sasibe khona njengeNhlangano Yezizwe kusukela ngo-January 10, 1920 kuya phambili, inezizwe ezingu-63 ezihlanganyela kanye kanye noma ngokwahlukana. Kodwa iJapane, iJalimane neNtaliyane kwahoxa, futhi izwe elaliyiSoviet Union lakhishwa eNhlanganweni. Ngo-September 1939 umashiqela waseJalimane ongumNazi wasusa iMpi Yezwe II.b Yehlulekile ukugcina ukuthula ezweni, iNhlangano Yezizwe yacwila kwalasha wokungenzi lutho. Ngo-1942 yayisingeyesikhathi esidlule. UJehova akazange acacisele abantu bakhe incazelo ephelele yombono ngaphambi kwalokhu noma kamuva—kodwa ngaso kanye leso sikhathi esibucayi! EMhlanganweni Ongokwasezulwini Wezwe Elisha, uN. H. Knorr wayengamemezela, ngokuvumelana nesiprofetho, ukuthi “isilo sasendle . . . asisekho.” Wabe esebuza lo mbuzo, “Ingabe iNhlangano iyohlala ikwalasha?” Ecaphuna isAmbulo 17:8, waphendula: “Inhlangano yezizwe zomhlaba izokhuphuka futhi.” Yilokho kanye okwenzeka—kwaba ukulwelwa kweZwi likaJehova lesiprofetho!
Ukwenyuka Kwalasha
6. (a) Isilo sasendle esibomvu saphuma nini kwalasha, futhi sinaliphi igama elisha? (b) Kungani iZizwe Ezihlangene eqinisweni ziwukuvuka kwesilo sasendle esibomvu?
6 Ngempela isilo sasendle esibomvu saphuma kwalasha. Ngo-June 26, 1945, kunombukiso onomsindo eSan Francisco, e-U.S.A., izizwe ezingu-50 zavotela ukwamukela isiVumelwano senhlangano yeZizwe Ezihlangene (UN). Le ndikimba “yayizolondoloza ukuthula nokulondeka kwezizwe zonke.” Kunokufana okuningi phakathi kweNhlangano Yezizwe ne-UN. I-World Book Encyclopedia iyaphawula: “Ngezinye izindlela, i-UN ifuze iNhlangano Yezizwe, eyahlelwa ngemva kweMpi Yezwe I . . . Eziningi zezizwe ezaqamba i-UN zaqamba futhi iNhlangano Yezizwe. NjengeNhlangano Yezizwe, i-UN yamiswa ukuba isize ekugcineni ukuthula phakathi kwezizwe. Izingxenye eziyinhloko ze-UN zifana kakhulu nalezo zeNhlangano Yezizwe.” Khona-ke, i-UN eqinisweni iwukuvuka kwesilo esibomvu. Amalungu ayo ayizizwe ezingaba ngu-190 awedlula kude kakhulu aweNhlangano Yezizwe ayengu-63; futhi iye yaba nemisebenzi eminingi kuneyomanduleli wayo.
7. (a) Kungayiphi indlela abahlala emhlabeni bemangala ngokusitusa isilo sasendle esibomvu? (b) Yimuphi umgomo oye wayiphunyuka i-UN, futhi yini unobhala-jikelele wayo ayisho ngokuqondene nalokhu?
7 Ekuqaleni, kwakunamathemba amakhulu nge-UN. Lokhu kwakuwukugcwaliseka kwamazwi engelosi: “Lapho bebona ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi isilo sasendle sasikhona, kodwa asisekho, kodwa sisazoba khona, labo abahlala emhlabeni bayobabaza bemangele, kodwa amagama abo awalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusungulweni kwezwe.” (IsAmbulo 17:8b) Izakhamuzi zomhlaba ziye zayitusa le nhlangano enkulu, ezinze endlunkulu yayo enesithunzi e-East River yaseNew York. Kodwa ukuthula kweqiniso nokulondeka kuye kwayiphunyuka i-UN. Engxenyeni enkulu yekhulu leminyaka lama-20, ukuthula kwezwe kwalondolozwa kuphela ngokusongela “kokubhubhisana okuqinisekile” (“mutual assured destruction”)—MAD, njengoba kufushaniswa kanjalo ngesiNgisi—futhi umncintiswano wezikhali uye waqhubeka wenyuka ngezinga elikhulu kakhulu. Cishe ngemva kweminyaka engu-40 yomzamo weZizwe Ezihlangene, owayengunobhala-jikelele wayo, uJavier Pérez de Cuéllar, wakhala ngo-1985: “Siphila kwenye inkathi yezinhlanya, futhi asazi ukuthi yini esingayenza ngakho.”
8, 9. (a) Kungani i-UN ingenazo izimpendulo zezinkinga zezwe, futhi yini ezokwenzeka kuyo masinyane ngokwesimemezelo sikaNkulunkulu? (b) Kungani amagama abaqambi nawabatusi be-UN engalotshiwe “encwadini yokuphila” kaNkulunkulu? (c) Yini uMbuso kaJehova ozoyifeza ngokuphumelelayo?
8 I-UN ayinazo izimpendulo. Ngani? Ngoba uMniki wokuphila kuso sonke isintu akasiye umniki-kuphila we-UN. Isikhathi sokuphila kwayo sizoba sifushane, ngoba ngokwesimemezelo sikaNkulunkulu, ‘iya ekubhujisweni.’ Amagama abaqambi nawabatusi be-UN awalotshiwe encwadini kaNkulunkulu yokuphila. Abantu abanesono, abafayo, abaningi babo abaklolodela igama likaNkulunkulu, bangakufeza kanjani nge-UN lokho uJehova uNkulunkulu amemezele ukuthi usezokufeza, hhayi ngabantu, kodwa ngoMbuso kaKristu wakhe?—Daniyeli 7:27; IsAmbulo 11:15.
9 Eqinisweni i-UN iwumkhohlisi ohlambalazayo osesikhundleni soMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya ngeNkosi yakhe Yokuthula, uJesu Kristu—okubusa kwakhe kungayikuphela. (Isaya 9:6, 7) Ngisho noma i-UN ibingenza ukuthula kwesikhashana, izimpi beziyogqashuka futhi ngokushesha. Lesi isimo sabantu abanesono. “Amagama abo awalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusungulweni kwezwe.” UMbuso kaJehova ngoKristu ngeke nje kuphela umise ukuthula kwaphakade emhlabeni kodwa, ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu, uyovusa abafile, abalungile nabangalungile abasenkumbulweni kaNkulunkulu. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Lokhu kuhlanganisa bonke abaye bahlala beqinile naphezu kokuhlasela kukaSathane nenzalo yakhe, nabanye okusamelwe bazibonakalise bethobekile. Ngokusobala, incwadi kaNkulunkulu yokuphila ayisoze yaqukatha amagama abalandeli beBhabhiloni Elikhulu abangamaphikankani noma awanoma ibaphi abaqhubeka bekhulekela isilo sasendle.—Eksodusi 32:33; IHubo 86:8-10; Johane 17:3; IsAmbulo 16:2; 17:5.
Ukuthula Nokulondeka—Ithemba Eliyize
10, 11. (a) Yini i-UN eyayimemezela ngo-1986, futhi kwasatshelwa kanjani? (b) Mingaki “imikhaya engokwenkolo” eyayihlangene e-Assisi, eNtaliyane, ukuba ithandazele ukuthula, futhi ingabe uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo enjalo? Chaza.
10 Emzamweni wokuqinisa amathemba esintu, iZizwe Ezihlangene zabiza u-1986 ngokuthi “Unyaka Wokuthula Wezizwe Zonke,” unesihloko esithi “Owokulondoloza Ukuthula Nekusasa Lesintu.” Izizwe ezilwayo zacelwa ukuba zibeke phansi izikhali zazo, okungenani unyaka owodwa. Zasabela kanjani? Ngokombiko weNhlangano Ehlola Ukuthula Kwezizwe Zonke, abantu abangafinyelela ezigidini ezinhlanu bafa ngenxa yezimpi phakathi no-1986 kuphela! Nakuba kwakhishwa izinhlamvu zemali ezikhethekile nezitembu zezikhumbuzo, eziningi zezizwe azenzanga lutho ngokuqondene nokuphishekela imigomo yokuthula kulowo nyaka. Noma kunjalo, izinkolo zezwe—zifuna njalo ubudlelwano obuhle ne-UN—zamemezela lowo nyaka ngezindlela ezihlukahlukene. Ngo-January 1, 1986, uPapa John Paul II watusa umsebenzi we-UN futhi wayesenikezela unyaka omusha njengowokuthula. Futhi ngo-October 27, wahlanganisa abaholi bezinkolo eziningi zezwe e-Assisi, e-Italy, ukuba bathandazele ukuthula.
11 Ingabe uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo enjalo yokucela ukuthula? Konje babethandaza kumuphi uNkulunkulu labo baholi benkolo? Uma wawungababuza, iqembu ngalinye laliyonikeza impendulo ehlukile. Ingabe kukhona izigidi zonkulunkulu ezingezwa futhi ziphendule izicelo ezenziwa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene? Abaningi balabo ababenengxenye babekhulekela uZiqu-zintathu weLobukholwa.c AmaBuddha, amaHindu, nabanye bathemeleza imithandazo konkulunkulu abangenakubalwa. Sekukonke, kwahlangana “imikhaya engokwenkolo” engu-12, imelelwe abantu abaqavile njengoMbhishobhi Omkhulu waseSheshi ongowaseCanterbury, iDalai Lama yamaBuddha, isikhulu sesonto lobu-Orthodox laseRussia, umongameli weNhlangano YaseTokyo Yethempeli LobuShinto, abase-Afrika abakholelwa emimoyeni, namaNdiya aseMelika amabili ayevunule ngeziluba. Okungenani singathi kwakuyiqembu elikhangayo, elifanele umbukiso we-TV obukekayo. Elinye iqembu lathandaza lingayeki amahora angu-12 ngesikhathi. (Qhathanisa noLuka 20:45-47.) Kodwa ingabe ikhona kuleyo mithandazo eyafinyelela ngalé kwamafu emvula ayephezu kwalowo mhlangano? Cha, ngenxa yezizathu ezilandelayo:
12. Kungaziphi izizathu uNkulunkulu engayiphendulanga imithandazo yokucela ukuthula yabaholi bezwe benkolo?
12 Ngokuphambene nalabo ‘abahamba ngegama likaJehova,’ akukho noyedwa kulabo bantu benkolo owayethandaza kuJehova, uNkulunkulu ophilayo, ogama lakhe livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emibhalweni yokuqala yeBhayibheli. (Mika 4:5; Isaya 42:8, 12)d Njengeqembu, abazange baye kuNkulunkulu ngegama likaJesu, iningi labo lingakholelwa ngisho nokukholelwa kuJesu Kristu. (Johane 14:13; 15:16) Akekho phakathi kwabo owenza intando kaNkulunkulu yosuku lwethu, ewukumemezela emhlabeni wonke uMbuso kaNkulunkulu ozayo—hhayi i-UN—njengethemba langempela lesintu. (Mathewu 7:21-23; 24:14; Marku 13:10) Ngokwengxenye enkulu, izinhlangano zabo zenkolo bezihileleke ezimpini zomlando ezigcwele igazi, kuhlanganise nezimpi ezimbili zekhulu leminyaka lama-20. Kwabanjalo, uNkulunkulu uthi: “Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele; zona kanye izandla zenu zigcwele igazi.”—Isaya 1:15; 59:1-3.
13. (a) Kungani kungokuphawulekayo ukuthi abaholi bezwe benkolo babambisene ne-UN ekuceleni ukuthula? (b) Izimemezelo zokuthula ziyophelela kumuphi umvuthwandaba obikezelwe ngokwaphezulu?
13 Ngaphezu kwalokho, kungokuphawuleka kakhulu ukuthi abaholi bezwe benkolo babambisene neZizwe Ezihlangene ekugcineni ukuthula kulesi sikhathi. Bangathanda ukuthonya i-UN ngokwenzuzo yabo, ikakhulukazi kule nkathi yanamuhla lapho abaningi kangaka babantu babo beshiya inkolo. Njengabaholi abangathembekile kwa-Israyeli wasendulo, bayamemeza, “‘Kukhona ukuthula! Kukhona ukuthula!’ kube kungekho ukuthula.” (Jeremiya 6:14) Ngokungangabazeki izimemezelo zabo zokuthula zizoqhubeka, zinyuka zisekela umvuthwandaba umphostoli uPawulu aprofetha ngawo: “Usuku lukaJehova luza ngokufana ncamashí nesela ebusuku. Noma nini lapho bethi: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi njengomhelo wokucindezeleka ufikela owesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela.”—1 Thesalonika 5:2, 3.
14. Singaba njani isimemezelo ‘sokuthula nokulondeka!,’ futhi umuntu angakugwema kanjani ukudukiswa yiso?
14 Eminyakeni yamuva, osombusazwe baye basebenzisa inkulumo ethi “ukuthula nokulondeka” ukuze bachaze izinhlelo ezihlukahlukene zabantu. Ingabe imizamo enjalo yabaholi bezwe iwukuqala kokugcwaliseka kweyoku-1 Thesalonika 5:3? Noma ingabe uPawulu wayebhekisele kuphela esenzakalweni esithile esikhulu kangangokuthi siyoshiya umhlaba umangele? Njengoba iziprofetho zeBhayibheli zivame ukuqondakala ngokuphelele ngemva kokugcwaliseka kwazo noma ngesikhathi zisagcwaliseka, kuzodingeka silinde sibone. Njengoba esalindile, amaKristu ayazi ukuthi noma ikuphi ukuthula nokulondeka izizwe ezingase zibonakale zikutholile, empeleni kuyobe kungashintshe lutho. Ubugovu, inzondo, ubugebengu, ukwahlukana kwemikhaya, ukuziphatha okubi, izifo, usizi, nokufa kuyobe kusekhona. Yingakho isimemezelo ‘sokuthula nokulondeka’ kungafanele sikudukise wena, uma uhlala ukuphaphamele lokho okushiwo izenzakalo zezwe futhi uzilalela izixwayiso ezingokwesiprofetho eziseZwini likaNkulunkulu.—Marku 13:32-37; Luka 21:34-36.
[Imibhalo yaphansi]
a UJ. F. Rutherford washona ngo-January 8, 1942, futhi uN. H. Knorr wamlandela njengomongameli we-Watch Tower Society.
b Ngo-November 20, 1940, iJalimane, iNtaliyane, iJapane, neHungary kwasayinela “iNhlangano Yezizwe entsha,” okwalandelwa ngemva kwezinsuku ezine ukusakaza kweVatican iMisa nomthandazo wokucela ukuthula okungokwenkolo nohlelo olusha lwezinto. Leyo “Nhlangano entsha” ayizange ibe khona.
c Umqondo kaZiqu-zintathu usuka eBhabhiloni lasendulo, lapho unkulunkulu welanga uShamash, unkulunkulu wenyanga, uSin, nonkulunkulu wezinkanyezi u-Ishtar babekhulekelwa njengonkulunkulu abathathu koyedwa. IGibhithe lalandela indlela efanayo, likhulekela u-Osiris, u-Isis, noHorus. Unkulunkulu wase-Asiriya oyinhloko, u-Asshur, uvezwa njengonamakhanda amathathu. Zilandela indlela efanayo, izithombe ezibonisa uNkulunkulu njengonamakhanda amathathu ziyatholakala emasontweni obuKatolika.
d I-Webster’s Third New International Dictionary ka-1993 ichaza uJehova uNkulunkulu ngokuthi “uNkulunkulu ophakeme oqashelwa futhi owukuphela kukaNkulunkulu okhulekelwa oFakazi BakaJehova.”
[Ibhokisi ekhasini 250]
Indida ‘Yokuthula’
Nakuba u-1986 amenyezelwa i-UN ukuthi unguNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke, umncintiswano wezikhali wokuzibulala wenyuka. I-World Military and Social Expenditures 1986 inikeza le mininingwane esangulukisayo:
Ngo-1986 izindleko zempi zomhlaba wonke zafinyelela amaRandi ayizigidi zezigidi ezingu-1 800.
Izindleko zempi zehora elilodwa zomhlaba wonke ngabe zanela ukugoma izigidi ezingu-3,5 ezafa minyaka yonke zibulawa izifo ezithathelwanayo ezingavinjelwa.
Emhlabeni wonke, umuntu oyedwa kwabahlanu wayephila ebuhlwempwini. Bonke laba bantu abalambayo babengondliwa unyaka owodwa ngemali izwe elayisebenzisa ezikhalini ngezinsuku ezimbili.
Amandla okuqhuma enqolobaneni yomhlaba yezikhali zenuzi ayemakhulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-160 000 000 ukudlula awokuqhuma kwaseChernobyl.
Kwakungaphonswa ibhomu lenuzi elinamandla okuqhuma angaphezu kwawebhomu elaphonswa eHiroshima ngo-1945 ngokuphindwe izikhathi ezingu-500.
Izindawo zokugcina izikhali zenuzi zaziqukethe izikhali ezingabhubhisa amaHiroshima angaphezu kwesigidi esisodwa. Zazimelele amandla okuqhuma adedelwa eMpini Yezwe II aphindwe izikhathi ezingu-2 700, lapho kufa abantu abayizigidi ezingu-38.
Izimpi zase zivame ngokwengeziwe futhi zaba ezibulala ngokwengeziwe. Inani labafa empini laba izigidi ezingu-4,4 ngekhulu leminyaka le-18, laba izigidi ezingu-8,3 ngekhulu leminyaka le-19, laba izigidi ezingu-98,8 eminyakeni yokuqala engu-86 yekhulu leminyaka lama-20. Kusukela ngekhulu leminyaka le-18, inani labafa empini liye lakhula ngokushesha ngokuphindwe kasithupha kunenani labantu abasemhlabeni. Kwafa abaningi ngokuphindwe kashumi empini ngayinye ekhulwini leminyaka lama-20 kunasekhulwini leminyaka le-19.
[Izithombe ekhasini 247]
Njengoba kwakuprofethiwe ngesilo sasendle esibomvu, iNhlangano Yezizwe yafakwa kwalasha phakathi neMpi Yezwe II kodwa yavuswa isiyiZizwe Ezihlangene
[Izithombe ekhasini 249]
Besekela “Unyaka Wokuthula” we-UN, abameleli bezinkolo zezwe benza isiphithiphithi semithandazo e-Assisi, eNtaliyane, kodwa akukho noyedwa wabo owathandaza kuNkulunkulu ophilayo, uJehova