Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kufanelekile Ukukhulekela UJesu?
PHAKATHI namakhulu eminyaka, abaningi kweLobukholwa baye bakhulekela uJesu Kristu njengokungathi unguNkulunkulu uMninimandla onke. Nokho, uJesu ngokwakhe wadonsela ukunakekela nokukhulekela kuJehova uNkulunkulu kuphela. Ngokwesibonelo, lapho enxenxelwa ukuba enze isenzo sokukhulekela uDeveli, uJesu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Mathewu 4:10) Kamuva uJesu wayala abafundi bakhe: “Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngoba munye onguYihlo, yiLowo osezulwini.”—Mathewu 23:9.
Kowesifazane waseSamariya, uJesu wachaza uhlobo lokukhulekela abantu okumelwe balunikeze uNkulunkulu. Ukukhulekela kwabo kumelwe kube ngomoya nangeqiniso. Ngempela, “uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.” (Johane 4:23, 24) Yebo, ukukhulekela okunenhlonipho kufanele kuboniswe kuNkulunkulu kuphela. Ukukhulekela noma ubani noma yini kuyoba uhlobo lokukhonza izithombe, okulahlwayo kokubili emiBhalweni yesiHeberu neyesiGreki.—Eksodusi 20:4, 5; Galathiya 5:19, 20.
Abanye bangase bacabange, ‘Kodwa iBhayibheli alibonisi yini ukuthi kufanele sikhulekele noJesu? UPawulu akashongo yini kumaHeberu 1:6 ukuthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye [uJesu]”?’ (King James Version) Singawuqonda kanjani lo mbhalo ngokombono walokho iBhayibheli elikushoyo ngokukhulekela izithombe?
Ukukhulekela NgokweBhayibheli
Okokuqala, kufanele siqonde ukuthi uPawulu wayesho ukuthini lapha ngokukhulekela. Wasebenzisa igama lesiGreki elithi pro·sky·neʹo. I-Unger’s Bible Dictionary ithi leli gama lisho ‘ukuqabula isandla sothile njengophawu lokumhlonipha.’ I-Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine, ithi leli gama “libonisa isenzo sokuhlonipha, kungakhathaliseki ukuthi senziwa kumuntu . . . noma kuNkulunkulu.” Ezikhathini zeBhayibheli elithi pro·sky·neʹo ngokuvamile lalihlanganisa ukukhothama ngokoqobo phambi kothile osesikhundleni esiphakeme.
Cabangela umfanekiso kaJesu wesigqila esahluleka ukukhokhela inkosi yaso imali enkulu esasiyikweleta. Igama lesiGreki elisho into efanayo nalo liyavela kulo mfanekiso, futhi lapho ilihumusha i-King James Version ithi “ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka [igama elisho into efanayo no-pro·sky·neʹo] kuyo [inkosi], yathi: [Nkosi], ake ungibekezelele ngizakukukhokhela konke.” (Mathewu 18:26; omalukeke sizenzele.) Ingabe le ndoda yayenza isenzo sokukhulekela izithombe? Phinde! Yayimane nje ibonisa inhlonipho efanele inkosi, eyisikhulu sayo futhi ephakeme.
Izenzo ezinjalo zokukhothama, noma zokubonisa inhlonipho zazivame kakhulu eMpumalanga ezikhathini zeBhayibheli. UJakobe wakhothama izikhathi eziyisikhombisa lapho ehlangana nomfowabo, u-Esawu. (Genesise 33:3) Abafowabo bakaJosefa baguqa, noma bakhothama phambi kwakhe behlonipha isikhundla sakhe esiphakeme ekomkhulu laseGibithe. (Genesise 42:6) Uma sicabangela lokhu singakuqonda kangcono lokho okwenzeka lapho izazi zezinkanyezi zithola umntwana omncane uJesu, ezazimbheka ‘njengozelwe eyinkosi yabaJuda.’ Njengoba kushiwo kuyi-King James Version, ukulandisa kusitshela ukuthi “zawa phansi, zakhuleka [pro·sky·neʹo] kuye.”—Mathewu 2:2, 11.
Khona-ke, kusobala ukuthi igama elithi pro·sky·neʹo, elihunyushwe ngokuthi “ukukhuleka” kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, alibhekiseli kuphela ohlotsheni lokukhulekela olufanele uJehova uNkulunkulu. Lingase libhekisele enhloniphweni nodumo oluboniswa omunye umuntu. Lapho zizama ukugwema noma yikuphi ukungaqondi, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha igama elithi pro·sky·neʹo kumaHeberu 1:6 ngokuthi “ukumhlonipha” (New Jerusalem Bible), “ukumdumisa” (The Complete Bible in Modern English), “ukukhothama phambi kwakhe” (Twentieth Century New Testament), noma ‘ukumkhothamela’ (New World Translation).
UJesu Ufanele Ukukhothanyelwa
Ingabe uJesu uyakufanelekela ukukhothanyelwa okunjalo? Ngokuqinisekile kunjalo! Encwadini yakhe ayeyibhalele amaHeberu, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ‘njengendlalifa yezinto zonke,’ uJesu uye ‘wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu ezindaweni eziphakemeyo.’ (Heberu 1:2-4) Ngakho-ke “egameni likaJesu wonke amadolo [kufanele] aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi, nokuba zonke izindimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.”—Filipi 2:10, 11.
Ngendlela evelele, ngokushesha uKristu uzosebenzisa lesi sikhundla esiphakanyisiwe namandla amakhulu ahambisana naso ukuze aguqule lo mhlaba ube ipharadesi lembulunga yonke. Ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, futhi nangenxa yomhlatshelo kaJesu wesihlengo, uzosusa ukuphatheka kabi, ubuhlungu nosizi ezweni ukuze kuzuze labo abazithobayo ekubuseni kwakhe okulungile. Ingabe-ke akalufanelekele udumo, inhlonipho nokulalelwa?—IHubo 2:12; Isaya 9:6; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4.
“UNkulunkulu Onomhawu”
Nokho, iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi ukukhulekela kwethu—ngomqondo wokwesaba nokuzinikela okungokwenkolo—kumelwe kuyiswe kuNkulunkulu kuphela. UMose wamchaza ‘njengoNkulunkulu onomhawu.’ Futhi iBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sikhulekele Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’—Duteronomi 4:24; IsAmbulo 14:7.
Ngokuqinisekile uJesu unendima ebalulekile ekukhulekeleni kweqiniso, efanele udumo nenhlonipho. (2 Korinte 1:20, 21; 1 Thimothewu 2:5) Uwukuphela kwendlela esikwazi ngayo ukuya kuJehova uNkulunkulu. (Johane 14:6) Ngokufanelekile, amaKristu eqiniso enza kahle ngokuqondisa ukukhulekela kwawo kuJehova uNkulunkulu kuphela, onguMninimandla onke.