Ingabe Inkolo Iyaphela?
Ngumlobeli wePhaphama! eNetherlands
ABANTU abaningi eYurophu bazithola bebhekene nalowombuzo, owavela esembozweni sikamagazini wesiDashi wamasonto onke eDe Tijd. Umagazini waveza futhi imibuzo enjengethi: Ingabe kuyiqiniso ukuthi inkolo eYurophu iyaphela? Umuntu ovamile ucabangani ngekusasa lenkolo?
Ngokungangabazeki, nawe futhi unemibuzo ngesimo samanje senkolo. Ngisho naseUnited States, lapho inkolo engokwesiko isagxile khona, ukwethembeka kwayo kuye kwaphazanyiswa ukonakala okuye kwacasula abashumayeli baseTV nawukwehlukana ezikhulwini zamaKatolika. Emazweni amaningi obuKatolika, ukwehla kwesibalo samasonto eminyakeni engamashumi amabili edlule kuye kwaphawuleka.
Lapha eNetherlands, kwake kwaba nesikhathi, esingeside kakhulu, lapho wawungadubula inganono emigwaqweni ngeSonto ekuseni ungashayi muntu—bonke babesesontweni! Manje bambalwa kakhulu abasontayo. Kwenzekeni?
Obekungamasonto Manje Sekuyizindlu Zokudlela Nezitolo
Phakathi neminyaka eyishumi edlule, izindikimba ezimbili zenkolo ezinkulu kakhulu eNetherlands, iSonto lamaRoma Katolika nelaseDashi, zilahlekelwe amalungu amaningi nabantu abasontayo. Amakholwa angamaphesenti ayi-19 kuphela asonta kunoma iliphi lalamasonto, futhi ngesonto lamaRoma Katolika lokho kumelela ukuwa okusuka esibalweni esingamaphesenti angama-85 ngo-1967!
Njengomphumela walokhu, amasonto amaningi awasadingeki. Amanye abhidliziwe, futhi amanye athengiselwe ezinye izinjongo. Ngakho-ke ungamangali uma ungena esakhiweni esasiyisonto kuqala eRotterdam noma eAmsterdam futhi uthole ukuthi manje sesiyisitolo esikhulu, isitolo sezimbali, isitolo sezingubo, indlu yokudlela, isitolo samabhayisikili, ihholo lezemidlalo, noma indlu yomdanso. Lokhu kungokushaqisayo kubantu abaningi. Futhi lokhu kuwohloka emasontweni amaningi kube nethonya kubapristi nakubefundisi.
Ukuncipha Kwabefundisi Nemihlambi Ehlukene
Njengoba nje iningi lamalungu abo lilishiyile isonto, ngakho ngokufanayo abapristi abaningi nabefundisi balulahlile ubizo lwabo. Muva nje esikhathini esiyiminyaka emihlanu edlule, inani labapristi bamaKatolika cishe lehla ngama-900. Ngesikhathi esifanayo, bambalwa kakhulu abanezelwa, njengoba zingasekho “izikhala” eziningi zalowomsebenzi. Labo abasele bayaguga. Ngokwesibonelo, amaphesenti angama-89 ezindelakazi eNetherlands angaphezu kweminyaka engama-50.
Abefundisi futhi bazithola bengasakwazi ukubekezelela izinkinga abahlangabezana nazo esontweni. Abanye baye bayeka ngokuphelele ngenxa yokucindezeleka futhi kwadingeka ukuba bathole ukwelashwa kwengqondo. lApeldoornse Courant yansuku zonke ikubeka ngalendlela: “Lapho bezama ukuba ngabaqaphile entshumayelweni yabo, kulapho amalungu aphakeme kakhulu ebandleni ekhubeka. Uma beba ngabathuthukayo, lokhu-ke kuletha ukugxeka okuvela kulawomalungu anamathele kakhulu eBhayibhelini. Uma umpristi noma umfundisi engalokotha akhethe ukuba phakathi nendawo, uba sengozini yokudikilwa ibandla lonke.”
Yebo, lezi zehlakalo zibe nethonya emphakathini wamaDashi. Ukubalwa kwabantu yiDutch Social Cultural Planning Office ngo-1985 kwembula ukuthi ngokokuqala ngqa isibalo sabantu esingaphezu kwengxenye sizibheka njengesingakholwa.
Ukwahlukana emasontweni, ngokuvamile okuphathelene nezindaba zezombangazwe, kuye kwaholela abaningi ekungabazeni. Ukusekela kwamasonto “izinhlangano zenkululeko” emazweni ahlukahlukene aseNingizimu Melika naseAfrika kuye kwaholela embangweni omkhulu wangaphakathi. Kuze kwaba khona umkhankaso wesizwe sonke oyisimemezelo ngaphansi kwesiqubulo esithi: AYIKHO IMALI YESONTO YOBUDLOVA OBUHLOMILE.
Usabela kanjani ezenzakalweni ezinjalo? Ingabe ucabanga ukuthi amasonto ayophuma engenamyocu kulesikhathi sosizi. Ukuze sibe nempendulo, ngokuqinisekile sidinga ukumba ngokujulile izimbangela eziyisisekelo zokuxakeka kwanamuhla kwenkolo.
Kungani Inkolo Iphela?
Izazi-mlando, izazi zezenhlalo, nezazi zenkolo zehlukene ngempela ngezimbangela zalokho okwenzekayo namuhla emasontweni. Abanye bacaphuna ukuthanda injabulo kwalomphakathi othanda izinto ezibonakalayo nokunganaki okukhulayo kwabantu. Kusikhumbuza amazwi omphostoli uPawulu akweyesi-2 Thimothewu 3:1, 2, 4: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, . . . nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”
Abanye bazama ukuchaza izindaba ngesisekelo somlando waseYurophu. Lomlando ugcwele igazi nezinyembezi, kusukela ezimpini zenkolo zekhulu le-16 leminyaka kuze kube sekuhlanganyeleni kwenkolo ezimpini zezwe zekhulu lethu lama-20 leminyaka. Konke lokhu kushiye ukusoleka okujulile kwanoma yiluphi uhlobo lwefilosofi, isayensi yezenkolo, nesayensi yengqondo. Kakade, lezi zaziyizizathu ezivamile ezazibanga izimpi, ushushiso, nobudlova.
Emasontweni anamuhla, abaningi bathola lingekho ikusasa eliqhakazile. Uma sicaphuna isazi sezenkolo saseJalimane esingumRoma Katolika, uProfesa J. B. Metz waseYunivesithi yaseMunster: “Ukuthanda kwethu inkolo yaseNtshonalanga kungene shi ekubeni ngokwezwe. Kubonakala sengathi akukho ngisho nomkhondo wobumesiya oshiyiwe. Ukubusa kukaNkulunkulu akusekho kuyo. Akasayifezi neze indima emasontweni, noma ezindabeni zosuku lwethu zemfundiso yenkolo, zenhlalo nezombangazwe.”
Ngaphezu kwalokho, kukhona ithonya lazo zombili izimpi zezwe, ezaqala eYurophu kulelikhulu leminyaka. IAuschwitz, njengophawu lwamakamu okuhlushwa phakathi nempi yezwe yesibili, iye yandisa ukugxekwa kwamasonto. Ngabaningi, iqiniso lokuthi uPapa Pius XII, njengomholi weSonto lamaRoma Katolika, wathula ngokuphelele phakathi nezikhathi ezinzima liyinto enzima ukuyamukela.
Ngenxa yalokhu, abaningi baye balahlekelwa ukuthembela esontweni nakubaholi balo. Wena ngokwakho uzibheka kanjani lezenzakalo? Ingabe zikwenze waba ngonganaki, futhi ingabe ucabanga njengabanye: ‘Ngizosibekezelela kuze kube sekugcineni lesimo’? Nokho, lapho uyibheka ngakolunye uhlangothi, ngokusobala uyakubona ukusongela kukakhukhulela-ngoqo wenuzi nosizi lwendawo ezungezile yakho konke okuphilayo, futhi ngokungangabazeki uyacabanga ngalombuzo: Empeleni, luhlobo luni lwekusasa eligcinelwe mina nezingane zami? ‘Ngokuphathelene nekusasa, ingabe kukhona inkolo engasinikeza khona?’
Yiliphi Ikusasa Elikhona Ngenkolo EYurophu?
Abantu abaningi babona kunokwenzeka ukuthi esikhathini esifushane isiko lobuJuda nobuKristu liyobe lingasekho. Ezinye izazi zenkolo zikholwa ukuthi iYurophu kakade isiwumphakathi ongasenabo ubuKristu.
IBhayibheli, umthombo wokholo uJesu afundisa ngalo, lithini ngekusasa lenkolo? Uma ekhona umuntu ongasho okuthile okuzwakalayo ngalendaba, yebo kumelwe kube uMsunguli wobuKristu, uJesu Kristu.
Lapho umuntu etadisha iBhayibheli, enye yezinto ngokushesha eziza kuqala yilokho umphostoli uPetru akusho ngeBhayibheli ngokwalo kweyoku-1 Petru 1:24, 25: “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi [“uJehova,” “NW”] limi kuze kube-phakade.” IBhayibheli liyoba khona njalo, futhi umlando wembula ukuthi noma yini izitha zalo eziyenzile ngomzamo wokuliphelisa, aziphumelelanga. Futhi kwenzekani ngezimfundiso uJesu Kristu azifundisa emakhulwini angaphezu kwe-19 eminyaka edlule lapho esemhlabeni? Zingaki kulezimfundiso umuntu angazithola ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenkolo?
Ekhuluma nowesifazane ongumSamariya emthonjeni, uJesu wachaza ukuthi ziyini izimfuneko zokukhulekela okuhlanzekile: “Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” Lokhu kukhuleka “ngomoya nangeqiniso” kuyohlala njalo.—Johane 4:23, 24.
Kodwa yini ezophela? ELobukholwa elihlukene, eliwumngane wezwe lezombangazwe. Futhi kungani kuyodingeka lidlule? Kungoba libonise ukungasinaki isixwayiso: “Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.
Encwadini yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, isahluko 17 no-18, umbuso wezwe wenkolo yamanga uchazwe ngokomfanekiso njengesifebe, ‘iBabiloni Elikhulu.’ IsAmbulo 17:16 no-18:8 sichaza ukuthi amalungu ezombangazwe azosibhubhisa kanjani, futhi bonke abahlanganyele izono zalo nabo futhi bayokwamukela izinhlupheko zaso. Kungakho ukunxusa okulandelayo kuzwakala evesini lesi-4 lesahluko 18: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.” Ngalesosikhathi isiprofetho sikaZefaniya siyogcwaliseka: “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.”—Zefaniya 3:9.
Ingabe uyabona ukuthi umi kuphi kuleso-simo? Ingabe ukhonza nalabo ababiza igama likaJehova? Kudingekani ukuze ukwazi ukwenza lokhu?
Yini Ongayenza Ukuze Uthole Ukuvikeleka?
Nakuba eLobukholwa, kanye nayo yonke inkolo yamanga, kumelwe iphele eYurophu nakuwo wonke umhlaba, ubuKristu beqiniso buyohlala phakade. Umbuzo obalulekile uwukuthi ingabe ukholo lwakho luyophola noma luyohlala luqine ngokwanele ukuba lukwenze ukwazi ukusinda lapho eLobukholwa libhujiswa. Yini edingekile ukuze usinde? Kumelwe ‘ukhuleke kuBaba ngomoya nangeqiniso.’ UMdali ulindele ukuthi uyomazi ngeZwi lakhe, iBhayibheli. Ngalelozwi, uJesu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) EBhayibhelini, inkambo eyenza ukusinda kube nokwenzeka iphawulwe, kungakhathaliseki ukuthi uhlala kuphi emhlabeni.
[Isithombe ekhasini 15]
Isonto eHoorn, manje lingamakamelo nesitolo sezingubo
[Isithombe ekhasini 15]
Isonto laseLuthela eArnhem, manje lisetshenziswa njengendawo yokugcina izimpahla, indlu yebhayisikobho, nendlu yomdanso