Ukholo Lusenza Sibekezele Futhi Sithande Ukuthandaza
“Bonisani ukubekezela; qinisani izinhliziyo zenu, ngoba ukuba khona kweNkosi sekusondele.”—JAKOBE 5:8.
1. Kungani kufanele sizindle ngoJakobe 5:7, 8?
“UKUBA KHONA” kukaJesu Kristu okwakulindelwe isikhathi eside manje sekungokoqobo. (Mathewu 24:3-14) Kunanini ngaphambili, bonke abathi banokholo kuNkulunkulu noKristu banesizathu sokuzindla ngalamazwi omfundi uJakobe: “Bafowethu, bonisani ukubekezela kuze kube sekubeni khona kweNkosi. Bhekani! Umlimi uqhubeka elinde isithelo somhlaba esiyigugu, ebonisa ukubekezela ngaso aze athole imvula yokuqala nemvula yokugcina. Nani futhi bonisani ukubekezela; qinisani izinhliziyo zenu, ngoba ukuba khona kweNkosi sekusondele.”—Jakobe 5:7, 8.
2. Yiziphi ezinye zezinkinga ababebhekene nazo labo uJakobe ayebabhalela?
2 Labo uJakobe ayebabhalela incwadi yakhe ephefumulelwe kwakudingeka babonise ukubekezela futhi baxazulule izinkinga ezihlukahlukene. Abaningi babenza ngokuphambene nalokho okulindeleke kulabo abathi banokholo kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kwakudingeka kwenziwe okuthile ngezifiso ezithile ezazakheke ezinhliziyweni zabanye. Kwakudingeka kubuyiselwe ukuthula phakathi kwalawo maKristu okuqala. Ayedinga neseluleko mayelana nokubekezela nokuthandaza. Njengoba sicabanga ngalokho uJakobe awatshela khona, masibone indlela esingawasebenzisa ngayo amazwi akhe ekuphileni kwethu.
Izifiso Ezingalungile Ziyabulala
3. Zaziyini izimbangela zemibango ebandleni, futhi singafundani kulokhu?
3 Ukuthula kwakuntuleka phakathi kwabanye ababethi bangamaKristu, futhi izifiso ezingalungile zaziwumsuka walesi simo. (Jakobe 4:1-3) Ukubanga kwakubangela inxushunxushu, futhi abanye babehlulela abafowabo ngokungenaluthando. Lokhu kwakwenzeka ngenxa yokuthi ukunxanela ukujabulisa izinzwa kwakulwa emalungwini emizimba yabo. Thina ngokwethu kungase kudingeke sithandazele usizo lokumelana nokunxanela okungokwenyama kodumo, amandla, nokuba nezinto ukuze singenzi lutho oluzophazamisa ukuthula kwebandla. (Roma 7:21-25; 1 Petru 2:11) Phakathi kwamanye amaKristu ekhulu lokuqala, ukuhaha kwase kusezingeni lokuba kube nomoya wenzondo nowokubulala. Njengoba uNkulunkulu ayengeke azanelise izifiso zawo ezingalungile, aqhubeka elwa ezama ukufinyelela imigomo yawo. Uma sinezifiso ezifanayo ezingalungile, singase sicele kodwa ngeke samukele, ngoba uNkulunkulu wethu ongcwele akayiphenduli imithandazo enjalo.—IsiLilo 3:44; 3 Johane 9, 10.
4. Kungani uJakobe ebiza abanye ‘ngeziphingi,’ futhi amazwi akhe kufanele asithinte kanjani?
4 Phakathi kwamanye amaKristu okuqala kwakukhona ukuthanda izwe, umona nokuqhosha. (Jakobe 4:4-6) Amanye uJakobe uwabiza ‘ngeziphingi’ ngoba ayengabangane bezwe futhi ngaleyo ndlela enecala lokuphinga okungokomoya. (Hezekeli 16:15-19, 25-45) Ngokuqinisekile, asifuni ukuba abathanda izwe ngesimo sethu sengqondo, inkulumo, nezenzo, ngoba lokho kungasenza izitha zikaNkulunkulu. IZwi lakhe lisibonisa ukuthi ‘ukuthambekela emoneni’ kuyingxenye yokuthambekela kokubi, noma “umoya,” okubantu abanesono. (Genesise 8:21; Numeri 16:1-3; IHubo 106:16, 17; UmShumayeli 4:4) Ngakho uma siqaphela ukuthi kudingeka silwe nomona, ukuzazisa, noma okunye ukuthambekela okubi, masifune usizo lukaNkulunkulu ngomoya ongcwele. Lawo mandla, anikezwa ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe, makhulu ‘kunokuthambekela emoneni.’ Futhi nakuba uJehova emelana nabazazisayo, uyosinika umusa ongafanelwe uma silwa nokuthambekela kwesono.
5. Ukuze sijabulele umusa kaNkulunkulu ongafanelwe, yiziphi izimfuneko okumelwe sihlangabezane nazo?
5 Singawamukela kanjani umusa kaNkulunkulu ongafanelwe? (Jakobe 4:7-10) Ukuze sijabulele umusa ongafanelwe ovela kuJehova, kumelwe simlalele, samukele amalungiselelo akhe, futhi sizithobe kunoma yini eyintando yakhe. (Roma 8:28) Kumelwe futhi ‘simelane,’ noDeveli. ‘Uyosibalekela’ uma sihlala sigxilile njengabasekeli bobukhosi bukaJehova bendawo yonke. Sinosizo lukaJesu, obamba abantu bezwe ababi ukuze kungabi nalutho olungasilimaza phakade. Futhi masingakukhohlwa nanini lokhu: Ngomthandazo, ukulalela, nokholo, sisondela eduze noNkulunkulu, futhi uba seduze nathi.—2 IziKronike 15:2.
6. Kungani uJakobe ebiza amanye amaKristu ngokuthi ‘izoni’?
6 Kungani uJakobe esebenzisa igama elithi ‘izoni’ kwabanye abathi banokholo kuNkulunkulu? Ngoba babenecala ‘lezimpi’ nenzondo ebulalayo—izimo zengqondo ezingamukeleki kumaKristu. (Thithu 3:3) Njengoba “izandla” zabo zazigcwele izenzo ezimbi, zazidinga ukuhlanzwa. Kwakudingeka bahlanze ‘nezinhliziyo’ zabo, isizinda sezisusa. (Mathewu 15:18, 19) Labo ‘abanqikazayo’ babemanqikanqika phakathi kokuba abangane noNkulunkulu nokuba abangane nezwe. Njengoba sixwayisiwe ngesibonelo sabo esibi, masiqaphe ngokungaphezi ukuze izinto ezinjalo zingabulali ukholo lwethu.—Roma 7:18-20.
7. Kungani uJakobe ethi kwabanye ‘mabakhale futhi balile’?
7 UJakobe utshela abafundi bakhe ukuba ‘babe lusizi, balile futhi bakhale.’ Uma bengabonisa ukudabuka kokuhlonipha uNkulunkulu, kungaba ubufakazi bokuphenduka. (2 Korinte 7:10, 11) Namuhla, abanye abathi banokholo bafuna ukuba abangane nezwe. Uma noma yibaphi kithi bephishekela inkambo enjalo, akufanele yini sililele isimo sethu esingokomoya esibuthaka, sithathe izinyathelo ezisheshayo zokulungisa izinto? Ukwenza ukulungisa okudingekile nokuthola intethelelo kaNkulunkulu kuyoveza umuzwa wokwethaba ngenxa kanembeza ohlanzekile nethemba elijabulisayo lokuphila okumi phakade.—IHubo 51:10-17; 1 Johane 2:15-17.
Ningahlulelani
8, 9. Kungani kungafanele sikhulume kabi ngomunye noma sahlulelane?
8 Kuyisono ukukhuluma kabi ngesikholwa naye. (Jakobe 4:11, 12) Kodwa abanye bagxeka amaKristu abakanye nawo, mhlawumbe ngenxa yesimo sengqondo sabo siqu sokuzibona belungile noma ngoba bafuna ukuziphakamisa ngokwehlisa abanye. (IHubo 50:20; IzAga 3:29) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “khuluma kabi” libonisa inzondo futhi lisikisela ukumangalela ngamanga noma okuyihaba. Lokhu kufana nokwahlulela kabi umzalwane. Kukanjani lokhu ‘kuwukukhuluma kabi ngomthetho kaNkulunkulu nokuwahlulela’? Phela, ababhali nabaFarisi ‘babebekela eceleni ngobuhlakani umyalo kaNkulunkulu’ futhi bahlulele ngezabo izindinganiso. (Marku 7:1-13) Ngokufanayo, uma besingalahla umzalwane uJehova angamlahli, bekungeke yini kube ‘sahlulela umthetho kaNkulunkulu’ futhi sisikisela ukuthi uyasilela, okuyisono? Futhi ngokugxeka umfowethu ngokungafanele, besiyobe asiwugcwalisi umthetho wothando.—Roma 13:8-10.
9 Masikhumbule lokhu: “Munye ongumniki-mthetho nomahluleli”—uJehova. ‘Umthetho wakhe uphelele,’ awusileli. (IHubo 19:7; Isaya 33:22) UNkulunkulu kuphela onelungelo lokumisa izindinganiso nemithetho yokusindiswa. (Luka 12:5) Ngakho uJakobe uyabuza: “Ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?” Akuthina esinelungelo lokwahlulela nokulahla abanye. (Mathewu 7:1-5; Roma 14:4, 10) Ukuzindla ngobukhosi bukaNkulunkulu nokungakhethi kwakhe nangokuba nesono kwethu kufanele kusisize sigweme ukwahlulela abanye, thina sizibone silungile.
Gwema Ukuzethemba Kokuziqhayisa
10. Kungani kufanele sicabange ngoJehova ekuphileni kwethu kwansuku zonke?
10 Njalo kufanele sicabange ngoJehova nomthetho wakhe. (Jakobe 4:13-17) Bengamnaki uNkulunkulu, abazethembayo bathi: ‘Namuhla noma kusasa sizoya emzini othile, sichithe unyaka khona, senze ibhizinisi futhi sithole imbuyiselo.’ Uma ‘siziqongelelela umcebo kodwa singacebile kuNkulunkulu,’ ukuphila kwethu kungase kuphele kusasa futhi singabi nathuba lokukhonza uJehova. (Luka 12:16-21) Njengoba uJakobe esho, sinjengenkungu yasekuseni “ebonakala isikhathi esincane bese iyanyamalala.” (1 IziKronike 29:15) Okuwukuphela kwendlela yokuba nethemba lenjabulo ehlala njalo nokuphila okumi phakade ukubonisa ukholo kuJehova.
11. Kusho ukuthini ukuthi, “Uma uJehova ethanda”?
11 Kunokuba simshaye indiva ngokuziqhayisa uNkulunkulu, kufanele sibe kulesi simo: “Uma uJehova ethanda, sizophila futhi senze lokhu noma lokhuya.” Ukuthi “Uma uJehova ethanda” kubonisa ukuthi sizama ukwenza ngokuvumelana nentando yakhe. Kungase kudingeke senze ibhizinisi ukuze sondle imikhaya yethu, nokuhamba lapho sisemsebenzini woMbuso, njalonjalo. Kodwa masingazigabisi. “Ukuziqhenya okunjalo kubi” ngoba kukushaya indiva ukuncika kuNkulunkulu.—IHubo 37:5; IzAga 21:4; Jeremiya 9:23, 24.
12. Asho ukuthini amazwi kaJakobe 4:17?
12 Ngokusobala ukuze aphethe amazwi akhe mayelana nokuzethemba nokuziqhayisa, uJakobe uthi: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa nokho engakwenzi, kuyisono kuye.” UmKristu ngamunye kumelwe avume ngokuthobeka ukuthi uncike kuNkulunkulu. Uma engenzi kanjalo, “kuyisono kuye.” Yebo, isimiso esifanayo sisebenza kunoma yikuphi ukuhluleka ukwenza lokho okufuneka kithi uma sinokholo kuNkulunkulu.—Luka 12:47, 48.
Isixwayiso Ngokuqondene Nabacebile
13. Uthini uJakobe ngalabo abayisebenzisa kabi ingcebo yabo?
13 Ngenxa yokuthi amanye amaKristu okuqala ayesethanda izinto ezibonakalayo noma ethakazelela abacebile, uJakobe ukhuluma ngamazwi anamandla ngokuqondene nabantu abathile abacebile. (Jakobe 5:1-6) Abantu bezwe abayisebenzisa kabi ingcebo yabo ‘bayokhala, bahhewule ngenxa yezinsizi ezizobehlela’ lapho uNkulunkulu ebabuyisela ngokwezenzo zabo. Ngalezo zinsuku, ingcebo yabantu abaningi ngokuyinhloko yayiba izinto ezinjengezambatho, ukudla, newayini. (Joweli 2:19; Mathewu 11:8) Okunye kwalokhu kungabola noma ‘kudliwe inundu,’ kodwa uJakobe ugcizelela ubuze bengcebo, hhayi ukushabalala kwayo. Nakuba igolide nesiliva kungagqwali, uma singase sikugodle, kungaba okungenalusizo njengezinto esezigqwalile. “Ukugqwala” kubonisa ukuthi ingcebo yezinto ezibonakalayo ayizange isetshenziswe kahle. Ngakho-ke, sonke kufanele sikhumbule ukuthi labo abathembele ezintweni ezibonakalayo, ‘abazibekelele khona ezinsukwini zokugcina kungokuthile okunjengomlilo,’ lapho intukuthelo kaNkulunkulu ifika phezu kwabo. Njengoba siphila “esikhathini sokugcina,” amazwi anjalo asho lukhulu kithi.—Daniyeli 12:4; Roma 2:5.
14. Abacebile bavame ukwenza kanjani, futhi kufanele senzeni ngalokho?
14 Abacebile bavame ukuphamba abavuni babo, abankokhelo yabo egodliwe ‘iyakhamuluka,’ ikhalela impindiselo. (Qhathanisa noGenesise 4:9, 10.) Abantu bezwe abacebile ‘baye baphila ngokunethezeka.’ Njengoba bezitika ekujabuliseni izinzwa, baba nezinhliziyo ezinamanoni, ezingasabeli futhi bayobe besaqhubeka benza lokhu “ngosuku” lokuhlatshwa kwabo. ‘Balahla olungileyo futhi bambulale ngokungemthetho.’ UJakobe uyabuza: “Ingabe akamelani nani?” Kodwa enye indlela yokuhumusha ithi, “olungileyo; akamelene nani.” Noma ngabe yikuphi, akufanele sikhethe ubuso babacebile. Kumelwe sigcine izithakazelo ezingokomoya ziza kuqala ekuphileni.—Mathewu 6:25-33.
Ukholo Lusisiza Ukuba Sibonise Ukubekezela
15, 16. Kungani kubaluleke kangaka ukubonisa ukubekezela?
15 Ngemva kokukhuluma ngabacebileyo bezwe abacindezelayo, uJakobe ube esekhuthaza amaKristu acindezelwe ukuba abonise ukubekezela. (Jakobe 5:7, 8) Uma abakholwayo babebhekene nezinkinga zabo ngokubekezela, babeyovuzwa ngokukholeka kwabo, phakathi nokuba khona kukaKristu, lapho kufika isahlulelo kubacindezeli babo. (Mathewu 24:34-41) Lawo maKristu okuqala kwakudingeka abe njengomlimi olindela ngokubekezela imvula yokuqala yasekwindla, lapho engatshala khona, nemvula yokugcina yasentwasahlobo ephumela esivunweni. (Joweli 2:23) Nathi kudingeka sibonise ukubekezela futhi siqinise izinhliziyo zethu, ikakhulukazi njengoba “ukuba khona kweNkosi” uJesu Kristu sekulapha!
16 Kungani kufanele sibekezele? (Jakobe 5:9-12) Ukubekezela kusisiza ukuba singabubuli noma siqume lapho esikholwa nabo besicasula. Uma ‘sibubula ngomunye nomunye’ ngomoya omubi, siyolahlwa uMahluleli uJesu Kristu. (Johane 5:22) Manje njengoba ‘ukuba khona’ kwakhe sekuqalile futhi ‘umi phambi kweminyango,’ masithuthukise ukuthula ngokubekezelela abafowethu, ababhekana nokuvivinywa okuningi kokholo. Ukholo lwethu luyaqina lapho sikhumbula ukuthi uNkulunkulu wamvuza uJobe ngoba wakhuthazelela ukuvivinywa kwakhe ngokubekezela. (Jobe 42:10-17) Uma sibonisa ukholo nokubekezela, siyobona ukuthi ‘uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.’—Mika 7:18, 19.
17. Kungani uJakobe ethi, “Yekani ukufunga”?
17 Uma singakwazi ukubekezela, singase sisebenzise kabi ulimi lapho singaphansi kokucindezeleka. Ngokwesibonelo, singase senze izifungo ngokuxhamazela. “Yekani ukufunga,” kusho uJakobe, exwayisa ngokwenza izifungo ngokunganaki. Ukuhlale siqinisekisa esikushoyo ngokufunga kubonakala kunobuzenzisi. Ngakho, kufanele simane sikhulume iqiniso, uyebo wethu abe nguyebo, ucha abe ngucha. (Mathewu 5:33-37) Yiqiniso, uJakobe akasho ukuthi akulungile ukwenza isifungo sokukhuluma iqiniso enkantolo.
Ukholo Nemithandazo Yethu
18. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kufanele ‘siqhubeke sithandaza’ futhi ‘sihlabelele amahubo’?
18 Umthandazo kufanele ufeze indima eyinhloko ekuphileni kwethu uma sifuna ukulawula inkulumo yethu, sibonise ukubekezela futhi silondoloze ukholo oluphilayo kuNkulunkulu. (Jakobe 5:13-20) Ikakhulukazi lapho singaphansi kokulingwa, kufanele ‘siqhubeke sithandaza.’ Uma seneme, ‘masihlabelele amahubo,’ njengoba uJesu nabaphostoli bakhe benza lapho emisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe. (Marku 14:26, umbhalo waphansi we-NW) Ngezinye izikhathi, singase sigcwale umuzwa wokumbonga uNkulunkulu kangangokuthi sihlabelele izindumiso ngisho nangenhliziyo. (1 Korinte 14:15; Efesu 5:19) Futhi yeka injabulo okuyiyo ukudumisa uJehova ngezingoma emihlanganweni yamaKristu!
19. Kufanele senzenjani uma sihlatshwa ukugula okungokomoya, futhi kungani siyothatha isinyathelo esinjalo?
19 Singase sizizwe singathandi ukuhlabelela uma sigula ngokomoya, mhlawumbe ngenxa yokuziphatha okubi noma ukungadli njalo etafuleni likaJehova. Uma sikuleso simo, ngokuthobeka masibize abadala ukuze ‘basithandazele.’ (IzAga 15:29) ‘Bayosigcoba nangamafutha egameni likaJehova.’ Njengamafutha apholisa inxeba, amazwi abo aduduzayo neseluleko esingokomBhalo kuyosiza ekudambiseni ukucindezeleka, ukungabaza nokwesaba. ‘Umthandazo wokholo uyosenza siphile’ uma usekelwa ukholo lwethu siqu. Uma abadala bethola ukuthi ukugula kwethu okungokomoya kubangelwe isono esingathi sína, bayolicacisa ngomusa iphutha lethu bese bezama ukusisiza. (IHubo 141:5) Futhi uma siphenduka, singaba nokholo lokuthi uNkulunkulu uyoyizwa imithandazo yabo futhi asithethelele.
20. Kungani kufanele sivume izono zethu futhi sithandazelane?
20 ‘Ukuvuma obala izono zethu komunye nomunye’ kufanele kusivimbele ekuqhubekeni sona. Kufanele kukhuthaze ukuzwelana, imfanelo eyosishukumisela ukuba ‘sithandazelane.’ Singaba nokholo lokuthi lokhu kuyoba yinzuzo ngoba umthandazo ‘womuntu olungileyo’—obonisa ukholo nobhekwa nguNkulunkulu njengoqotho—ufeza okukhulu kuJehova. (1 Petru 3:12) Umprofethi u-Eliya wayenobuthakathaka obufanayo nobethu, kodwa imithandazo yakhe yayisebenza. Wathandaza, futhi kwaphela iminyaka emithathu nengxenye lingani. Lapho ephinda ethandaza, lana.—1 AmaKhosi 17:1; 18:1, 42-45; Luka 4:25.
21. Yini esingase sikwazi ukuyenza uma umKristu esikanye naye “eduka eqinisweni”?
21 Kuthiwani uma ilungu lebandla ‘liduka eqinisweni,’ lichezuka ekufundiseni nasekuziphatheni okulungile? Singase sikwazi ukulibuyisa ephutheni lalo ngeseluleko seBhayibheli, umthandazo nolunye usizo. Uma siphumelela, lokhu kuligcina lingaphansi kwesihlengo sikaKristu futhi kulisindise ekufeni okungokomoya nokulahlelwa ekubhujisweni. Ngokusiza owonayo, simboza izono zakhe eziningi. Lapho isoni esisoliwe siguquka endleleni yaso engalungile, siphenduka, futhi sifuna ukuthethelelwa, siyojabula thina ngokuthi sikusebenzele kanzima ukumbozwa kwezono zaso.—IHubo 32:1, 2; Jude 22, 23.
Isiqukethele Okuthile Sonke
22, 23. Kufanele asithinte kanjani amazwi kaJakobe?
22 Ngokucacile, incwadi kaJakobe iqukethe okuthile okuyinzuzo kithi sonke. Isibonisa indlela yokubhekana nokulingwa, iseluleka mayelana nokukhetha, futhi isinxusa ukuba senze imisebenzi eqotho. UJakobe usinxusa ukuba silawule ulimi, senqabe ithonya lezwe, futhi sikhuthaze ukuthula. Amazwi akhe kufanele futhi asenze sibekezele futhi sikuthande ukuthandaza.
23 Yiqiniso, ekuqaleni incwadi kaJakobe yayithunyelwe kumaKristu okuqala agcotshiwe. Nokho, sonke kufanele sivumele iseluleko sayo sisisize sinamathele okholweni lwethu. Amazwi kaJakobe angaqinisa ukholo olusishukumisela esinyathelweni esiwujuqu enkonzweni kaNkulunkulu. Futhi lencwadi ephefumulelwe ngokwaphezulu yakha ukholo oluhlala njalo olusenza sibe oFakazi BakaJehova ababekezelayo nabathandazayo namuhla, phakathi ‘nokuba khona kweNkosi’ uJesu Kristu.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani amanye amaKristu okuqala kwakudingeka ashintshe isimo sengqondo nokuziphatha kwawo?
◻ Yisiphi isixwayiso uJakobe asinika abacebile?
◻ Kungani kufanele sibonise ukubekezela?
◻ Kungani kufanele sithandaze njalo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Isithombe ekhasini 23]
Amanye amaKristu okuqala kwakudingeka ababekezelele kakhudlwana abakholwa nawo
[Isithombe ekhasini 24]
AmaKristu kudingeka abekezele, abe nothando, futhi akuthande ukuthandaza