Izwe Elingalawuleki
Ukuphishekela komuntu ngokungabekezeli ukuzenelisa okusheshayo kuye kwaphumela ekulahlekelweni kwakhe ukuzithiba. Cabangela nje izibonelo ezimbalwa:
Ngokwendawo ezungezile nezinto eziphila kuyo: Umuntu wonakalisa indawo ezungezile. Uma kubhekwa ngokombono wesikhathi eside, imiphumela ithembisa inhlekelele; nokho, uma kubhekwa ngokombono wesikhathi esifushane, ukuphanga umhlaba ingcebo yawo nokungenzi lutho ekunciphiseni ukungcola kusho imali ngakho kokubili izimboni nohulumeni. Ngakho ukuphanga kuyaqhubeka, naphezu kwabashisekeli bendawo ezungezile abalwayo.
Ngokomnotho: Izizwe emhlabeni jikelele ziboleka imali eningi ngokwengeziwe, zinqwabelanisa izikweleti ezinkulu ngenxa yezidingo ezingokomnotho zangalesosikhathi. Zizishaya indiva izixwayiso ezethusayo zezazi zezomnotho—ukuthi inzalo yazo zonke lezozimali ezibolekiwe ingase ikhule ibe umthwalo ongathwaleki kamuva noma ukuthi umnotho wezwe osekelwe esisekelweni sesikweleti sembulunga yonke untengantenga ngendlela esongelayo futhi ungase uwe uma amazwe ampofu ehluleka ukukhokha izimali azibolekile.
Ngokokuziphatha: Abantu abasebenzisa kabi izidakamizwa notshwala, abagembuli, izigebengu zalo lonke uhlobo, iziphingi, izihlobongi—ubani ongaphika ukuthi amanani abo emhlabeni wonke ayanda namuhla? Bayiqembu labantu abahlukahlukene elinokukodwa okufanayo: Bafuna lokho MANJE! Kungakhathaliseki noma ukuthi “lokho” kuwubulili, imali, amandla, noma kumane nje kuwukudungeka kwengqondo, abaningi bazimisele ukulahla umshado, umkhaya, unembeza, ukulondeka okungokomnotho, impilo, idumela, ngisho nokuphila, ngezinjabulo ezinjalo ezidlula ngokushesha.
Akukhona neze ukweqisa ukusho ukuthi izwe lanamuhla alinakho ukuzithiba, lilawulwa cishe ukuhaha kokuntula ukuvuthwa. Abanye ngobuqotho balwisana nokubona eduze okwande kakhulu namuhla ezweni. Kodwa okunamandla kakhulu, nokuphambene kakhulu, amandla alulaza ukubona kude kanye nokuzithiba kithi sonke.
Amathonya Alulazayo
Umuntu wanamuhla, ikakhulukazi emazweni aphucuke kakhulu, uhlala ecwile esikhukhuleni senkulumo-ze edluliselwa ngezokuxhumana. Kungakhathaliseki ukuthi ngethelevishini. umsakazo, amabhayisikobho, omagazini, noma ngamaphephandaba, ukuzenzisa okusheshayo kuthuthukiswa ngobuciko.
Ezokukhangisa ezidluliselwa ngezinto zokuxhumana zikubelesela ukuba uthenge, uthenge, uthenge—futhi wenze izicelo zamakhadi okuthenga inesikweleti ukuze uthenge manje, manje. Imikhiqizo eminingi ungayithola ngokushaya ucingo nje kuphela. Ukuthi, ‘Khathazeka kamuva ngokukhokha!’ kubonakala kuwukusikisela okuthophayo kwezokukhangisa. Cishe ziklanywe ngekhono eliyisimangaliso ukuze ziyenge imizwa. Vula ikhasi kumagazini, futhi igagasi leziqholo likuthi phafu ngephunga. Vulela umsakazo, futhi izimpinda zezingoma zinkeneneza ngokuphikelelayo engqondweni yakho izinsuku eziningi. Vulela iTV, futhi imifanekiso yayo ekhangayo ikugcina unganyakazi. Kuyivideo yomculo, imifanekiso ishesha ngokwanele ukuba ibambe ngisho nokunaka okufushane kakhulu.
Ithelevishini yenza okungaphezu kokukhangisa ukuzenelisa okusheshayo, lkhangisa nangokunye okuningi. Ngokuthinta nje inkinobho, yanelisa isifiso sokujatshulelwa. Ngokuvamile ijabulisa ngokubonisa abantu benelisa izifiso zabo. Umdlali oyinhloko uphendukela ebudloveni lapho izitha zakhe ‘zifanelwe yibo.’ Ingane eyenzisa okomuntu omdala yehlisa isithunzi sabazali ngokuhlakanipha kokwedelela. Izenzo zothando ezivusa inkanuko zikhuthaza ukuphinga noma ubulili bangaphambi komshado kalula. Kuyaqabukela iTV ibonisa inzondo ngalabantu ngenxa yokuntula kwabo ukuzithiba; ibenza bakhange, babe nobukhazikhazi obuvusa amadlingozi noma ngomsindo wokufakelwa wokuhalalisela wokuhleka kokuzenzisa.
Ngokufanayo, isihloko samuva kuyiAtlaniic Monthly sathi ibhayisikobho yaseHollywood yanamuhla “iyinto eye yaklanywa ngobuciko obukhulu ukuze yanelise nganoma isiphi isikhashana ingesinye,” njengoba “wonke lamabhayisikobho ememeza ngokuphindaphindiwe, ethi, ‘ungakwazi ukukuthola konke!’” Kubonakala sengathi akhukho okujabulisa izibukeli zanamuhla ngaphezu kobudlova.
Lesihloko sasola ngokuthi amabhayisikobho esikhathini esidlule “acindezela isifiso sezibukeli sokuhlanganyela ekukhahleleni,” kuyilapho “ngokuphambene, ubudlova bamathelevishini namabhayisikobho manje busetshenziswa ngokuyihloko ukumema isibukeli ukuba sijabulele umuzwa wokubulala, ukushaya, nokukhubaza.” Eqinisweni, umnyakazo nobudlova kuye kwagcwala kakhulu ezindabeni ezidlalwayo nasezingxoxweni kumabhayisikobho kangangokuthi imidlalo yamathelevishini namabhayisikobho yanamuhla ingamaphesenti angu-25 ngaphansi ngokubhalwa kunangawo-1940, ngisho nakuba amabhayisikobho ngokwawo esalokhu emade kangako.
Izinkolo zezwe zisesimweni esingcono sokusiza ekukhipheni isintu ’kulolusikisiki lwesikhashana’ oluqondiswa ngokungeyikho. Nokho. bonke abaholi benkolo abaningi kakhulu babonakala becwile ekunxaneleni kwabo siqu ukuzenelisa okusheshayo. Kukangaki sifunda ngokufuna kwabo amandla nethonya enkundleni yezombangazwe, noma bezifunela ukuthandwa umhlambi wabo onhlanhlathayo ngokuzishaya indiva izindinganiso zokuziphatha, noma ngisho nangokusebenzisa iBhayibheli njengesivikelo sokulunga abenza ngendlela abathanda ngayo becashe ngaso ngokuzenzisa? Esikhundleni sokudalula lokho ukuzenelisa okusheshayo okuyikho ngokuvamile—ingxenye yokuyenga kwesono—baye bahlanganyela nabanye “abaholi bokuziphatha’ ekuthalaliseni lokho isono esiyikho, besichaza kabusha ngezinkulumo ezithambile eziwuwangala ‘njengezinkinga zofuzo’ nangokuthi ‘ezinye izindlela zokuphila’—Bheka ibhokisi ekhasini 8.
Ithuluzi Lokulwisana Nalokuthambekela
Njengoba kunalolohlobo lwesimo sezwe, singalwisana kanjani naso? Singazenza kanjani izinqumo ngaphandle kokuphambukiswa ngokungafanele ukuyenga kokuzenzisa okusheshayo’? Impendulo ingase ikumangaze: lBhayibheli lingasiza. lingokuphambene nalokho abantu abaningi abangase bakucabange. iBhayibheli alimelene nenjabulo. Alikhuthazi ukuzicindezela noma ukuzincisha injabulo. Kunalokho, iBhayibheli lisifundisa indlela yokuphila ukuphila okujabulisayo, injabulo ibe sendaweni yayo efanele.
IBhayibheli lichaza uMdali ‘njengoNkulunkulu ojabulayo,’ ’othokozayo ngemisebenzi yakhe.” (1 Thimothewu 1:11, qhathanisa neNW; iHubo 104:31) Ngokuqondene nabantu, umshumayeli 3:1 uthi: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” Ngokwamavesi alandelayo, lokho kuhlanganisa nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokugxumagxuma. isikhathi sokwanga, nesikhathi sokuthanda. IzAga 5:18, 19 zize ngisho zibubabaze ubuhle benjabulo yobulili phakathi kwendoda nomkayo lapho zitshela amadoda: “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho.” Khona-ke, ngokusobala akukhona konke ukuzenelisa okungalungile, futhi akuzona zonke izinhlobo zokuzenzisa okumelwe zishaywe indiva. Nokho. ngokuvamile ukuzithiba kuyisici esilahlekayo.—Galathiya 5:22. 23.
Izinjabulo zethu kumelwe sizibeke endaweni yazo efanele. Sidinga izinto eziza kuqala eziqondile. Ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe kuze ngaphambi kwezinjabulo zethu; kumelwe kuze kuqala ekuphileni kwethu. Okwesibili kulandele uthando olunezimiso ngomakhelwane wethu. (Mathewu 6:33; 22:36-40) Uma ngempela simthanda uNkulunkulu nomakhelwane. khonake ukuzenelisa thina sizokubeka ngemuva kwalezinto ezimbili eziza kuqala.
Izinto eziza kuqala ezisekelwe eBhayibhelini ziyosisiza futhi ukuba sithi cha ngokuqondiIe endabeni yokuzenelisa uma kudingeka senze kanjalo. Sizokwenqaba ukudakwa, ukuphinga, ukuhlobonga, ukugembula, ukuhaha, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, nobudlova. Ngasinye salezizono sinikeza ukuzenelisa okusheshayo ngendlela yaso, kodwa ziyamcasula uNkulunkulu futhi ziyamlimaza umakhelwane wethu. Imithetho kaNkulunkulu ngokumelene nalezizono iwuphawu oluqinisekile lokusithanda kwakhe, ngoba ekugcineni, isono sibiza isoni okukhulu ukwedlula konke. Intengo kungase kube isifo, umkhaya owohlokile, noma ubumpofu. Kungase kugcine ngokufa noma kube inhlekelele njengokuphila okungenanjongo nokuyize.
Ukulandela Izibonelo Ezinhle
uNkulunkulu ufuna ukuba siphile ukuphila okujabulisayo, okunezithelo; iZwi lakhe ligcwele izibonelo zamadoda nabesifazane abenza kanjalo. Ezikhathini eziningi ukholo nothando lwabo ngoNkulunkulu lwabashukumisela ekubeni babambezele ukuzenelisa bona. (Bheka eyamaHeberu, isahluko 11.) UMose ungumuntu odumile ngalokhu. Njengoba ayekhuliswe njengendodana yendodakazi kaFaro eGibithe lasendulo, wayevulekelwe ukuphila kokuzenelisa. Amandla, ithonya, ingcebo, futhi ngokungangabazeki nenala yamathuba okuzitika ngokobulili yonke yayingaba ngeyakhe ukuba wahlala endlini kaFaro. Kunalokho, wakhetha ukuhlala nesizwe sakwaIsrayeli esidelelekile, nesigqilaziwe. Ngani?
EyamaHeberu 11:25 iphendula ngokuthi wakhetha “ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni.” UMose wabona ukuzenelisa okusheshayo ngendlela okwakungayo. Kuyashesha. Kungokwesikhashana. Kudlula ngokushesha. Ngakho kunokuba agxile kulokho okwakuyomlethela injabulo yangalesosikhathi, wagxila ekubhekeni phambili esikhathini esizayo esijabulisayo. Njengoba amaHeberu 11:26 esho: “Wayebheka umvuzo.” Lowomvuzo wawungokoqobo kuye, kanjalo nangoMvuzi. Ivesi 27 lifundeka kanje: “Wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.”
Abanye bangase bakuhleke usulu ukukhetha okwenziwa uMose. Abanye bangase bathi babeyokhetha ingcebo, amandla, udumo. Kodwa ake ucabange: Ukuba uMose wayekhethe inkambo yokuzenzisa okusheshayo, ingabe besiyokwazi nokwazi ngaye namuhla? Ingabe igama lakhe laseGibithe laliyolondolozwa emfanekisweni oqoshiwe etsheni eliwohlokile eligcinwe emnyuziyamu, into efiphele engenakho ukubaluleka eyaziwa kuphela abavubukuli abambalwa? Noma, ngokunokwenzeka kakhulu, ingabe laliyohlala lingcwatshiwe likhohlakele ngaphansi kothuli nesihlabathi samakhulu eminyaka angu-34? Futhi kuthiwani ngomvuzo wakhe? Ingabe uMose wayeyoqiniseka ngokuba nendawo enkumbulweni kaJehova ukuba wayekhethe inkambo elula yokuzijabulisa?
Igama likaMose limi njengamandla ashukumisayo ezigidini zabantu namuhla. Ikusasa lakhe liqinisekile. Ikusasa lakho nalo lingaba eliqiniseke kanjalo. Nawe futhi ungaba umthombo wesikhuthazo kwabanye. Lapho wenza izinqumo zakho ekuphileni, kusukela kwezinkulu kuya kwezincane, ungaluthwa inkulumo-ze yezwe yokuthi kumelwe uthole lokho okufunayo MANJE! Zibuze: ‘Ingabe engikufunayo kuyavumelana nalokho uMdali wami angifunela kona? Ingabe ukuphishekela engikufunayo manje kuyosho ukubeka ngemuva imigomo yami engokomoya? Ingabe nakanjani ngilimaza umvuzo wami? Hlobo luni lwesibonelo engisibekela abangane nomkhaya?’
Ungakhethi ukubonela lelizwe eduze kunokuhlakanipha kukaNkulunkulu okubona kude. Ungathengisi injabulo ehlala njalo ngenjabulo yesikhashana, okuhlala njalo ngokwesikhashana. Nokho, uMdali wethu usinikeza ukwaneliseka ngezindlela ezinkulu kunazo zonke ezingacatshangwa. Njengoba iHubo 145:16 lithi ngaye: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” Okunye kwalokhu kwaneliswa kuyashesha; okunye kudinga isikhathi nesineke. Ukuphila enkonzweni kaJehova kugcwele izinjabulo—ubuhle bendalo, ukufudumala kobungane, injabulo yomsebenzi oyinselele novuzayo, injabulo yokufunda izimpendulo zemibuzo yokuphila ephica kakhulu. Ngaphezu kwalokho, uMdali usinikeza ukuphila okuyokwanelisa phakade.—Johane 17:3.