Basha, Ingabe Nakhela Ikusasa?
“Mina ngiyazi kahle imicabango engiyicabangayo ngani, . . . yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba.”—JEREMIYA 29:11.
1, 2. Iziphi izindlela ezingafani iminyaka yobusha engabhekwa ngazo?
ABANTU abaningi abadala babheka ubusha njengesikhathi esimnandi kakhulu ekuphileni. Bakhumbula amandla nomdlandla ababenawo besebasha. Basikhumbula ngenjabulo isikhathi lapho babenemithwalo yemfanelo embalwa kakhulu, lapho babezijabulisa futhi besalindwe amathuba amaningi ekuphileni.
2 Cishe nina enibasha nizibona ngenye indlela izinto. Kungenzeka nikuthola kunzima ukusingatha izinguquko zomzwelo nezomzimba ezenzeka ebusheni. Kungenzeka ukuthi esikoleni nibhekene nokucindezelwa ontanga okunzima. Kungenzeka kudingeka nilwe kanzima ukuze nenqabe ukusebenzisa kabi izidakamizwa, utshwala nokuziphatha okubi. Abaningi benu futhi babhekene nendaba yokungathathi-hlangothi noma ezinye eziphathelene nokholo. Yebo, isikhathi sobusha kungaba isikhathi esinzima. Noma kunjalo, ubusha buseyiso isikhathi samathuba. Umbuzo uwukuthi, Nizowasebenzisa kanjani lawo mathuba?
Bujabulele Ubusha Bakho
3. Isiphi iseluleko nesixwayiso uSolomoni asinika abasha?
3 Abantu abadala bazokutshela ukuthi ubusha abuhlali isikhathi eside, futhi baqinisile. Ngeminyaka embalwa nje, ubusha bakho buzobe budlulile. Ngakho bujabulele usenabo! Yeluleka kanjalo iNkosi uSolomoni, eyabhala: “Jabula, nsizwa, ebusheni bakho, futhi inhliziyo yakho mayikwenzele okuhle ezinsukwini zobunsizwa bakho, futhi uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nasezintweni ezibonwa amehlo akho.” Nokho uSolomoni wabaxwayisa abantu abasha: “Khipha ukukhathazeka enhliziyweni yakho, uphebeze inhlekelele enyameni yakho.” Wabuye wathi: “Ubusha nobungqabavu bokuphila kuyize.”—UmShumayeli 11:9, 10.
4, 5. Kungani kuwukuhlakanipha ukuba abasha balungiselele isikhathi esizayo? Fanekisa.
4 Uyakuqonda lokho uSolomoni ayekusho? Ngokwesibonelo, cabanga ngomuntu omusha othola isipho esikhulu, mhlawumbe imali eningi eyifa. Yini azoyenza ngayo? Angayidla yonke azijabulise—njengoba nje kwenza indodana esaphazayo yasemfanekisweni kaJesu. (Luka 15:11-23) Kodwa kuyokwenzekani uma isiphelile? Ngempela uyozisola ngokuthi uyisebenzise ngobuwula kangaka! Ngakolunye uhlangothi, ake sithi usebenzisa lesi sipho sakhe ekwakheleni ikusasa, mhlawumbe eningi yayo ayitshale ngokuhlakanipha. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho esethola izinzuzo zayo, ucabanga ukuthi uyozisola ngokuthi akayisebenzisanga yonke imali yakhe ekuzijabuliseni esemusha? Lutho neze!
5 Iminyaka yakho yobusha yibheke njengesipho esivela kuNkulunkulu, ngoba iyiso. Uzoyisebenzisa kanjani? Wonke lawo mandla nomfutho ungawasebenzisa ekuzitikeni, ezinjabulweni ezingapheli, ungazihluphi ngokucabanga ngekusasa. Kodwa, uma wenza kanjalo, ngempela kuwe “ubusha nobungqabavu bokuphila” buyoba ‘yize.’ Yeka ukuthi kungaba ngcono kanjani uma esikhundleni salokho ubusebenzisa ngokuhlakanipha ubusha bakho ulungiselele isikhathi esizayo!
6. (a) Isiphi iseluleko sikaSolomoni esiyisiqondiso kwabasha? (b) Yini uJehova afisa ukuyenzela abasha, futhi umuntu omusha angazuza kanjani kukho?
6 USolomoni washo isimiso esingakusiza ubusebenzise ngokuhlakanipha ubusha bakho. Wathi: “Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.” (UmShumayeli 12:1) Yileso isihluthulelo sempumelelo—lalela uJehova wenze intando yakhe. UJehova watshela ama-Israyeli asendulo lokho ayefuna ukuwenzela kona: “Mina ngiyazi kahle imicabango engiyicabangayo ngani, . . . yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba.” (Jeremiya 29:11) Nawe futhi uJehova ufisa ukukunika “ikusasa nethemba.” Uma umkhumbula kulokho okwenzayo, okucabangayo nasezinqumweni ozenzayo, uyolithola lelo kusasa nalelo themba.—IsAmbulo 7:16, 17; 21:3, 4.
‘Sondela KuNkulunkulu’
7, 8. Umuntu omusha angasondela kanjani kuNkulunkulu?
7 UJakobe wayesikhuthaza ukuba sikhumbule uJehova lapho ethi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) UJehova unguMdali, uMbusi wasezulwini, ofanelwe yilo lonke udumo nokukhulekelwa yibo bonke. (IsAmbulo 4:11) Nokho, uma sisondela kuye, naye uyosondela kithi. Aluzijabulisi yini izinhliziyo zethu uthando olunjalo?—Mathewu 22:37.
8 Sisondela kuJehova ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu uthi: “Phikelelani emthandazweni, nihlale niwuphaphamele ngokubonga.” (Kolose 4:2) Ngamanye amazwi, hlakulela umkhuba wokuthandaza. Musa ukwaneliswa ukuthi nje amen ngemva kokuba uyihlo noma omunye umKristu ebandleni ekumelele ngomthandazo. Ingabe wake wamthululela uJehova isifuba ngalokho okucabangayo, okwesabayo, izinselele obhekene nazo? Wake wamtshela izinto obungaba namahloni ukuzixoxa nomunye umuntu? Imithandazo yokwethembeka esuka enhliziyweni iletha umuzwa wokuthula. (Filipi 4:6, 7) Isisiza sisondele kuJehova futhi sizwe ukuthi uyasondela kithi.
9. Omusha angamlalela kanjani uJehova?
9 Sibona enye indlela yokusondela kuJehova kula mazwi aphefumulelwe: “Lalela iseluleko wamukele isiyalo, ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo.” (IzAga 19:20) Yebo, uma ulalela uJehova futhi umthobela, wakhela ikusasa. Ungabonisa kanjani ukuthi uyamlalela uJehova? Akungabazeki ukuthi uba khona njalo emihlanganweni yobuKristu futhi ulalele. Futhi, ‘uyamhlonipha uyihlo nonyoko’ ngokuba khona esifundweni seBhayibheli somkhaya. (Efesu 6:1, 2; Hebheru 10:24, 25) Kuhle lokho. Nokho, ingabe ngaphezu kwalokho ‘uyazithengisisela ithuba’ lokulungiselela imihlangano, ukufunda iBhayibheli njalo, ukucwaninga? Uyazama yini ukukwenza lokho okufundayo, ukuze ukwazi ukuhamba ‘njengomuntu ohlakaniphile’? (Efesu 5:15-17; IHubo 1:1-3) Uma wenza kanjalo, usondela kuJehova.
10, 11. Iziphi izinzuzo ezinkulu abasha abazitholayo uma belalela uJehova?
10 Emazwini okuqala encwadi yezAga, umlobi ophefumulelwe uchaza injongo yaleyo ncwadi yeBhayibheli. Uthi ‘iwukuba umuntu azi ukuhlakanipha nesiyalo, aqonde amazwi okuqonda, amukele isiyalo esinika ukuqondisisa, ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, ukunika ongenalo ulwazi ukukhalipha, nensizwa ulwazi nekhono lokucabanga.’ (IzAga 1:1-4) Ngakho, lapho ufunda futhi usebenzisa amazwi ezAga—nawalo lonke iBhayibheli—uyohlakulela ukulunga nobuqotho, futhi uJehova uyojabula ngokusondela kwakho kuye. (IHubo 15:1-5) Lapho uhlakulela ukwahlulela, ukukhalipha, ulwazi nekhono lokucabanga, yilapho uyokwenza khona izinqumo ezingcono.
11 Ingabe kunengqondo kodwa ukulindela ukuba umuntu omusha enze ngokuhlakanipha ngale ndlela? Yebo, ngoba maningi amaKristu amasha enza kanjalo. Ngenxa yalokho, abanye bayawahlonipha futhi ‘ababubukeli phansi ubusha bawo.’ (1 Thimothewu 4:12) Abazali babo baziqhenya ngabo befanele, futhi uJehova uthi benza inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 27:11) Ngisho noma besebasha, bangaqiniseka ukuthi la mazwi aphefumulelwe ayasebenza kubo: “Mbheke ongasoleki futhi ugcine oqotho ephambi kwamehlo akho, ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula.”—IHubo 37:37.
Khetha Ngokuhlakanipha
12. Iyiphi enye yezinto ezibalulekile abantu abasha abakhetha maqondana nazo, futhi kungani lokho kunemiphumela ehlala isikhathi eside?
12 Isikhathi sobusha isikhathi sokukhetha, okunye kwako okunemiphumela ehlala isikhathi eside. Ezinye zezinto ozikhetha manje ziyokuthinta iminyaka eminingi. Umphumela wokukhetha ngokuhlakanipha uba ukuphila okunenjabulo nokuphumelelayo. Ukukhetha ngobuwula kungakonakalisa konke ukuphila kwakho. Cabanga ngendlela okwenzeka ngayo lokho ezintweni ezimbili okumelwe ukhethe maqondana nazo. Okokuqala: Ubani okhetha ukuzihlanganisa naye? Kubaluleke ngani lokho? Isaga esiphefumulelwe sithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Ngamanye amazwi, sigcina sesifana nalabo esizihlanganisa nabo—sihlakaniphile noma siyiziwula. Ikuphi okhetha ukuba yikho?
13, 14. (a) Ngaphandle kokuhlangana ngokuqondile nabantu, yini enye esingazihlanganisa nayo? (b) Iliphi iphutha abasha okufanele baligweme?
13 Uma ucabanga ngalabo ozihlanganisa nabo, cishe ucabanga ngokuba kanye nabantu. Kunjalo, kodwa akugcini lapho. Uma ubuka ithelevishini, ulalela umculo, ufunda inoveli, uya ebhayisikobho noma usebenzisa okuthile kuyi-Internet, uzihlanganisa nothile. Uma lokho kuhloselwe ukukhuthaza ubudlova nokuziphatha okubi noma ukusebenzisa kabi izidakamizwa, nanoma yini enye ephambene nezimiso zeBhayibheli, kusho ukuthi uzihlanganisa ‘nabangenangqondo,’ abaziphatha njengokungathi uJehova akekho.—IHubo 14:1.
14 Mhlawumbe unomuzwa wokuthi njengoba uya emihlanganweni yobuKristu futhi uhlanganyela ezintweni ezenziwa ibandla, uqine ngokwanele, ungakwazi ukumelana nethonya lamafilimu anobudlova noma lomculo onesigqi esimnandi kodwa onamazwi angabazisayo. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ngeke kube nemiphumela emibi uma uthi ukubuka kancane nje izithombe ezingcolile engosini ye-Internet. Umphostoli uPawulu uthi ushaye phansi! Uthi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ngokudabukisayo, imikhuba emihle yamaKristu amaningi amasha abeqhuba kahle yonakaliswe ukukhetha abangane ngobuwula. Ngakho zimisele ukubagwema abangane abanjalo. Uma wenza kanjalo, uyobe ulandela iseluleko sikaPawulu: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:2.
15. Yini eyesibili abasha okumelwe bakhethe maqondana nayo, futhi iziphi izingcindezi ababhekana nazo ngezinye izikhathi kulokhu?
15 Nakhu okwesibili okufanele ukhethe maqondana nako. Kuzofika isikhathi lapho kuzofuneka unqume khona ukuthi uzokwenzani uma usuqedile esikoleni. Uma uhlala ezweni lapho amathuba emisebenzi eyindlala khona, ungazizwa ucindezelekile ukuba ubambe elokuqala elingcono elivelayo. Uma uhlala ezweni elichumile, kungase kube namathuba amaningi, amanye ahalisa ngempela. Ngezisusa ezinhle, othisha noma abazali bakho bangase bakukhuthaze ukuba ufundele umsebenzi onemali, mhlawumbe ozokwenza ucebe nokuceba. Nokho ukuqeqeshelwa lowo msebenzi kungase kusinciphise kakhulu isikhathi ongasichitha ukhonza uJehova.
16, 17. Chaza indlela imiBhalo ehlukahlukene engamsiza ngayo omusha ukuba abe nombono olinganiselayo ngomsebenzi wokuziphilisa.
16 Khumbula ukubheka iBhayibheli ngaphambi kokuba wenze isinqumo. IBhayibheli likhuthaza ukuba sisebenze ukuze siziphilise, okubonisa ukuthi kungumthwalo wethu ukuziphilisa. (2 Thesalonika 3:10-12) Noma kunjalo, kukhona okunye okuhilelekile. Sikukhuthaza ukuba ufunde imiBhalo elandelayo bese ucabanga ngendlela engamsiza ngayo umuntu omusha ukuba alinganisele endabeni yokukhetha umsebenzi: IzAga 30:8, 9; UmShumayeli 7:11, 12; Mathewu 6:33; 1 Korinte 7:31; 1 Thimothewu 6:9, 10. Ngemva kokufunda lawo mavesi, uyayibona yini indlela uJehova ayibheka ngayo le ndaba?
17 Umsebenzi wokuziphilisa akufanele ubaluleke kangangokuba uze kuqala kunenkonzo yethu kuJehova. Uma ungase ukwazi ukuwuthola umsebenzi okahle ngemfundo yasesikoleni esiphakeme, kuhle. Uma udinga imfundo engaphezu kwaleyo, lokho kuxoxe nabazali bakho. Nokho, ungalokothi ukhohlwe ‘izinto ezibaluleke kakhulu’—izinto ezingokomoya. (Filipi 1:9, 10) Ungalenzi iphutha elenziwa uBharuki, unobhala kaJeremiya. Walahlekelwa ukwazisa ngelungelo lenkonzo ayenalo ‘wazifunela izinto ezinkulu.’ (Jeremiya 45:5) Wakhohlwa okwesikhashana ukuthi akukho lutho ‘oluyinto enkulu’ kuleli zwe olwalungamsondeza kuJehova noma lumsize asinde ekubhujisweni kweJerusalema. Kungashiwo okufanayo nangathi namuhla.
Zazise Izinto Ezingokomoya
18, 19. (a) Yini ekhungethe iningi lomakhelwane bakho, futhi kufanele uzizwe kanjani ngabo? (b) Kungani abaningi bengezwa ukuthi balambile ngokomoya?
18 Wake wazibona izithombe emaphephandabeni nakuthelevishini zezingane zasemazweni akhungethwe indlala? Uma wake wazibona, ngokuqinisekile wazidabukela kakhulu. Ingabe ubadabukela ngendlela efanayo abantu endaweni ohlala kuyo? Kungani kufanele ubadabukele? Kungoba iningi labo libulawa indlala. Libulawa indlala u-Amose aprofetha ngayo: “‘Kuza izinsuku,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘lapho ngiyothumela indlala ezweni, indlala okungeyona eyesinkwa, nokoma okungekona okokomela amanzi, kodwa okokuzwa amazwi kaJehova.’”—Amose 8:11.
19 Yiqiniso, abaningi balaba bantu ababulawa yile ndlala engokomoya ‘abasiqapheli isidingo sabo esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Abaningi abezwa ukuthi balambile ngokomoya. Abanye bacabanga nanokuthi bondlekile. Kodwa uma becabanga kanjalo, kungoba bazondla ‘ngokuhlakanipha kwezwe’ okungenanzuzo, okuhlanganisa nokuthanda izinto ezibonakalayo, ukuqagela kwesayensi, imibono ngokuziphatha nezinye izinto ezinjalo. Abanye bakholelwa ukuthi “ukuhlakanipha” kwanamuhla kwenza izimfundiso zeBhayibheli zibe yisidala. Nokho, ‘izwe ngokuhlakanipha kwalo alizange limazi uNkulunkulu.’ Ukuhlakanipha kwezwe ngeke kukusize usondele kuNkulunkulu. Kumane nje “kungubuwula kuNkulunkulu.”—1 Korinte 1:20, 21; 3:19.
20. Kungani kungenangqondo ukufuna ukulingisa abantu abangamkhonzi uJehova?
20 Kuke kwenzeke yini uma ubuka lezo zithombe zezingane ezilambayo ufise ukufana nazo? Lutho! Nokho, enye intsha emikhayeni engamaKristu iye yabonisa isifiso sokufana nabantu abalambayo ngokomoya ababazungezile. Cishe labo basha bacabanga ukuthi intsha esezweni ikhululekile, futhi ijabulela ukuphila. Bayakhohlwa ukuthi leyo ntsha iqhelelene kude noJehova. (Efesu 4:17, 18) Bayayikhohlwa futhi imiphumela emibi yokulamba ngokomoya. Eminye yale miphumela emibi ukukhulelwa kwentsha okungafunwa nemiphumela engokomzwelo nengokomzimba yokuziphatha okubi, ukubhema, ukudakwa nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Indlala engokomoya ibangela umoya wokuvukela, ukungabi nathemba nokungabi nasiqondiso ekuphileni.
21. Singazivikela kanjani singayamukeli imibono eyiphutha yalabo abangamkhonzi uJehova?
21 Ngakho, uma usesikoleni phakathi kwezingane ezingamkhonzi uJehova, unganqotshwa isimo sazo sengqondo. (2 Korinte 4:18) Ezinye ziyokhuluma ngokwedelela ngezinto ezingokomoya. Ngaphezu kwalokho, emisakazweni nasemaphephandabeni kuyokhulunywa amanga, kusikiselwa ukuthi ukuziphatha okubi ngokobulili, ukudakwa nokwethuka inhlamba kuyizinto ezamukelekayo. Yilwa nalelo thonya. Qhubeka uhlangana njalo nabantu ‘abanokholo nonembeza omuhle.’ Ngaso sonke isikhathi yiba ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Thimothewu 1:19; 1 Korinte 15:58) Yiba matasa eHholo LoMbuso nasenkonzweni yasensimini. Lapho usafunda isikole, yiba iphayona elisizayo ngezikhathi ezithile. Uma uqinisa umbono wakho ongokomoya ngale ndlela ngeke untengantenge ngokomoya.—2 Thimothewu 4:5.
22, 23. (a) Yini engenza ukuba umKristu osemusha akhethe izinto abanye abangaziqondi? (b) Abasha bakhuthazwa ukuba benzeni?
22 Ukuba nombono ongokomoya ngezinto cishe kuyobangela ukuba wenze izinqumo abanye abangeke baziqonde. Ngokwesibonelo, enye insizwa engumKristu yayinesiphiwo emculweni futhi ingumfundi okhaliphile kuzo zonke izifundo esikoleni. Lapho iphothula esikoleni, yasebenza noyise ebhizinisini lakhe lokuhlanza amafasitela ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi eyayizikhethele wona wokuba umshumayeli wesikhathi esigcwele, noma iphayona. Othisha bayo abazange neze baziqonde izizathu zalesi sinqumo sayo, kodwa siyaqiniseka ukuthi wena uyasiqonda, uma uye wasondela kuJehova.
23 Njengoba ucabanga ngendlela ongawasebenzisa ngayo amandla ayigugu obusha bakho, ‘zibekelele ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze ubambisise ukuphila kwangempela.’ (1 Thimothewu 6:19) Zimisele ‘ukukhumbula uMdali wakho Omkhulu’ ebusheni bakho—nakukho konke ukuphila kwakho. Yileyo kuphela indlela yokwakhela ikusasa eliphumelelayo, ikusasa elingenasiphelo.
Uphetha Ngokuthini?
• Isiphi iseluleko esiphefumulelwe esisiza abasha ekuhleleni ikusasa labo?
• Iziphi ezinye izindlela intsha ‘engasondela ngazo kuNkulunkulu’?
• Iziphi ezinye zezinqumo umuntu omusha azenzayo eziyothinta ikusasa lakhe?
[Izithombe ekhasini 15]
Ingabe uzovumela izinto zakho siqu zidle wonke amandla nomfutho wobusha bakho?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Intsha ehlakaniphile engamaKristu iwugcina ucacile umbono wayo wezinto ezingokomoya