Isahluko 9
Izwi LikaJehova Liqhubekela Phambili Ngokushesha (1976-1992)
“Okokugcina, bafowethu, qhubekani nisithandazela, ukuze izwi likaJehova liqhubekele phambili ngokushesha [noma, ‘ligijime’] futhi likhazinyuliswe njengoba empeleni kunjalo nangani.”—2 Thes. 3:1, “Kingdom Interlinear.”
NGALAWOMAZWI umphostoli uPawulu wacela ayekholwa kanye nabo eThesalonika ukuba bathandazele ukuba yena nabangane bakhe baphumelele ekumemezeleni izwi likaJehova ngokungenakuvinjelwa. UJehova wawuphendula lowomthandazo. Kodwa lokhu akusho ukuthi lomphostoli akuzange kudingeke abhekane nezinkinga. Wabhekana nokuphikiswa okukhulu okuvela ezweni futhi kwadingeka asebenzelane nabazalwane bamanga ababekhohlisa. (2 Kor. 11:23-27; Gal. 2:4, 5) Nokho, naphezu kwalokhu, ngemva kweminyaka ecishe ibe yishumi, uPawulu wayengabhala ukuthi ngenxa yesibusiso sikaNkulunkulu, izindaba ezinhle ‘zazithela izithelo futhi zanda ezweni lonke.’—Kol. 1:6.
Ngendlela efanayo osukwini lwethu—kodwa ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo ngaphambili—izindaba ezinhle zithela izithelo. Abantu abengeziwe bayafinyelelwa ngezindaba ezinhle futhi bazamukela ukwedlula noma yinini ngaphambili. Ukugcwaliseka kwalokho iZwi likaNkulunkulu elakubikezela kuqhubekela phambili ngokushesha, njengomgijimi emjahweni.—Isaya 60:22.
Ukulungiswa Ekuhlelweni
Ngo-1976, uMfoweth’ uKnorr wayesebenze ngenkuthalo njengomongameli we-Watch Tower Society iminyaka engaphezu kwengamashumi amathathu. Wajikeleza imbulunga yonke ephindelela, ehambela futhi ekhuthaza izithunywa zevangeli, efundisa futhi eyala izisebenzi zasemahhovisi egatsha. Waba nelungelo lokubona inani loFakazi abakhuthele landa lisuka kwabangu-117 209 ngo-1942 liya kwabangu-2 248 390 ngo-1976.
Kodwa ngehlobo lika-1976, uN. H. Knorr owayeneminyaka engu-71 ubudala wayephawule ukuthi uthambekele ekushayiseni izinto uma ehamba. Ukuhlolwa okwalandela kwabonisa ukuthi wayeneqhubu ebuchosheni elalingenakuhlinzwa. Wazabalaza ukuze aqhubeke nomsebenzi izinyanga ezithile, kodwa ithemba lokuba alulame lalilincane. Ingabe impilo yakhe ebuthaka yayizovimbela ukuqhubekela phambili komsebenzi?
Ngo-1971 kwase kuqalile kakade ukwandiswa kweNdikimba Ebusayo. Phakathi no-1975, kwakunamalungu angu-17. Phakathi nengxenye enkulu yalowonyaka, iNdikimba Ebusayo yayiyicabangele ngokungathi sína nangomthandazo indlela engcono kakhulu yokunakekela konke okuhilelekile emsebenzini wokushumayela nokufundisa wembulunga yonke ohlelwe eZwini likaNkulunkulu ukuba wenziwe osukwini lwethu. (Math. 28:19, 20) Ngo-December 4, 1975, iNdikimba Ebusayo yayilwamukele ngazwilinye olunye loshintsho olukhulu kakhulu ekuhlelweni olwenzeka emlandweni wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova.
Kusukela ngo-January 1, 1976, yonke imisebenzi ye-Watch Tower Society kanye neyamabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke yaqondiswa amakomiti ayisithupha okuphatha, eNdikimba Ebusayo. Ngokuvumelana nalelolungiselelo, ngo-February 1, 1976, izinguquko zase zenziwe kuwo wonke amahhovisi egatsha eNhlangano emhlabeni wonke. Igatsha ngalinye lalingasaphathwa umbonisi wegatsha oyedwa, kodwa amadoda avuthiwe amathathu noma ngaphezulu ayekhonza njengeKomiti Yegatsha, ilungu elilodwa likhonza njengomqondisi wasikhathi sonke.a Ngemva kokuba amakomiti esenezinyanga ezithile esebenza, iNdikimba Ebusayo yaphawula: “Kuye kwaba nenzuzo ukuba nabazalwane abaningi ababonisana ndawonye ukuze bacabangele izithakazelo zomsebenzi woMbuso.—IzAga 11:14; 15:22; 24:6.”
Ekwindla ka-1976, naphezu kweqiniso lokuthi ithemba lokululama kwakhe lalisalokhu lilincane, uMfoweth’ uKnorr waba nengxenye ekufundiseni emihlanganweni eyaqhutshelwa endlunkulu enamalungu eKomiti Yegatsha kanye nezinye izisebenzi ezisemagatsheni asemhlabeni wonke. Ngaphezu kokuba nengxenye emihlanganweni phakathi nosuku, uMfoweth’ uKnorr wayememela labazalwane, bengamaqembu amancane, egunjini lakhe ntambama. Ngalendlela yena nomkakhe u-Audrey, baba nobudlelwane obuseduze namadoda ayemazi futhi emthanda futhi esebenzelana nawo eduze kakhulu phakathi neminyaka. Ngemva kwalemihlangano, impilo kaMfoweth’ uKnorr yayiqhubeka iwohloka kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-June 8, 1977.
Ngo-June 22, 1977, emasontweni amabili ngemva kokushona kukaMfoweth’ uKnorr, uFrederick W. Franz owayeneminyaka engu-83 ubudala wakhethwa njengomongameli we-Watch Tower Society. Ngokuqondene noMfoweth’ uFranz, INqabayokulinda ka-October 15, 1977 (August 1, 1977, ngesiNgisi) yathi: “Idumela lakhe elihle njengesazi seBhayibheli esiqhamile nokusebenza kwakhe ngokungakhathali ngenxa yezithakazelo zoMbuso kuye kwamenza wethenjwa futhi wasekelwa ngokwethembeka oFakazi BakaJehova yonke indawo.”
Ngesikhathi kwenzeka lolushintsho, amalungiselelo amasha aphathelene nokuhlelwa ayesesebenza kakade okwaqinisekisa ukuqhubekela phambili komsebenzi.
Ukwanelisa Izidingo Ezingokomoya Ngezincwadi ZeBhayibheli
OFakazi BakaJehova babondliwa ngokomoya ngaphambi kuka-1976. Kodwa ukuhlola lokho okuye kwenzeka kusukela ngalesosikhathi ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo kanye neKomiti yayo yokuBhala kwembula ukuthi amanzi eqiniso aye ageleza ngezilinganiso ezinkulu nangezindlela ezihlukahlukene ngokwengeziwe kunanini ngaphambili.
Eziningi zezincwadi eziye zanyatheliswa zanelisa izidingo ezithile zoFakazi ngokwabo. Intsha yaboniswa ukukhathalela okukhethekile. Ukuze isizwe ukuba isebenzise izimiso zeBhayibheli ezimweni ebhekana nazo ekuphileni, ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo (ngesiNgisi) yanyatheliswa ngo-1976, kanye nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ngo-1989. Incwadi enemifanekiso ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, eyalungiselelwa kucatshangwa ngabantwana, yakhululwa ngo-1978. Ngawo lowonyaka kwanikezwa iseluleko nesiqondiso esiwusizo sokuqinisa imikhaya kwethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.
Ngezinye izikhathi, izidingo ezithile zabantu bakaJehova ziye zasingathwa eselulekweni esifike ngesikhathi esisemakhasini e-Nqabayokulinda. Ngokwesibonelo, umbiko womhlaba wonke womsebenzi woFakazi BakaJehova ka-1977/78, wabonisa ukwehla kwenani lababehlanganyela emsebenzini wokushumayela. Ingabe okungenani lokhu kwehla ngokwengxenye kwakubangelwa ukungagcwaliseki kwalokho okwakulindelwe ngokuqondene no-1975? Mhlawumbe. Kodwa kunezinye izici ezazinethonya. Kwakungenziwani?
INdikimba Ebusayo yathatha izinyathelo zokuqinisa ukuqiniseka phakathi koFakazi BakaJehova kokuthi kwakunesidingo sokuqhubeka bememezela uMbuso ngentshiseko endlini ngendlu. INqabayokulinda ka-January 15, 1980 (July 15, 1979, ngesiNgisi) yayinezihloko ezithi “Ukushisekela indlu kaJehova,” “Ukushumayela Ezweni Elibi,” “Bashumayela Endlini Ngendlu,” nesithi “Lokho Okushiwo Ngabanye Ngokufakaza Endlini Ngendlu.” Lezihloko kanye nezinye zaphinde zaqinisekisa ukuthi ukushumayela endlini ngendlu kunesisekelo esingokomBhalo esiqinile futhi zakhuthaza ukuhlanganyela ngentshiseko nangomphefumulo wonke kulomsebenzi obalulekile.b—IzE. 20:20; Kol. 3:23.
Kwakunesinye isimo esasidinga ukunakekelwa. Ngo-1980, abantu abaningi ababeye bahlanganyela emisebenzini yoFakazi BakaJehova iminyaka ethile, kuhlanganise nababesezikhundleni ezivelele enhlanganweni, babezama ngezindlela ezihlukahlukene ukudala ukwahlukana kanye nokuphikisa umsebenzi oFakazi BakaJehova ababewenza. Ukuze iqinise abantu bakaJehova ethonyeni elinjalo lezihlubuki, INqabayokulinda yaba nezihloko ezinjengalezi “Hlalani ‘Niqinile Ekukholweni’” (February 1, 1981 [August 1, 1980, ngesiNgisi]), “Ukungenisa Ngasese Izimfundiso Ezibhubhisayo” (March 1, 1984 [September 15, 1983, ngesiNgisi]), nesithi “Melana Nokuhlubuka, Namathela Eqinisweni!” (October 1, 1983 [April 1, 1983, ngesiNgisi]), kuyilapho incwadi ethi “Let Your Kingdom Come” (1981) yagcizelela iqiniso lokuthi uMbuso useduze, njengoba wawumiswe emazulwini ngo-1914. INdikimba Ebusayo ayizange ivume ukuphazanyiswa imizamo yabaphikisi enjongweni eyinhloko yoFakazi BakaJehova—ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu!
Nokho, kuthiwani ngesidingo sokuba oFakazi BakaJehova baqhubeke bandisa ulwazi lwabo ngeqiniso leBhayibheli? Ukuze babe nesifundo seBhayibheli esijulile, ngo-1984 kwakhishwa uhlelo olubukeziwe olunezikhombo lwe-New World Translation, olwalunezikhombo eziningi zaseceleni, imibhalo yaphansi, kanye nokwaziswa okusezithasiselweni. Eminyakeni emine kamuva, ngo-1988, abantu bakaJehova bajabula ngokuthola ukukhulunyelwa okuhambisana nesikhathi kwevesi ngalinye encwadini yesAmbulo, encwadini ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, kanye ne-encyclopedia yeBhayibheli eyimiqulu emibili ethi Insight on the Scriptures. Khona-ke, ngo-1991, kwanyatheliswa incwadi enemifanekiso emihle ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ukuhlolisiswa kokuphila nezimfundiso zikaJesu Kristu.
Kodwa kuthiwani ngezidingo zabantu abangebona oFakazi BakaJehova? Ukuze ibe ithuluzi lokufundisa abantu abasanda kuthakazela, incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni yakhululwa ngo-1982. Yaklanyelwa ukusiza abafundi beBhayibheli ukuba bahlangabezane nezimfuneko zikaJehova zokuphila epharadesi lasemhlabeni. Ukuze kusizwe abantu abangase babe nemibuzo ngemvelaphi nangenjongo yokuphila emhlabeni, ngo-1985 kwalungiselelwa incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Ngo-1989, yalandelwa incwadi eqinisa ukholo ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Ukunakekela kwabuye kwanikezwa abantu abathobekile abangase badinge usizo olukhethekile ngenxa yesizinda sabo sempucuko noma esingokwenkolo. Ukuze labo abangafundile noma abangakwazi kahle ukufunda bafundiswe iqiniso ngoMbuso kaJehova, ngo-1982 kwakhululwa incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Ngo-1992, kwase kunyatheliswe amakhophi angaphezu kwangu-76 000 000, futhi yayisakazwa ngezilimi ezingu-200 emhlabeni wonke, okwayenza yaba incwadi ye-Watch Tower Society ehunyushwe ngezilimi eziningi ukuzedlula zonke.
Ngo-1983, kwanyatheliswa izincwajana ezintathu ngenjongo ekhethekile yokusiza amaMuslim, amaBuddha, namaHindu. Ukuze kufinyelelwe abantu abanalezizinda zenkolo kanye nezinye, kuyasiza ukuba nokuthile okuqondayo ngenkolo yabo—izimfundiso zayo kanye nomlando. Ukuze kuhlangatshezwane nalesidingo, ngo-1990 kwakhululwa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.
INdikimba Ebusayo yayinesithakazelo esijulile sokufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi soMbuso—abantu ‘bazo zonke izizwe nemindeni nezilimi.’ (IsAm. 7:9) Ukuze kufezwe leyonjongo, kwenziwa amalungiselelo okuhumushela lezincwadi kwezinye izilimi ezengeziwe. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-1976 kuya ku-1992, kuye kwaba nokwanda kwamaphesenti angaba ngu-42 enanini lezilimi INqabayokulinda eyayinyatheliswa ngazo. Ngo-October 1992, inani lalingu-111. Ukuze kusheshiswe ukuhumusha, ngawo lowonyaka abahumushi abangaphezu kwabangu-800 babehlanganyela kulomsebenzi.
Izimiso Zemfundo Ziyacetshiswa Futhi Zenziwa Zihlukahluke
Ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo kanye neKomiti Yokufundisa, izimiso zemfundo ezihlelelwe izisebenzi ezisendlunkulu nemikhaya yaseBethel emagatsheni asemhlabeni wonke zacetshiswa futhi zenziwa zahlukahluka kakhulu. Ngaphezu kokufunda iBhayibheli ne-Yearbook njengengxenye yokukhulekela kwabo kwasekuseni, kwaqaliswa ukuba kuhlaziywe ngokujulile ingxenye yeBhayibheli efundwe phakathi nesonto elandulele, kuvezwe nendlela lokho kwaziswa okusebenza ngayo kulabo abakhonza eBethel. Kwaqaliswa ukuba kunikezwe imibiko yasikhathi sonke ephathelene neminyango ehlukahlukene yaseBethel kanye nemibiko eyengeziwe evela kubabonisi bamagatsha.
Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zalabo abanemithwalo yemfanelo eyengeziwe enhlanganweni, kwaklanywa izimiso ezengeziwe zemfundo futhi zasetshenziswa. Phakathi no-1977, kwenziwa amalungiselelo okuba bonke abadala bathole izifundo zamahora angu-15 zeSikole Senkonzo SoMbuso. (IzE. 20:28) Kusukela ngalesosikhathi, izimiso ezifanayo ezihlukahlukayo ngobude bezilokhu zihlelwa njalo ngemva kweminyaka embalwa; futhi kusukela ngo-1984, izinceku ezikhonzayo nazo zathola ukuqeqeshwa eSikoleni Senkonzo SoMbuso. EBrooklyn, kusukela ngo-December 1977, kwaqala isikole esikhethekile esithatha amasonto amahlanu samalungu eKomiti Yegatsha.
Ukukhathalela okukhethekile kwaboniswa nakulabo ababezikhandla enkonzweni yesikhathi esigcwele njengamaphayona. Ngo-December 1977 iSikole Senkonzo Samaphayona, imfundo ethatha amasonto amabili yokuqeqesha izikhonzi ezingamaphayona, saqaliswa e-United States futhi ekugcineni saqaliswa kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Phakathi neminyaka engu-14 eyalandela, inani lamaphayona landa laba ngaphezu kokuphindwa kahlanu—kusuka kwangu-115 389 kuya kwangu-605 610!
Ekwindla ka-1987, kwavulwa esinye isikole esisha—iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo. Lesikole samiselwa ukuqeqesha abazalwane abafanelekayo abangashadile ababenokuhlangenwe nakho njengabadala noma izinceku ezikhonzayo futhi ababezimisele ukukhonza nomaphi lapho kwakunendingeko khona ensimini yomhlaba wonke. Ngo-1992, kwase kuqhutshwa amakilasi e-Australia, e-Austria, eBrithani, e-El-Salvador, eFrance, e-Italy, eJalimane, eMexico, eNigeria, eSpain, eSweden, nase-United States. Umphumela awuzange ube ukuba kube nesigaba sabantu ababhekwa njengabaphakeme kunabanye ebandleni, kodwa uye waba ukwanda kwenani lamadoda akufanelekela kahle ukukhonza abafowabo.
Ukuze kuqhutshekiselwe phambili umsebenzi wembulunga yonke wemfundo yeBhayibheli, kwahlelwa imihlangano yezizwe zonke emadolobheni asezindaweni ezifanele—eminye yaba semazweni lapho oFakazi BakaJehova babevinjelwe khona. Lemihlangano yaqinisa abazalwane kulezozindawo futhi yafaka ugqozi ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle kulawomazwe.c
Izakhiwo Zokunakekela Ukwanda
Njengoba izwi likaJehova laliqhubekela phambili ngokushesha, kwadingeka kwenziwe ukuthuthukisa okuvusa amadlingozi ekwakheni nasekunyatheliseni—imikhakha engaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo kanye neKomiti yayo yokuNyathelisa.
OFakazi abanokuhlangenwe nakho ekwakheni banikela ngezinkonzo zabo ngokuzithandela, futhi bahlangana ukuze basize ekwakhiweni kwezakhiwo zamagatsha ezintsha nezinkudlwana emhlabeni wonke. Kusukela ngo-1976 kuya ku-1992, emazweni angaba ngu-60 kwakhiwa izakhiwo ezintsha zamagatsha. Ngaphezu kwalokho, kwaqalisa imisebenzi yokwandisa izakhiwo ezazikhona kakade emazweni angu-30. Indlela umsebenzi owawenziwa ngayo (nezisebenzi zokuzithandela zifika zivela emabandleni amaningi—ngezinye izikhathi zivela kwamanye amazwe) yaqinisa izibopho zothando kanye nobunye phakathi kwabantu bakaJehova.d
Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zeNhlangano ezikhulayo zokunyathelisa ngezilimi eziningi, oFakazi abanokuhlangenwe nakho emkhakheni wezama-computer basungula isimiso se-computer esenza izinyathelo ezandulela ukunyatheliswa esithiwa i-MEPS (Multilanguage Electronic Phototypesetting System). Lomsebenzi waqedwa ngo-1986. Ngenxa yalokho, ngo-1992, INqabayokulinda yayinyatheliswa ngesikhathi esisodwa ngezilimi ezingu-66. Ngaleyondlela iningi loFakazi BakaJehova lakwazi ukuthola ukudla okufanayo okungokomoya ngesikhathi esifanayo.e
Njengoba izakhiwo ze-Watch Tower Society zaziqhubeka zanda, kwadingeka izisebenzi zokuzithandela ezengeziwe endlunkulu yaseBrooklyn nasemahhovisi egatsha emhlabeni wonke. Kusukela ngo-1976 kuya ku-1992, umkhaya waseBethel emhlabeni wonke wanda ngokuphindwe kathathu, kusuka kumalungu angu-4 000 kuya kwangaphezu kwangu-12 900 akhonza emhlabeni wonke. INdikimba Ebusayo kanye neKomiti yayo Yezisebenzi iye yanakekela izidingo zomuntu siqu nezingokomoya zalelibutho elikhulu lezisebenzi zokuzithandela zesikhathi esigcwele.
Ukunakekela Amabandla Nomsebenzi Wokushumayela Ivangeli
Njengoba izwi likaJehova laliqhubekela phambili ngokushesha, iNdikimba Ebusayo kanye neKomiti yayo yeNkonzo yaqondisa amandla ayo ekwakheni amabandla emhlabeni wonke nasekwandiseni umsebenzi wokushumayela ivangeli embulungeni yonke.
Ingabe kwakunokwengeziwe okwakungenziwa ukuze kusizwe abantu abaningi abasanda kuhlanganyela ababebhapathizwa unyaka ngamunye? Ekuqaleni kuka-1977, kwenziwa amalungiselelo okubaqinisa ngokomoya oFakazi abasanda kuhlanganyela. INkonzo Yethu YoMbuso yachaza: “Sikholwa ukuthi okungenani kufanele bafundelwe izincwadi ezimbili bonke abantu abeza eqinisweni. . . . Ngakho isifundo kufanele siqhubeke ngemva kobhapathizo kuze kuqedwe incwadi yesibili.” Ngalendlela oFakazi abasanda kubhapathizwa babenikezwa ithuba eligcwele ngokwengeziwe lokuzuza ulwazi nokuqonda futhi bakuqonde ngokuqhubekayo lokho okushiwo ukubhapathizwa. Lelilungiselelo elisha labuye lakhuthaza ubudlelwane obuseduze ngokwengeziwe phakathi kwabantu abasanda kuhlanganyela kanye noFakazi ababebasiza esifundweni sabo seBhayibheli sasekhaya.
Ukuze kunakekelwe labo ababegobhozela enhlanganweni kaJehova, kwakhiwa amabandla amasha angaphezu kwangu-29 000 emhlabeni wonke phakathi kuka-1976 no-1992. (Mika 4:1) Ababonisi bezifunda nabesigodi abengeziwe bamiswa iNdikimba Ebusayo futhi bathunyelwa ukuba bayosiza. Inani lalababonisi abajikelezayo lanyuka lisuka kwabangu-2 600 ngo-1976 laya kwabangu-3 900 ngo-1992.
Njengoba inani lamabandla lalikhula, kwakuba nesidingo esikhulayo samahholo engeziwe okuhlangana. Ingabe yayikhona indlela esheshayo yokwakha amaHholo OMbuso? Ngawo-1970, oFakazi BakaJehova e-United States bahlela isimiso sokwakha kusona okwakumenywa izisebenzi ezinekhono ezakhayo ezivela ezingxenyeni zezwe ezingomakhelwane ukuba zizosiza oFakazi bendawo ekwakheni iHholo LoMbuso. Njengoba kwakunabaningi ababesiza, ihholo laliqedwa ngokushesha—ngokuvamile ngezinsuku ezimbili nje noma ezintathu. Ngawo-1980, kwakwakhiwa amaHholo oMbuso akhiwa ngokushesha nakwezinye izingxenye zomhlaba.
Izinguquko ezingokwezombangazwe eMpumalanga Yurophu zabathinta noFakazi BakaJehova. Yeka indlela abafowethu abahlabeka umxhwele ngayo emazweni anjengeMpumalanga Jalimane (njengoba yayaziwa kanjalo ngalesosikhathi), iHungary, iPoland, iRomania, nakuleyondawo eyayithiwa iSoviet Union lapho bezwa ukuthi sebeqashelwa ngokomthetho, kwezinye izimo ngemva kweminyaka engu-40 bevinjelwe! Inkululeko eyengeziwe kulawomazwe manje yakwenza kwaba lula ukuba bafinyelele abantu abangaba ngu-380 000 000 ngezindaba ezinhle! OFakazi BakaJehova abazange bapholise maseko ekusebenziseni inkululeko yabo ababesanda kuyithola ukuze bahlanganyele emsebenzini wabo wokushumayela obala.
Kwaba namiphi imiphumela? Izwi likaJehova liye laqhubekela phambili ngokushesha! Ngokwesibonelo, ngo-April 1992 inani labamemezeli boMbuso ababebika ePoland lalingu-106 915. Futhi amathuba okwanda esikhathini esizayo ayemakhulu: Ngayo leyonyanga inani lababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu lalingu-214 218. Ngokufanayo, emazweni ngaphambili ayekade akha iSoviet Union, ingqikithi yabangu-173 473 yaba khona eSikhumbuzweni ngo-1992, ukwanda ngamaphesenti angu-60 ngaphezu konyaka owawandulele.
Nokho, kwamanye amazwe ushushiso oluqhubekayo nezinhlekelele ezingokwemvelo zabangela izithiyo. Ngo-1992 imisebenzi yoFakazi BakaJehova yayisavinjelwe imithetho yohulumeni emazweni angu-24. IKomiti KaSihlalo yeNdikimba Ebusayo yenza konke okungenziwa ukuze inikeze usizo futhi yazise abazalwane emhlabeni wonke ngezindlela abangasiza ngazo oFakazi abakanye nabo abakhonza ngaphansi kobunzima. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:12-26.) Imikhankaso yoshushiso noma izinhlekelele ezingokwemvelo azikwazanga ukuvimbela ukushunyayelwa kwezwi likaJehova!
“Isizwe Esingesakhe”
Ngakho, eminyakeni eqala ku-1976 ifinyelele ku-1992, izwi likaJehova ngempela liye laqhubekela phambili ngokushesha. Ubukhulu benhlangano bacishe baphindwa kabili, abamemezeli boMbuso baba ngaphezu kwabangu-4 470 000!
Abantu bakaJehova baye baqhubeka bewumemezela ngentshiseko uMbuso kaNkulunkulu, manje bekwenza ngezilimi eziningi kunanini ngaphambili. Besebenzisa izincwadi eziye zalungiselelwa, baye bajulisa ulwazi lwabo lweBhayibheli futhi basiza abantu abathakazelayo ukuba bafunde amaqiniso eBhayibheli. Baye bazuza ezimisweni zemfundo eziye zasungulwa ukuze zisetshenziswe yilabo abanemithwalo yemfanelo eyengeziwe enhlanganweni. Ngokungangabazeki uJehova uye wakubusisa ukumemezela kwabo ngoMbuso wakhe.
Kusukela ngawo-1870 kuze kube manje, amadoda athile aye aba nengxenye evelele ekuthuthukiseni umsebenzi woMbuso, amadoda anjengoCharles T. Russell, uJoseph F. Rutherford, uNathan H. Knorr, noFrederick W. Franz, kanye nabanye abaye bakhonza njengamalungu eNdikimba Ebusayo. Kodwa oFakazi BakaJehova abakaze babe ihlelo elakhelwe ebuntwini banoma yimuphi kulamadoda. Kunalokho, banomholi oyedwa vó, “uKristu.” (Math. 23:10) UyiNhloko yalaboFakazi BakaJehova abahleliwe, ‘ephiwe amandla onke’ ukuze iqondise lomsebenzi ‘kuze kube-sekupheleni kwezwe.’ (Math. 28:18-20) Bazimisele ukuzithoba ebunhlokweni bukaKristu, ukuhlala beseduze neZwi likaNkulunkulu, kanye nokubambisana nokuhola komoya ongcwele, ukuze bakwazi ukuqhubekela phambili ekukhulekeleni okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nasekuzibonakaliseni ‘beyisizwe sakhe, esishisekela imisebenzi emihle.’—Thithu 2:14.
Kodwa yiziphi ezinye zezimfundiso eziyisisekelo kanye nezindinganiso zokuziphatha ezenza oFakazi BakaJehova behluke kuzo zonke ezinye izinkolo? Kwenzeka kanjani ukuba baziwe ngokuthi oFakazi BakaJehova? Imisebenzi yabo ixhaswa kanjani ngokwezimali? Kungani bezigcina behluke ngokuphelele kwamanye amasonto kanye nezwe lilonke? Kungani beye baba izisulu zoshushiso olunzima ezingxenyeni eziningi kangaka zomhlaba? Lemibuzo kanye neminye eminingi izophendulwa ezahlukweni ezilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka iSahluko 15, esithi “Ukuthuthuka Kwesimo SeNhlangano.”
b Kusukela ngo-1980 kuya ku-1985, kwaba nokwanda kwamaphesenti angu-33 enanini lababehlanganyela emsebenzini wokushumayela, futhi kusukela ngo-1985 kuya ku-1992, kwaba nokunye ukwanda kwamaphesenti angu-47,9.
c Bheka iSahluko 17, esithi “Imihlangano Emikhulu—Ubufakazi Bobuzalwane Bethu.”
d Bheka iSahluko 20, esithi “Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke.”
e Bheka iSahluko 26, esithi “Ukukhiqiza Izincwadi ZeBhayibheli Zokusetshenziswa Enkonzweni.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 117]
Abalona ihlelo elakhelwe ebuntwini banoma yimaphi amadoda
[Ibhokisi/Igrafu ekhasini 110]
Kusukela ngo-1976 kuya ku-1992, kwaba nokwanda kwamaphesenti angu-42 enanini lezilimi okwaku-nyatheliswa ngazo “INqabayokulinda”
[Igrafu]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
111
78
1976 1992
[Ibhokisi ekhasini 111]
Isizinda SikaF. W. Franz
UFrederick William Franz wazalelwa eCovington, eKentucky, e-U.S.A., ngo-September 12, 1893. Ngo-1899 umkhaya wakubo wathuthela eCincinnati, lapho uFrederick aphothula khona esikoleni esiphakeme ngo-1911. Wabe esefunda eYunivesithi yaseCincinnati, ethatha izifundo ezivamile zokwandisa ulwazi. Wayenqume ukuthi wayezoba umshumayeli waseHabe, ngakho wazikhandla ngentshiseko etadisha isiGreki seBhayibheli. Eyunivesithi uFrederick waqokwa ukuba athole umfundaze kaRhodes, owamenza wafanelekela ukwamukelwa eYunivesithi yase-Oxford eNgilandi. Nokho, ngaphambi kokuba kwenziwe isaziso, uFrederick waphelelwa isithakazelo kulomfundaze futhi wacela ukuba igama lakhe likhishwe ohlwini lwababezoncintisana.
Ngaphambili, umfowabo u-Albert wayemthumelele incwajana ayeyithole kuma-International Bible Student. Kamuva u-Albert wamnikeza imiqulu emithathu yokuqala ye-“Studies in the Scriptures.” UFrederick wakujabulela lokho ayekufunda futhi wanquma ukunqamula ubuhlobo bakhe neSonto laseHabe ukuze ahlanganyele nebandla labaFundi BeBhayibheli. Ngo-November 30, 1913, wabhapathizwa. Ngo-May 1914 wayeka ukufunda eyunivesithi, futhi ngokushesha wenza amalungiselelo okuba i-“colporteur” (iphayona).
Ngo-June 1920 waba ilungu lomkhaya waseBethel eBrooklyn. Ngemva kokufa kukaN. H. Knorr ngo-June 1977, uMfoweth’ uFranz wakhethwa ukuba abe umongameli weNhlangano. Wakhonza ngokwethembeka njengelungu leNdikimba Ebusayo kwaze kwaba sekufeni, ngo-December 22, 1992, eneminyaka engu-99 ubudala.
[Igrafu ekhasini 112]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izinhlu Ezandayo Zamaphayona
1992
600 000
400 000
1986
200 000
1981
1976
[Igrafu ekhasini 113]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Umkhaya WaseBethel Okhulayo Womhlaba Wonke
1992
12 000
9 000
1986
6 000
1981
1976
3 000
[Igrafu ekhasini 114]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amabandla Andayo
80 000
1992
60 000
1986
1981
1976
40 000
20 000
[Igrafu ekhasini 115]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ukwanda Kwabamemezeli BoMbuso
1992
4 000 000
1986
3 000 000
1981
1976
2 000 000
1 000 000
[Isithombe ekhasini 109]
Ihhovisi legatsha ngalinye leNhlangano liqondiswa ikomiti yabazalwane, njengalena eqondisa umsebenzi eNigeria
[Izithombe ekhasini 116]
INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova
January 1992
Carey W. Barber
John E. Barr
W. Lloyd Barry
John C. Booth
Frederick W. Franz
George D. Gangas
Milton G. Henschel
Theodore Jaracz
Karl F. Klein
Albert D. Schroeder
Lyman A. Swingle
Daniel Sydlik