Imfundo Enenjongo
“Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha.”—IZAGA 9:9.
1. Yini uJehova ayilindele ngezinceku zakhe ngokuqondene nolwazi?
UJEHOVA “unguNkulunkulu wokwazi.” (1 Samuweli 2:3) Uyazifundisa izinceku zakhe. UMose wabikezela ukuthi abantu ababephila ngesikhathi sakhe babeyothi ngoIsrayeli: “Impela lesisizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.” (Duteronomi 4:6) AmaKristu eqiniso nawo kufanele abe nolwazi. Kudingeka abe abafundi abahle beZwi likaNkulunkulu. Ebonisa injongo yemfundo enjalo, umphostoli uPawulu wabhala: “Asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu.”—Kolose 1:9, 10.
2. (a) Yini edingekayo ukuze uthole ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu? (b) INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova iye yayiveza kanjani lendaba?
2 Ukufunda unombono wokuthola ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe kudinga okungenani isilinganiso esincane semfundo. Kodwa abantu abaningi abaye bafunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu bahlala emazweni lapho babenamancane noma bengenawo kwanhlobo amathuba okuthola imfundo yezwe efanele. Babebhekene nesimo esinzima. Ukuze inqobe lenkinga, sekuyiminyaka eminingi manje iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova iyala ukuthi, lapho kudingeka khona, kufanele kuhlelwe amakilasi okufundisa emabandleni. Eminyakeni engaphezu kuka-30 edlule, iphephandaba laseBrazil iDiário de Mogi lanyathelisa indaba eyayinesihloko esithi “OFakazi BakaJehova Balwa Nokungafundi.” Lathi: “Umfundisi ofanelekayo . . . ngesineke uqala ukufundisa abanye ukuzifundela nokubhala. . . . Abafundi, ngenxa yazo kanye izimo ezibaphoqelela ukuba babe yizikhonzi zikaNkulunkulu, kumelwe bathuthukise ulwazi lwabo lolimi ukuze banikeze izinkulumo.” Kanjalo izinkulungwane zabantu emhlabeni wonke ziye zenziwa abafundi abahle beZwi likaNkulunkulu. Zithathé lemfundo eyisisekelo zinenjongo ephakeme engqondweni.
Amakhono Adingekayo Ukuze Sibe Izikhonzi Eziphumelelayo
3, 4. (a) Kungani amaKristu eqiniso enesithakazelo emfundweni? (b) Sasiyini isimo kwaIsrayeli, futhi iyiphi imfundo eyisisekelo ebalulekile emabandleni ethu namuhla?
3 AmaKristu eqiniso anesithakazelo emfundweni, hhayi ngoba ethanda ukuba izifundiswa, kodwa ukuze abe izinceku zikaJehova eziphumelela ngokwengeziwe. UKristu wanikeza wonke amaKristu umsebenzi ‘wokwenza izizwe zonke abafundi, azifundise ukugcina konke ayewayalé ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) Ukuze afundise abanye, wona ngokwawo kumelwe afunde kuqala, futhi lokhu kudinga izindlela ezinhle zokutadisha. Kumelwe abe nekhono lokuhlola imiBhalo ngokucophelela. (IzEnzo 17:11) Ukuze afeze ukuthunywa kwawo, kudingeka futhi akwazi ukufunda ngokuqephuza.—Bheka uHabakuki 2:2; 1 Thimothewu 4:13.
4 Njengoba sibonile esihlokweni esidlule, kunesizathu esihle sokukholelwa ukuthi, ngokuyinhloko, ngisho nabantwana kwaIsrayeli wasendulo babekwazi ukuzifundela nokubhala. (AbAhluleli 8:14; Isaya 10:19) Izikhonzi ezingamaKristu namuhla kudingeka zibhale amaphuzu ahlelekile njengoba zifakaza endlini ngendlu. Zibhala izincwadi, zibhale amaphuzu emihlanganweni, futhi zidwebele amaphuzu ezincwadini zazo ezizifundayo. Konke lokhu kudinga ukubhala ngesandla okufundekayo. Ukugcina amarekhodi ebandleni lobuKristu kudinga okungenani ulwazi oluyisisekelo lwezibalo.
Izinzuzo Zemfundo Efanele Yasesikoleni
5. (a) Uyini umsuka wegama elithi “isikole”? (b) Yiliphi ithuba intsha okumelwe ilibambe?
5 Ngokuthakazelisayo, igama elithi “isikole” livela egameni lesiGreki elithi skho·leʹ, ekuqaleni elalisho “ukuphumula” noma ukusetshenziswa kwesikhathi sokuphumula ukuze kwenziwe umsebenzi othile ongathi sína, njengokufunda. Kamuva lasetshenziselwa ukubonisa indawo lapho kwakufundwa khona. Lokhu kubonisa ukuthi, esikhathini esithile, kwakuyisigaba esinamalungelo kuphela—eGrisi nakwamanye amazwe amaningi—esasithola isikhathi sokuphumula ukuze sifunde. Isigaba sezisebenzi ngokuvamile sasihlala singazi lutho. Namuhla, emazweni amaningi abantwana nabantu abasha banikezwa isikhathi sokufunda. OFakazi abasebasha ngokuqinisekile kufanele bathengisise isikhathi ukuze babe izinceku zikaJehova ezinolwazi nezinekhono.—Efesu 5:15, 16.
6, 7. (a) Yiziphi ezinye zezinzuzo zemfundo efanele? (b) Ukufunda ulimi lakwelinye izwe kungaba usizo ngaziphi izindlela? (c) Siba yini isimo namuhla phakathi kwabantu abaningi abasha lapho beqeda esikoleni?
6 Ulwazi oluyisisekelo lwezomlando, imfundo yokuma kwezwe, isayensi, nokunye luyokwenza ukuba oFakazi abasebasha babe izikhonzi ezinokulinganisela. Ukufunda kwabo esikoleni ngeke nje kubafundise izifundo eziningi kuphela kodwa kuyobafundisa nenqubo yokufunda. AmaKristu eqiniso awayeki ukufunda nokutadisha lapho eshiya isikole. Nokho, lokho akuthola ekutadisheni kwawo kuyoxhomeka kakhulu ekwazini kwawo indlela yokutadisha. Kokubili ukufunda esikoleni sezwe nesasebandleni kungawasiza ekuthuthukiseni amakhono awo okucabanga. (IzAga 5:1, 2) Lapho efunda ayokwazi kangcono ukuqonda lokho okubalulekile, okufanele kuphawulwe futhi kushiwo ngekhanda.
7 Ngokwesibonelo, ukufunda ulimi lakwelinye izwe ngeke nje kuthuthukise ikhono lokucabanga labantu abasha kodwa futhi kuyobenza babe wusizo ngokwengeziwe enhlanganweni kaJehova. Kwamanye amagatsha eWatch Tower Society, inani elikhulu labazalwane abasebasha liye lakuthola kuzuzisa ukukwazi ukukhuluma noma ukufunda isiNgisi ngokuqephuza. Ngaphezu kwalokho, zonke izikhonzi ezingamaKristu kufanele zizame ukulukhuluma kahle ulimi lwazo lokuzalwa. Izindaba ezinhle zoMbuso kufanele zishiwo ngendlela ecacile, nefanele ngokohlelo lolimi. Amaqiniso abonisa ukuthi namuhla ezweni intsha eningi lapho iqeda esikoleni iqhubeka inezinkinga ekubhaleni nasekukhulumeni ngendlela efanele nasekwenzeni ngisho nezibalo ezilula kakhulu; futhi iba nolwazi oluncane kakhulu kuphela lwezomlando nelemfundo yokuma kwezwe.
Imfundo Eyanele
8. Yimiphi imibhalo ehlobene nendaba yemfundo yezwe nekhono lomuntu lokuzisekela ngokwakhe?
8 Ngakho-ke, lesi kubonakala kuyisikhathi esifanele sokucabangela isimo sengqondo somKristu ngokuphathelene nemfundo yezwe. Iziphi izimiso zeBhayibheli ezihlobene nalendaba? Okokuqala, emazweni amaningi ukuzithoba okufanele ‘kuKesari’ kufuna ukuba abazali abangamaKristu bayise abantwana babo esikoleni. (Marku 12:17; Thithu 3:1) Mayelana noFakazi abasebasha, emsebenzini wabo wesikole kufanele bakhumbule eyabaseKolose 3:23, ethi: “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.” Isimiso sesibili esihilelekile ngesokuthi amaKristu kufanele akwazi ukuzisekela ngokwawo, ngisho nakuba eyizikhonzi ezingamaphayona esikhathi esigcwele. (2 Thesalonika 3:10-12) Uma ishadile, indoda kufanele ikwazi ukumnakekela ngokufanele umkayo nanoma yibaphi abantwana abangase bazalwe, futhi ibe nokwengeziwe kokunikeza abaswele kanye nokusekela umsebenzi wokushumayela webandla nowomhlaba wonke.—Efesu 4:28; 1 Thimothewu 5:8.
9, 10. (a) Yini ebonakala ivamile emazweni amaningi? (b) Yini isikhonzi esiyiphayona esingase siyibheke njengeyiholo elanele?
9 Ingakanani imfundo umKristu osemusha ayidingayo ukuze ahloniphe lezimiso zeBhayibheli futhi ahlangabezane nezibopho zakhe zobuKristu? Lokhu kuyehlukahluka kuye ngokwamazwe. Nokho, ngokuyinhloko kubonakala sengathi isici esivamile emazweni amaningi siwukuthi izinga lemfundo elidingekayo ukuze uthole iholo elihle manje seliphakeme kakhudlwana kunaseminyakeni embalwa edlule. Imibiko evela emagatsheni eWatch Tower Society ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe ibonisa ukuthi ezindaweni eziningi kunzima ukuthola umsebenzi oholela kahle ngemva nje kokuphothula imfundo encane efunwa umthetho noma kwamanye amazwe ngisho nangemva kokuqeda esekhondari noma esikoleni esiphakeme.
10 Kushiwoni ngokuthi “iholo elihle”? Akuchazi imisebenzi eholela kakhulu. IWebster’s Dictionary ichaza igama elithi “elihle” kulomongo ngokuthi “elanele, elanelisayo.” Ngokwesibonelo, yini okungase kuthiwe ‘yanele’ kulabo abafisa ukuba izikhonzi ezingamaphayona zezindaba ezinhle? Abanjalo ngokuvamile badinga itoho ukuze bagweme ‘ukusinda’ abafowabo noma imikhaya yabo. (1 Thesalonika 2:9) Iholo labo lingabizwa ngokuthi “elanele,” noma “elanelisayo,” uma lokho abakutholayo kubavumela ukuba baphile ukuphila okukahle kuyilapho kubashiyela isikhathi esanele namandla okufeza inkonzo yabo yobuKristu.
11. Kungani enye intsha iye yayiyeka inkonzo yamaphayona, futhi kuphakama muphi umbuzo?
11 Ngokuvamile siyini isimo namuhla? Kuye kwabikwa ukuthi kwamanye amazwe intsha eningi eyayinezinhloso ezinhle iye yashiya isikole ngemva kokuphothula imfundo encane efunekayo ukuze ibe amaphayona. Yayingenawo umsebenzi ewaziyo noma izimfanelo zomsebenzi wokuziphilisa. Uma yayingasizwa abazali bayo, kwakudingeka ithole amatoho. Abanye kuye kwadingeka bamukele umsebenzi odinga ukuba basebenze isikhathi eside kakhulu ukuze bakwazi ukuthola indlela yokuphila. Njengoba babekhathala emzimbeni, bayiyeka inkonzo yamaphayona. Yini abanjalo abangayenza ukuze bakwazi ukuzisekela futhi babuyele enkonzweni yamaphayona?
Umbono Olinganiselwe Ngemfundo
12. (a) Ngokuqondene nemfundo, yimiphi imibono emibili eyeqisayo umKristu ayoyigwema? (b) Ngokuphathelene nezinceku ezizinikezele zikaJehova nabantwana bazo, iyiphi injongo imfundo okufanele iyifeze?
12 Umbono olinganiselwe ngemfundo ungasiza. Ngokuqondene nentsha eningi yezwe, imfundo iwuphawu lokuvelela, okuthile okuyisiza ukuba izuze ukwamukeleka emphakathini, isihluthulelo esiholela endleleni yokuphila okucebile, neyezinto ezibonakalayo. Kwabanye, imfundo yasesikoleni iwumsebenzi ongathandeki okumelwe uqedwe ngokushesha ngangokunokwenzeka. Awukho kulemibono ofanelekayo kumaKristu eqiniso. Khona-ke, yini engase ibizwe ngokuthi “umbono olinganiselwe”? AmaKristu kufanele abheke imfundo njengendlela yokufinyelela umphumela ofiswayo. Kulezinsuku zokugcina, injongo yawo ukukhonza uJehova kakhulu ngangokunokwenzeka nangendlela ephumelelayo. Uma ezweni ahlala kulo, imfundo ephansi, ngisho neyasesikoleni esiphakeme iyowavumela nje kuphela ukuba athole imisebenzi ewanikeza iholo elingenele ukuba azisekele wona ngokwawo njengamaphayona, khona-ke imfundo yokwenezela noma ukuqeqeshwa kungase kucatshangelwe. Lokhu kuyokwenziwa ngenxa yomgomo othile wenkonzo yesikhathi esigcwele.
13. (a) Omunye udade ePhilippines wakwazi kanjani ukuqhubeka nenkonzo yakhe yamaphayona kuyilapho ehlangabezana nezibopho zakhe zomkhaya? (b) Isiphi isixwayiso esifike ngesikhathi?
13 Abanye baye bathatha izifundo zokuqeqeshwa eziye zabavulela amathuba omsebenzi aye abenza bakwazi ukuhlanganyela noma ukuphinda baqalise inkonzo yesikhathi esigcwele. Omunye udade ePhilippines wayewumondli womkhaya, kodwa wayefuna ukuphayona. Igatsha liyabika: “Uye wakwazi ukwenza lokhu ngoba uye wathola imfundo eyengeziwe emenza afaneleke njengombali wamabhuku ezimali onesitifiketi osebenzela umphakathi.” Wona lombiko wegatsha wathi: “Sinenani elikhulu labafundayo futhi ngesikhathi esifanayo abaye bakwazi ukuhlela izimiso zabo ukuze baphayone. Ngokuvamile baba abamemezeli abangcono njengoba befunde ngokwengeziwe, uma nje bengayilangazeleli ngokweqile iminako yezwe.” Lamazwi okugcinwe ngawo kufanele asinikeze isizathu sokucabanga. Injongo yemfundo eyengeziwe, lapho lokhu kubonakala kudingeka khona, akumelwe ilibaleke noma ishintshe ibe umgomo wezinto ezibonakalayo.
14, 15. (a) Kungani kungafanele kubekwe imithetho eqinile ngokuphathelene nemfundo? (b) Iyiphi imfundo yezwe abanye abazalwane abanomthwalo wemfanelo abayithola, kodwa yini eye yaba yinkokhelo yalokhu?
14 Emazweni ambalwa, izikole zasesekhondari zinikeza ukuqeqeshelwa imisebenzi ethile okungalungiselela umKristu osemusha ukuba azi umsebenzi othile ngesikhathi esephothula. Ngisho nalapho lokhu kungenjalo, kwamanye amazwe intsha ezimisele ukusebenza enemfundo eyisisekelo kuphela kuyenzeka iwathole amatoho ayenza ikwazi ukuthola imali eyanele ukuba iphayone. Ngakho ayikho imithetho eqinile okufanele yenziwe ngokuqondene noma ngokumelene nemfundo eyengeziwe.
15 Abaningi manje abakhonza ezikhundleni ezinomthwalo wemfanelo njengababonisi abajikelezayo, endlunkulu yeNhlangano, noma kwelinye lamagatsha babenemfundo eyisisekelo kuphela. Babengamaphayona athembekile, abazange bayeke ukufunda, bathola ukuqeqeshwa, futhi baye baphathiswa imithwalo yemfanelo emikhulu kakhulu. Abazisoli. Ngakolunye uhlangothi, abanye babantu ababekanye nabo bakhetha ukuthola imfundo yaseyunivesithi futhi baye bawa, banqotshwa amafilosofi abulala ukholo kanye ‘nokuhlakanipha kwalelizwe.’—1 Korinte 1:19-21; 3:19, 20; Kolose 2:8.
Ukubala Izindleko
16. (a) Ubani onqumayo ukuthi imfundo eyengeziwe iyafuneka, futhi yini okufanele ikhunjulwe kuqala? (b) Yini okufanele icatshangelwe?
16 Ubani onqumayo ukuthi umKristu osemusha kufanele yini athathe imfundo eyengeziwe noma ukuqeqeshwa? Isimiso seBhayibheli sobunhloko siyasebenza lapha. (1 Korinte 11:3; Efesu 6:1) Ngalesisekelo abazali ngokuqinisekile bayofuna ukuqondisa abantwana babo ekukhetheni umsebenzi futhi kanjalo nesilinganiso semfundo ezodingeka. Emazweni amaningi ukukhetha okuphathelene nemfundo nomsebenzi kumelwe kwenziwe kusaqala phakathi nemfundo yasesekhondari. Leso isikhathi abazali abangamaKristu nentsha okudingeka bafune ngaso isiqondiso sikaJehova ekwenzeni ukukhetha okuhlakaniphile, becabangela kuqala izithakazelo zoMbuso. Intsha inokuthambekela namakhono okuhlukile. Abazali abahlakaniphile bayokucabangela lokhu. Wonke umsebenzi wokwethembeka uhloniphekile, kungakhathaliseki ukuthi ugqokelwa izingubo zokusebenza noma ugqokelwa kahle. Nakuba izwe lingase liphakamise umsebenzi wasehhovisi futhi likubhekele phansi ukusebenza kanzima ngezandla, ngokuqinisekile iBhayibheli alenzi kanjalo. (IzEnzo 18:3) Ngakho lapho abazali namaKristu asemasha namuhla, ngemva kokucabangela ngokucophelela nangomthandazo izinzuzo nezingozi, benza isinqumo sokuthatha izifundo zangemva kwemfundo yasesekhondari noma esimelene nazo, abanye ebandleni akufanele babagxeke.
17. Yini abanye abazali abangoFakazi abayikhethela abantwana babo?
17 Uma abazali abangamaKristu ngenxa yomthwalo wemfanelo benquma ukunikeza abantwana babo imfundo eyengeziwe ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme, lokho kuyilungelo labo. Ubude benkathi yalezifundo buyohlukahluka kuye ngohlobo lomsebenzi okhethiwe. Ngenxa yezizathu ezingokwezimali futhi ukuze benze abantwana babo bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele ngokushesha ngangokunokwenzeka, abazali abaningi abangamaKristu baye babakhethela izinhlelo zokufunda ezithatha isikhathi esifushane ezikoleni zokuqeqeshela umsebenzi noma zezobuchwepheshe. Kwezinye izimo intsha kuye kwadingeka yenze umsebenzi othile okwesikhashana njengembuyiselo yokuqeqeshwa kodwa ngaso sonke isikhathi iphila ukuphila okuphelele kokwenza inkonzo kaJehova njengomgomo.
18. Uma kuthathwa izifundo ezengeziwe, yini okufanele ikhunjulwe?
18 Uma kuthathwa izifundo ezengeziwe, ngokuqinisekile isisusa akufanele kube ukuvelela ngokwemfundo noma ukulwela ukuthola umsebenzi ovelele wezwe. Izifundo kufanele zikhethwe ngokucophelela. Lomagazini uye wagcizelela izingozi zemfundo ephakeme, futhi kunjalo ngokufanelekile, ngoba imfundo eningi ephakeme etholakalayo iyaphikisana ‘nesifundiso esiphilileyo’ seBhayibheli. (Thithu 2:1; 1 Thimothewu 6:20, 21) Ngaphezu kwalokho, kusukela ngawo-1960, izikole eziningi zemfundo ephakeme ziye zaba izizinda zokungabi-namthetho nokuziphatha okubi. “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yakulahla ngokuqinile ukungena kulolohlobo lwendawo ezungezile. (Mathewu 24:12, 45) Nokho, kumelwe kuvunywe ukuthi namuhla intsha ibhekana nalezinkinga ezifanayo ezikoleni eziphakeme nasemakolishi ezobuchwepheshe ngisho nasemsebenzini.—1 Johane 5:19.a
19. (a) Yiziphi izinyathelo zokuqapha okufanele zithathwe yilabo abanquma ukuthatha izifundo zokwenezela? (b) Abanye baye bayisebenzisa kanjani imfundo yabo ngendlela eletha inzuzo enhle?
19 Uma enquma ukuthatha imfundo yokwenezela, uFakazi osemusha uyobe wenza kahle, uma kungenzeka, ukuba lokhu akwenze ehlala ekhaya, kanjalo akwazi ukulondoloza imikhuba evamile yokutadisha yobuKristu, ukuba khona emihlanganweni yebandla, nasemsebenzini wokushumayela. Zisuka nje kumelwe kuthathwe ukuma okufanele mayelana nezimiso zeBhayibheli. Kufanele kukhunjulwe ukuthi uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHeberu babengabathunjwa lapho bephoqelelwa ukuba baqalise izifundo eziphakeme eBabiloni, kodwa ngokungaguquki bagcina ubuqotho babo. (Daniyeli, isahluko 1) Nakuba bebeka izithakazelo zoMbuso kuqala, oFakazi abasebasha emazweni amaningi baye bathatha izifundo zokuba bazihlomisele amatoho njengababali bamabhuku ezimali, izisebenzi ezinekhono, othisha, abahumushi, noma kweminye imisebenzi ebasekela ngokwanele emsebenzini wabo oyinhloko wokuphayona. (Mathewu 6:33) Eningi yalentsha kamuva iye yaba ababonisi abajikelezayo noma izisebenzi zokuzithandela zaseBethel.
Abantu Abamunye, Abafundisiwe
20. Yimuphi umehluko wezwe ongenandawo phakathi kwabantu bakaJehova?
20 Phakathi kwabantu bakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi womuntu ugqokelwa kahle, ugqokelwa izingubo zokusebenza, owabalimi, noma owokusebenzela abanye, bonke kudingeka babe abafundi abahle beBhayibheli futhi babe abafundisi abaphumelelayo. Amakhono bonke abawathola ekufundeni, ekutadisheni, nasekufundiseni ngokuvamile aqeda umehluko izwe eliwenzayo phakathi kwezisebenzi ezenza umsebenzi wezandla nowasehhovisi. Lokhu kuphumela ebunyeni nasekuhloniphaneni okubonakala ngokukhethekile phakathi kwezisebenzi zokuzithandela emakhaya aseBethel nasezindaweni zokwakha zeWatch Tower Society, lapho izimfanelo ezingokomoya zibaluleke kakhulu khona futhi zifuneka kubo bonke. Lapha, izisebenzi ezinokuhlangenwe nakho zasehhovisi zisebenza ngenjabulo nezisebenzi ezinekhono ezenza umsebenzi wezandla, zonke zibonisa uthando lokwazisana.—Johane 13:34, 35; Filipi 2:1-4.
21. Yini okufanele ibe umgomo wamaKristu asemasha?
21 Bazali, qondisani abantwana benu ekufinyeleleni umgomo wokuba amalungu awusizo omphakathi wezwe elisha! MaKristu amasha, sebenzisani amathuba enu emfundo njengendlela yokunihlomisela ukuba nibambisise ngokugcwele amalungelo enu ekukhonzeni uJehova! Njengabafundisiwe, kwangathi nonke ningazibonakalisa ningamalungu ahlonyiswe kahle omphakathi ongokwasezulwini kokubili manje naphakade ‘emhlabeni omusha’ othenjiswe nguNkulunkulu.—2 Petru 3:13; Isaya 50:4; 54:13; 1 Korinte 2:13.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka neNqabayokulinda ka-April 15, 1976, amakhasi 190-1.
Vivinya Inkumbulo Yakho
◻ Kungani amaKristu eqiniso enesithakazelo emfundweni?
◻ Yimiphi imibono eyeqisayo ngemfundo amaKristu eqiniso ayoyigwema?
◻ Yiziphi izingozi zemfundo eyengeziwe okufanele zicatshangelwe, futhi iziphi izinyathelo zokuqapha okufanele zithathwe?
◻ Yimuphi umehluko wezwe ongenandawo phakathi kwabantu bakaJehova?
[Isithombe ekhasini 16]
Ngokutadisha ngenkuthalo, amaKristu asemasha angaba amalungu awusizo ngokwengeziwe omphakathi wezwe elisha
[Isithombe ekhasini 19]
Imfundo eyengeziwe, uma ikhethwa, kufanele ishukunyiswe isifiso sokukhonza uJehova kangcono