Umbono WeBhayibheli
Ingabe Zonke Izingxenye ZeBhayibheli Zisasebenza?
“IBhayibheli alisizi kangako ekuphileni komuntu kwanamuhla ngaphandle nje kokuba libe ukwaziswa okubalulekile ukuze uphumelele ukwenza iziphicaphicwano ngamagama noma uphendule imibuzo ezinhlelweni zemidlalo.”
“Ukubhekisela kweBhayibheli ezinhlwini zemindeni, ebuntombini nasekwesabeni uNkulunkulu kwakusebenza ngezikhathi zeBhayibheli kodwa manje akusasebenzi kangako kuleli khulu lama-21 leminyaka.”
“IBhayibheli laphelelwa yisikhathi ngisho nangaphambi kokuba linyatheliswe okokuqala.”
LA MAZWI acashunwe muva nje engosini ye-Internet ekhuluma ngesihloko esithi “Ingabe iBhayibheli seliphelelwe isikhathi futhi alisasebenzi?” Uzizwa kanjani ngaleyo mibono? Ingabe uyavumelana nayo?
Nakuba ungase ungavumelani nalabo abaligxekayo iBhayibheli kodwa ungase uzibuze ukuthi ingabe konke okuseBhayibhelini kusasebenza yini. Vele, amaBhayibheli asetshenziswa emasontweni, iningi lawo lihlukanisiwe laba yilokho okubizwa ngokuthi iTestamente Elidala neTestamente Elisha, okunikeza umbono wokuthi ingxenye engamaphesenti angu-75 yeBhayibheli indala futhi isiphelelwe isikhathi.
Akekho osenza imihlatshelo yezilwane okukhulunywa ngayo eMthethweni KaMose. Ngakho, liyini iphuzu lokugcina yonke leyo mininingwane ephathelene nemihlatshelo esencwadini kaLevitikusi? (Levitikusi 1:1–7:38) Kuthiwani ngezahluko zokuqala zeyoku-1 IziKronike, cishe zonke eziqukethe izinhlu zozalo? (1 IziKronike 1:1–9:44) Uma kungekho noyedwa ophilayo namuhla ongakwazi ukulandelela uzalo lwakhe ngokuqondile kulolo okukhulunywa ngalo kulezo zahluko, izinhlu ezinjalo zisasiza ngani?
Ake sithi ukha i-apula esihlahleni. Uma usulitholile, ingabe isihlahla olikhe kuso asisenamsebenzi? Akunjalo uma usafuna ezinye izithelo! Ngandlela-thile iBhayibheli liyefana naleso sihlahla sama-apula. Izingxenye ezithile zeBhayibheli, ezinjengamaHubo noma iNtshumayelo YaseNtabeni, zingase zibonakale zamukeleka kalula futhi “zithakazelisa” kakhudlwana. Njengoba singase sizithande lezo zingxenye, njengoba kunjalo nangezithelo esizithandayo—ingabe kufanele singazinaki ezinye? Lona ngokwalo iBhayibheli lithini ngale ndaba?
Cishe ngonyaka ka-65 C.E., umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu incwadi yesibili, emkhumbuza ukuthi: “Kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele, ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso ngokholo olumayelana noKristu Jesu.” UPawulu waphinde wathi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:15, 16) Lapho uPawulu ebhala ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo,” ingabe wayekhuluma ngeTestamente Elisha kuphela?
Phawula ukuthi uPawulu ubhekisela kuThimothewu njengowayazi “imibhalo engcwele” kusukela “esewusana.” Uma kuwukuthi uThimothewu wayeneminyaka evile kwengu-30 ubudala ngesikhathi le ncwadi ibhalwa, njengoba abanye bekholelwa, khona-ke wayewusana ngenkathi yokufa kukaJesu. Leyo kwakuyinkathi yangaphambi kokuba kubhalwe noma iyiphi ingxenye yeTestamente Elisha, noma imiBhalo YesiGreki. Unina kaThimothewu wayengumJuda, ngakho imibhalo engcwele ayengayifundisa uThimothewu eseyingane encane kufanele ukuba kwakuyiTestamente Elidala, noma imiBhalo YesiHebheru. (IzEnzo 16:1) Ngokuqinisekile “yonke imiBhalo” uPawulu abhekisela kuyo, yayihlanganisa lonke iTestamente Elidala, elaliqukethe imithetho yemihlatshelo nezinhlu zozalo.
Nakuba sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-1 900, sisazuza kulezo zingxenye zeBhayibheli ngezindlela eziningi. Eyokuqala, ngabe asinalo iBhayibheli ukube uNkulunkulu akaqikelelanga ukuthi liyabhalwa futhi liyalondolozwa abantu ayebakhethile. (Roma 3:1, 2) Kwa-Israyeli wasendulo uMthetho KaMose wawungewona nje amazwi angcwele ayezogcinelwa izizukulwane ezizayo, kodwa empeleni, wawuwumthetho-sisekelo waleso sizwe. Imininingwane ekulowo Mthetho engase ibonakale ingasadingeki kithina namuhla, yayibalulekile ekuphileni nasekusebenzeni kahle kuka-Israyeli wasendulo. Ngaphezu kwalokho, izinhlu zozalo eziseBhayibhelini zazidingeka ukuze kubonakale uMesiya, okwakubikezelwe ukuthi wayeyovela ozalweni lweNkosi uDavide.—2 Samuweli 7:12, 13; Luka 1:32; 3:23-31.
Nakuba amaKristu engasekho ngaphansi koMthetho KaMose, kudingeka abonise ukholo kuMesiya owayebikezelwe, uJesu Kristu. Izinhlu zozalo zasendulo zagcinwa eBhayibhelini ukuze zifakazele ukuthi ngempela uJesu ‘wayeyindodana kaDavide’ ethenjisiwe. Imininingwane ephathelene nemihlatshelo ijulisa ukwazisa kwethu ngomhlatshelo obaluleke nakakhulu owenziwa uJesu futhi iqinisa ukholo enanini lawo.—Hebheru 9:11, 12.
Ebhalela ibandla lamaKristu laseRoma langekhulu lokuqala, uPawulu wathi: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) La mazwi asikhumbuza ukuthi iBhayibheli labhalelwa ukuba kungazuzi thina kuphela. Sekungaphezu kweminyaka engu-3 500 amazwi alo aphefumulelwe eqondisa, eyala futhi ekhuza abantu bakaNkulunkulu lapho besehlane laseSinayi, eZweni Lesithembiso, ekudingisweni eBhabhiloni, ngaphansi koMbuso WamaRoma, futhi manje emhlabeni wonke. Ayikho incwadi okungashiwo okufanayo ngayo. Njengezimpande zesihlahla sama-apula, ukubaluleka kwezinye izincwadi zeBhayibheli kungase kube nzima ukukubona ekuqaleni. Kungase kudingeke uthi ukumba kancane ukuze ukuthole, futhi uyovuzwa kakhulu!
WAKE WAZIBUZA?
● Kwase kuyisikhathi esingakanani uThimothewu azi “imibhalo engcwele”?—2 Thimothewu 3:15.
● Iziphi izingxenye zeBhayibheli eziphefumulelwe futhi ezinenzuzo?—2 Thimothewu 3:16.
● Singazuza kanjani kuzo “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili”?—Roma 15:4.
[Izithombe ekhasini 29]
Imininingwane eseBhayibhelini ijulisa ukwazisa kwethu ngomhlatshelo owenziwa uJesu