Nikela Ngemihlatshelo Ethokozisa UJehova
“Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu [ngoJesu Kristu] umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—HEBERU 13:15.
1. Yini uJehova akhuthaza amaIsrayeli onayo ukuba ayenze?
UJEHOVA unguMsizi walabo abanikela kuye ngemihlatshelo eyamukelekayo kuye. Ngakho, umusa wakhe wake waba phezu kwamaIsrayeli ayenikela kuye ngemihlatshelo yezilwane. Kodwa kwenzekani ngemva kokuba one ngokuphindaphindiwe? Ngomprofethi uHoseya, anxuswa: “Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho. Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele [ngezinkunzi zezindebe zethu].”—Hoseya 14:1, 2, qhathanisa neNW.
2. Zaziyini ‘izinkunzi zezindebe,’ futhi umphostoli uPawulu wabhekisela kanjani esiprofethweni sikaHoseya?
2 Ngakho abantu bakaNkulunkulu basendulo bakhuthazwa ukuba banikele kuJehova uNkulunkulu ‘ngezinkunzi zezindebe zabo.’ Zaziyini lezi? Phela, kwakuyimihlatshelo yokudumisa okuqotho! Ebhekisela kulesiprofetho, umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu angamaHeberu ukuba ‘anikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.’ (Heberu 13:15) Yini engasiza oFakazi BakaJehova ukuba banikele ngemihlatshelo enjalo namuhla?
“Nilingise Ukukholwa Kwabo”
3. Empeleni, yini eyayishiwo umphostoli uPawulu kumaHeberu 13:7, okuphakamisa muphi umbuzo?
3 Ukusebenzisa iseluleko uPawulu asinikeza amaHeberu kuyosenza sikwazi ukunikela ngemihlatshelo eyamukelekayo kuMsizi wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umphostoli wabhala: “Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.” (Heberu 13:7) UPawulu wayebhekisele kobani lapho ethi, “Bakhumbuleni ababenihola,” noma “abangababusi benu”?—New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.
4. (a) Ngokombhalo wesiGreki, benzani labo ‘abaholayo’? (b) Obani ‘abaholayo’ phakathi koFakazi BakaJehova?
4 UPawulu wakhuluma ngalabo ‘abaholayo,’ noma ababusayo. (Amavesi 7, 17, 24) Igama lesiNgisi elisho “ukubusa” lihunyushwe esiLatinini lisuselwa kwelesiGreki elithi ky·ber·naʹo, elisho “ukushayela umkhumbi, ukuqondisa, ukubusa.” Abadala abangamaKristu babusa ngokusebenzisa “amakhono” abo “okuqondisa” (ngesiGreki, ky·ber·neʹseis) ekuholeni nasekuqondiseni emabandleni abakuwo. (1 Korinte 12:28) Kodwa abaphostoli nabanye abadala eJerusalema bakhonza njengendikimba ukuze banikeze isiqondiso neseluleko kuwo wonke amabandla. (IzEnzo 15:1, 2, 27-29) Ngakho, namuhla indikimba ebusayo yabadala yengamela ngokomoya oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.
5. Kungani kufanele sibathandazele abadala bamabandla namalungu eNdikimba Ebusayo, futhi kanjani?
5 Abadala bamabandla namalungu eNdikimba Ebusayo bayahola phakathi kwethu; ngakho kufanele sibahloniphe futhi sithandazele ukuba uNkulunkulu abanike ukuhlakanipha okudingekile ekubuseni ibandla. (Qhathanisa neyabase-Efesu 1:15-17.) Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukubakhumbula bonke ‘ababekhuluma izwi likaNkulunkulu kithi’! UThimothewu akafundiswanga unina nogogo kuphela kodwa kamuva nawuPawulu nabanye. (2 Thimothewu 1:5, 6; 3:14) Ngakho uThimothewu wayengazindla ngendlela ukuziphatha kwalabo abaholayo okwaphetha ngayo futhi wakwazi ukulingisa ukholo lwabo.
6. Ukholo lobani okufanele silulingise, kodwa ubani esimlandelayo?
6 Abantu abanjengoAbela, uNowa, uAbrahama, uSara, uRahabi, noMose babonisa ukholo. (Heberu 11:1-40) Kanjalo, ukholo lwabo singalulingisa ngaphandle kokungabaza ngoba bafa bethembekile kuNkulunkulu. Kodwa futhi ‘singalingisa ukholo’ lwamadoda aholayo manje phakathi kwethu. Yiqiniso, asilandeli abantu abangaphelele, ngoba sigcina amehlo ethu ebheke kuKristu. Njengoba umhumushi weBhayibheli uEdgar J. Goodspeed asho: “Amaqhawe akudala awazona izibonelo zekholwa, ngoba linesibonelo esingcono kuKristu . . . Umgijimi ongumKristu kumelwe agxilise amehlo akhe kuJesu.” Yebo, ‘uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba silandele ezinyathelweni zakhe.’—1 Petru 2:21; Heberu 12:1-3.
7. AmaHeberu 13:8 kufanele asithinte kanjani isimo sethu sengqondo ngokuhluphekela uJesu Kristu?
7 Egxilisa ukunakekela eNdodaneni kaNkulunkulu, uPawulu wanezela: “UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.” (Heberu 13:8) Ofakazi abathembekile abanjengoStefanu noJakobe babebonise ubuqotho obungenakunyakaziswa, belandela isibonelo sikaJesu esiqinile. (IzEnzo 7:1-60; 12:1, 2) Njengoba babezimisele ukufa bengabalandeli bakaKristu, ukholo lwabo lufanelwe ukuba silulingise. Esikhathini esidlule, manje, ngisho nasesikhathini esizayo, abantu abesaba uNkulunkulu abakubalekeli ukufela ukholo njengabalandeli bakaJesu.
Gwema Izimfundiso Zamanga
8. Ubungawabeka kanjani ngenye indlela amazwi kaPawulu akumaHeberu 13:9?
8 Ukungaguquki kobuntu bukaJesu nezimfundiso zakhe kufanele kusenze sinamathele kulokho yena nabaphostoli bakhe abakufundisa. AmaHeberu atshelwa: “Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi-ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.”—Heberu 13:9.
9. UPawulu wakhomba kuziphi izinto eziphakeme encwadini eya kumaKristu angamaHeberu?
9 AmaJuda akhomba ezintweni ezinjengokunikezwa okuyisimangaliso koMthetho eNtabeni iSinayi nobukhosi bukaDavide obuhlala njalo. Kodwa uPawulu wabonisa amaKristu angamaHeberu ukuthi nakuba ukumiswa kwesivumelwano soMthetho kwakusabeka, uJehova wafakaza ngokunamandla ngokwengeziwe ngezibonakaliso, izibikezelo, imisebenzi yamandla, nokwabiwa komoya ongcwele lapho kumiswa isivumelwano esisha. (IzEnzo 2:1-4; Heberu 2:2-4) UMbuso kaKristu wasezulwini awunakuzanyazanyiswa, njengoba kwenzeka ngobukhosi basemhlabeni bababusi bohlu lukaDavide ngo-607 B.C.E. (Heberu 1:8, 9; 12:28) Ngaphezu kwalokho, uJehova uqoqela abagcotshiwe phambi kokuthile okusabeka kakhulu ngaphezu kwezibonakaliso eziyisimangaliso ezenziwa eNtabeni iSinayi, ngoba beza eNtabeni iSiyoni yasezulwini.—Heberu 12:18-27.
10. NgokwamaHeberu 13:9, inhliziyo iqiniswa ngani?
10 Ngakho amaHeberu ayedinga ukugwema ‘ukudukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo’ zabaguqulela abanye ebuJudeni. (Galathiya 5:1-6) Akuzona izimfundiso ezinjalo kodwa ‘umusa [kaNkunkulu] oqinisa inhliziyo’ ukuze ihlale iqinile eqinisweni. Ngokusobala abanye babephikisana ngokudla nangemihlatshelo, ngoba uPawulu wathi inhliziyo ayiqiniswa “ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.” Izinzuzo ezingokomoya ziba umphumela wokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu nokwazisa isihlengo, hhayi ukukhathazeka okungafanele ngokudla ukudla okuthile nangokugcina izinsuku ezithile. (Roma 14:5-9) Ngaphezu kwalokho, umhlatshelo kaKristu wayenza yangasebenza imihlatshelo yobuLevi.—Heberu 9:9-14; 10:5-10.
Imihlatshelo Ethokozisa UNkulunkulu
11. (a) Uyini umongo wamazwi kaPawulu kumaHeberu 13:10, 11? (b) Yiliphi i-altare elingokomfanekiso amaKristu analo?
11 Abapristi bobuLevi babedla inyama yezilwane zomhlatshelo, kodwa uPawulu wabhala: “Sinealtare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele. Ngokuba izidumbu zalezozilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu” ngoSuku Lokubuyisana. (Heberu 13:10,11; Levitikusi 16:27; 1 Korinte 9:13) AmaKristu ane-altare elingokomfanekiso elibonisa indlela yokuya kuNkulunkulu ngesisekelo somhlatshelo kaJesu osusa isono futhi kuphumele ekuthethelelweni nasekusindisweni uJehova ekuphileni okuphakade.
12. KumaHeberu 13:12-14, yini amaKristu agcotshiwe anxuswa ukuba ayenze?
12 UPawulu akagcizeleli ukufana kwalomhlatshelo noSuku Lokubuyisana, nokho uyanezela: “Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango” laseJerusalema. Lapho uKristu wafa futhi waba umhlatshelo ohlawulelayo osebenza ngokugcwele. (Heberu 13:12; Johane 19:17; 1 Johane 2:1, 2) Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu agcotshiwe ayekanye nawo: “Masiphumele kuye [uKristu] ngaphandle kwekamu, sithwale ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.” (Heberu 13:13, 14; Levitikusi 16:10) Nakuba sethukwa njengoba uJesu athukwa, siyakhuthazela njengoFakazi BakaJehova. ‘Sidela ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihamba ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje’ kuyilapho sibheke ezweni elisha. (Thithu 2:11-14; 2 Petru 3:13; 1 Johane 2:15-17) Futhi abagcotshiwe phakathi kwethu bawufuna ngobuqotho “umuzi,” uMbuso wasezulwini.—Heberu 12:22.
13. Imihlatshelo ethokozisa uNkulunkulu ayihlanganisi ini nje kuphela?
13 Ngokulandelayo uPawulu waphawula imihlatshelo ethokozisa uNkulunkulu, ebhala: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye [uJesu] umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe. Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.” (Heberu 13:15, 16) Imihlatshelo yobuKristu ayihlanganisi nje imisebenzi yabantu. Abantu ngokuvamile bayazenza izinto ezinjalo. Ngokwesibonelo, lokhu kwenzeka lapho abantu bezizwe eziningi besiza izisulu zokuzamazama komhlaba eSoviet Armenia ekupheleni kuka-1988.
14. Ukunikela ngomhlatshelo owamukelekayo kuNkulunkulu kugcizelela muphi umsebenzi?
14 Inkonzo engcwele esiyinikela kuJehova ‘ngokumesaba nangokuthuthumela’ isekelwe ohlotsheni lothando lokuzidela olwaboniswa uJesu. (Heberu 12:28; 13:34; 15:13) Lenkonzo igcizelela umsebenzi wethu wokushumayela, ngoba ngoKristu njengomPristi Omkhulu ‘sinikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga, isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.’ (Hoseya 14:2; Roma 10:10-15; Heberu 7:26) Yiqinso, ‘asikhohlwa ukwenza okuhle nokupha [“abanye izinto,” NW],’ kuhlanganise ngisho nabanye ngaphandle “kwabendlu yokukholwa.” (Galathiya 6:10) Ikakhulukazi uma amaKristu esikanye nawo ebhekana nenhlekelele noma eswela noma ecindezelekile, sinikeza usizo lothando ngezinto ezibonakalayo nangokomoya. Ngani? Ngoba siyathandana. Futhi sifuna ukuba nabo bakwazi ukusibamba basiqinise isivumo sasobala sethemba labo bengaxegi, “ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.”—Heberu 10:23-25; Jakobe 1:27.
Zithobe
15. (a) Ubungasibeka kanjani ngenye indlela iseluleko samaHeberu 13:17? (b) Kungani kufanele sibonise inhlonipho ngalabo abaholayo?
15 Ukuze sinikele ngeminikelo eyamukelekayo, kumelwe sibambisane ngokugcwele nenhlangano kaNkulunkulu. Ngaphandle kokugxila endabeni yegunya, uPawulu wabhala: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.” (Heberu 13:17) Kufanele sibahloniphe abadala abamisiwe abaholayo ebandleni, ukuze bangabubuli ngenxa yokucindezeleka okubangelwa ukuntula kwethu ukubambisana nabo. Ukwehluleka kwethu ukuzithoba kungaba umthwalo kubabonisi futhi kungaphumela ekulimaleni kwethu ngokomoya. Umoya wokubambisana ukwenza kube lula ngabadala ukunikeza usizo futhi kunengxenye ebunyeni nasekuthuthukeni komsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—IHubo 133:1-3.
16. Kungani kufanelekile ukuzithoba kulabo abaholayo phakathi kwethu?
16 Yeka ukuthi kufaneleke kanjani ukuba sizithobe kulabo abaholayo! Bayafundisa emihlanganweni yethu futhi bayasisiza enkonzweni. Njengabelusi, bakhathalela inhlala-kahle yethu. (1 Petru 5:2, 3) Basisiza ukuba silondoloze ubuhlobo obuhle noNkulunkulu nebandla. (IzEnzo 20:28-30) Ngokuzithoba ekwengameleni okuhlakaniphile nokothando, sibonisa inhlonipho ngoMbonisi Ophakeme, uJehova uNkulunkulu, nangoMbonisi wakhe oSizayo, uJesu Kristu!—1 Petru 2:25; IsAmbulo 1:1; 2:1–3:22.
Yiba Ngothandazayo
17. Imiphi imithandazo uPawulu ayicela, futhi kungani ayengayicela ngokufanelekile?
17 Njengoba uPawulu nabangane bakhe babehlukene namaHeberu, mhlawumbe ngenxa yoshushiso, wathi: “Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle [ngobuqotho, NW] ezintweni zonke. Ngiyaniyala kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.” (Heberu 13:18, 19) Ukuba uPawulu wayengumuntu okhohlisayo ononembeza oshile, wayengaba nagunya lini lokucela ukuba amaHeberu athadazele ukuba abe nawo? (IzAga 3:32; 1 Thimothewu 4:1, 2) Yiqiniso, wayeyisikhonzi esithembekile, esamelana ngonembeza omuhle nabaguqulela abanye ebuJudeni. (IzEnzo 20:17-27) UPawulu futhi wayeqiniseka ukuthi wayeyokwazi ukuphinde abe namaHeberu ngokushesha uma ethandazela ukuba kwenzeke lokho.
18. Uma silindele ukuba abanye basithandazele, imiphi imibuzo esingazibuza yona?
18 Isicelo sikaPawulu sokuba amaHeberu amthandazele sibonisa ukuthi kufanelekile ngamaKristu ukuba athandazelane, abizane ngisho nangamagama. (Qhathanisa neyabase-Efesu 6:17-20) Kodwa uma silindele ukuba abanye basithandazele, akufanele yini sifane nomphostoli futhi siqiniseke ngokuthi “sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle [ngobuqotho, NW] ezintweni zonke”? Ingabe uqotho kuzo zonke izenzo zakho? Futhi ingabe uthembela emthandazweni njengoPawulu?—1 Johane 5:14,15.
Amazwi Okuphetha Nesiyalo
19. (a) UPawulu wayenasiphi isifiso esiqotho ngamaHeberu? (b) Kungani isivumelwano esisha siyisivumelwano esihlala phakade?
19 Esecele imithandazo yamaHeberu, uPawulu washo isifiso esiqotho, ethi: “Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube-kuye inkazimulo kuze kube-phakade naphakade. Amen.” (Heberu 13:20, 21) Enombono womhlaba onokuthula, “uNkulunkulu wokuthula” wavusela uKristu ekuphileni okungenakufa ezulwini, lapho uJesu aletha khona inzuzo yegazi lakhe elichithiwe elenza isivumelwano esisha saba esisebenzayo. (Isaya 9:6, 7; Luka 22:20) Siyisivumelwano esihlala njalo ngoba labo abasemhlabeni bathola izinzuzo ezihlala njalo ezinkonzweni zamadodana kaNkulunkulu angokomoya ayizi-144-000 abusa noJesu ezulwini nasesivumelwaneni esisha. (IsAmbulo 14:1-4; 20:4-6) NgoKristu, uNkulunkulu esimnika inkazimulo, ‘uyasiphelelisa kukho konke okuhle, ukuze senze okuthokozisayo emehlweni akhe.’
20. Ubungasibeka kanjani ngenye indlela futhi usichaze kanjani isiyalo sikaPawulu sokuphetha esiya kumaKristu angamaHeberu?
20 Engaqiniseki ngokuthi amaHeberu ayezosabela kanjani encwadini yakhe, uPawulu wathi: “Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala [ukuba nilalele iNdodana kaNkulunkulu, hhayi abaguqulela abanye ebuJudeni], ngokuba nginilobele ngokufushane [ecabangela amazwi ayo anesisindo]. Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe [etilongweni]; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.” Ngokunokwenzeka ebhala eseRoma, lomphostoli wayethemba ukuthi ekanye noThimothewu wayezovakashela amaHeberu eJerusalema. UPawulu wabe esethi: “Khonzani kubo bonke abaniholayo [njengabadala abasebenza kanzima] nakubo bonke abangcwele [labo abanethemba lasezulwini]. AbaseItaliya bayakhonza kini. Umusa [kaNkulunkulu] mawube-nani nonke.”—Heberu 13:22-25.
Incwadi Enokubaluleka Okuhlala Njalo
21. Incwadi eya kumaHeberu isisiza ukuba siqonde maphi amaphuzu ayinhloko?
21 Incwadi eya kumaHeberu isisiza cishe ngaphezu kwanoma iyiphi enye incwadi yemiBhalo Engcwele, ukuba siqonde ukubaluleka kwemihlatshelo eyayinikelwa ngaphansi koMthetho. Lencwadi ibonisa ngokucacile ukuthi umhlatshelo kaJesu Kristu iwona kuphela onikeza isihlengo esidingekile esintwini esinesono. Futhi isigijimi esiphawulekayo esitholakala kulencwadi siwukuthi kufanele silalele iNdodana kaNkulunkulu.
22. Iziphi ezinye zezizathu esinazo zokubonga ngencwadi eya kumaHeberu?
22 Ngaphezu kwalokho, njengoba sibonile ezihlokweni ezimbili ezandulele, sinezinye izizathu zokubonga ngalencwadi ephefumlelwe ngokwaphezulu eya kumaHeberu. Isisiza ukuba singakhathali enkonzweni yethu, futhi isinika isibindi, ngoba siyazi ukuthi uJehova unguMsizi wethu. Ngaphezu kwalokho, isikhuthaza ukuba sisebenzise izindebe zethu nawo wonke amakhono ethu ngokungenabugovu ekunikeleni inkonzo engcwele imini nobusuku nokuba sinikele ngemihlatshelo esuka enhliziyweni ethokozisa uNkulunkulu wethu ofanelwe udumo nonothando, uJehova.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Incwadi eya kumaHeberu yawasiza kanjani ukuba agweme izimfundiso zamanga?
◻ Imihlatshelo ethokozisa uNkulunkulu igxila kumuphi umsebenzi obalulekile?
◻ Obani ‘abaholayo,’ futhi kungani kufanele sizithobe kubo?
◻ Incwadi eya kumaHeberu iwuqokomisa kanjani umthandazo?
◻ Kungani singathi incwadi eya kumaKristu angamaHeberu inokubaluleka okuhlala njalo?
[Izithombe ekhasini 23]
Imihlatshelo ethokozisa uNkulunkulu ihlanganisa ukwenza ukuhambela kokwelusa nokwakha amanye amaKristu ngeseluleko sothando