Intsha Iyabuza . . .
Izingubo Zabaklami Abadumile Ingabe Kufanele Ngizigqoke?
“IZINGUBO zimelela umuntu. . . . Izingubo ngaso sonke isikhathi ziwuphawu lokuthi ungubani.” Washo kanjalo uBarbara Dickstein, isazi sezingubo emnyuziyamu ethile enkulu. “Zichaza isigaba okuso, indima yakho ekuphileni, kanye nesikhundla sakho emphakathini,” enezela. Khona-ke, akumangalisi ukuthi izingubo zibaluleke kakhulu kubantu abaningi—futhi enye intsha iyahlanya ngazo.
Nokho, entsheni eningi ukukhathalela izingubo kwedlulela ngalé kokunaka isitayela. Intsha eningi ikhathalela kakhulu igama lomklami. Cishe zonke izinto ezithengayo—kusukela ematekini kuya ezibukweni zamehlo—kumelwe zibe nalelogama lomklami elibaluleke kakhulu. Ngokwesibonelo, ukuhlola okwenziwa umagazini iSeventeen kwembula ukuthi amaphesenti angu-90 amantombazane eve eshumini elinambili anomuzwa wokuthi igama lomklami libaluleke kakhulu uma kuziwa endabeni yokuthenga izingubo zemidlalo.
Uma sicabangela usizo olunamandla lokuvusa isithakazelo ezezindaba eziye zalunikeza izingubo ezinamagama abaklami abadumile eminyakeni yamuva, lokhu akufanele neze kumangalise. Ngezinhlelo zezentengiselwano zeTV, ngomagazini nangezinhlu zokukhangisa zamaphephandaba, ngamabhodi okukhangisa kanye nangamabhayisikobho, abathengi baye bezwa inkulumo-ze yabaklami. Injongo iwukukhohlisa umphakathi ukuba ukholelwe ukuthi igama lomklami libangela cishe ushintsho olungokomlingo engutsheni—nakumuntu oyigqokile. Ngaphandle kwegama lomklami odumile, amabhulukwe ebhogadi amane nje angamabhulukwe avamile. Uma enegama lomklami odumile, amabhulukwe ebhogadi ngokushesha aba yisihluthulelo sokuthola udumo, injabulo, kanye nothando!
Ukuheha Kwegama
“Libaluleke ngani igama?” kubuza umdlali othile komunye wemidlalo kaShakespeare. Uma kuziwa ezingutsheni, igama lingaba elibaluleke kakhulu. Incwadi ehloselwe ukufundisa abathengisi abayizazi ithi: “Abathengi abaningi bazimisele ukukhokha amanani athe ukuphakama ngenxa yamagama ezinkampani . . . kanye namagama abaklami. Izinkampani eziningi zinedumela elihle lokuba nezindinganiso eziphakeme ekwenzeni izitayela, ekubukekeni, ezingeni, nasekuklameni. Izingubo ezinamagama abaklami abadumile ngokuvamile zinikeza ukubukeka okuyingqayizivele.” (Know Your Merchandise, kaWingate, noGillespie, noBarry) Isihloko kuyiNew York Times Magazine ngokufanayo siveza ukuthi “ubuciko kanye nohlobo lwendwangu ezingutsheni ezibiza kakhulu ngokuvamile kuhluke kakhulu” ezingutsheni ezishibhile. Ngakho izingubo ezinamagama abaklami abadumile zivame ukuhlala isikhathi eside futhi zibukeka kangcono kunezohlobo olushibhile.
Nokho, ngokuqondene nentsha eningi amagama abaklami abadumile awazona izimpawu zezinga eliphakeme kodwa ayizimpawu zesigaba umuntu akuso—izimpawu zokudunyiswa. Kunjengoba uSam oneminyaka engu-17 ubudala ekubeka, “uma izingubo zakho zingenamagama abaklami abadumile, awuhambisani nesikhathi!”
Amandla Okucindezela Kontanga
Khona-ke, akumangalisi ukuthi kungani osemusha ogama lakhe linguCasey ethi: “Kunokucindezela okukhulu kokuba ugqoke izingubo ezinamagama abaklami abadumile.” UTennile oneminyaka engu-14 ubudala uyenezela: “Wonke umuntu ngaso sonke isikhathi uyabuza, ‘Ijezi lakho, ibhantshi, noma ibhogadi kuklanywa ubani?’” Ngokothile osemusha, ukucindezela kungaba kukhulu kangangokuba uma ungazifanelanisi, abantu bayokugcona futhi bakhulume ngawe, bathi ugqoke izicathulo ezingenagama noma bathi uthenga [ezitolo ezishibhile].”
Yiqiniso, kungokwemvelo ukuba ufune ukufana nabanye futhi wamukeleke. UAndy oneminyaka eyishumi nanhlanu ubudala uthi: “Akekho umuntu ofuna ukuba ophawulekayo futhi abe ngohlukile.” Kodwa kufanele uzifanelanise ngezinga elingakanani? UJoe oneminyaka eyishumi nane ubudala uyavuma: “Ngezinye izikhathi uthenga izingubo zokugqoka ongazithandi—ukuze nje uzifanelanise.”
Kodwa ingabe kunengqondo ukuvumela abanye ukuba bakwenzele izinqumo, bakushintshe kulokho oyikho, noma bakwesabise ukuba ungenzi ngokuvumelana nalokho okuthandayo, izindinganiso, noma ukwahlulela kwakho okunengqondo? Incwadi yabaseRoma 6:16 (NW) ithi: “Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizigqila zokumlalela, niyizigqila zakhe enimlalelayo?” Ubani ofuna ukuba yisigqila somunye umuntu? Kodwa yilokho oba yikho uma uvumela ontanga bakunqumele ukuthi yini okumelwe uyigqoke, noma uma uzivumela ukuba imimoya yemfashini ikuphephulele lé nalé.—Qhathanisa nabase-Efesu 4:14.
Ukuthola Umbono WeBhayibheli
Ungakufunda kanjani ukuzicabangela ngokwakho? Jwayelana nezimiso zeZwi likaNkulunkulu. Uma ukucabanga kwakho kuthambekele eBhayibhelini, mancane kakhulu amathuba okuba ulawulwe noma ubuswe abanye abantu. (IzAga 1:4) Yiqiniso, iBhayibheli aliyona incwadi ekhuluma ngezimfashini. Kodwa inazo ngempela izimiso ezingakusiza ukuba unqume ukuthi yini okufanele uyigqoke. Ngokwesibonelo, cabangela amazwi omphostoli uPawulu kweyoku-1 Thimothewu 2:9. (NW) Lapho waxwayisa amaKristu ukuba ‘ahlobe ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezambatho ezibiza kakhulu.’
UPawulu ngokuqinisekile wayengasho ukuthi kumelwe ugqoke njengomuntu ompofu noma ugqoke izingubo eziyisidala ngendlela edumazayo. UJesu Kristu ngokwakhe ngokusobala wayenengubo okungenani eyodwa esezingeni eliphezulu. (Johane 19:23, 24) Kunalokho, uPawulu wayexwayisa amaKristu ukuba agweme ukudonsela ukunakekela okungafanele kuwo siqu ngendlela agqoka ngayo. Ukuthenga ingubo yokugqoka ngenxa yezinga layo eliphezulu, ubuhle bayo, noma ukuba kwayo ngesebenzisekayo kunengqondo. Kodwa ukugqoka ingubo enegama lomklami odumile ngenxa nje ‘yokuzigabisa’ noma ‘yokubangela ukuncintisana’ kuwubugovu kanye nokuzazisa. (1 Johane 2:16; Galathiya 5:26, NW) Ungase uhlabe umxhwele abantu abambalwa abathatheka kalula, kodwa ungase futhi ubangele abanye abantu babe nomhawu, umona, kanye nenzondo.
UPawulu watshela amaKristu ukuba abonise ukuhluzeka kwengqondo, noma ukwahlulela okuhle, endleleni abagqoka ngayo. Kwezinye izindawo, ukugqoka izingubo ezinamagama abaklami abadumile kuyingozi. Ngokwesibonelo, uMichael Thomas oneminyaka eyishumi nanhlanu ubudala wabulawa ngoba wayegqoke izicathulo zokugijima ezinegama lomklami odumile ezibiza amaRandi angu-275. Omunye oweve eshumini elinambili wayezifunela yena lezozicathulo. INew York Times yabika ukuthi ezikoleni eziningi zasemadolobheni aseU.S., ukugqoka izingubo ezibiza kakhulu ezinegama lomklami odumile “kwanele ukuba kubangele impi ngisho nokubulala.” Ngakho uKatherine osemusha uthi: “Ngiye ngakuthola kuyisivikelo ukuba ngingathonywa ngokungafanele ontanga ngokuphathelene nendlela engigqoka ngayo. Uma kungenjalo, ngingase ngidonsele ukunakekela kohlobo olungalungile kimina siqu.”
Yiqiniso, okokuqala akuyona yonke intsha engase ikwazi ukuthenga izingubo ezinamagama abaklami abadumile. Uma ukulesosimo, kungase kudingeke ukuba uvele ufunde ‘ukwaneliseka ngokudla nezambatho’—ngisho noma lezozambatho zingezona ezisemfashinini noma ezingcono kakhulu. (1 Thimothewu 6:8) Kunokuba ube yisisulu somhawu, okuyinto ebhubhisayo, zama ukwenza konke okusemandleni akho ngesimo sakho. (Thithu 3:3) Izingubo zakho zingase zingabi negama elinemicikilisho, kodwa zingaba ezicocekile, ezihlanzekile, futhi ezifanelekayo.
Ukuthenga Ngokuhlakanipha
Okugqokayo akubalulekile njengohlobo lomuntu oyilona ngaphakathi. (1 Petru 3:3, 4) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zakho, kunengqondo ukugqoka ngokufanelekele isenzakalo ngasinye. NjengomKristu, unomthwalo wemfanelo wokuba ugqoke ngendlela efanele isikhonzi esisesisha.—2 Korinte 6:3.
Ngenhlanhla, ukuba nesizotha kwamaKristu akusho ngempela ukuthi kumelwe ugqoke isidala. UTamaria osemusha ukubeka kahle lapho ethi: “Akukho okubi ngokugqoka isitayela esithile—uma nje ungeqisi.” Futhi akukho okubi ngokugqoka izingubo ezisezingeni eliphezulu. Eqinisweni, ngokwencwadi ethi Dressing Smart, kaPamela Redmond Satran, izazi “zitusa ukuthenga izingubo zokugqoka ezingcono kakhulu ongakwazi ukuzithenga futhi zigcizelela izinga eliphezulu kunokuba nezingubo eziningi.” IKnow Your Merchandise ngokufanayo inikeza lesisixwayiso: “Izingubo zokugqoka ezimbalwa eziyinguga, ezikhethwe ngokucophelela zingcono kunezingubo zokugqoka eziningi ezisheshe ziguge futhi ezingase zibe semfashinini isikhathi esifushane.”
Lokhu kungase kudinge ukuba ube ngumthengi ohlakaniphile—‘njengomfazi okhutheleyo’ ochazwe eBhayibhelini kuzAga 31:10, 14, 18. Uyahamba aye “kude” ukuze ‘ahwebe ngokunenzuzo.’ Futhi nawe ungafunda ‘ukuhweba ngokunenzuzo.’ Umagazini weLadies’ Home Journal wasikisela: “Cela ukwehliselwa inani—ngisho nasezitolo ezinkulu. . . . Zenzele ukuhlola. Hlola amanani ezitolo ezimbalwa.” Ungase ufunde ngisho nokuxoxisana nomthengisi ngamanani, ikakhulukazi ezitolo ezincane.
Nokho, umagazini iConsumer Reports usikhumbuza ukuthi “inani kanye nodumo akuzona iziqondiso ezingenaphutha zokubona izinga lento ethile.” Ngempela, abacwaninga ngakho bathola ukuthi ezinye izingubo ezingabizi kakhulu cishe zazilingana ngezinga nezingubo ezinamagama abaklami abadumile ezibiza kakhulu. Incwadi ethi Dressing Smart ithi: “Ngezinye izikhathi, izingubo zimb’ eqolo ngoba nje zisemfashinini, zinegama lomklami odumile, noma zisanda kwenziwa.” Ngezinye izikhathi amagama abaklami abadumile ayabhalwa ezingutsheni ezingezona ezalowomklami ezisezingeni eliphansi. Futhi ngisho noma igama lingelalowomklami, amaphutha angenzeka lapho zithungwa.
Ngakho ungakhohliswa amagama noma izigqebhezane zamanani. Yiba ngoqaphile. (IzAga 14:15) Yihlole ngokucophelela ingubo yokugqoka—uhlobo lwendwangu, indlela eklanywe ngayo, umthungo wayo, nokunye. Ingabe ihlala kahle? Ingabe inendwangu eyanele uma idinga ukulungiswa? Ingabe zikhona izimpawu ezibonisa ukuthi isezingeni eliphezulu, ezinjengendwangu yangaphakathi (lining) kanye neyokuqinisa enanyatheliswa engutsheni (interfacing). Kuthiwani ngemininingwane, njengokulingana nokuvumelana kwemifanekiso esendwangwini?
Ngokuba ohlakaniphile noqondayo, ungakugwema ukuvumela ukuba ukuheha kwegama lomklami odumile kukuyengele ekubeni ukhethe izinto ezisezingeni eliphansi. Ungagqoka kahle, ngaphandle kokugqoka ngendlela eyeqisayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
Uma enegama lomklami odumile, amabhulukwe ebhogadi aba isihluthulelo sokuthola udumo, injabulo, kanye nothando!
[Isithombe ekhasini 25]
Ungakhohliswa yigama. Yihlole ngokucophelela noma iyiphi ingubo ngaphambi kokuba uyithenge