Bonisa Ukuthembela KuJehova—Ngokwenza Izinto Ozifundile
“Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.”—IHUBO 37:3.
1, 2. (a) Ufanele ube yini umphumela ofiselekayo wesifundo somuntu siqu? (b) UJakobe unikeza muphi umfanekiso, futhi ingabe ukuzihlola okuchazwe nguye kumane nje kuwukuthi klabe ngamehlo kuphela?
ISIFUNDO somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu asisona nje esokuzijabulisa. Isifundo kufanele sibe indlela yokuhlakulela ukuthembela kuJehova. (IzAga 3:1-5) Ngakolunye uhlangothi, amazwi omhubi angenhla abonisa ukuthi ukuthembela kuNkulunkulu, kuyazibonakalisa kumuntu ‘ngokwenza’ kwakhe ‘okulungileyo.’
2 UJakobe wanxusa: “Yibani-ngabalenza izwi, ningabi-ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.” (Jakobe 1:22-24) Ngakho lokhu kuzihlola kwakungekhona nje ukumane uthi klabe ngamehlo. Igama lesiGreki elisho “ukubuka” elisetshenziswe lapha ngokuyisisekelo “lisho isenzo sengqondo ekuqondeni amaqiniso athile ngento.”—An Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine; qhathanisa nezEnzo 7:31, Kingdom Interlinear.
3. Umuntu ozibuka esibukweni angakhohlwa kanjani ngokushesha ukuthi “wayengonjani”?
3 Khona-ke, cabanga ngomuntu ozibukisisa esibukweni, mhlawumbe athole umfanekiso awubonayo ungathandeki. Angase abone amabilo abangelwa ukudla nokuphuza ngokweqile, ijwabu elingezansi kwamehlo livuvukele ngenxa yokungalali kahle, nezinhlonze esiphongweni ngenxa yezinkinga ezibeleselayo. Njengoba ebhekene nobuso bakhe, uzimisela ukuba enze izinguquko emikhubeni nasendleleni yokuphila okwakufanele zenziwe esikhathini eside ngaphambili. Khona-ke “amuke.” Lapho umfanekiso omkhathazayo ususithele ngokuphelele emehlweni akhe, “akhohlwe masinyane,” hhayi ukuthi ubukeka kanjani, kodwa ukuthi “wayengonjani.” Ukuzimisela kwakhe ukuba ashintshe kuyaphela.
4. Umfanekiso kaJakobe usebenza kanjani ekutadisheni kwethu imiBhalo?
4 Ngokufanayo, ungase ube umfundi weBhayibheli onekhono. Nokho, usabela kanjani kulokho okubona esibukweni seZwi likaNkulunkulu? Uma ubona amaphutha okushiyeka okungokomoya nezisihla, ingabe lokhu kukubangela ukuba ukhathazeke okwesikhashana, noma ingabe uzimisela ngokuqinile ukuba ulungise lezizici zokushiyeka? UJakobe wanezela: “Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:25) Umhubi wathandaza: “Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.”—IHubo 119:33.
Lokho Izenzo Zethu Ezikushoyo Ngathi
5. (a) Yini eshiwo izenzo zethu ngathi? (b) Iyiphi inhlekelele elindele labo “abenza okubi”?
5 Ngempela, lokho esikwenzayo kubonisa lokho esiyikho ngaphakathi. Futhi ngokuqhubeka kwesikhathi umuntu wenza “umuntu wangasese” abonakale ngokwenza okuhle noma okubi. (IHubo 51:6, qhathanisa neNW.) USolomoni wathi: “Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.” (IzAga 20:11) Kwakunjalo ngoJakobe noEsawu besebancane. Ngokuhamba kwesikhathi, izenzo zika-Esawu zenza ukuntula kwakhe ukwazisa okungokomoya kwaba sobala. (Genesise 25:27-34; Heberu 12:16) Kuye kwaba njalo futhi ngezinkulungwane eziningi ezazizisholo ukuthi zithembela kuJehova kodwa ezazibonakalisa ziyilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘abenza okubi.’ (Jobe 34:8) Umhubi wabhala: “Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.”—IHubo 92:7.
6. Kungani kubalulekile ukuba sibonise ukuthembela kwethu kuJehova manje?
6 Inani labantu ababi liyanda, nokubhujiswa kwabo kuyokwenzeka ngokushesha; uNkulunkulu akayikubabekezelela phakade abenzi bokubi. (IzAga 10:29) Ngakho-ke kubalulekile ukuba sibonise ukuthembela kwethu kuJehova ngokwenza lokho esikufundayo. “Nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe,” kunxusa uPetru. (1 Petru 2:12) Khona-ke, iziphi ezinye izici esingathuthuka kuzo?
Ukusebenzelana Kwethu Nabanye
7. Kungani kufanele sibe abaqaphile ekusebenzelaneni kwethu “nabangaphandle”?
7 Esinye isici kungase kube indlela yethu yokusebenzelana nabanye. IzAga 13:20, ziyaxwayisa: “Umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” Ngokwehluleka ukusebenzisa leseluleko esiphefumlelwe, abanye bazivumela ukuba bajwayelane kakhulu nabantu bezwe emsebenzini nasesikoleni. Kanjalo omunye umzalwane oshadile wahileleka ekuziphatheni okungcolile nowesifazane asebenza naye. Wabuye futhi wahamba nabesilisa asebenza nabo lapho beya ezinkantini zakuleyondawo, okwakubangela ukuba adakwe. Ngokuqinisekile, sidinga ‘ukuhamba ngokuhlakanipha kulabo abangaphandle.’—Kolose 4:5.
8. Abanye bangakuthuthukisa kanjani ukusebenzelana kwabo namaKristu abakanye nawo?
8 Kodwa kuthiwani ngokusebenzelana kwethu namaKristu esikanye nawo? Ngokwesibonelo, ake sithi, ukweleta umzalwane imali. Ingabe kumelwe ulibale ngokungadingekile ukumkhokhela, ucabanga ukuthi ngoba umzalwane ubonakala emi kahle ngokwezimali, wena uyidinga kakhulu kunaye? “Omubi uyatsheleka, angabuyiseli,” kusho iHubo 37:21. Noma uma ungumqashi, ingabe uyasisebenzisa isimiso sokuthi “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso” uma kuziwa ekukhokheleni abaqashwa abangoFakazi? (1 Thimothewu 5:18) UPawulu wakwazi ukusho lokhu ngokusebenzelana kwakhe nabanye: “Sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu.”—2 Korinte 1:12.
Ukugqoka Nokuzilungisa Okunesizotha
9. Imiphi imikhuba yokugqoka nokuzilungisa eye yaqashelwa abanye abadala?
9 Umbonisi ojikelezayo eJalimane wachaza amanye amaKristu endawo ngokuthi “isizukulwane esingenasithunzi” ngenxa yokugqoka kwawo ngokunganaki ngokweqile emhlanganweni. Ihhovisi legatsha lanezela ukuthi abanye ababa khona emhlanganweni “bacishe babe amadlabha,” nakuba “iningi labazalwane bethu ligqoka ngendlela enesizotha.” Ngokufanayo elinye izwe libika ukuthi “ukuntuleka kwenhlanzeko yomuntu siqu kuyinkinga lapha . . . Abanye abazalwane bagqoka izingubo ezingcolile. Baya emihlanganweni noma enkonzweni yasensimini ngezinwele ezingakanyiwe nezingcolile.” Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba izinceku zikaJehova zibe ezihlanzekile kuzo zonke izici!—2 Korinte 7:1.
10. (a) Isiphi isimiso okufanele siqondise ukukhetha kwethu izingubo nokuzilungisa? (b) Kunini lapho iseluleko singase sifaneleke khona, futhi kufanele sisabele kanjani?
10 Sidinga “ukugqoka ngesizotha, ngenhlonipho nangemfanelo,” ikakhulukazi lapho sihlanganyela emisebenzini engokomoya. (1 Thimothewu 2:9; New International Version) Inkinga ayikhona ukuthi mhlawumbe isitayela esithile sisemfashinini kakhulu kodwa iwukuthi ingabe siyafaneleka yini kumuntu ozibiza ngokuthi uyisikhonzi sikaNkulunkulu. (Roma 12:2; 2 Korinte 6:3) Ukugqoka ngendlela yokunganaki ngokweqile noma izingubo ezimpintshayo kungalulaza isigijimi sethu. Izitayela eziklanyelwe ukuba zenze amadoda abonakale enjengabesifazane noma abesifazane babe njengamadoda ngokuqinisekile azifaneleki. (Qhathanisa noDuteronomi 22:5.) Yiqiniso, amasiko endawo angase ahluke, kuye ngokwesimo sezulu, izidingo zomsebenzi, nokunye, kangangokuba ibandla lobuKristu alimisi mithetho ewujuqu ehlanganisa abazalwane abakuzo zonke izindawo. Futhi akufanele ukuba abadala bathwese umhlambi umthwalo wokuba ugqoke futhi uzilungise ngendlela ethandwa yibo. Nokho, uma ngokuvamile isitayela sokuzilungisa sommemezeli woMbuso siphazamisa ibandla futhi silulaza inkonzo yethu, iseluleko somusa sifanelekile. Ingabe uyosabela ngokuzithoba eselulekweni esinjalo, ubonakalisa ukuthembela kuJehova?—Heberu 12:7.
Ukuthembela KuNkulunkulu Ukuba Anakekele Abafuna UMbuso
11. Abanye baye babambeka kanjani ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo, futhi kungani lokhu kungokungenangqondo?
11 “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:33) Yeka ukuthi kudabukisa kanjani uma abanye behluleka ukulalela lawomazwi! Bekholelwa insumansumane yokulondeka ngokwezimali, baphishekela ingcebo ngentshiseko, imfundo yezwe, nemisebenzi yezwe, “bathemba imfuyo yabo.” (IHubo 49:6) USolomoni uyaxwayisa: “Ungakhandlekeli ukuceba; . . . Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.”—IzAga 23:4, 5.
12. Labo abaphishekela umcebo ‘bazigwaza’ kanjani ‘ngeminjunju eminingi’?
12 Umphostoli uPawulu uyaxwayisa ngokuqhubekayo: “Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Lapho ebuzwa iU.S.News & World Report, uDkt. Douglas LaBier wathi amadoda amaningi nabesifazane abasebasha abaphishekela umcebo “babika imizwa yokunganeliseki, ukukhathazeka, ukucindezeleka, ubuze, izifo zengqondo, kuhlanganise nohide lwezifo ezingokomzimba—ubuhlungu bekhanda, ubuhlungu beqolo, izinkinga zesisu, ukuqwasha, nezinkinga zokudla.”
13. Kungani kungcono kakhulu ukwaneliswa “ukudla nezambatho”?
13 Labo abathembela kuJehova ukuba abondle baziphephisa ezinsizini eziningi nokukhathazeka. Yiqiniso, ukwaneliseka ‘ngokudla nangezambatho’ kuphela kungase kusho indlela elinganiselwe kakhulu yokuphila. (1 Thimothewu 6:8) Kodwa “ingcebo ayisizi ngosuku lolaka.” (IzAga 11:4) Ngaphezu kwalokho, uma sandisa inkonzo yethu kuJehova, sizibeka ohlwini lwabazothola “isibusiso sikaJehova” ‘esicebisayo; anganezeli usizi kuso.’—IzAga 10:22.
‘Funa Ukuthula Ukujonge’
14, 15. (a) Hlobo luni lwezinkinga eziye zaphazamisa ukuthula kwamabandla ngezinye izikhathi? (b) Kungajongwa kanjani ukuthula lapho kuvela ukungezwani?
14 Enye indlela esibonisa ngayo ukuthembela kwethu kuJehova ‘iwukufuna ukuthula sikujonge’ phakathi kwesikholwa nabo. (1 Petru 3:10-12) Nokho, ngezinye izikhathi, izinto ezingasho lutho zivunyelwa ukuba zibe umthombo wokuphikisana okukhulu phakathi kwabazalwane: ukuhlotshiswa kweHholo LoMbuso, ushintsho ensimini yebandla, izabelo eSifundweni Sencwadi, ukuphathwa kukamagazini nezincwadi. Noma, ngezinye izikhathi, esikhundleni sokulungisa izimpikiswano zabo noma zebhizinisi ngomoya kaMathewu 18:15-17, abazalwane baye bayeka ukukhulumisana noma baye baphazamisa ibandla ngempikiswano yabo.
15 UJakobe uthi: “Isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula.” (Jakobe 3:18) Ngakho-ke, ngenxa yokukhathalela ukuthula, yiba ngothambekele ekuvumelaneni nezinto ezithandwa ngabanye noma imibono yabo, udele ngisho namalungelo akho siqu. ((Qhathanisa noGenesise 13:5-12.) Ngokwesibonelo, uma amabandla amabili ehlanganyela iHholo LoMbuso, akufanele elinye ibandla libe nesimo sokuthi iHholo “lingelalo” futhi linegunya lokunquma ngempoqo izikhathi zemihlangano noma ezinye izindaba kwelinye ibandla. Kufanele kuboniswe ukuhloniphana nokubambisana.
16. lyini inzuzo yokuqaphela ukuhleleka okungokwasezulwini ekhaya nasebandleni?
16 Izimpikiswano eziningi zingagwenywa uma simane nje siqaphele ukuhleleka okungokwasezulwini futhi sigcine izindawo zethu ezifanelekile. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:22-27) Uma abafazi behlonipha izifiso zamadoda abo, abantwana iziyalezo zabazali babo, izinceku ezikhonzayo isiqondiso sabadala, izenzo zabo ‘zikhulisa [ibandla], lakheke othandweni.’ (Efesu 4:16, qhathanisa neNW.) Kuyavunywa, ngezinye izikhathi amadoda, abazali, nabadala bayashiyeka. (Roma 3:23) Kodwa ingabe ukuhlubuka, ukukhononda, noma ukwenqaba iziqondiso ezinesisusa esihle kwenza isimo sibe ngcono? Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuba sigcine indawo yethu esiyabelwe uNkulunkulu futhi sifune ukuthula!
Ukuzikhandla Ensimini
17. (a) Abanye banikeza ziphi izizathu ngokuba nengxenye yokugcina icala nje emsebenzini wabo wokushumayela? (b) UJesu wakhuthaza amaKristu ukuba asabele kanjani ekucindezeleni kwanamuhla?
17 Nokho, kwabaningi, inselele enkulu iwukufeza ukuthunywa kobuKristu kokushumayela izindaba ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Abanye banengxenye encane kakhulu enkonzweni yasensimini, mhlawumbe benombono wokuthi ukucindezela kokuzama ukuziphilisa nokondla umkhaya kwenza kube nzima ngabo ukuba benze okwengeziwe. Kuyavunywa, ukucindezela ‘kwezinsuku zokugcina’ kunzima. (2 Thimothewu 3:1) Nokho, uJesu waxwayisa ngokuphathelene nokuba ‘abasindwa ukukhathazeka ngokwalokhu kuphila.’ Njengoba izimo ziya ziba zimbi, amaKristu kufanele ‘alulame aphakamise amakhanda awo.’ (Luka 21:28, 34) Enye yezindlela ezingcono kakhulu ‘zokuma siqinile’ ekuhlaseleni kukaSathane iwukuba sibe ‘nezinyawo ezigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli’—ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela!—Efesu 6:14, 15.
18. Singase sibe yini isizathu sokuba abanye bahoxe ekubeni nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela?
18 Emuva lé osukwini lukaPawulu, amaKristu amaningi (okungenani emabandleni athile) ‘ayezifunela okwawo, engafuni okukaJesu Kristu.’ (Filipi 2:21) Ingabe lokhu kungaba njalo ngabathile phakathi kwethu namuhla? Mhlawumbe bayahluleka ukufuna uMbuso njengoba kwenza indoda eyathola “iparele elinenani elikhulu” eyayingadela noma yini ngenxa yalo. (Mathewu 13:45, 46) Bevumela izithakazelo zomuntu siqu, abenzi mzamo wokuzabalaza futhi banikela inkonzo yokugcina icala nje. Nokho, khumbula, uthando ngoJehova nomakhelwane lushukumisa amaKristu eqiniso ukuba ashumayele, ngisho noma ukuqalisa ukukhuluma nabantu ongabazi kuphambene nokuthambekela kwethu kwemvelo.—Mathewu 22:37-39.
19. Kungani uJehova engayithokozeli imizamo esivivi, futhi singayihlaziya kanjani inkonzo yethu kuye?
19 Uma singashukunyiselwa ukuba sishumayele, khona-ke uthando lwethu ngoJehova nokuthembela kwethu kuye akulutho kodwa kumane nje kuwulwazi lwengqondo. “Yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo,” uDavide eyala uSolomoni, “ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango.” (1 IziKronike 28:9) UJehova akakhohliswa imizamo esivivi. Ngisho nokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini akumanelisi uma sinikela kuphela okuncane nje kwalokho ebesingase sikwenze uma ‘besizikhandla.’ (Luka 13:24) Ngakho umKristu ngamunye kumelwe ahlaziye ngokwethembeka ingxenye yakhe enkonzweni yasensimini abese ezibuza: “Ingabe ngempela ngenza konke engingakwenza?” Mhlawumbe kudingeka ukuba kwenziwe ushintsho ezintweni eziza kuqala kithina.
Ukushukunyiswa Izibonelo Zabanye Ukuba ‘Senze Okulungileyo’
20. Kungani kubalulekile ukuba sihlole izibonelo ezinhle ezibekwa amaKristu esikanye nawo?
20 Inkonzo yethu kuNkulunkulu ayenziwa “ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.” (Galathiya 6:4, NW) Noma kunjalo, izibonelo ezinhle zabanye ngokuvamile zingasishukumisela ukuba senze okwengeziwe. Umphostoli uPawulu ngokwakhe wathi: “Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.” (1 Korinte 11:1) Khona-ke, cabangela ukuthi abazalwane bethu basebenzisa isikhathi esiningi kangakanani enkonzweni yasensimini inyanga ngayinye. EUnited States, isilinganiso samahora abamemezeli siye senyuka kusukela emahoreni angu-8,3 ngo-1979 kuya emahoreni angu-9,7 ngo-1987! Abazalwane bethu babesandisa njalo isikhathi abasisebenzisa ensimini. Ingabe lokhu kungokufanayo nangawe?
21. Yini eye yashukumisela abaningi ukuba bangenele umsebenzi wobuphayona? Bonisa.
21 Beshukunyiswe izibonelo zabanye zentshiseko, amanani amakhulu angenela umsebenzi wobuphayona obuvamile. ECalifornia (U.S.A.) udade osemusha obizwa ngokuthi u-Angela wathola isithembiso somsebenzi ohehayo, kuhlanganise nomfundaze wokuya ekholiji ayezoziqokela lona. Esikhundleni salokho, u-Angela, waqoka inkonzo yesikhathi esigcwele. Sasiyini isizathu sakhe? “Ngokuhlanganyela namaphayona amaningi, ngakwazi ukubona injabulo engokoqobo ejulile nokwaneliseka hhayi nje kuphela kubona kodwa ebuhlotsheni babo noJehova. Ngafuna ukuba nalenjabulo ejulile nokwaneliseka.”
22. Ziyini izinzuzo zokwenza izinto esizifundile?
22 Ingabe ufuna “injabulo ejulile nokwaneliseka”? Khona-ke “themba kuJehova wenze okulungileyo”! Vumela lokho okwaziyo kukushukumisele ukuba wenze okusemandleni akho enkonzweni kaJehova. Ukwenza izinto ozifundile kuyokwenza ukuthuthuka kwakho okungokomoya kubonakale kubo bonke futhi kuyozuzisa abanye ngendlela esindisa ukuphila. (1 Thimothewu 4:15, 16) Ngakho-ke, sengathi sonke singasabela emazwini kaPawulu kwabaseFilipi 4:9: “Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakubanani.”
Amaphuzu Okubukeza
◻ Kumelwe kube yini ukusabela kwethu ekubukeni esibukweni seZwi likaNkulunkulu?
◻ Singathuthuka kanjani endleleni yethu yokusebenzelana nabanye?
◻ Kungani kungokungenangqondo ukuphishekela izinto ezibonakalayo?
◻ Singakufuna kanjani ukuthula ebandleni?
◻ Yini okufanele isishukumisele ukuba sibe nengxenye egcwele enkonzweni yasensimini?
[Isithombe ekhasini 16]
Akwanele ukuphawula izici zokushiyeka okungokomoya nezisihla. Kumelwe sithathe isinyathelo ukuze sizilungise!
[Izithombe ekhasini 18]
Labo abaphishekela ingcebo ngokuvamile bazilethela “iminjunju eminingi”