UMika
Intaba yendlu kaJehova +
Iyomiswa iqine ibe ngaphezu kweziqongo zezintaba,
Iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma,
Izizwe ziyothutheleka kuyo. +
2 Izizwe eziningi ziyohamba zithi:
“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova
Nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe. +
Uzosifundisa izindlela zakhe
Sihambe ezindleleni zakhe.”
Ngoba umthetho* uyophuma eZiyoni,
Nezwi likaJehova eJerusalema.
3 Uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe eziningi, +
Alungise izindaba ngokuqondene nezizwe ezinamandla ezikude.
Ziyokhanda izinkemba zazo zibe amageja
Nemikhonto yazo ibe ocelemba. +
Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba,
Futhi ngeke zisayifunda impi. +
4 Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, +
Akekho oyobenza besabe, +
Ngoba umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.
5 Zonke izizwe ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso,
Kodwa thina siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu + kuze kube phakade naphakade.
6 “Ngalolo suku,” kusho uJehova,
“Ngiyobabutha labo ababexhuga,
Ngiqoqele ndawonye abahlakazekile +
Kanye nalabo engabaphatha ngesihluku.
7 Ababexhuga ngiyobenza babe insali, +
Abadediselwe kude ngibenze babe isizwe esinamandla; +
UJehova uyobusa njengenkosi phezu kwabo eNtabeni iZiyoni,
Kusukela manje kuze kube phakade.
8 Kodwa wena mbhoshongo womhlambi,
Ndunduma yendodakazi yaseZiyoni, +
Uyofika kuwe, yebo, umbuso wokuqala* uyofika, +
Umbuso wendodakazi yaseJerusalema. +
9 Kungani umemeza kakhulu kangaka?
Awunayo yini inkosi,
Noma ingabe umeluleki wakho ushabalele?
Kungaleso sizathu yini ubanjwe izinhlungu njengowesifazane obelethayo? +
10 Zibhonqe ububule ndodakazi yaseZiyoni,
Njengowesifazane obelethayo,
Ngoba manje uzosuka edolobheni uyohlala esigangeni.
Uzohamba uze ufike eBhabhiloni, +
Uyokhululwa lapho; +
Lapho, uJehova uyokuthenga akubuyise esandleni sezitha zakho. +
11 Manje izizwe eziningi ziyobuthana zimelane nawe;
Ziyothi, ‘Makangcoliswe,
Amehlo ethu mawakubone lokhu kwenzeka eZiyoni.’
12 Kodwa aziyazi imicabango kaJehova,
Aziyiqondi injongo* yakhe;
Ngoba uyoziqoqela ndawonye njengenqwaba yokudla okusanhlamvu okusanda kusikwa kwayiswa esibuyeni.
13 O ndodakazi yaseZiyoni sukuma ubhule; +
Ngoba izimpondo zakho ngizozishintsha zibe insimbi,
Nezinselo zakho ngizishintshe zibe yithusi,
Uyochoboza izizwe eziningi. +
Inzuzo yazo eziyithole ngokungathembeki uyoyinikela kuJehova,
Nomnotho wazo uyowunikela eNkosini yeqiniso yomhlaba wonke.” +